-
UMbuso KaNkulunkulu—Uphakeme Ngazo Zonke IzindlelaINqabayokulinda—2006 | Julayi 15
-
-
UJesu nalabo azobusa nabo babusa besendaweni ephakeme kakhulu.
Embonweni wakhe wasephusheni, uDaniyeli wabona futhi ‘umbuso nobubusi kunikwa abantu abangabangcwele.’ (Daniyeli 7:27) UJesu akabusi yedwa. Unabanye abazobusa njengamakhosi futhi bakhonze njengabapristi. (IsAmbulo 5:9, 10; 20:6) Ngokuqondene nabo, umphostoli uJohane wabhala: “Ngabona, bheka! iWundlu limi eNtabeni iZiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane . . . abathengwé emhlabeni.”—IsAmbulo 14:1-3.
IWundlu linguJesu Kristu eyiNkosi yoMbuso. (Johane 1:29; IsAmbulo 22:3) Le Ntaba iZiyoni ibhekisela ezulwini.a (Hebheru 12:22) UJesu nabangu-144 000 abakanye naye babusa besezulwini. Yeka ukuthi babusa besendaweni ephakeme kangakanani! Njengoba besezulwini, bakwazi ukubona kahle yonke into. Njengoba uzobusa usezulwini, ‘umbuso kaNkulunkulu’ ubizwa nangokuthi ‘umbuso wamazulu.’ (Luka 8:10; Mathewu 13:11) Akukho zikhali, ngisho nezenuzi ezingawuketula lowo hulumeni wasezulwini. Awunakunqotshwa futhi uyoyifeza injongo uJehova awumisele yona.—Hebheru 12:28.
-
-
UMbuso KaNkulunkulu—Uphakeme Ngazo Zonke IzindlelaINqabayokulinda—2006 | Julayi 15
-
-
a Inkosi yakwa-Israyeli wasendulo uDavide, yaqhwaga inqaba yeNtaba iZiyoni yasemhlabeni kumaJebusi yayenza inhloko-dolobha yayo. (2 Samuweli 5:6, 7, 9) Yathuthela noMphongolo ongcwele kule ndawo. (2 Samuweli 6:17) Njengoba uMphongolo wawuhlotshaniswa nokuba khona kukaJehova, iZiyoni kwathiwa liyindawo kaNkulunkulu yokuhlala, okwenza likufanelekele ukufanekisela izulu.—Eksodusi 25:22; Levitikusi 16:2; IHubo 9:11; IsAmbulo 11:19.
-