“Kumelwe Nijabule Nje Kuphela”
“Uyomgubhela umkhosi uJehova . . . , kumelwe nijabule nje kuphela.”—DUTERONOMI 16:15.
1. (a) Iziphi izimpikiswano ezaphakanyiswa uSathane? (b) Yini uJehova ayibikezela ngemva kokuhlubuka kuka-Adamu no-Eva?
NGESIKHATHI uSathane ebangela u-Adamu no-Eva ukuba bavukele uMdali wabo, waphakamisa izimpikiswano ezimbili ezibaluleke kakhulu. Okokuqala, wabekela inselele ukuba neqiniso kukaJehova kanye nokufaneleka kwendlela yakhe yokubusa. Okwesibili, uSathane wasikisela ukuthi abantu babeyokhonza uNkulunkulu ngenxa yezizathu zobugovu kuphela. Le mpikiswano yesibili wayibeka ngembaba esikhathini sikaJobe. (Genesise 3:1-6; Jobe 1:9, 10; 2:4, 5) Nokho, masinyane uJehova wathatha isinyathelo sokulungisa le nkinga. Ngisho nangesikhathi o-Adamu no-Eva besesensimini yase-Edene, uJehova wabikezela indlela ayeyozixazulula ngayo lezi zimpikiswano. Wabikezela ngokuza ‘kwenzalo,’ okwakuyothi ngemva kokuba ilinyazwe esithendeni, ilimaze uSathane ekhanda imbulale.—Genesise 3:15.
2. UJehova wayicacisa kanjani indlela ayeyogcwalisa ngayo isiprofetho esilotshwe kuGenesise 3:15?
2 Njengoba isikhathi sihamba, uJehova wasicacisa ngokwengeziwe leso siprofetho, ebonisa ukuthi sasiyogcina sigcwalisekile nakanjani. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu watshela u-Abrahama ukuthi “inzalo” yayiyovela ozalweni lwakhe. (Genesise 22:15-18) Umzukulu ka-Abrahama uJakobe waba uyise wemindeni eyishumi nambili yakwa-Israyeli. Ngo-1513 B.C.E., lapho leyo mindeni iba isizwe, uJehova wayinika isimiso semithetho esasihlanganisa nemikhosi ehlukahlukene yaminyaka yonke. Umphostoli uPawulu wathi leyo mikhosi ‘yayiyisithunzi sezinto ezizokuza.’ (Kolose 2:16, 17; Hebheru 10:1) Yayiqukethe amazwibela endlela injongo kaJehova ngeNzalo eyayiyogcwaliseka ngayo. Ukugujwa kwale mikhosi kwaletha injabulo enkulu kwa-Israyeli. Ukuyicabangela kafushane kuzosenza sibe nokholo oluqinile ekwethembekeni kwezithembiso zikaJehova.
INzalo Iyavela
3. Yayingubani iNzalo ethenjisiwe, futhi isithende sayo salinyazwa kanjani?
3 Eminyakeni engaphezu kwengu-4 000 ngemva kwesiprofetho sikaJehova sokuqala, iNzalo ethenjisiwe yavela. YayinguJesu. (Galathiya 3:16) Njengomuntu ophelele, uJesu wagcina ubuqotho bakhe kwaze kwaba sekufeni, ngakho wabonisa ukuthi ukumangalela kukaSathane kwakungamanga. Ngaphezu kwalokho, njengoba uJesu ayengenasono, ukufa kwakhe kwakuwumhlatshelo wenani elikhulu. Ngalo mhlatshelo, uJesu wenzela inzalo ethembekile ka-Adamu no-Eva indlela yokukhululwa esonweni nasekufeni. Ukufa kukaJesu esigxotsheni sokuhlushwa ‘kwakuwukulinyazwa esithendeni’ kweNzalo ethenjisiwe.—Hebheru 9:11-14.
4. Umhlatshelo kaJesu wafanekiselwa kanjani?
4 UJesu wafa ngoNisani 14, 33 C.E.a Kwa-Israyeli, umhla kaNisani 14 wawuwusuku olujabulisayo lokugubha iPhasika. Minyaka yonke ngalolo suku, imikhaya yayiba nesidlo esasihlanganisa newundlu elingenasici. Ngale ndlela, yayikhumbula indima yegazi lewundlu ekukhululweni kwamazibulo ama-Israyeli ngesikhathi ingelosi yokufa ibulala amazibulo aseGibhithe ngoNisani 14, 1513 B.C.E. (Eksodusi 12:1-14) Iwundlu lePhasika lafanekisela uJesu, umphostoli uPawulu athi ngaye: “UKristu iphasika lethu uye wenziwa umhlatshelo.” (1 Korinte 5:7) Njengegazi lewundlu lePhasika, igazi likaJesu elachitheka linikeza insindiso kwabaningi.—Johane 3:16, 36.
‘Ulibo Kwabafileyo’
5, 6. UJesu wavuswa nini, futhi leso senzakalo safanekiselwa kanjani eMthethweni? (b) Ukuvuswa kukaJesu kwayivula kanjani indlela yokugcwaliseka kukaGenesise 3:15?
5 Ngosuku lwesithathu, uJesu wavuswa kwabafileyo ukuze ayise inani lomhlatshelo wakhe kuYise. (Hebheru 9:24) Uvuko lwakhe lwafanekiselwa komunye umkhosi. Ngosuku olungemva kukaNisani 14 kwakuqala uMkhosi Wamaqebelengwane Angenamvubelo. Ngosuku olulandelayo, ngoNisani 16, ama-Israyeli ayeletha isithungo solibo lwesivuno sebhali, isivuno sokuqala kwa-Israyeli, ukuze umpristi asizulise phambi kukaJehova. (Levitikusi 23:6-14) Yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuthi ngonyaka ka-33 C.E., ngalo lolo suku, uJehova wabhuntshisa imizamo kaSathane yonya yokuthulisa unomphela “ufakazi othembekile noqinisile”! NgoNisani 16, 33 C.E., uJehova wavusa uJesu kwabafileyo wamvusela ekuphileni komoya okungenakufa.—IsAmbulo 3:14; 1 Petru 3:18.
6 UJesu waba “ulibo lwalabo asebalala.” (1 Korinte 15:20) Ngokungafani nalabo ababevuswe ngaphambili, uJesu akazange aphinde afe. Kunalokho, wenyukela ezulwini ngakwesokunene sikaJehova, lapho alinda khona kwaze kwaba yilapho emiswa njengeNkosi yoMbuso kaJehova wasezulwini. (IHubo 110:1; IzEnzo 2:32, 33; Hebheru 10:12, 13) Kusukela amiswa njengeNkosi, uJesu usemi ngomumo ukuba asilimaze ekhanda phakade isitha esikhulu, uSathane, futhi abhubhise nenzalo yaso.—IsAmbulo 11:15, 18; 20:1-3, 10.
Amalungu Engeziwe Enzalo Ka-Abrahama
7. Wawuyini uMkhosi Wamasonto?
7 UJesu wayeyiNzalo eyathenjiswa e-Edene uJehova ayeyoyisebenzisela ‘ukubhidliza imisebenzi kaDeveli.’ (1 Johane 3:8) Nokho, lapho uJehova ekhuluma no-Abrahama, wabonisa ukuthi “inzalo” ka-Abrahama yayingeke nje ibe umuntu oyedwa. Yayiyoba “ngangezinkanyezi zamazulu nangangesihlabathi esisogwini lolwandle.” (Genesise 22:17) Ukuvela kwamanye amalungu ‘enzalo’ kwafanekiselwa omunye futhi umkhosi ojabulisayo. Ezinsukwini ezingu-50 ngemva kukaNisani 16, ama-Israyeli ayegubha uMkhosi Wamasonto. Ngokuqondene nalo mkhosi, uMthetho uthi: “Kufanele nibale kuze kube sosukwini olungemva kwesabatha lesikhombisa, izinsuku ezingamashumi amahlanu, bese niletha kuJehova umnikelo omusha wokusanhlamvu. Kufanele nilethe izinkwa ezimbili ezivela ezindaweni zenu zokuhlala njengomnikelo wokuzuliswa. Kufanele zibe izingxenye ezimbili eshumini ze-efa likafulawa ocolekile. Kufanele zibhakwe zifakwé imvubelo, njengolibo oluvuthiwe oluya kuJehova.”b—Levitikusi 23:16, 17, 20.
8. Isiphi isenzakalo esivelele esenzeka ngePhentekoste lika-33 C.E.?
8 Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, uMkhosi Wamasonto wawaziwa ngokuthi iPhentekoste (igama elisuselwa kwelesiGreki elisho “okwamashumi amahlanu”). NgePhentekoste lika-33 C.E., umPristi Ophakeme, uJesu Kristu ovusiwe, wathululela umoya ongcwele eqenjini elincane labafundi abangu-120 ababebuthene eJerusalema. Ngakho labo bafundi baba amadodana kaNkulunkulu agcotshiwe futhi baba abafowabo bakaJesu Kristu. (Roma 8:15-17) Baba isizwe esisha, “u-Israyeli kaNkulunkulu.” (Galathiya 6:16) Kusukela kulelo nani elincane, leso sizwe sasiyogcina sibe u-144 000.—IsAmbulo 7:1-4.
9, 10. Ibandla lamaKristu agcotshiwe lafanekiselwa kanjani ngePhentekoste?
9 Ibandla lamaKristu agcotshiwe lafanekiselwa izinkwa ezimbili ezinemvubelo ezazizuliswa phambi kukaJehova iPhentekoste ngalinye. Ukuba nemvubelo kwalezi zinkwa kwabonisa ukuthi amaKristu agcotshiwe ayeyobe esenayo imvubelo yesono asizuze ngefa. Noma kunjalo, ayengasondela kuJehova ngesisekelo somhlatshelo kaJesu wesihlengo. (Roma 5:1, 2) Kungani izinkwa zazimbili? Kungenzeka ukuthi lokho kwakubonisa iqiniso lokuthi amadodana kaNkulunkulu agcotshiwe ekugcineni ayeyothathwa emaqenjini amabili—okokuqala kumaJuda emvelo kamuva kwabeZizwe.—Galathiya 3:26-29; Efesu 2:13-18.
10 Izinkwa ezimbili ezazinikelwa ngePhentekoste zazivela esivunweni sikakolweni esiwulibo. Ngokufanayo, lawo maKristu azelwe ngomoya abizwa ngokuthi “ulibo oluthile lwezidalwa zakhe.” (Jakobe 1:18) Angawokuqala ukuba athethelelwe izono ngesisekelo segazi likaJesu elachitheka, futhi lokho kwenza akwazi ukunikezwa ukuphila kokungafi ezulwini, lapho eyobusa khona noJesu eMbusweni wakhe. (1 Korinte 15:53; Filipi 3:20, 21; IsAmbulo 20:6) Esezulwini, maduze nje ‘azokwelusa izizwe ngenduku yensimbi’ futhi azobona ‘uSathane echotshozwa ngaphansi kwezinyawo zawo.’ (IsAmbulo 2:26, 27; Roma 16:20) Umphostoli uJohane wathi: “Laba yibo abaqhubeka belandela iWundlu kungakhathaliseki ukuthi liyaphi. Laba bathengwa kubantu njengolibo kuNkulunkulu neWundlu.”—IsAmbulo 14:4.
Usuku Olwaluqokomisa Ukukhululwa
11, 12. (a) Kwakwenzekani ngoSuku Lokuhlawulelwa? (b) Iziphi izinzuzo ama-Israyeli ayezithola ngomhlatshelo wenkunzi neyezimbuzi?
11 Ngosuku lweshumi enyangeni ka-Ethanimi (kamuva eyabizwa ngokuthi u-Tishri),c u-Israyeli wayegubha umkhosi owawufanekisela indlela izinzuzo zomhlatshelo kaJesu wesihlengo eziyosetshenziswa ngayo. Ngalolo suku sonke isizwe sasibuthanela uSuku Lokuhlawulelwa senzelwe imihlatshelo, ukuze kumbozwe izono zaso.—Levitikusi 16:29, 30.
12 NgoSuku Lokuhlawulelwa, umpristi ophakeme wayehlaba inkunzi esencane, abese efafaza elinye igazi layo kasikhombisa phambi kwesembozo soMphongolo eNgcwelengcwele, futhi lokho kwakufana nokuthi unikela lelo gazi phambi kukaJehova. Lowo mnikelo wawenzelwa izono zompristi ophakeme “nendlu yakhe,” abapristi abangaphansi kwakhe namaLevi. Kamuva umpristi ophakeme wayethatha izimbuzi ezimbili. Enye wayeyihlaba ibe umnikelo wezono ‘zabantu.’ Elinye igazi layo lalifafazwa phambi kwesembozo soMphongolo eNgcwelengcwele. Kamuva, umpristi ophakeme wayebeka izandla zakhe phezu kwenhloko yembuzi yesibili avume iziphambeko zabantwana bakwa-Israyeli. Wayebe eseyaleza ukuba le mbuzi iqhutshwe iyiswe ehlane, ukuze ngendlela engokomfanekiso ithwale izono zesizwe ihambe nazo.—Levitikusi 16:3-16, 21, 22.
13. Izenzakalo zangoSuku Lokuhlawulelwa zayifanekisela kanjani indima efezwa uJesu?
13 Njengoba kwafanekiselwa yilezo zenzo, umPristi Ophakeme omkhulu, uJesu, usebenzisa inani legazi lakhe siqu ukuze alungiselele ukuthethelelwa kwezono. Okokuqala, inani legazi lakhe lisetshenziselwa “indlu engokomoya” yamaKristu agcotshiwe angu-144 000, lenze kuthiwe ilungile futhi ijabulele ukuba ehlanzekile phambi kukaJehova. (1 Petru 2:5; 1 Korinte 6:11) Lokhu kufanekiselwa umhlatshelo wenkunzi. Ngakho indlela ivulekile ukuba ithole ifa layo lasezulwini. Okwesibili, inani legazi likaJesu lisetshenziselwa izigidi zabanye ababonisa ukholo kuKristu, njengoba kwaboniswa umhlatshelo wembuzi. Laba bayobusiswa ngokuphila okuphakade lapha emhlabeni, ifa elalahlwa u-Adamu no-Eva. (IHubo 37:10, 11) Ngesisekelo segazi lakhe elachitheka, uJesu uthwala izono zesintu azisuse, njengoba imbuzi ephilayo yayithwala ngendlela engokomfanekiso izono zama-Israyeli iye nazo ehlane.—Isaya 53:4, 5.
Ukuthokoza Phambi KukaJehova
14, 15. Kwakwenzekani ngoMkhosi Wamadokodo, futhi lokhu kwakuwakhumbuzani ama-Israyeli?
14 Ngemva koSuku Lokuhlawulelwa, ama-Israyeli ayegubha uMkhosi Wamadokodo, umkhosi owawujabulisa kakhulu kunayo yonke onyakeni wamaJuda. (Levitikusi 23:34-43) Lowo mkhosi wawuqala ngolwe-15 kuze kube ngolwama-21 enyangeni ka-Ethanimi futhi wawuphetha ngombuthano onesizotha owawuba ngolwama-22. Wawusho ukuphela kokubuthwa kwesivuno futhi wawuyisikhathi sokubonga uNkulunkulu ngobuhle bakhe obuchichimayo. Ngenxa yaleso sizathu, uJehova wayala ababegubha lo mkhosi: “UJehova uNkulunkulu wakho uyokubusisa kuwo wonke umkhiqizo wakho nakuzo zonke izenzo zesandla sakho, kumelwe nijabule nje kuphela.” (Duteronomi 16:15) Yeka ukuthi kumelwe ukuba kwakuyisikhathi esithokozisa kangakanani!
15 Phakathi nalowo mkhosi, ama-Israyeli ayehlala emadokodweni izinsuku ezingu-7. Ngaleyo ndlela ayekhunjuzwa ukuthi ayeke ahlala emadokodweni ehlane. Umkhosi wawuwanika ithuba elanele lokuzindla ngendlela uJehova ayewanakekela ngayo njengobaba. (Duteronomi 8:15, 16) Njengoba wonke ama-Israyeli, acebile nampofu, ayehlala emadokodweni afanayo, ayekhunjuzwa ukuthi ngokuphathelene nalo mkhosi, ayelingana wonke.—Nehemiya 8:14-16.
16. Yini eyayifanekiselwa uMkhosi Wamadokodo?
16 UMkhosi Wamadokodo wawuwumkhosi wesivuno, umkhosi ojabulisayo wokubutha isivuno, futhi wawufanekisela ukubuthwa okujabulisayo kwalabo ababa nokholo kuJesu Kristu. Ukubuthwa kwaqala ngePhentekoste lika-33 C.E., ngesikhathi abafundi bakaJesu abangu-120 begcotshwa ukuze babe ingxenye ‘yobupristi obungcwele.’ Njengoba ama-Israyeli ayehlala emadokodweni izinsuku ezimbalwa, abagcotshiweyo bayazi ukuthi bamane nje ‘bayizakhamuzi zesikhashana’ kuleli zwe elingamesabi uNkulunkulu. Banethemba lasezulwini. (1 Petru 2:5, 11) Ukubuthwa kwamaKristu agcotshiwe kufinyelela isiphelo sako kulezi ‘zinsuku zokugcina,’ lapho kubuthwa khona abokugcina babangu-144 000.—2 Thimothewu 3:1.
17, 18. (a) Yini ebonisa ukuthi abanye ngaphandle kwamaKristu agcotshiwe bayazuza emhlatshelweni kaJesu? (b) Obani namuhla abazuzayo eMkhosini Wamadokodo ongumfuziselo, futhi lowo mkhosi ojabulisayo uyowufinyelela nini umvuthwandaba wawo?
17 Kuyaphawuleka ukuthi kulo mkhosi wasendulo, kwakunikelwa ngezinkunzi ezingu-70. (Numeri 29:12-34) Isibalo esingu-70 simelela u-7 ophindwe kashumi, izibalo eBhayibhelini ezimelela ukuphelela kwasezulwini nokwasemhlabeni. Ngakho, umhlatshelo kaJesu uyozuzisa abathembekile bayo yonke imikhaya yesintu engu-70 eyinzalo kaNowa. (Genesise 10:1-29) Ngokuvumelana nalokho, esikhathini sethu, ukubuthwa kuye kwasatshalaliswa kwahlanganisa abantu bazo zonke izizwe ababonisa ukholo kuJesu futhi abanethemba lokuphila emhlabeni oyipharadesi.
18 Umphostoli uJohane wakubona embonweni lokhu kubuthwa kosuku lwanamuhla. Okokuqala, wezwa kumenyezelwa ukubekwa uphawu kwabokugcina babangu-144 000. Wabe esebona “isixuku esikhulu, okungekho muntu owakwazi ukusibala,” simi phambi kukaJehova noJesu, siphethe “amagatsha esundu ezandleni zaso.” Lesi sixuku ‘siphuma osizini olukhulu’ singene ezweni elisha. Naso manje siyizakhamuzi zesikhashana kulesi simiso sezinto esidala, futhi sibheke phambili ngethemba esikhathini lapho ‘iWundlu liyoselusa khona, lisiqondise emithonjeni yamanzi okuphila.’ Ngaleso sikhathi, “uNkulunkulu uyosula zonke izinyembezi emehlweni [aso].” (IsAmbulo 7:1-10, 14-17) UMkhosi Wamadokodo ongumfuziselo uyofinyelela umvuthwandaba wawo ngemva kokuphela kokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane lapho isixuku esikhulu, kanye nabavusiweyo, bephiwa ukuphila okuphakade.—IsAmbulo 20:5.
19. Sizuza kanjani ngokucabangela imikhosi eyayigujwa kwa-Israyeli?
19 Nathi ‘singaba abajabulayo nje kuphela’ lapho sizindla ngalokho okwakushiwo imikhosi yasendulo yamaJuda. Kuvusa amadlingozi ukucabanga ukuthi uJehova wanikeza amazwibela endlela esiyogcwaliseka ngayo isiprofetho sakhe esakhishwa emuva le ensimini yase-Edene, futhi kuyajabulisa ukusibona sigcwaliseka ngokoqobo kancane kancane. Namuhla, siyazi ukuthi iNzalo seyavela futhi yalinyazwa esithendeni. Manje isiyiNkosi yasezulwini. Ngaphezu kwalokho, abaningi babangu-144 000 sebeye bazibonakalisa bethembekile kwaze kwaba sekufeni. Yini esasele? Ukugcwaliseka okuphelele kwalesi siprofetho kuseduze kangakanani? Le mibuzo izodingidwa esihlokweni esilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Inyanga kaNisani ihambelana no-March/April ekhalendeni lethu lanamuhla.
b Ngokuqondene nalo mnikelo wokuzuliswa wezinkwa ezimbili ezinemvubelo, ngokuvamile umpristi wayeziphakamisela phezulu abese eshwiba izingalo zakhe ahambise lezi zinkwa ukusuka kolunye uhlangothi kuya kolunye. Lokhu kushwiba kwakufanekisela ukulethwa kwemihlatshelo kuJehova.—Bheka ethi Insight on the Scriptures, uMqulu 2, ikhasi 528, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
c Inyanga ka-Ethanimi noma ka-Tishri ihambelana no-September/October ekhalendeni lethu lanamuhla.
Ungachaza?
• Yini eyafanekiselwa iwundlu lePhasika?
• Ikuphi ukubuthwa okwafanekiselwa uMkhosi WePhentekoste?
• Iziphi izici zoSuku Lokuhlawulelwa ezabonisa indlela umhlatshelo kaJesu wesihlengo osetshenziswa ngayo?
• UMkhosi Wamadokodo ukufanekisela ngayiphi indlela ukubuthwa kwamaKristu?
[Ishadi ekhasini 22, 23]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Isenzakalo: Esasikufanekisela:
IPhasika NgoNisani 14 Kwakunikelwa UJesu wenziwa↓ umhlatshelo
ngezinkwa ezimbili
UMkhosi NgoNisani 15 ISabatha
Wamaqebel-
engwane NgoNisani 16 Kwakunikelwa UJesu uyavuswa
Angenamvubelo ngebhali
(Nisani 15-21)
↑
Izinsuku ezingu-50
↓
UMkhosi NgoSivani 6 Kwakunikelwa UJesu wethula
Wamasonto ngezinkwa abafowabo
(“iPhentekoste” ) ezimbili abagcotshiwe
kuJehova
USuku Ngo-Tishri 10 Kwakunikelwqa UJesu wanikela
Lokuhlawulelwa ngenkunzi ngenani legazi
nangezimbuzi lakhe ngenxa
ezimbili yaso sonke
isintu
UMkhosi Ngo-Tishri 15-21 Ama-Israyeli Ukubuthwa
Wamadokodo ayejabulela kwabagcotshiweyo
(Ukubutha, ukuhlala , nesixuku
amaTabernakele) emadokodweni esikhulu’
athokozele isivuno,
kwakunikelwa
ngezinkunzi ezingu-70
[Izithombe ekhasini 21]
Njengegazi lewundlu lePhasika, igazi likaJesu elachitheka linikeza abaningi insindiso uhlatshwa iwundlu lePhasika
[Izithombe ekhasini 22]
Ulibo lwesivuno sebhali olwalunikelwa ngoNisani 16 lwalufanekisela ukuvuka kukaJesu
[Izithombe ekhasini 23]
Izinkwa ezimbili ezazinikelwa ngePhentekoste zazifanekisela ibandla lamaKristu agcotshiwe
[Izithombe ekhasini 24]
UMkhosi Wamadokodo wawufanekisela ukubuthwa okujabulisayo kwabagcotshiweyo ‘nokwesixuku esikhulu’ esivela kuzo zonke izizwe