ISahluko 28
Ukulwa Nezilo Ezimbili Ezinolaka
Umbono 8—IsAmbulo 13:1-18
Isihloko: Isilo sasendle esinamakhanda ayisikhombisa, isilo sasendle esinezimpondo ezimbili, nomfanekiso wesilo sasendle
Isikhathi sokugcwaliseka: Kusukela osukwini lukaNimrode kuya osizini olukhulu
1, 2. (a) Yini uJohane ayishoyo ngodrako? (b) UJohane uyichaza kanjani, ngolimi olungokomfanekiso, inhlangano ebonakalayo esetshenziswa udrako?
UDRAKO omkhulu uphonswé phansi emhlabeni! Ukutadisha kwethu isAmbulo kukwenza kucace ukuthi iNyoka noma abalandeli bayo abangamademoni abasayikuphinde bavunyelwe ukuba babuyele ezulwini. Kodwa asikakaqedi ‘ngalowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane, odukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ Ukulandisa kuqhubeka kuveze ngokuningiliziwe izindlela ezisetshenziswa uSathane ekulweni ‘nowesifazane nenzalo yakhe.’ (IsAmbulo 12:9, 17) UJohane uthi ngalowo drako oyinyoka: “Wama esihlabathini solwandle.” (IsAmbulo 13:1a) Ngakho ake sime ukuze sihlole izindlela udrako asebenza ngazo.
2 Amazulu angcwele awasakhathazwa ukuba khona kukaSathane namademoni akhe. Leyo mimoya emibi ikhishiwe ezulwini futhi yavalelwa endaweni yasemhlabeni. Ngokungangabazeki lokhu kuyisizathu sokwanda okukhulu kwezenzo zemimoya ezikhathini zanamuhla. INyoka enobuqili isalokhu inenhlangano yomoya eyonakele. Kodwa ingabe isebenzisa inhlangano ebonakalayo futhi ukuze idukise isintu? UJohane uyasitshela: “Ngabona isilo sasendle sinyuka siphuma olwandle, sinezimpondo eziyishumi namakhanda ayisikhombisa, ezimpondweni zaso kunemiqhele eyishumi, kodwa emakhanda aso kunamagama enhlamba. Isilo sasendle engasibona sasinjengengwe, kodwa izinyawo zaso zinjengezebhere, nomlomo waso unjengomlomo wengonyama. Udrako wanika isilo amandla aso nesihlalo saso sobukhosi negunya elikhulu.”—IsAmbulo 13:1b, 2.
3. (a) Yiziphi izilo ezinolaka umprofethi uDaniyeli azibona emibonweni? (b) Zazimeleleni izilo ezinkulu zikaDaniyeli 7?
3 Siyini lesi silo esiyinqaba? IBhayibheli ngokwalo liyaphendula. Ngaphambi kokuwa kweBhabhiloni ngo-539 B.C.E., umprofethi ongumJuda uDaniyeli wabona imibono ehilela izilo ezinolaka. KuDaniyeli 7:2-8 uchaza izilo ezine eziphuma olwandle, esokuqala sifana nengonyama, esesibili sifana nebhere, esesithathu sifana nengwe, futhi “bheka laphaya! isilo sesine, esasesabeka, sethusa futhi sinamandla ngokungajwayelekile . . . futhi sasinezimpondo eziyishumi.” Lokhu kufana ngokuphawulekayo nesilo sasendle esabonwa uJohane cishe ngonyaka ka-96 C.E. Naleso silo sinezici zengonyama, ibhere, nengwe, futhi sinezimpondo eziyishumi. Ziyini izilo ezinkulu ezabonwa uDaniyeli? Uyasazisa: ‘Lezi zilo ezinkulu ziyimibuso emine eyokuma emhlabeni.’ (Daniyeli 7:17) Yebo, lezo zilo zimelele “imibuso,” noma ohulumeni bomhlaba bezombangazwe.
4. (a) KuDaniyeli 8, yayimeleleni inqama nempongo? (b) Yini eyayiboniswa lapho uphondo olukhulu lwempongo luphulwa futhi lulandelwa izimpondo ezine?
4 Komunye umbono, uDaniyeli ubona inqama enezimpondo ezimbili eyehlulwa impongo enophondo olukhulu. Ingelosi uGabriyeli iyamchazela ukuthi usho ukuthini: “Inqama . . . imelela amakhosi aseMediya nasePheresiya. Kanti impongo enoboya obude imelela inkosi yaseGrisi.” UGabriyeli uyaqhubeka aprofethe ukuthi uphondo olukhulu lwempongo lwaluyokwephulwa futhi lulandelwe izimpondo ezine. Lokhu kwenzeka ngempela eminyakeni engaphezu kuka-200 kamuva lapho u-Alexander Omkhulu efa futhi umbuso wakhe uhlukaniswa uba imibuso emine ebuswa abane bojenene bakhe.—Daniyeli 8:3-8, 20-25.a
5. (a) Yiziphi izincazelo ezisikiselwa igama lesiGreki elisho isilo? (b) Simeleleni isilo sasendle sesAmbulo 13:1, 2, kanye namakhanda aso ayisikhombisa?
5 Ngakho-ke, kuyacaca ukuthi uMlobi weBhayibheli eliphefumulelwe ubheka imibuso yomhlaba yezombangazwe njengezilo. Luhlobo luni lwezilo? Omunye umhlaziyi ubiza isilo sasendle sesAmbulo 13:1, 2 ngokuthi “isilo esinonya,” futhi uyanezela: “Samukela zonke izincazelo elithi θηρίον [the·riʹon, igama lesiGreki elisho “isilo”] elizisikiselayo, njengaleyo yesilo esinonya, esibhubhisayo, esesabekayo, esihahayo, njll.”b Yeka ukuthi lokho kusichaza kahle kanjani isimiso sezombangazwe esinindwe yigazi uSathane aye wabusa ngaso isintu! Amakhanda ayisikhombisa alesi silo sasendle amelele imibuso emikhulu yezwe eyisithupha evezwe emlandweni weBhayibheli kuze kube usuku lukaJohane—iGibhithe, i-Asiriya, iBhabhiloni, iMediya nePheresiya, iGrisi, neRoma—nombuso wezwe wesikhombisa okuprofethwe ukuthi uyovela kamuva.—Qhathanisa nesAmbulo 17:9, 10.
6. (a) Yini amakhanda ayisikhombisa esilo sasendle aye ahola kuyo? (b) IRoma yasetshenziswa kanjani uJehova ekukhipheni isahlulelo sakhe siqu esimisweni sezinto sobuJuda, futhi amaKristu eJerusalema aphila kanjani?
6 Iqiniso, iye yaba khona eminye imibuso yezwe emlandweni ngaphandle kweyisikhombisa—njengoba nje nesilo sasendle esabonwa uJohane sasinomzimba namakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi. Kodwa amakhanda ayisikhombisa amelele imibuso emikhulu eyisikhombisa eye yaba phambili ekucindezeleni abantu bakaNkulunkulu, ngamunye ngethuba lawo. Ngo-33 C.E., lapho iRoma yayidlondlobele, uSathane wasebenzisa lelo khanda lesilo sasendle ukuze abulale iNdodana kaNkulunkulu. Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu wasilahla isimiso sezinto samaJuda esingenalukholo futhi kamuva, ngo-70 C.E., wavumela iRoma ukuba ikhiphe isahlulelo sakhe kuleso sizwe. Ngokujabulisayo, u-Israyeli kaNkulunkulu weqiniso, ibandla lamaKristu agcotshiwe, lalixwayiswe kusengaphambili, futhi labo ababeseJerusalema naseJudiya babebalekele endaweni ephephile ngaphesheya koMfula iJordani.—Mathewu 24:15, 16; Galathiya 6:16.
7. (a) Yini eyayizokwenzeka lapho kufika isiphelo sesimiso sezinto futhi kuqala usuku lweNkosi? (b) Yini eyabonakala iyikhanda lesikhombisa lesilo sasendle sesAmbulo 13:1, 2?
7 Nokho, ekupheleni kwekhulu lokuqala C.E., abaningi kuleli bandla lokuqala base bewile eqinisweni, futhi amabele angamaKristu eqiniso, “abantwana bombuso,” ayeseminyaniswe kakhulu ukhula, “abantwana bomubi.” Kodwa lapho kufika isiphelo sesimiso sezinto, amaKristu agcotshiwe avela futhi njengeqembu elihlelekile. Phakathi nosuku lweNkosi, abalungileyo kwakumelwe ‘bakhanye ngokukhazimulayo njengelanga.’ Ngakho, ibandla lobuKristu lahlelelwa umsebenzi. (Mathewu 13:24-30, 36-43) Ngaleso sikhathi, uMbuso wamaRoma wawungasekho. UMbuso omkhulu waseBrithani, kanye ne-United States of America enamandla, kwalawula umhlaba. Lo mbuso wezwe ombaxambili wabonakala uyikhanda lesikhombisa lesilo sasendle.
8. Kungani kungafanele kwethuse ukuthi umbuso wezwe ombaxambili wamaNgisi namaMelika ufaniswa nesilo?
8 Akwethusi yini ukubiza imibuso yezombangazwe ebusayo ngesilo sasendle? Yilokho abaphikisi abathile ababekusho phakathi neMpi Yezwe II, lapho isimo soFakazi BakaJehova, njengenhlangano nanjengabantu ngabanye, sasibekelwa inselele ezinkantolo zomthetho emhlabeni wonke. Kodwa ake ume ucabange! Izizwe ngokwazo azisebenzisi yini izilo noma izilwane zasendle njengezimpawu zazo zobuzwe? Ngokwesibonelo, kukhona ingonyama yaseBrithani, ukhozi lwaseMelika, nodrako waseChina. Khona-ke kungani umuntu kufanele enqabe uma noMlobi waphezulu weBhayibheli Elingcwele esebenzisa izilo ukuze afanekisele imibuso yezwe?
9. (a) Kungani umuntu kungafanele akuphikise ukusho kweBhayibheli ukuthi uSathane unikeza isilo sasendle igunya laso elikhulu? (b) USathane uchazwa kanjani eBhayibhelini, futhi ubathonya kanjani ohulumeni?
9 Ngaphezu kwalokho, kungani umuntu kufanele akuphikise ukusho kweBhayibheli ukuthi uSathane onikeza isilo sasendle igunya laso elikhulu? NguNkulunkulu onguMthombo walawo mazwi, futhi phambi kwakhe ‘izizwe zinjengethonsi lamanzi eliphuma ebhakedeni nanjengongwengwezi lothuli.’ Lezo zizwe ziyobe zenza kahle ngokuzincengela kuNkulunkulu kunokuba zicasulwe indlela iZwi lakhe lesiprofetho elizichaza ngayo. (Isaya 40:15, 17; IHubo 2:10-12) USathane akasiye umuntu wasenganekwaneni owabelwe ukuba ahluphe imiphefumulo efile esihogweni somlilo. Ayikho indawo enjalo. Kunalokho, uSathane uchazwe emiBhalweni ‘njengengelosi yokukhanya’—ingcweti yokukhohlisa enethonya elinamandla ezindabeni zezombangazwe.—2 Korinte 11:3, 14, 15; Efesu 6:11-18.
10. (a) Yini eshiwo iqiniso lokuthi ophondweni ngalunye kweziyishumi kwakukhona umqhele? (b) Izimpondo eziyishumi nemiqhele eyishumi kufanekiselani?
10 Isilo sasendle sinezimpondo eziyishumi emakhanda aso ayisikhombisa. Mhlawumbe amakhanda amane ayenophondo olulodwa lilinye futhi amathathu enezimpondo ezimbili lilinye. Ngaphezu kwalokho, sasinemiqhele eyishumi ezimpondweni zaso. Encwadini kaDaniyeli, kuchazwa izilo ezesabekayo, futhi inani lezimpondo zazo kumelwe lithathwe njengoba linjalo. Ngokwesibonelo, izimpondo ezimbili enqameni zazimelele umbuso wezwe owawakhiwe abangane ababili iMediya nePheresiya, kuyilapho izimpondo ezine empongweni zazimelele imibuso emine eyayibusa kanye kanye eyavela embusweni waseGrisi ka-Alexander Omkhulu. (Daniyeli 8:3, 8, 20-22) Nokho, esilweni uJohane asibona inani lezimpondo eziyishumi libonakala lingokomfanekiso. (Qhathanisa noDaniyeli 7:24; IsAmbulo 17:12.) Zimelele ukuphelela kwemibuso eyakha yonke inhlangano kaSathane yezombangazwe. Zonke lezi zimpondo zinobudlova nonya, kodwa njengoba kuboniswa amakhanda ayisikhombisa, umbuso wezwe owodwa kuphela oba yinhloko ngesikhathi. Ngokufanayo, imiqhele eyishumi ibonisa ukuthi bonke ohulumeni babeyosebenzisa amandla okubusa ngesikhathi esifanayo nombuso obusayo, noma umbuso wezwe, wangaleso sikhathi.
11. Yini eboniswa iqiniso lokuthi isilo sasendle ‘sinamagama enhlamba emakhanda aso’?
11 Isilo sasendle ‘sinamagama enhlamba emakhanda aso,’ sisho izinto ezibonisa indelelo enkulu ngoJehova uNkulunkulu nangoKristu Jesu. Siye sasebenzisa igama likaNkulunkulu nelikaKristu njengeqhinga lokufeza izinjongo zaso zezombangazwe; futhi siye sasebenzelana nenkolo yamanga, size sivumele ngisho nabefundisi ukuba babe nengxenye ezinqubweni zaso zezombangazwe. Ngokwesibonelo, iSigungu Sababusi eNgilandi sihlanganisa nababhishobhi. Abefundisi bamaKatolika baye baba nezingxenye ezivelele kwezombangazwe eFrance nase-Italy, futhi muva nje, abapristi baye bangena ezikhundleni zezombangazwe eLatin America. Ohulumeni banyathelisa iziqubulo zenkolo, ezinjengokuthi “SITHEMBELA KUNKULUNKULU,” emalini yabo engamaphepha, futhi emalini yabo eyizinhlamvu bazisholo ukuthi ababusi babo bavunyelwe ngokwaphezulu, ngokwesibonelo, bathi laba bamiswe “ngomusa kaNkulunkulu.” Eqinisweni konke lokhu kuwukuhlambalaza, ngoba kuzama ukuhilela uNkulunkulu enkundleni engcolile yobuzwe yezombangazwe.
12. (a) Yini eboniswa ukuphuma kwesilo sasendle “olwandle,” futhi saqala nini ukuvela? (b) Yini eboniswa iqiniso lokuthi udrako unikeza isilo esingokomfanekiso igunya laso elikhulu?
12 Isilo sasendle siphuma “olwandle,” oluwuphawu olufanelekayo lwezixuku zabantu ezinesiphithiphithi okuvela kuzo ohulumeni babantu. (Isaya 17:12, 13) Lesi silo sasendle saqala ukuphuma olwandle lwesintu esinesiphithiphithi emuva ezinsukwini zikaNimrode (cishe ngekhulu leminyaka lama-21 B.C.E.), lapho isimiso sezinto sangemva kukaZamcolo, esimelene noJehova, siqala ukuvela. (Genesise 10:8-12; 11:1-9) Kodwa kuphakathi nosuku lweNkosi kuphela lapho elokugcina lamakhanda aso ayisikhombisa liye lazibonakalisa khona ngokugcwele. Phawula, futhi, udrako ‘owanika isilo amandla aso nesihlalo saso sobukhosi negunya elikhulu.’ (Qhathanisa noLuka 4:6.) Isilo siwumkhiqizo kaSathane wezombangazwe phakathi kwesintu. Ngempela uSathane, ‘ungumbusi waleli zwe.’—Johane 12:31.
Igalelo Elibulalayo
13. (a) Iyiphi inhlekelele eyehlela isilo sasendle ekuqaleni kosuku lweNkosi? (b) Kukanjani ukuthi sonke isilo sasendle sathinteka lapho ikhanda elilodwa lithola igalelo elibulalayo?
13 Ekuqaleni osukwini lweNkosi, isilo sasendle sehlelwa yinhlekelele. UJohane uyabika: “Ngabona futhi elinye lamakhanda aso kunjengokungathi lihlatshelwe ukufa, kodwa igalelo elibulalayo elalilitholile lalashwa, wonke umhlaba walandela isilo sasendle uncoma.” (IsAmbulo 13:3) Leli vesi lithi ikhanda elilodwa lesilo sasendle lathola igalelo elibulalayo, kodwa ivesi 12 likhuluma sengathi sonke isilo salimala. Kungani kunjalo? Amakhanda esilo awabusi wonke kanye kanye. Ngalinye ngethuba lalo liye lazenza inkosi phezu kwesintu, ikakhulukazi phezu kwabantu bakaNkulunkulu. (IsAmbulo 17:10) Kanjalo, njengoba usuku lweNkosi luqala, kukhona ikhanda elilodwa kuphela, elesikhombisa, elingumbuso wezwe obusayo. Igalelo elibulalayo kulelo khanda libangela usizi olukhulu kuso sonke isilo sasendle.
14. Lagalelwa nini igalelo elibulalayo, futhi isikhulu sempi sawuchaza kanjani umphumela walo esilweni sikaSathane?
14 Laliyini igalelo elibulalayo? Kamuva, libizwa ngokuthi igalelo lenkemba, futhi inkemba iwuphawu lwempi. Leli galelo lenkemba, elagalelwa ekuqaleni kosuku lweNkosi, kumelwe libhekisele empini yezwe yokuqala, eyasicekela phansi futhi yasiqeda amandla isilo sasendle sikaSathane sezombangazwe. (IsAmbulo 6:4, 8; 13:14) Umbhali uMaurice Genevoix, owayeyisikhulu sempi ngaleyo mpi, wathi ngayo: “Wonke umuntu uyavuma ukuthi kuwo wonke umlando wesintu, zimbalwa izinsuku ezazibaluleke njengo-August 2, 1914. Okokuqala iYurophu futhi ngokushesha ngemva kwalokho cishe sonke isintu sazithola sicwile esehlakalweni esisabekayo. Imihlangano yezombangazwe, izivumelwano, imithetho yokuziphatha, zonke izisekelo zazamazama; usuku nosuku, yonke into yayingatshazwa. Lesi sehlakalo sasizoba ngaphezu kwakho kokubili okwakwesatshwa nalokho okwakulindelwe. Njengoba sisikhulu, siyisiphithiphithi, sesabeka, sisasihudula emzileni waso.”—Maurice Genevoix, ilungu le-Académie Française, ecashunwe encwadini ethi Promise of Greatness (1968).
15. Ikhanda lesikhombisa lesilo sasendle lalithola kanjani igalelo lalo elibulalayo?
15 Leyo mpi yayiyinhlekelele enkulu kakhulu ekhanda lesikhombisa lesilo sasendle elalibusa. Kanye nezinye izizwe zaseYurophu, iBrithani yalahlekelwa izinsizwa zayo ngamanani athusayo. Empini eyodwa kuphela, iMpi YaseMfuleni ISomme ngo-1916, kwalimala noma kwafa abantu baseBrithani abangu-420 000, kanye nabaseFrance abangaba ngu-194 000 nabaseJalimane abangaba ngu-440 000—abantu abalimala noma abafa baba ngaphezu kuka-1 000 000! Nakwezomnotho futhi, iBrithani—kanye nalo lonke elaseYurophu—kwavithizeka. UMbuso omkhulu waseBrithani wantengantenga ngaphansi kwalelo galelo futhi awuphindange wasimama ngokugcwele. Ngempela, leyo mpi, okwahlanganyela kuyo izizwe eziphambili ezingu-28, yadiyazelisa izwe lonke njengokungathi lithole igalelo elibulalayo. Ngo-August 4, 1979, eminyakeni engu-65 nje kuphela ngemva kokugqashuka kweMpi Yezwe I, iphephandaba laseLondon, eNgilandi, i-Economist, lathi: “Ngo-1914 izwe lalahlekelwa ubunye elingakwazanga ukubuyela kubo kusukela ngaleso sikhathi.”
16. Phakathi nempi yezwe yokuqala, i-United States yabonisa kanjani ukuthi yayiyingxenye yombuso wezwe ombaxambili?
16 Ngesikhathi esifanayo, iMpi Enkulu, njengoba yayibizwa kanjalo ngaleso sikhathi, yavula indlela yokuba i-United States ivele ngokucacile njengengxenye yoMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika. Eminyakeni yokuqala yempi, umbono weningi wagcina i-United States ingekho empini. Kodwa njengoba isazimlando u-Esmé Wingfield-Stratford sabhala, “kwakuyindaba yokuthi ngalo mzuzu obucayi kakhulu, umbuso waseBrithani nowase-United States yayiyokuqeda yini ukungezwani kwayo lapho iqaphela ubunye bayo obunamandla nomthwalo ofanayo.” Njengoba izinto zazenzeka, yakuqeda. Ngo-1917 i-United States yanikela ngomcebo wayo nangabantu ukuze isekele umzamo wempi wamaZwe Ayelwa NeJalimane antengantengayo. Kanjalo, ikhanda lesikhombisa, elihlanganisa iBrithani ne-United States, lanqoba.
17. Ngemva kwempi yini eyenzeka esimisweni sikaSathane sasemhlabeni?
17 Izwe ngemva kwempi lalihluke kakhulu. Isimiso sikaSathane sasemhlabeni, nakuba sasicekelwe phansi ingozi yokufa, savuka futhi saba namandla ngaphezu kwanoma yinini ngaphambili futhi kanjalo sazuza ukutuswa ngabantu ngenxa yamandla aso okululama.
18. Kungashiwo kanjani ukuthi isintu ngokuvamile siye ‘salandela isilo sasendle sincoma’?
18 Isazimlando uCharles L. Mee, Jr., siyabhala: “Ukuwa kohlelo oludala [okwabangelwa impi yezwe yokuqala] kwakuyisandulela esidingekile sokusakazwa kokuzibusa, inkululeko yezizwe nezigaba ezintsha, ukukhishwa kwenkululeko entsha nokuzimela.” Okwakuphambili ekuthuthukisweni kwale nkathi yangemva kwempi kwakuyikhanda lesikhombisa lesilo sasendle, manje eseliluleme, futhi i-United States of America yanyukela endimeni eyinhloko. Umbuso wezwe ombaxambili wahola ekusekeleni kokubili iNhlangano Yezizwe neZizwe Ezihlangene. Ngo-2005, umbuso wezombangazwe wase-U.S. wawusuhole izizwe ezinamalungelo engeziwe ekwakheni izinga eliphakeme lokuphila, ekulweni nezifo, nasekuthuthukiseni ubuchwepheshe. Wawusuyise ngisho nabantu abangu-12 enyangeni. Ngakho, akumangalisi ukuthi isintu ngokuvamile siye ‘salandela isilo sasendle sincoma.’
19. (a) Isintu siye sadlulela kanjani ngisho nangalé kokuncoma isilo sasendle? (b) Ubani onegunya elingenakuphikwa kuyo yonke imibuso yomhlaba, futhi sazi kanjani? (c) USathane usinikeza kanjani isilo sasendle igunya, futhi kuba namuphi umphumela kubantu abaningi?
19 Isintu siye sadlulela ngisho nangalé kokuncoma isilo sasendle, njengoba uJohane esho ngokulandelayo: “Wakhulekela udrako ngoba wanika isilo sasendle igunya, futhi wakhulekela isilo sasendle ngala mazwi: ‘Ubani onjengesilo sasendle, ubani ongalwa naso na?’” (IsAmbulo 13:4) Ngesikhathi uJesu elapha emhlabeni, uSathane wathi unegunya phezu kwayo yonke imibuso yomhlaba. UJesu akazange akuphikise lokhu; eqinisweni, yena ngokwakhe wabhekisela kuSathane njengombusi wezwe futhi wenqaba ukuhlanganyela kwezombangazwe zangalolo suku. Kamuva uJohane wabhala ngamaKristu eqiniso: “Siyazi ukuthi singabakaNkulunkulu, kodwa lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19; Luka 4:5-8; Johane 6:15; 14:30) USathane unikeza isilo sasendle igunya, futhi lokhu ukwenza ngesisekelo sobuzwe. Ngakho, esikhundleni sokuba munye ezibophweni zothando lokwesaba uNkulunkulu, isintu siye sahlukaniswa ukuqhosha ngohlanga nangobuzwe. Ngamanye amazwi, iningi labantu likhulekela leyo ngxenye yesilo sasendle enegunya ezweni elihlala kulo. Kanjalo sonke isilo sizuza ukunconywa nokukhulekelwa.
20. (a) Abantu basikhulekela ngamuphi umqondo isilo sasendle? (b) Kungani amaKristu akhulekela uJehova uNkulunkulu engabi nangxenye ekukhulekeleni isilo sasendle okunjalo, futhi alandela isibonelo sikabani?
20 Ukukhulekelwa ngamuphi umqondo? Ngomqondo wokubeka uthando lwezwe ngaphambi kothando lukaNkulunkulu. Abantu abaningi bayalithanda izwe labo lokuzalwa. Njengezakhamuzi ezinhle, amaKristu eqiniso nawo ayabahlonipha ababusi nezimpawu zezwe ahlala kulo, alalela imithetho, futhi anikela ngokuhle enhlalakahleni yomphakathi wawo neyomakhelwane bawo. (Roma 13:1-7; 1 Petru 2:13-17) Nokho, awanakuzinikela ngokungenangqondo ezweni elilodwa futhi amelane nawo wonke amanye. Ukuthi “yizwe lethu, lilungile noma lisephutheni” akuyona imfundiso yobuKristu. Ngakho amaKristu akhulekela uJehova uNkulunkulu awanakuhlanganyela ekukhulekeleni noma iyiphi ingxenye yesilo sasendle ngokushisekela izwe kokuqhosha, ngoba lokhu kungasho ukukhulekela udrako—umthombo wegunya lesilo. Awanakubuza ngokutusa athi: “Ubani onjengesilo sasendle?” Kunalokho, alandela isibonelo sikaMikayeli—ogama lakhe lisho ukuthi “Ubani OnjengoNkulunkulu?”—njengoba esekela ubukhosi bukaJehova bendawo yonke. Ngesikhathi sikaNkulunkulu esimisiwe, lo Mikayeli, uKristu Jesu, uyokulwa nesilo sasendle futhi asinqobe, njengoba anqoba ekuxosheni uSathane ezulwini.—IsAmbulo 12:7-9; 19:11, 19-21.
Ukulwa Nabangcwele
21. UJohane ukuchaza kanjani ukulawula kukaSathane isilo sasendle?
21 USathane onobuqili wayenamacebo okusebenzisa isilo sasendle ukuze afeze izinjongo zakhe. UJohane uyakuchaza lokhu: “[Isilo esinamakhanda ayisikhombisa] sanikwa umlomo okhuluma izinto ezinkulu nenhlamba, sanikwa negunya lokuphatha izinyanga ezingamashumi amane nambili. Sahlambalaza uNkulunkulu, sahlambalaza igama lakhe nendawo yakhe yokuhlala, yebo labo abahlala ezulwini. Sanikwa ukuba silwe nabangcwele sibanqobe, sanikwa igunya phezu kwazo zonke izinhlanga nabantu nezilimi nezizwe. Bonke abahlala emhlabeni bayosikhulekela; okungekho noyedwa kubo ogama lakhe lilotshwe emqulwini wokuphila weWundlu elabulawa, kusukela ekusungulweni kwezwe.”—IsAmbulo 13:5-8.
22. (a) Zibhekisele kuyiphi inkathi yesikhathi izinyanga ezingu-42? (b) Phakathi nezinyanga ezingu-42, amaKristu agcotshiwe ‘anqotshwa’ kanjani?
22 Izinyanga ezingu-42 ezishiwo lapha zibonakala zifana neminyaka emithathu nengxenye abangcwele abahlushwa ngayo uphondo oluvela kwesinye sezilo esiprofethweni sikaDaniyeli. (Daniyeli 7:23-25; bheka futhi isAmbulo 11:1-4.) Ngakho, kusukela ekupheleni kuka-1914 kuze kube u-1918, lapho izizwe ezilwayo zazidwengulana ngokoqobo njengezilo zasendle, abantu balezo zizwe bacindezeleka ukuba bakhulekele isilo sasendle, ukuba bazifake enkolweni yobuzwe, baze balungele ngisho nokufela izwe labo. Ukucindezela okunjalo kwabangela ukuhlupheka okukhulu kwabaningi abagcotshiwe, ababenomuzwa wokuthi ukulalela kwabo okukhulu kungokukaJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uKristu Jesu. (IzEnzo 5:29) Uvivinyo lwabo lwafinyelela umvuthwandaba ngo-June 1918, lapho ‘benqotshwa.’ E-United States, abaphathi abaqhamile nabanye abameleli be-Watch Tower Society baboshwa ngokungeyikho, futhi ukushumayela okuhleliwe kwabafowabo abangamaKristu kwaphazamiseka kakhulu. Sinegunya “phezu kwazo zonke izinhlanga nabantu nezilimi nezizwe,” isilo sasendle sawucindezela umsebenzi kaNkulunkulu womhlaba wonke.
23. (a) Uyini “umqulu wokuphila weWundlu,” futhi yini ebiya ekupheleni kusukela ngo-1918? (b) Kungani noma ikuphi okwakubonakala kuwukunqoba “abangcwele” kwenhlangano kaSathane ebonakalayo kwakumane kuyize?
23 Lokhu kwabonakala kuwukunqoba ngoSathane nangenhlangano yakhe. Kodwa kwakungenakubalethela izinzuzo ezihlala njalo, njengoba engekho enhlanganweni kaSathane ebonakalayo ogama lakhe lalilotshiwe “emqulwini wokuphila weWundlu.” Ngokomfanekiso, lo mqulu uqukethe amagama alabo abayobusa noJesu eMbusweni wakhe wasezulwini. Amagama okuqala alotshwa kuwo ngePhentekoste lika-33 C.E. Futhi eminyakeni eyalandela kusukela ngaleso sikhathi, kuye kwanezelwa amagama engeziwe. Kusukela ngo-1918, ukubekwa uphawu kwabasele bezindlalifa zoMbuso ezingu-144 000 bekuqhubekela ekupheleni. Ngokushesha, amagama abo bonke ayobhalwa ngokungenakucimeka emqulwini wokuphila weWundlu. Ngokuqondene nabaphikisi abakhulekela isilo sasendle, akukho noyedwa wabo okuyobhalwa igama lakhe kulowo mqulu. Ngakho noma ikuphi okubonakala kuwukunqoba laba abangase babe nakho ‘kwabangcwele’ kuyize, kumane kungokwesikhashana.
24. Yini uJohane ayala labo abanokuqonda ukuba bayizwe, futhi amazwi abawezwayo asho ukuthini ngabantu bakaNkulunkulu?
24 Manje uJohane uyala labo abanokuqonda ukuba balalelisise: “Uma umuntu enendlebe, makezwe.” Khona-ke uyaqhubeka athi: “Uma umuntu ehloselwe ukuthunjwa, uya ekuthunjweni. Uma umuntu eyobulala ngenkemba, kumelwe abulawe ngenkemba. Lapha kulapho kusho khona ukukhuthazela nokholo lwabangcwele.” (IsAmbulo 13:9, 10) UJeremiya wabhala amagama afana nalawa eminyakeni eyandulela u-607 B.C.E., ukubonisa ukuthi kwakungekho ukuhoxiswa kwezahlulelo zikaJehova emzini waseJerusalema ongathembekile. (Jeremiya 15:2; bheka futhi uJeremiya 43:11; Zakariya 11:9.) Ngesikhathi sokuvivinywa kwakhe okukhulu, uJesu wakwenza kwacaca ukuthi abalandeli bakhe kwakungamelwe bahlehle lapho ethi: “Bonke abaphatha inkemba bayobhubha ngenkemba.” (Mathewu 26:52) Ngokufanayo, manje osukwini lweNkosi abantu bakaNkulunkulu kumelwe babambelele ngokuqinile ezimisweni zeBhayibheli. Akuyikuba khona ukuphunyula ekugcineni ngabangaphenduki abakhulekela isilo sasendle. Sonke siyodinga ukukhuthazela, kanye nokholo olungazamazami, ukuze sisinde oshushisweni nasovivinyweni olungaphambili.—Hebheru 10:36-39; 11:6.
Isilo Sasendle Esinezimpondo Ezimbili
25. (a) UJohane usichaza kanjani esinye isilo sasendle esingokomfanekiso esivelayo emhlabeni? (b) Yini eboniswa izimpondo ezimbili zesilo sasendle esisha nawukuvela kwaso emhlabeni?
25 Kodwa manje kuvela esinye isilo sasendle emhlabeni. UJohane uyabika: “Ngabona esinye isilo sasendle sinyuka siphuma emhlabeni, sinezimpondo ezimbili njengewundlu, kodwa saqala ukukhuluma njengodrako. Sisebenzisa lonke igunya lesilo sasendle sokuqala phambi kwaso. Senza ukuba umhlaba nalabo abahlala kuwo bakhulekele isilo sasendle sokuqala, esigalelo laso elibulalayo esasilitholile lalashwa. Senza izibonakaliso ezinkulu emehlweni esintu, size sehlisele nomlilo emhlabeni uvela ezulwini.” (IsAmbulo 13:11-13) Lesi silo sasendle sinezimpondo ezimbili, okubonisa ukubambisana kwemibuso emibili yezombangazwe. Futhi sichazwa njengesiphuma emhlabeni, hhayi olwandle. Ngakho, siphuma esimisweni sezinto sikaSathane sasemhlabeni esesimisiwe kakade. Kumelwe ukuba singumbuso wezwe, osukhona kakade, ofeza indima ephawulekayo phakathi nosuku lweNkosi.
26. (a) Siyini isilo sasendle esinezimpondo ezimbili, futhi sihlangene kanjani nesilo sokuqala? (b) Kungamuphi umqondo izimpondo zesilo sasendle esinezimpondo ezimbili zinjengezewundlu, futhi sifana kanjani ‘nodrako’ lapho sikhuluma? (c) Yini ngempela abantu abashisekela ubuzwe abayikhulekelayo, futhi ubuzwe buye bafaniswa nani? (Bheka umbhalo waphansi.)
26 Kungase kube siyini? UMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika—ngokufanayo nekhanda lesikhombisa lesilo sasendle sokuqala kodwa endimeni ekhethekile! Ukusehlukanisa embonweni njengesilo sasendle esihlukile kusisiza ukuba sibone ngokucace ngokwengeziwe indlela esisebenza ngayo ngokuzimela enkundleni yomhlaba. Lesi silo sasendle esingokomfanekiso esinezimpondo ezimbili sakhiwe imibuso emibili yezombangazwe ebusa kanye kanye, ezimele, kodwa esebenzelanayo. Izimpondo zaso ezimbili “njengewundlu” zisikisela ukuthi sizenza esizothile nesingenaluchuku, esinohlobo lukahulumeni olukhanyiselwe lolo izwe lonke okumelwe liphendukele kulo. Kodwa sikhuluma “njengodrako” ngokuthi sisebenzisa ukucindezela nokusongela ngisho nobudlova obuqondile noma kuphi lapho uhlobo lwaso lokubusa lungemukeleki khona. Asizange sikukhuthaze ukuzithoba eMbusweni kaNkulunkulu ngaphansi kokubusa kweWundlu likaNkulunkulu, kodwa kunalokho, ezithakazelweni zikaSathane, udrako omkhulu. Siye sakhuthaza ukwehlukana kobuzwe nenzondo okunezela ekukhulekeleni isilo sasendle sokuqala.c
27. (a) Yisiphi isimo sengqondo sesilo sasendle esinezimpondo ezimbili esiboniswa iqiniso lokuthi sibangela ukuba umlilo wehle ezulwini? (b) Abantu abaningi bawubheka kanjani umfuziselo wanamuhla wesilo sasendle esinezimpondo ezimbili?
27 Lesi silo sasendle esinezimpondo ezimbili senza izibonakaliso ezinkulu, senza ngisho nokuba umlilo wehle ezulwini. (Qhathanisa noMathewu 7:21-23.) Lesi sibonakaliso samuva sisikhumbuza u-Eliya, umprofethi kaNkulunkulu wasendulo owancintisana nabaprofethi bakaBhali. Lapho ebiza ngokuphumelelayo umlilo ukuba wehle ezulwini ngegama likaJehova, kwabonakala ngokungenakungatshazwa ukuthi wayengumprofethi weqiniso nokuthi abaprofethi bakaBhali babengabamanga. (1 AmaKhosi 18:21-40) Njengalabo baprofethi bakaBhali, isilo sasendle esinezimpondo ezimbili sinomuzwa wokuthi sinezimfanelo ezanele njengomprofethi. (IsAmbulo 13:14, 15; 19:20) Phela, sizisholo ukuthi siye sabhubhisa amandla obubi ezimpini zezwe ezimbili, futhi sakunqoba nalokho okubizwa ngokuthi ubuKhomanisi obungenaNkulunkulu! Ngempela, abaningi babheka umfuziselo wanamuhla wesilo sasendle esinezimpondo ezimbili njengomlondolozi wenkululeko nanjengomthombo wezinto ezinhle ezibonakalayo.
Umfanekiso Wesilo Sasendle
28. UJohane ubonisa kanjani ukuthi isilo sasendle esinezimpondo ezimbili asimsulwa njengoba izimpondo zaso ezinjengezewundlu zingase zibonise?
28 Ingabe lesi silo sasendle esinezimpondo ezimbili simsulwa njengoba izimpondo zaso ezifana nezewundlu zibonisa? UJohane uqhubeka athi: “Sidukisa abahlala emhlabeni, ngenxa yezibonakaliso esanikwa ukuba sizenze emehlweni esilo sasendle, kuyilapho sitshela abahlala emhlabeni ukuba basenzele umfanekiso isilo sasendle esasithole igalelo lenkemba kodwa nokho salulama. Sanikwa ukuba sinike umfanekiso wesilo sasendle umoya, ukuze lo mfanekiso wesilo sasendle ukhulume futhi ubangele ukuba kubulawe bonke abangasoze nganoma iyiphi indlela bawukhulekele umfanekiso wesilo sasendle.”—IsAmbulo 13:14, 15.
29. (a) Iyini injongo yomfanekiso wesilo sasendle, futhi wenziwa nini lo mfanekiso? (b) Kungani umfanekiso wesilo sasendle ungesona isithombe esingaphili?
29 Uyini lo “mfanekiso wesilo sasendle,” futhi iyini injongo yawo? Injongo iwukukhuthaza ukukhulekelwa kwesilo sasendle esinamakhanda ayisikhombisa esimelelwe umfanekiso ukuze, ngaleyo ndlela, kuqhutshekiselwe phambili ukuba khona kwesilo sasendle. Lo mfanekiso wakhiwa ngemva kokuba isilo sasendle esinamakhanda ayisikhombisa siluleme egalelweni laso lenkemba, okungukuthi, ngemva kokuphela kwempi yezwe yokuqala. Asisona isithombe esingenakho ukuphila, esinjengesabekwa uNebukhadinezari emathafeni aseDura. (Daniyeli 3:1) Isilo sasendle esinezimpondo ezimbili siphefumulela ukuphila kulo mfanekiso ukuze umfanekiso uphile futhi ube nengxenye emlandweni wezwe.
30, 31. (a) Amaqiniso omlando aveza ukuthi lo mfanekiso uyini? (b) Ingabe bakhona abaye babulawa ngenxa yokwenqaba ukukhulekela lo mfanekiso? Chaza.
30 Ukuqhubeka komlando kuveza lo mfanekiso njengenhlangano eyasungulwa, yathuthukiswa, futhi yasekelwa iBrithani ne-United States futhi yaziwa ekuqaleni ngokuthi iNhlangano Yezizwe. Kamuva, kusAmbulo isahluko 17, sizovela ngaphansi kophawu oluhlukile, lolo lwesilo sasendle esibomvu esiphilayo, esiphefumulayo esizimele. Le nhlangano yezizwe zonke ‘iyakhuluma,’ ngokuthi izisholo ngokuqhosha ukuthi iyo yodwa engaletha ukuthula nokulondeka esintwini. Kodwa eqinisweni iye yaba isigcawu sokuba izizwe ezingamalungu zishintshisane ngamazwi okufutheka nokudelela. Iye yasongela ngokwamuka amalungelo, noma yenze ize, noma isiphi isizwe noma abantu abangalithobeli igunya layo. Eqinisweni iNhlangano Yezizwe yaxosha izizwe ezahluleka ukuhambisana nemibono yayo. Ekuqaleni kosizi olukhulu, “izimpondo” zempi zalo mfanekiso wesilo sasendle ziyofeza indima ebhubhisayo.—IsAmbulo 7:14; 17:8, 16.
31 Kusukela eMpini Yezwe II, umfanekiso wesilo sasendle—manje obonakala njengenhlangano yeZizwe Ezihlangene (UN)—kakade usuye wabulala ngokoqobo. Ngokwesibonelo, ngo-1950 ibutho le-UN langenela empini phakathi kweNyakatho Korea neNingizimu Korea. Ibutho le-UN, kanye nabaseNingizimu Korea, babulala abaseNyakatho Korea namaShayina abalinganiselwa ku-1 420 000. Ngokufanayo, kusukela ngo-1960 kuya ku-1964, amabutho eZizwe Ezihlangene ayengazibekile phansi eCongo (Kinshasa). Ngaphezu kwalokho, abaholi bezwe, kuhlanganise nopapa uPaul VI noJohn Paul II, baye baqhubeka begomela ngokuthi lo mfanekiso uyithemba lomuntu lokugcina nelingcono kakhulu lokuthula. Bagcizelela ukuthi uma isintu sihluleka ukuwukhonza, uhlanga lwesintu luyozibhubhisa ngokwalo. Kanjalo ngendlela engokomfanekiso babangela ukubulawa kwabo bonke abantu abenqabayo ukuvumelana nomfanekiso futhi bawukhulekele.—Duteronomi 5:8, 9.
Uphawu Lwesilo Sasendle
32. UJohane ukuchaza kanjani ukusebenzisa kukaSathane izingxenye zezombangazwe zenhlangano yakhe ebonakalayo ukuze abangele ukuhlupheka kwabasele benzalo yowesifazane kaNkulunkulu?
32 UJohane manje ubona indlela uSathane asebenzisa ngayo izingxenye zezombangazwe zenhlangano yakhe ebonakalayo ukuze abangele ukuhlupheka okukhulu kwabasele benzalo yowesifazane kaNkulunkulu. (Genesise 3:15) Ubuyela ekuchazeni “isilo sasendle” ngokwaso: “Futhi siphoqa bonke abantu, abancane nabakhulu, abacebile nabampofu, abakhululekile nezigqila, ukuba banikwe uphawu esandleni sabo sokunene noma ebunzini labo, nokuba kungabikho muntu ongase akwazi ukuthenga noma ukuthengisa ngaphandle komuntu onophawu, igama lesilo sasendle noma isibalo segama laso. Lapha kulapho kungena khona ukuhlakanipha: Ohlakaniphile makabale isibalo sesilo sasendle, ngoba siyisibalo somuntu; futhi isibalo saso singamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha.”—IsAmbulo 13:16-18.
33. (a) Lingubani igama lesilo sasendle? (b) Isibalo esiyisithupha sihlangene nani? Chaza.
33 Isilo sasendle sinegama, futhi leli gama lisiyibalo: ngu-666. Isithupha, njengesibalo, sihlangene nezitha zikaJehova. Umuntu ongumFilisti wesizwe samaRefa “wayemude ngaphezu kokuvamile” futhi ‘iminwe yakhe nezinzwane zakhe kwakungasithupha.’ (1 IziKronike 20:6) INkosi uNebukhadinezari yamisa isithombe segolide esiyizingalo ezingu-6 ububanzi nezingalo ezingu-60 ukuphakama, ukuze ihlanganisele izikhulu zayo zezombangazwe ekukhulekeleni okukodwa. Lapho izinceku zikaNkulunkulu zenqaba ukukhulekela isithombe segolide, inkosi yenza ukuba ziphonswe esithandweni somlilo. (Daniyeli 3:1-23) Isibalo esiyisithupha singaphansi kwesikhombisa, esimelela ukuphelela ngokubheka kukaNkulunkulu. Ngakho, isithupha esiphindwe kathathu simelela ukungapheleli okukhulu.
34. (a) Yini eboniswa iqiniso lokuthi isibalo sesilo sasendle “siyisibalo somuntu”? (b) Kungani u-666 eyigama elifanelekayo lesimiso sikaSathane sezwe sezombangazwe?
34 Igama lichaza umuntu. Ngakho lesi sibalo sisichaza kanjani isilo? UJohane uthi “siyisibalo somuntu,” akusona esomuntu womoya, ngakho leli gama lisiza ukuqinisekisa ukuthi isilo singesasemhlabeni, simelele uhulumeni wabantu. Njengoba isithupha sihluleka ukulingana nesikhombisa, kanjalo u-666—isithupha ezingeni lesithathu—uyigama elifanelekayo lesimiso sezwe esikhulu kakhulu sezombangazwe esihluleka ngokudabukisa kangaka ukufinyelela indinganiso kaNkulunkulu yokuphelela. Isilo sasendle sezwe sezombangazwe sibusa njengesiphakeme ngaphansi kwegama eliyisibalo esingu-666, kuyilapho izinhlangano ezinkulu zezombangazwe, izinkolo ezinkulu, namabhizinisi amakhulu kugcina leso silo sisebenza njengomcindezeli wesintu nanjengomshushisi wabantu bakaNkulunkulu.
35. Kusho ukuthini ukubekwa uphawu lwegama lesilo sasendle ebunzini noma esandleni sokunene?
35 Kusho ukuthini ukubekwa uphawu lwegama lesilo sasendle ebunzini noma esandleni sokunene? Lapho uJehova enikeza ama-Israyeli uMthetho, wawatshela: “Kumelwe nigxilise la mazwi ami enhliziyweni yenu nasemphefumulweni wenu, niwabophe njengophawu esandleni senu, abe yibhande lasebunzini phakathi kwamehlo enu.” (Duteronomi 11:18) Lokhu kwasho ukuthi ama-Israyeli kwakumelwe agcine lowo Mthetho uphambi kwawo ngaso sonke isikhathi, ukuze uthonye zonke izenzo zawo nemicabango. Abagcotshiweyo abangu-144 000 kuthiwa balotshwa igama likaYise nelikaJesu emabunzini abo. Lokhu kubabonakalisa njengabangabakaJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. (IsAmbulo 14:1) Elingisa, uSathane usebenzisa uphawu lwesilo sasendle lobudemoni. Noma ubani ohileleke emisebenzini yansuku zonke njengokuthenga nokuthengisa uphoqelekile ukuba enze izinto ngendlela isilo sasendle esenza ngayo, ngokwesibonelo, njengasekugubheni amaholide. Balindeleke ukuba bakhulekele isilo sasendle, besivumela ukuba sibuse ukuphila kwabo, ukuze bamukele uphawu lwaso.
36. Yiziphi izinkinga abaye baba nazo labo abenqabayo ukwamukela uphawu lwesilo sasendle?
36 Labo abenqabayo ukwamukela uphawu lwesilo sasendle baye baba nezinkinga ngaso sonke isikhathi. Ngokwesibonelo, kusukela ngawo-1930 kwadingeka ukuba baqule amacala amaningi asezinkantolo futhi babekezelele ukuhlasela kwezixuku kobudlova nokunye ukushushiswa. Emazweni omashiqela, babefakwa emakamu okuhlushwa, lapho abaningi bafela khona. Kusukela ngempi yezwe yesibili, izinsizwa ezingenakubalwa ziye zaboshwa isikhathi eside, ezinye zihlushwa futhi zibulawa, ngenxa yokwenqaba kwazo ukulahla ukungathathi hlangothi kwazo kobuKristu. Kwamanye amazwe amaKristu awakwazi ukuthenga noma ukuthengisa; amanye awakwazi ukuba nezindawo zawo siqu; amanye ayadlwengulwa, abulawe, noma axoshwe ezweni lakubo. Ngani? Ngoba ngonembeza omuhle ayenqaba ukuthenga ikhadi leqembu lezombangazwe.d—Johane 17:16.
37, 38. (a) Kungani izwe liyindawo okunzima ukuphila kuyo ngalabo abenqabayo ukuba nophawu lwesilo sasendle? (b) Obani abagcina ubuqotho, futhi yini abazimisele ukuyenza?
37 Kwezinye izingxenye zomhlaba, inkolo igxile kakhulu ekuphileni komphakathi kangangokuthi noma ubani omelela iqiniso leBhayibheli ubandlululwa umkhaya nangabangane bakuqala. Kudinga ukholo olukhulu ukukhuthazela. (Mathewu 10:36-38; 17:22) Ezweni lapho iningi likhulekela ingcebo yezinto ezibonakalayo nalapho ukungathembeki kudlange khona, ngokuvamile umKristu weqiniso kumelwe athembele ngokuphelele kuJehova ukuthi uyomsekela ekuphishekeleni inkambo eqotho. (IHubo 11:7; Hebheru 13:18) Ezweni eligcwele ukuziphatha okubi, kudinga ukuzimisela okukhulu ngomuntu ukuba ahlale ehlanzekile futhi emsulwa. AmaKristu agulayo ngokuvamile acindezelwa odokotela nangabahlengikazi ukuba aphule umthetho kaNkulunkulu wobungcwele begazi; kuze kudingeke ngisho nokuba amelane nemithetho yasezinkantolo engqubuzana nokholo lwawo. (IzEnzo 15:28, 29; 1 Petru 4:3, 4) Futhi kulezi zinsuku zokuswelakala kwemisebenzi okuqhubekayo, kuya ngokuya kuba nzima ngomKristu weqiniso ukugwema umsebenzi oyodinga ukuba ahlehle ebuqothweni bakhe kuNkulunkulu.—Mika 4:3, 5.
38 Yebo, izwe liyindawo enzima ukuphila kuyo ngalabo abangenalo uphawu lwesilo. Kuwukubonakaliswa okuvelele kwamandla kaJehova nesibusiso ukuthi abasele benzalo yowesifazane, kanye nabangaphezu kwezigidi eziyisithupha besixuku esikhulu, bagcina ubuqotho naphezu kwakho konke ukucindezelwa kokuba baphule imithetho kaNkulunkulu. (IsAmbulo 7:9) Ngobunye, emhlabeni wonke, kwangathi sonke singaqhubeka sidumisa uJehova nezindlela zakhe zokulunga, njengoba senqaba ukwamukela uphawu lwesilo sasendle.—IHubo 34:1-3.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, siza ubheke amakhasi 165-179 encwadi ethi Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli, ekhishwa oFakazi BakaJehova.
b The Interpretation of St. John’s Revelation, kaR. C. H. Lenski, amakhasi 390-1.
c Abahlaziyi baye baphawula ukuthi, empeleni, ubuzwe buyinkolo. Ngakho, abantu abashisekela ubuzwe eqinisweni bakhulekela leyo ngxenye yesilo sasendle emelelwe yizwe abahlala kulo. Ngokuqondene nobuzwe e-United States, siyafunda: “Kukhona ukufana okuningi phakathi kobuzwe, lapho bubhekwa njengenkolo, nezinye izimiso ezinkulu zenkolo zesikhathi esidlule . . . Umshisekeli wenkolo yobuzwe wanamuhla uyakuqaphela ukuncika kwakhe kunkulunkulu wobuzwe bakhe. Uyasizwa isidingo sosizo lwaKhe olunamandla. KuYe uqaphela umthombo wokuphelela kwakhe nenjabulo. Uzithoba kuYe, ngomqondo ongokwenkolo kuphela. . . . Isizwe sicatshangelwa njengesiyohlala phakade, futhi ukufa kwamadodana aso aqotho kumane kunezela udumo nenkazimulo yaso engapheli.”—Carlton J. F. Hayes, njengoba ecashunwe ekhasini 359 lencwadi ethi What Americans Believe and How They Worship, kaJ. Paul Williams.
d Ngokwesibonelo, bheka omagazini be-Nqabayokulinda baka-March 15, 1972, ikhasi 138; December 15, 1974, ikhasi 564; December 1, 1975, ikhasi 543; August 15, 1979, ikhasi 17; eyesiNgisi ka-June 1, 1979, ikhasi 20; ne-Nqabayokulinda ka-November 15, 1980, ikhasi 30.
[Isithombe ekhasini 195]
Sanikwa ukuba siphefumulele umfanekiso wesilo sasendle