Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • U-Enoke Wahamba NoNkulunkulu Ezweni Elingamhloniphi UNkulunkulu
    INqabayokulinda—2001 | Septhemba 15
    • Isiprofetho Sokubhujiswa Kwabangamhloniphi UNkulunkulu

      Ukulondoloza izindinganiso eziphakeme kunzima lapho sizungezwe abantu abangamhloniphi uNkulunkulu. Kodwa ngaphezu kwalokho, u-Enoke wayisa isigijimi esingagwegwesi sokwahlulelwa kwababi. Eqondiswa umoya kaNkulunkulu, u-Enoke waprofetha wathi: “Bheka! UJehova wafika namashumi akhe ezinkulungwane angcwele, ukuzokhipha isahlulelo kubo bonke, nokubalahla ngecala bonke abangamhloniphi uNkulunkulu ngokuphathelene nazo zonke izenzo zabo zokungamhloniphi uNkulunkulu abazenza ngendlela yokungamhloniphi uNkulunkulu, nangokuphathelene nazo zonke izinto ezishaqisayo izoni ezingamhloniphi uNkulunkulu ezazikhuluma ngaye.”—Jude 14, 15.

      Sasizoba namuphi umphumela leso sigijimi kwabangakholwa abonakele? Kunengqondo ukucabanga ukuthi amazwi anjalo antinyelayo amenza wangathandwa u-Enoke, mhlawumbe waklolodelwa, wahlekwa usulu futhi wasongelwa. Kumelwe ukuba abanye babefuna ukumvala umlomo unomphela. Nokho, u-Enoke akesabanga. Wayekwazi okwakwenzeke ku-Abela olungile, futhi njengaye, u-Enoke wayezimisele ukukhonza uNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani.

  • U-Enoke Wahamba NoNkulunkulu Ezweni Elingamhloniphi UNkulunkulu
    INqabayokulinda—2001 | Septhemba 15
    • [Ibhokisi ekhasini 30]

      Ingabe IBhayibheli Liyayicaphuna INcwadi Ka-Enoke?

      INcwadi Ka-Enoke iwumbhalo ongekho ohlwini lwemiBhalo yesiHeberu futhi ongaziwa ukuthi wabhalwa ubani. Kushiwo ngokungeyikho ukuthi wabhalwa ngu-Enoke. Njengoba cishe wabhalwa phakathi nekhulu lesibili nelokuqala B.C.E., uyiqoqo lezinganekwane zamaJuda ezinehaba nezingezona ezingokomlando, ngokusobala ezavela ngenxa yokuchazwa okuningiliziwe kwendawo emfushane ekhuluma ngo-Enoke kuGenesise. Lokhu kukodwa kwanele ukwenza abathandi beZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe bawenqabe.

      EBhayibhelini, yincwadi kaJude kuphela enamazwi esiprofetho sika-Enoke: “Bheka! UJehova wafika namashumi akhe ezinkulungwane angcwele, ukuzokhipha isahlulelo kubo bonke, nokubalahla ngecala bonke abangamhloniphi uNkulunkulu ngokuphathelene nazo zonke izenzo zabo zokungamhloniphi uNkulunkulu abazenza ngendlela yokungamhloniphi uNkulunkulu, nangokuphathelene nazo zonke izinto ezishaqisayo izoni ezingamhloniphi uNkulunkulu ezazikhuluma ngaye.” (Jude 14, 15) Izazi eziningi ziphikisa ngokuthi isiprofetho sika-Enoke ngokumelene nabantu besikhathi sakhe ababengamhloniphi uNkulunkulu sicashunwe ngokuqondile eNcwadini Ka-Enoke. Kungenzeka yini ukuba uJude wasebenzisa incwadi engekho ohlwini lwemiBhalo yesiHeberu nengenakwethenjelwa njengomthombo wakhe?

      ImiBhalo ayivezi ukuthi uJude wasazi kanjani isiprofetho sika-Enoke. Kungenzeka wamane wacaphuna umthombo ovamile, indaba enokwethenjelwa eyadluliselwa isuka ezizukulwaneni ezikude. Ngokusobala uPawulu wenza okuthi akufane lapho ebiza uJane noJambre ngokuthi abenzi bemilingo abamelene noMose esigcawini sikaFaro. Uma umlobi weNcwadi Ka-Enoke ayekwazi ukuthola umthombo wasendulo onjengalona, singaphikelani ukuthi noJude wayengawuthola?a—Eksodusi 7:11, 22; 2 Thimothewu 3:8.

      Ukuthi uJude wakuthola kanjani ukwaziswa okuphathelene nesigijimi sika-Enoke kwabangamhloniphi uNkulunkulu kuyinto engasho lutho. Ukwethembeka kwako kufakazelwa ukuthi uJude wabhala ephefumulelwe ngokwaphezulu. (2 Thimothewu 3:16) Umoya ongcwele kaNkulunkulu wamqondisa ukuba angasho lutho olungelona iqiniso.

      [Umbhalo waphansi]

      a Umfundi uStefanu naye wanikeza ukwaziswa okungatholakali ndawo emiBhalweni YesiHeberu. Kuphathelene nemfundo kaMose yaseGibithe, ukuthi wayeneminyaka engu-40 ubudala lapho ebaleka eGibithe, ukuthi wahlala iminyaka engu-40 kwaMidiyani nokuthi ingelosi yaba nendima ethile ekudluliseleni uMthetho KaMose.—IzEnzo 7:22, 23, 30, 38.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela