-
Ungahlanganyeli Ezonweni ZabanyeINqabayokulinda—1985 | Novemba 15
-
-
1. Kungani uJuda ayishintsha injongo yakhe ekubhalweni amaKristu ayekanye nawo?
EMAKHULWINI eminyaka ayishumi nesishiyagalolunye edlule, umfundi uJuda wayehlose ukubhalela akholwa nabo ‘ngensindiso ababeyihlanganyela bonke.’ Kodwa wakuthola kudingekile ukubanxusa ukuba ‘balwele inkolo abayinikelwayo abangcwele kwaba kanye.’ Ngani? Ngoba abathile “abangamesabi uNkulunkulu” babengene ngokunyenya ebandleni futhi “bephendukezela umusa kaNkulunkulu wethu ube-ngamanyala.”—Juda 3, 4.
2. Nakuba kungokuqabulayo ukuxoxa ngensindiso, ngezinye izikhathi yini okumelwe siyicabangele ngomthandazo?
2 Yeka ukuthi kuqabula kanjani ukuxoxa ngensindiso esiyihlanganyela sonke! Ukuzindla ngalesosigijimi kuletha ukwaneliseka okukhulu, futhi sithola injabulo uma sicabanga ngazo zonke izibusiso zaleyonsindiso. Nokho, kunezikhathi lapho, esikhundleni sokukhuluma ngensindiso, sibhekane nesidingo sokucabangela ezinye izindaba ezingathi sína. Uma zingalungiswa, zingonakalisa ukholo lwethu futhi zisenze singaphumeleli emncintiswaneni wethu wokuphila. Njengoba nje isixwayiso sikaJuda ngokuziphatha okubi sasinamandla futhi siqinile, kanjalo amaKristu namuhla kumelwe ngezinye izikhathi acabangele ngomthandazo iseluleko esingokomBhalo esiqondile, esishaya emhloleni.
-
-
Ungahlanganyeli Ezonweni ZabanyeINqabayokulinda—1985 | Novemba 15
-
-
Izono Zabanye
6, 7. Abanye abenzi bobubi bazama kanjani ukuthonya abanye?
6 Nokho abathile ngokusobala abakuthandayo okuhle babonakala bevumela izinhliziyo zabo ukuba zibakhohlise, ngoba babonakala bengakuzondi okubi. (IHubo 97:10; Amose 5:15) Ngenxa yalokho, bahileleka ekwenzeni izinto ezimbi futhi abazigcini belwela ukwenza okuhle. Ngezinye izikhathi, bangenza ngisho nokwengeziwe, befuna ukuhilela abanye enkambweni yabo embi. Yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukwenqaba ukusikisela okunjalo!—Qhathanisa nezAga 1:10-15.
7 Ngezinye izikhathi labo ngokusobala abangakuzondi okubi bakhuluma kamnandi kangangokuthi isifiso sokwenza okubi singase sakheke ezinhliziyweni zalabo abalalele. Isikhuthazo singase sibe esokuhileleka ekuziphatheni okubi noma esenzweni esithile esihilela ukuziphatha okungavunyelwa uNkulunkulu. Noma umuntu angase ancengwe ukuba ahileleke esimweni esingase sibe yingozi ngokomoya. Labo abazama ukuncenga abanye kanjalo bangase bathi uJehova unguNkulunkulu onothando oyoba nomusa uma sona. Ukukhohlisa okunjalo kwenhliziyo kungabangela ukulimala okuhlala njalo. (Jeremiya 17:9; Juda 4) Ngokuqinisekile, kumelwe ‘sinqande izinyawo zethu emikhondweni yabo!’—IzAga 1:15.
-
-
Ungahlanganyeli Ezonweni ZabanyeINqabayokulinda—1985 | Novemba 15
-
-
13. UJuda wakubonisa kanjani ukuthi kumelwe sikukhathalele ukuvikela abantu bakaJehova kubenzi bobubi?
13 Kumelwe futhi sikukhathalele ukuvikela abantu bakaJehova kulabo abangase bafune ukubayengela ebubini. “Abantu abangamesabi uNkulunkulu” bosuku lukaJuda bafuna ‘ukuphendukezela umusa kaNkulunkulu ube-ngamanyala,’ kodwa lowomfundi oqotho wathatha isinyathelo sokuxwayisa akholwa nabo futhi kanjalo ebavikela. Wabakhumbuza ngezibonelo eziyisixwayiso zamaIsrayeli angathembekile, izingelosi ezingalaleli, nabanye. Funda incwadi yakhe ephefumlelwe ngokwaphezulu, futhi uyobona ukuthi amaKristu aqotho ngeke ayekelele lapho inhlanzeko yebandla isongelwa noma lapho abantu bakaNkulunkulu bedinga ukuvikelwa kubantu ababi abanezisusa ezimbi.
-