ISahluko 6
Ukwambula Imfihlo Engcwele
1. Kufanele sisabele kanjani emfanekisweni okhazimulayo obhalwe kusAmbulo 1:10-17?
UYESABISA ngempela umbono kaJesu ophakanyisiwe! Ngokungangabazeki, uma sasiyizibukeli lapho kanye nomphostoli uJohane, nathi futhi sasiyonqotshwa yileyo nkazimulo, sizithobe njengoba enza. (IsAmbulo 1:10-17) Lo mbono ophefumlelwe osezingeni eliphezulu uye walondolozelwa ukuba usishukumisele esenzweni namuhla. NjengoJohane, kufanele sibonise ukwazisa kokuzithoba ngakho konke okushiwo umbono. Sengathi ngaso sonke isikhathi singabonisa inhlonipho ejulile ngesikhundla sikaJesu njengeNkosi emisiwe, umPristi Omkhulu, noMahluleli.—Filipi 2:5-11.
“OwokuQala NowokuGcina”
2. (a) UJesu uzibiza ngasiphi isiqu? (b) Kushiwo ukuthini uma uJehova ethi: “Ngingowokuqala futhi ngingowokugcina”? (c) Isiqu sikaJesu esithi “owokuQala nowokuGcina” sidonsela ukunakekela kuphi?
2 Nokho, ukwesaba kwethu akudingeki kube ukwesaba kokukhwantabala. UJesu waqinisekisa uJohane, njengoba umphostoli elandisa ngokulandelayo. “Wabeka isandla sakhe sokunene phezu kwami wathi: ‘Ungesabi. NgingowokuQala nowokuGcina, nophilayo.’” (IsAmbulo 1:17b, 18a) Ku-Isaya 44:6, uJehova uchaza isikhundla sakhe ngokufanelekile njengoyedwa nowukuphela kukaNkulunkulu umninimandla onke, ethi: “Ngingowokuqala futhi ngingowokugcina, ngaphandle kwami akekho uNkulunkulu.”a Uma uJesu ezibiza ngesiqu esithi “owokuQala nowokuGcina,” akachazi ukuthi ulingana noJehova, uMdali Omkhulu. Usebenzisa isiqu asinikezwe uNkulunkulu ngokufanelekile. Ku-Isaya, uJehova wayekhuluma ngesikhundla saKhe esiyingqayizivele njengoNkulunkulu weqiniso. UnguNkulunkulu waphakade, futhi ngaphandle kwakhe ngempela akekho uNkulunkulu. (1 Thimothewu 1:17) KusAmbulo, uJesu ukhuluma ngesiqu sakhe asinikiwe, edonsela ukunakekela ovukweni lwakhe oluyingqayizivele.
3. (a) Kungayiphi indlela uJesu aba ngayo “ngowokuQala nowokuGcina”? (b) Kushiwoni ngokuba kukaJesu “nezihluthulelo zokufa nezeHayidesi”?
3 Ngempela uJesu wayengumuntu ‘wokuqala’ ukuba avuselwe ekuphileni komoya okungenakufa. (Kolose 1:18) Ngaphezu kwalokho, ‘ungowokugcina’ ukuba avuswe kanjalo nguJehova ngokwakhe. Kanjalo, uba ‘ophilayo kuze kube phakade naphakade.’ Ujabulela ukungafi. Kulokhu, ufana noYise ongafi, obizwa ngokuthi ‘uNkulunkulu ophilayo.’ (IsAmbulo 7:2; IHubo 42:2) Kubo bonke abanye besintu, uJesu ngokwakhe ‘ungukuvuka nokuphila.’ (Johane 11:25) Ngokuvumelana nalokhu, uthi kuJohane; “Ngaba ngofileyo, kodwa, bheka! ngiyaphila kuze kube phakade naphakade, futhi nginezihluthulelo zokufa nezeHayidesi.” (IsAmbulo 1:18b) UJehova uye wamnikeza igunya lokuvusa abafileyo. Kungakho uJesu engase athi unezihluthulelo zokuvulela labo ababoshwe ukufa neHayidesi (ithuna) amasango.—Qhathanisa noMathewu 16:18.
4. Imuphi umyalo uJesu awuphindayo, futhi ngokwenzuzo kabani?
4 Lapha uJesu uphinda umyalo wakhe wokuloba umbono, etshela uJohane: “Loba izinto ozibonile, nezinto ezenzekayo nezinto ezizokwenzeka ngemva kwalezi.” (IsAmbulo 1:19) Yiziphi izinto ezijabulisayo uJohane asazozenza zaziwe ukuze kufundiswe thina?
Izinkanyezi Nezinti Zezibani
5. UJesu uzichaza kanjani “izinkanyezi eziyisikhombisa” “nezinti zezibani eziyisikhombisa”?
5 UJohane ubone uJesu ephakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide ephethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene. (IsAmbulo 1:12, 13, 16) Manje uJesu uyakuchaza lokhu: “Ngokuqondene nemfihlo engcwele yezinkanyezi eziyisikhombisa oziboné esandleni sami sokunene, neyezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide: Izinkanyezi eziyisikhombisa zisho izingelosi zamabandla ayisikhombisa, kanti izinti zezibani eziyisikhombisa zisho amabandla ayisikhombisa.”—IsAmbulo 1:20.
6. Yini emelelwe izinkanyezi eziyisikhombisa, futhi kungani izigijimi zazibhekiswe kuzo ngokukhethekile?
6 “Izinkanyezi” ‘ziyizingelosi zamabandla ayisikhombisa.’ KusAmbulo, izinkanyezi ngezinye izikhathi zifanekisela izingelosi ezingokoqobo, kodwa uJesu wayengeke asebenzise umlobi ongumuntu ukuba abhalele izidalwa zomoya ezingabonakali. Ngakho “izinkanyezi” kumelwe kube ababonisi abangabantu, noma abadala, emabandleni, ababhekwa njengezithunywa zikaJesu.b Izigijimi ziya ezinkanyezini, ngoba lezi zinomthwalo wemfanelo wokwengamela umhlambi kaJehova.—IzEnzo 20:28.
7. (a) Yini ebonisa ukuthi ukukhuluma kukaJesu nengelosi eyodwa kuphela ebandleni ngalinye akusho ukuthi ibandla ngalinye linomdala oyedwa? (b) Obani, eqinisweni, abamelelwe izinkanyezi eziyisikhombisa ezisesandleni sikaJesu sokunene?
7 Njengoba uJesu ekhuluma ‘nengelosi’ eyodwa kuphela ebandleni ngalinye, ingabe lokhu kusho ukuthi ibandla ngalinye linomdala oyedwa kuphela? Cha. Kudala osukwini lukaPawulu, ibandla lase-Efesu lalinabadala abaningi, hhayi oyedwa kuphela. (IsAmbulo 2:1; IzEnzo 20:17) Ngakho osukwini lukaJohane, lapho izigijimi zithunyelwa ezinkanyezini eziyisikhombisa ukuba zifundwe emabandleni (kuhlanganise nelase-Efesu), kumelwe ukuba izinkanyezi zazimelele bonke labo ababekhonza ezindikimbeni zabadala ebandleni likaJehova eligcotshiwe. Ngendlela efanayo, ababonisi namuhla bafundela amabandla abo izincwadi ezivela eNdikimbeni Ebusayo, eyakhiwe ababonisi abagcotshiwe abakhonza ngaphansi kobunhloko bukaJesu. Izindikimba zabadala kulawo mabandla kumelwe ziqiniseke ukuthi amabandla azo ayasilandela iseluleko sikaJesu. Yebo, iseluleko singesenzuzo yabo bonke abahlanganyela nalawo mabandla, hhayi abadala kuphela.—Bheka isAmbulo 2:11a.
8. Ukuba kwabadala sesandleni sikaJesu sokunene kubonisani?
8 Njengoba uJesu eyiNhloko yebandla, kushiwo ngokufanelekile ukuthi abadala basesandleni sakhe sokunene, okungukuthi, bangaphansi kokulawulwa nokuqondiswa nguye. (Kolose 1:18) UnguMalusi oMkhulu, futhi bona bangabelusi abangaphansi.—1 Petru 5:2-4.
9. (a) Zimeleleni izinti zezibani eziyisikhombisa, futhi kungani izinti zezibani ziwumfuziselo ofanelekayo walokhu? (b) Cishe wawungamkhumbuzani umphostoli uJohane lowo mbono?
9 Izinti zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa uJohane aqondisa kuwo incwadi yesAmbulo: elase-Efesu, elaseSmirna, elasePhergamu, elaseThiyathira, elaseSardesi, elaseFiladelfiya, nelaseLawodikeya. Kungani amabandla efanekiselwa yizinti zezibani? Kungenxa yokuthi amaKristu, kungakhathaliseki ukuthi ngamanye noma ewonke njengamabandla, kumelwe ‘ukukhanya kwawo kukhanye phambi kwabantu’ kuleli zwe elisebumnyameni. (Mathewu 5:14-16) Futhi, izinti zezibani zaziphakathi kwempahla yethempeli likaSolomoni. Ukubiza amabandla ngezinti zezibani cishe kwakuyokhumbuza uJohane ukuthi, ngomqondo ongokomfanekiso, ibandla ngalinye labagcotshiwe ‘liyithempeli likaNkulunkulu,’ indawo yokuhlala umoya kaNkulunkulu. (1 Korinte 3:16) Ngaphezu kwalokho, ngokomfuziselo wokuhlelwa kwethempeli lamaJuda, amalungu ebandla labagcotshiwe akhonza ‘njengabapristi bobukhosi’ ekuhlelweni okukhulu kwethempeli likaJehova elingokomoya, uJesu angumPristi walo oMkhulu nalapho uJehova ehlala khona ngokoqobo eNgcwelengcwele yasezulwini.—1 Petru 2:4, 5, 9; Hebheru 3:1; 6:20; 9:9-14, 24.
Ukuhlubuka Okukhulu
10. Kwenzekani esimisweni samaJuda nakubasekeli baso abangaphenduki ngo-70 C.E.?
10 Lapho uJohane ebhala isAmbulo, ubuKristu base buneminyaka engu-60 bukhona. Ekuqaleni kwabo, babumelane nokuphikiswa okuphikelelayo kweminyaka engu-40 okwakuvela enkolweni yobuJuda. Khona-ke isimiso sobuJuda sathola igalelo elibulalayo ngo-70 C.E. lapho amaJuda ayengaphenduki elahlekelwa ukuvelela kwawo njengesizwe nalokho eqinisweni okwakuyisithixo kuwo—ithempeli laseJerusalema.
11. Kungani kwakuyisikhathi esifaneleke kangaka ngoMalusi oyiNhloko ukuxwayisa amabandla ngokuthambekela okukhulayo?
11 Nokho, umphostoli uPawulu wayebikezele ukuthi kwakuyoba khona ukuhlubuka phakathi kwamaKristu agcotshiwe, futhi izigijimi zikaJesu zibonisa ukuthi eminyakeni kaJohane yobudala lokhu kuhlubuka kwase kukhula kakade. UJohane wayengowokugcina kulabo abasebenza njengesithiyo kulo mzamo kaSathane omkhulu wokonakalisa inzalo yowesifazane. (2 Thesalonika 2:3-12; 2 Petru 2:1-3; 2 Johane 7-11) Ngakho kwakuyisikhathi esifanelekile ngoMalusi oMkhulu kaJehova ukuba abhalele abadala emabandleni, ebaxwayisa ngokuthambekela okukhulayo futhi ekhuthaza abanhliziyo ziqotho ukuba bakumelele ngokuqinile ukulunga.
12. (a) Ukuhlubuka kwakhula kanjani emakhulwini eminyaka ngemva kosuku lukaJohane? (b) ELobukholwa laba khona kanjani?
12 Asazi ukuthi amabandla ngo-96 C.E. asabela kanjani ezigijimini zikaJesu. Kodwa siyazi ukuthi ukuhlubuka kwakhula ngokushesha ngemva kokufa kukaJohane. “AmaKristu” ayeka ukusebenzisa igama likaJehova futhi afaka elithi “Nkosi” noma “Nkulunkulu” esikhundleni salo emibhalweni yeBhayibheli. Ngekhulu leminyaka lesine, imfundiso yamanga kaZiqu-zintathu yayisingenile emabandleni. Phakathi nalesi sikhathi esifanayo, kwakwamukelwa umqondo womphefumulo ongafi. Ekugcineni, uMbusi wamaRoma uConstantine wenza “ubuKristu” baba inkolo egunyazwe umbuso futhi lokhu kwazala eLobukholwa, lapho iSonto noMbuso kwahlangana ekubuseni iminyaka eyinkulungwane. Kwakulula ukuba “ngumKristu” wohlobo olusha. Zonke izizwe zashintsha izinkolelo zazo zakuqala zobuqaba zazifanisa nezinguqulo zale nkolo. Abaningi babaholi beLobukholwa baba omashiqela bezombangazwe abacindezelayo, bephoqelela imibono yabo yokuhlubuka ngokusebenzisa inkemba.
13. Naphezu kwesixwayiso sikaJesu ngamahlelo, iyiphi inkambo amaKristu ahlubukayo ayithatha?
13 AmaKristu ahlubukayo awawanakanga ngokuphelele amazwi kaJesu ayeya emabandleni ayisikhombisa. UJesu wayexwayise abase-Efesu ukuba babuye babe nothando ababenalo ekuqaleni. (IsAmbulo 2:4) Nokho, amalungu eLobukholwa, engasahlangene ekuthandeni uJehova, alwa izimpi ezinzima futhi ashushisana ngokwesabekayo. (1 Johane 4:20) UJesu wayexwayise ibandla lasePhergamu ngamahlelo. Nokho, amahlelo avela ngisho nasekhulwini lesibili leminyaka, futhi namuhla eLobukholwa linezinkulungwane zamahlelo alwayo kanye nezinkolo.—IsAmbulo 2:15.
14. (a) Nakuba uJesu axwayisa ngokufa ngokomoya, iyiphi inkambo amaKristu okuzisholo ayithatha? (b) Kungaziphi izindlela amaKristu okuzisholo ahluleka ngazo ukulandela isixwayiso sikaJesu ngokukhonza izithombe nangokuziphatha okubi?
14 UJesu wayexwayise ibandla laseSardesi ngokufa ngokomoya. (IsAmbulo 3:1) Njengalabo baseSardesi, amaKristu okuzisholo ayikhohlwa masinyane imisebenzi yobuKristu futhi ngokushesha ashiyela umsebenzi obaluleke kakhulu wokushumayela esigabeni esincane sabefundisi abakhokhelwayo. UJesu wayexwayise ibandla laseThiyathira ngokukhonza izithombe nangobufebe. (IsAmbulo 2:20) Nokho, eLobukholwa lakuvumela obala ukusetshenziswa kwezithombe, nokuthuthukiswa kokukhulekelwa okufihlakele kobuzwe nokwezinto ezibonakalayo. Futhi ukuziphatha okubi, nakuba ngezinye izikhathi kushunyayelwa ngokumelene nakho, njalo bekulokhu kuyekelelwa kakhulu.
15. Amazwi kaJesu emabandleni ayisikhombisa embulani ngokuqondene nezinkolo zeLobukholwa, futhi yini abefundisi beLobukholwa abaye babonakala beyiyo?
15 Ngakho, amazwi kaJesu abhekiswe emabandleni ayisikhombisa adalula ukwehluleka okuphelele kwazo zonke izinkolo zeLobukholwa ukuba zibe abantu bakaJehova abakhethekile. Ngempela, abefundisi beLobukholwa baye baba amalungu avelele kakhulu enzalo kaSathane. Ebiza laba ngokuthi “ongenamthetho,” umphostoli uPawulu wabikezela ukuthi “ukuba khona [kwabo] . . . kungokokusebenza kukaSathane ngayo yonke imisebenzi yamandla nezibonakaliso zamanga nezimangaliso nangayo yonke inkohliso engalungile.”—2 Thesalonika 2:9, 10.
16. (a) Abaholi beLobukholwa baye bayibonisa kobani inzondo ekhethekile? (b) Yini eyenzeka kweLobukholwa phakathi neNkathi ePhakathi? (c) Ingabe ukuhlubuka kobuProthestani, noma iNguquko, kwaziguqula izindlela zeLobukholwa zokuhlubuka?
16 Nakuba bezisholo ukuba abelusi bomhlambi kaNkulunkulu, abaholi beLobukholwa, benkolo nabezwe, babonisa inzondo ekhethekile nganoma ubani owayezama ukukhuthaza ukufundwa kweBhayibheli noma nganoma ubani owayedalula imikhuba yabo engekho ngokwemiBhalo. UJohn Hus nomhumushi weBhayibheli uWilliam Tyndale bashushiswa futhi babulawelwa ukholo. Phakathi neNkathi ePhakathi yobumnyama, ukubusa kwezihlubuki kwafinyelela iqophelo eliphezulu eNkantolo YamaKatolika ekhohlakele. Noma yibaphi ababephikisa izimfundiso noma igunya lesonto babecindezelwa ngonya, futhi izinkulungwane ezingenakubalwa zababebizwa ngezihlubuki zazishushiswa zize zife noma zishiswe esigxotsheni. Kanjalo uSathane wazama ukuqiniseka ukuthi noma iyiphi inzalo yeqiniso yenhlangano kaNkulunkulu enjengomfazi yayiyobhujiswa ngokushesha. Lapho kuvela ukuhlubuka kwamaProthestani, noma iNguquko, (kusukela ngo-1517 kuya phambili), amasonto amaningi obuProthestani abonisa umoya ofanayo wokungabekezeli. Nawo futhi aba necala legazi lokubulala labo ababelwela ukuthembeka kuNkulunkulu nakuKristu. Ngempela, “igazi labangcwele” lalichithwa ngokukhululekile!—IsAmbulo 16:6; qhathanisa noMathewu 23:33-36.
Inzalo Ilokhu Ikhona
17. (a) Yini umfanekiso kaJesu wamabele nokhula owayibikezela? (b) Yini eyenzeka ngo-1918, kwaphumela kukuphi ukulahlwa nakukuphi ukumiswa?
17 Emfanekisweni wakhe wamabele nokhula, uJesu wabikezela ngesikhathi sobumnyama esasiyoba khona lapho kubusa eLobukholwa. Nokho, phakathi nawo wonke amakhulu eminyaka okuhlubuka, kwakuyoba khona amaKristu ngamanye afana namabele, abagcotshiwe beqiniso. (Mathewu 13:24-29, 36-43) Ngakho, lapho kuqala usuku lweNkosi ngo-October 1914, ayesekhona amaKristu eqiniso emhlabeni. (IsAmbulo 1:10) Kubonakala ukuthi uJehova weza ethempelini lakhe elingokomoya ezokwahlulela cishe eminyakeni emithathu nengxenye kamuva, ngo-1918, ekanye noJesu ‘njengesithunywa sakhe sesivumelwano.’ (Malaki 3:1; Mathewu 13:47-50) Kwase kuyisikhathi sokuba iNkosi iwalahle okokugcina amaKristu amanga futhi imise ‘inceku ethembekileyo neqondayo phezu kwakho konke okungokwayo.’—Mathewu 7:22, 23; 24:45-47.
18. Elani ‘ihora’ elafika ngo-1914, futhi kwakuyisikhathi sokuba inceku yenzeni?
18 Kwase kuyisikhathi futhi sokuba le nceku inikeze ukunakekela okukhethekile ezintweni ezibhalwe ezigijimini zikaJesu ezaziya emabandleni ayisikhombisa, njengoba sibona kulokho okulotshwe kuzo. Ngokwesibonelo, uJesu ubhekisela ekuzeni kwakhe ezokwahlulela amabandla, ukwahlulela okwaqala ngo-1918. (IsAmbulo 2:5, 16, 22, 23; 3:3) Ukhuluma ngokuvikela ibandla laseFiladelfiya “ehoreni lokuvivinywa, eliyofika phezu komhlaba wonke owakhiwe.” (IsAmbulo 3:10, 11) Leli ‘hora lokuvivinywa’ lifika kuphela ngokuqala kosuku lweNkosi ngo-1914, okwathi emva kwalo amaKristu avivinywa ukuthembeka kwawo eMbusweni kaNkulunkulu omisiwe.—Qhathanisa noMathewu 24:3, 9-13.
19. (a) Afanekiselani amabandla ayisikhombisa namuhla? (b) Obani abaye bazihlanganisa ngamanani amakhulu namaKristu agcotshiwe, futhi kungani iseluleko sikaJesu nezimo azichazayo kusebenza nakubo futhi? (c) Kufanele sizibheke kanjani izigijimi zikaJesu emabandleni ayisikhombisa ekhulu lokuqala?
19 Ngenxa yalesi sizathu, amazwi kaJesu emabandleni aye aba nokusebenza kwawo okukhulu kusukela ngo-1914. Kulesi simo, amabandla ayisikhombisa afanekisela wonke amabandla amaKristu agcotshiwe phakathi nosuku lweNkosi. Ngaphezu kwalokho, phakathi neminyaka engu-70 nangaphezulu edlule, isibalo esikhulu sabakholwayo abathemba labo liwukuphila phakade ePharadesi emhlabeni siye sazihlanganisa namaKristu agcotshiwe afanekiselwa uJohane. Iseluleko sikaJesu Kristu okhazinyulisiwe nezimo azithola emabandleni ayisikhombisa njengomphumela wokuhlola kwakhe sisebenza ngendlela efanayo kulaba, njengoba kunendinganiso eyodwa kuphela yokulunga nokuthembeka kuzo zonke izinceku zikaJehova. (Eksodusi 12:49; Kolose 3:11) Kanjalo, izigijimi zikaJesu emabandleni ayisikhombisa ekhulu lokuqala e-Asia Minor aziyona nje imilando ethakazelisayo. Zisho ukuphila noma ukufa komunye nomunye wethu. Ngakho, masiwalalele ngokucophelela amazwi kaJesu.
[Imibhalo yaphansi]
a NgesiHebheru sokuqala ku-Isaya 44:6, awukho umunci ocacile ohambisana namagama athi “owokuqala” nelithi “owokugcina,” kanti ekuzichazeni kukaJesu ngesiGreki sokuqala kusAmbulo 1:17, umunci ocacile uyatholakala. Ngakho, ngokohlelo lolimi, isAmbulo 1:17 sibonisa isiqu esifanele, kanti u-Isaya 44:6 uchaza ukuba kukaJehova uNkulunkulu.
b Igama lesiGreki elithi agʹge·los (eliphunyiselwa ngokuthi “anʹge·los”) lisho “isithunywa” nokuthi futhi “ingelosi.” KuMalaki 2:7, umpristi ongumLevi kubhekiselwa kuye ngokuthi “isithunywa” (ngesiHebheru, mal·’akhʹ).—Bheka i-New World Translation Reference Bible, umbhalo waphansi.
[Ibhokisi ekhasini 32]
Isikhathi Sokuvivinya Nokwahlulela
UJesu wabhapathizwa futhi wagcotshwa njengeNkosi Emisiwe eMfuleni iJordani cishe ngo-October 29 C.E. Eminyakeni emithathu nengxenye kamuva, ngo-33 C.E., wafika ethempelini laseJerusalema futhi waxosha labo ababelenza umhume wabaphangi. Kubonakala kukhona ukufana phakathi kwalokhu nenkathi yeminyaka emithathu nengxenye kusukela uJesu abekwa esihlalweni sakhe sobukhosi emazulwini ngo-October 1914 kuze kube sekufikeni kwakhe ezohlola amaKristu okuzisholo njengoba ukwahlulela kwakuqala endlini kaNkulunkulu. (Mathewu 21:12, 13; 1 Petru 4:17) Ekuqaleni ngo-1918 umsebenzi woMbuso wabantu bakaJehova wabhekana nokuphikiswa okukhulu. Kwakuyisikhathi sokuvivinywa emhlabeni wonke, futhi amagwala ahlungwa. Ngo-May 1918 abefundisi beLobukholwa babangela ukuboshwa kwabaqondisi be-Watch Tower Society, kodwa ezinyangeni eziyisishiyagalolunye kamuva bakhululwa. Kamuva amacala okumangalelwa kwabo ngamanga asulwa. Kusukela ngo-1919 inhlangano yabantu bakaNkulunkulu, ivivinyiwe futhi ihlanziwe, yaqhubekela phambili ngentshiseko ekumemezeleni uMbuso kaJehova ngoKristu Jesu njengethemba lesintu.—Malaki 3:1-3.
Njengoba uJesu aqala ukuhlola kwakhe ngo-1918, ngokungangabazeki abefundisi beLobukholwa bathola isahlulelo esibi. Akukhona nje kuphela ukuthi babangela ukushushiswa kwabantu bakaNkulunkulu kodwa futhi babezibangele icala legazi elibi ngokusekela izizwe ezilwayo ngempi yezwe yokuqala. (IsAmbulo 18:21, 24) Labo befundisi babe sebebeka ithemba labo eNhlanganweni Yezizwe eyenziwe ngabantu. Ngo-1919, eLobukholwa, kanye nawo wonke umbuso wezwe wenkolo yamanga, lase liphume ngokuphelele emseni kaNkulunkulu.
[Ibalazwe ekhasini 28, 29]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
I-EFESU
ISMIRNA
IPHERGAMU
ITHIYATHIRA
ISARDESI
IFILADELFIYA
ILAWODIKEYA
[Izithombe ekhasini 31]
Inkolo yeLobukholwa yazibangela icala elikhulu legazi ngokushushisa nangokubulala labo ababehumusha, befunda noma ngisho nababeneBhayibheli