Ungayithola Induduzo Ezikhathini Zokucindezeleka
KUFANELE siyibheke kanjani imizwa yokucindezeleka? Uma sizinikezele kuJehova, ingabe kufanele siyibheke njengeyinqaba ngenxa yethemba lethu elimangalisayo nengcebo engokomoya? Ingabe imizwa enjalo isho ukuthi asiyifanelekele ngokomoya inkonzo kaNkulunkulu?
“UEliya wayengumuntu efana nathi,” kuloba umfundi uJakobe. (Jakobe 5:17) Nakuba uNkulunkulu asebenzisa uEliya ngendlela engavamile, ngisho nalowomprofethi othembekile wacindezeleka. “Sekwanele,” kukhala uEliya ngesinye isikhathi. “Manje, Jehova, sale usuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunawobaba.” (1 AmaKhosi 19:4) Indoda eyayigcina ubuqotho uJobe, owesifazane othembekile uHana, nezinye izinceku zikaJehova ezithembekile zacindezeleka. Ngisho nomhubi uDavide owesaba uNkulunkulu wathandaza: “Izinsizi zenhliziyo yami zikhulile; ngikhiphe ezinhluphekweni zami.”—IHubo 25:17.
Ukusebenzisa kukaJehova abantu enkonzweni yakhe akubenzi bakhululeke ngokuphelele. Basenobuthakathaka nemizwa yobuntu futhi bangase bacindezeleke lapho bengaphansi kwezilingo. (IzEnzo 14:15) Nakuba kunjalo, izinceku zikaNkulunkulu zinosizo olungcono kunabanye lokubhekana nokucindezeleka okungokomzwelo. Ake sicabangele izibonelo ezimbalwa ezingokweBhayibheli ukuze sibone lokho okwasiza abantu abathile ukuba banqobe ukucindezeleka kwabo okungokwengqondo nemizwa yokucindezeleka.
Umphostoli Ocindezelekile Uthola Induduzo
Umphostoli uPawulu wayazi ukuthi kunjani ukucindezeleka. “Ngokuba,” esho, “nasekufikeni kwethu eMakedoniya inyama yethu ayibanga-nakuphumula, . . . ngaphandle kwakukhona ukulwa, ngaphakathi ukwesaba. Nokho uNkulunkulu oduduza abadanileyo usiduduzile thina ngokufika kukaThithu.” (2 Korinte 7:5, 6) Ukucindezeleka kukaPawulu kwakubangelwa izimo eziningana ezicindezelayo ezenzeka ngesikhathi esisodwa. “Ngaphandle kwakukhona ukulwa”—ukushushiswa okunzima okusongela ngisho nokuphila. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 1:8.) Ngaphezu kwalokho, ‘ngaphakathi kwakukhona ukwesaba’ okwakusesimweni sokukhathalela amabandla, njengaleli laseKorinte.
Ezinyangeni ezimbalwa ngaphambili, uPawulu wayelobele amaKristu aseKorinte incwadi yakhe yokuqala. Kuyona wayelahle izimo eziningana ezimbi kakhulu ebandleni futhi ngokusobala wayekhathazekile ngokuthi abaseKorinte babeyosabela kanjani encwadini yakhe. Nokho, uPawulu waduduzeka lapho uThithu efika evela eKorinte enombiko omuhle ngokusabela kwabo. Ngokufanayo, uJehova angasebenzisa enye yezinceku zakhe zosuku lwanamuhla ukuba isilethele izindaba ezinhle futhi idambise ukucindezeleka kwethu.
Indlela Okumelwe Sibheke Ngayo Izabelo Ezivela KuNkulunkulu
Amanye amaKristu anokukhathazeka okuthile ngokuphathelene nenkonzo yawo. Ngempela, ezinye zezinceku zikaJehova ziye zacabanga ukuthi izabelo ezivela kuNkulunkulu ziyokhandla kakhulu ukuba zikwazi ukuzifeza. Ngokwesibonelo, uMose wazizwa engakufanelekeli ukuba ummeleli kaNkulunkulu okhulumela amaIsrayeli eGibithe. Phakathi kwezinye izinto, wathi wayengesona isikhulumi esiyiqaphuqaphu. (Eksodusi 3:11; 4:10) Kodwa ngokuthembela kuNkulunkulu nangokuba noAroni njengomlomo wakhe, uMose waqala ukufeza isabelo sakhe.
Ngokuhamba kwesikhathi uMose akabange esancika kuAroni. Ngokufanayo, abanye baqale bathole inkonzo yobuKristu inzima, kodwa bathola ukuqeqeshwa futhi babe abashumayeli abanekhono. Ngokwesibonelo, oFakazi BakaJehova abaningi abasebasha baye bakhula baba abashumayeli besikhathi esigcwele njengamaphayona nezithunywa zevangeli. Kuyaduduza ukwazi ukuthi singathembela njalo kuJehova ukuba enze izikhonzi ezingamaKristu zifaneleke futhi azinike amandla okufeza izabelo zazo ezivela kuNkulunkulu.—Zakariya 4:6; 2 Korinte 2:14-17; Filipi 4:13.
Induduzo Lapho Sicindezelwa Ukuzisola
Singase sidumale ngenxa yokuzisola ngokuthi asikenzi okwengeziwe enkonzweni kaNkulunkulu. Umzalwane owayeneminyaka eminingi epholile waphinde waqala ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini. Ngemva nje kwalokho, wagula kakhulu futhi wahlala embhedeni unomphelo. Lomzalwane odumazekile wathi: “Ngaphambili, ngesikhathi okwakufanele ngikhuthale ngaso, ngadebeselela umthwalo wemfanelo. Manje, lapho ngifuna ukukhuthala, angisakwazi.”
Bekungeke yini kube ukuhlakanipha ukuzikhandla manje kunokuba sichithe amandla angokomzwelo ngalokho okwenzeka esikhathini esidlule? Abafowabo bakaJesu ngomzali oyedwa abangokwenyama oJakobe noJuda abazange babe amakholwa kwaze kwaba ngemva kokufa nokuvuka kwakhe. Uma babenokuzisola okuthile ngalokhu, akuzange kubavimbele ekubeni izinceku zikaNkulunkulu futhi ngisho nokuba abalobi beBhayibheli.
Ungalokothi Udebeselele Umthandazo
Lapho becindezelekile, abantu bakaNkulunkulu kufanele bathandaze ngentshiseko. Eqinisweni, imiBhalo inemithandazo eminingi eyashiwo ngezikhathi zokucindezeleka. (1 Samuweli 1:4-20; IHubo 42:8) Abanye bangase bacabange: ‘Ngicindezeleke kangangokuthi angikwazi ukuthandaza.’ Khona-ke kungani ungacabangeli uJona? Ngesikhathi esesiswini senhlanzi, wathi: “Lapho umphefumulo wami waphela amandla phakathi kwami, ngamkhumbula uJehova; umkhuleko wami wangena kuwe ethempelini lakho elingcwele. . . . Ngiyakukuhlabela ngezwi lokudumisa, ngigcwalise engikuthembisileyo. Ukusindiswa kukuye uJehova.” (Jona 2:4-9) Yebo, uJona wathandaza, futhi uNkulunkulu wamduduza futhi wamsindisa.
Nakuba udade othile eSweden ayeyiphayona iminyaka eminingi, ngokushesha wazizwa elahliwe futhi edangele naphezu kwenkonzo ezuzisayo. Wazisa uJehova ngomthandazo emtshela ngokudumala kwakhe. Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, wathola ucingo luvela kumzalwane ehhovisi legatsha leWatch Tower Society. Wayebuza ukuthi angasiza yini lapho cishe usuku olulodwa ngesonto njengoba kwakunwetshwa iBethel. Kamuva lodade wathi: “Umoya waseBethel nokuba nethuba lokubona nokuhlanganyela emsebenzini wokwandisa kwanginikeza amandla engeziwe engangiwadinga.”
Uma sicindezelekile, kuhle ukukhumbula ukuthi umthandazo ungenye indlela yokulwa nokucindezeleka. (Kolose 4:2) Lapho ephendula imithandazo yethu, uJehova angase asivulele umnyango oya emsebenzini owengeziwe enkonzweni yakhe, noma angase abusise inkonzo yethu ngomkhiqizo owengeziwe. (1 Korinte 16:8, 9) Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi, “isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.” (IzAga 10:22) Lokhu ngokuqinisekile kuyovuselela umoya wethu.
Ingabe Ucindezelwa Ukungabaza?
Ngezinye izikhathi, enye yezinceku zikaJehova ingase ibe nokungabaza. Uma lokho kwenzeka kithi, akufanele sisheshe siphethe ngokuthi silahlekelwe umusa kaNkulunkulu. UJesu akazange amlahle umphostoli uTomase ngokungabaza imibiko yobufakazi bokuzibonela ngokuvuswa kweNkosi yakhe. Kunalokho, uJesu wamsiza ngothando uTomase ukuba anqobe ukungabaza kwakhe. Futhi yeka indlela uTomase ajabula ngayo lapho eqaphela ukuthi uJesu uyaphila!—Johane 20:24-29.
Ngemfundiso yabo yamanga, ukukhononda, njalonjalo, ‘abantu abangamesabi uNkulunkulu’ abase bengene ngokunyenya ebandleni lobuKristu lekhulu lokuqala leminyaka babenza abanye babe nokungabaza okucindezelayo. Ngakho-ke, umfundi uJuda waloba: “Abanye, abangabazayo, nibahawukele, nibasindise ngokubahlwitha emlilweni.” (Juda 3, 4, 16, 22, 23) Ukuze baqhubeke beboniswa isihe uNkulunkulu, abakhulekeli abakanye noJuda—ikakhulukazi abadala bebandla—kwakudingeka babonise isihe kwabangabazayo abasifanele. (Jakobe 2:13) Ukuphila kwabo okuphakade kwakusengozini, ngoba babesengozini ‘yomlilo’ wokubhujiswa kwaphakade. (Qhathanisa noMathewu 18:8, 9; 25:31-33, 41-46.) Yeka injabulo eba khona lapho sinikeza usizo ngomusa kwesikholwa nabo abanokungabaza futhi beqina ngokomoya!
Uma ukulingwa okunzima kusenza singabaze ukuthi uNkulunkulu unathi, sidinga ukuba ngabangagwegwesi emithandazweni yethu. Ngaphansi kwezimo ezinjalo, masiphikelele ekuceleni ukuhlakanipha kuJehova. Usipha ngobuhle engasisoli ngokuntula ukuhlakanipha nangokukuthandazela. Kumelwe ‘sicele ngokukholwa singangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya’ nhlangothi zonke. Abantu abanjalo abatholi lutho kuNkulunkulu ngoba banhliziyo-mbili; ‘bayaguquguquka’ emthandazweni nasezindleleni zabo zonke. (Jakobe 1:5-8) Ngakho masibe nokholo lokuthi uJehova uyosisiza ukuba sibheke izilingo zethu ngendlela eqondile futhi sizikhuthazelele. ImiBhalo ingase ilethwe ekunakekeleni kwethu ngesikholwa nabo noma ngesikhathi sitadisha iBhayibheli. Izenzakalo okwaphunyukwa kuzo ngelungiselelo likaNkulunkulu zingasisiza ukuba sibone lokho okufanele sikwenze. Izingelosi zingase zihlanganyele ekusiqondiseni, noma singase sithole isiqondiso ngomoya ongcwele. (Heberu 1:14) Into ebalulekile iwukuba sithandazele ukuhlakanipha sinokuthembela okugcwele kuNkulunkulu wethu onothando.—IzAga 3:5, 6.
Khumbula Ukuthi UJehova Unikeza Induduzo
UPawulu wayencika kuJehova ngomthandazo futhi emazi njengoMthombo wenduduzo. Umphostoli waloba: “Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe-namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.”—2 Korinte 1:3, 4.
UNkulunkulu wenduduzo yonke uyakwazi ukucindezeleka izinceku zakhe ezibhekana nakho futhi ufuna ukuziphumuza. Endabeni yokukhathazeka kukaPawulu ngabaseKorinte, impumuzo yafika ngomngane wakhe ongumKristu uThithu. Lena ngenye indlela esingaduduzwa ngayo namuhla. Ngakho-ke lapho sicindezelekile, kufanele sikugweme ukuzehlukanisa. (IzAga 18:1) Ukuhlangana namaKristu esikanye nawo kungenye yezindlela uNkulunkulu asiduduza ngayo. Singase sicabange: ‘Ngidumele kangangokuthi angiqinile ngokwanele ukuba ngibe nabangane bami abangamaKristu.’ Nokho, kufanele silwe nemizwa enjalo futhi singazincishi induduzo esingayinikwa esikholwa nabo.
Ungadikibali!
Abanye bethu kungenzeka abakaze babhekane novivinyo olunamandla kangangokuthi baze babe nokucindezeleka okunzima. Kodwa izifo ezithena amandla, ukufa komngane womshado, noma esinye isimo esivivinya kakhulu kungabangela ukucindezeleka okungokomzwelo. Uma lokho kwenzeka, masingaphethi ngokuthi siyagula ngokomoya. Umuntu ocindezelekile angase ayifanelekele kahle inkonzo kaNkulunkulu, akwazi ngisho nokusiza abanye ngokomoya. UPawulu wanxusa abazalwane ukuba ‘bathokozise abadanileyo,’ bangabasoli ngokuthi benze okuthile okungafanele futhi bayagula ngokomoya. (1 Thesalonika 5:14) Nakuba ukucindezeleka ngezinye izikhathi kuhlangene nokwenza okubi nokuba necala, lokho akunjalo ngalabo abakhonza uNkulunkulu ngenhliziyo ehlanzekile. Ukukhulekela kwabo, mhlawumbe okunikezwa ngobunzima obukhulu, kuyemukeleka kuJehova. Uyabathanda futhi ubanikeza usizo oludingekayo nenduduzo.—IHubo 121:1-3.
Ngonyaka ka-1918 labo abakha insali kaIsrayeli ongokomoya bacindezelwa kabuhlungu izilingo. (Qhathanisa neyabaseGalathiya 6:16.) Inhlangano yabo yokushumayela yacishe yaqedwa, abanye babo bafakwa ejele ngokungafanele, abaningi balabo ababengabangane babo baba izihlubuki ezingathembekile, eziphikisayo. Ngaphezu kwalokho, abagcotshiwe abathembekile babengaqondi ukuthi kungani uNkulunkulu ekuvumela konke lokhu ukuba kwenzeke. Isikhathi esithile, “bahlwanyela ngezinyembezi,” kodwa abazange badikibale. Baqhubeka bekhonza uJehova futhi bezihlola bona. Waba yini umphumela? ‘Babuya ngokuthokoza, bephethe izinyanda zabo.’ (IHubo 126:5, 6) Abagcotshiwe bayaqaphela manje ukuthi uNkulunkulu wavumela izilingo ezinjalo ukuze abahlanze ngenjongo yomsebenzi wabo owawusondela wokuvuna owawuzokwenziwa emhlabeni wonke.
Uma singase sicindezeleke ngoba sihlaselwa izilingo ezahlukene, singazuza kokuhlangenwe nakho kwensali egcotshiwe. Kunokuba sidikibale, masiqhubeke senza okulungile, ngisho noma kumelwe senze njalo sikhala. Ngokuhamba kwesikhathi, siyokwazi ukuphunyula ezilingweni zethu, futhi ‘siyobuya ngokuthokoza.’ Yebo, injabulo—isithelo somoya ongcwele kaNkulunkulu—iyoba ngeyethu ngokubekezelela izilingo zethu. Kithina, uJehova ngokuqinisekile ‘unguNkulunkulu wenduduzo yonke.’