“Mesabeni UNkulunkulu, Nimnike Inkazimulo”
“Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo.”—ISAMBULO 14:7.
1. Ubani okufanele simesabe, futhi yini okungafanele siyesabe?
UBANI OKUFANELE SIMESABE? Ngokuqinisekile akuyena udrako obomvu, uSathane, nezixuku zakhe zamademoni! UKristu Jesu wabaxosha ezulwini ngemva kokuzalwa koMbuso ngo-1914. Kodwa imibono yeApocalypse ngokulandelayo yembula inhlangano uSathane ayisebenzisayo lapha emhlabeni emzamweni wakhe wokugcina wokubhuntshisa izinjongo zikaNkulunkulu. Okuvelele kulomfanekiso izilo ezimbili zasendle ezinolaka nesifebe esidakiwe—iBabiloni Elikhulu. Ingabe kufanele sizesabe? Phinde! Kunalokho, kufanele sesabe uJehova noKristu wakhe, abaMbuso wabo manje ulethe izwe likaSathane elonakele ekwahlulelweni kwalo kokugcina.-IzAga 1:7; Mathewu 10:28; IsAmbulo 12:9-12.
Izilo Ezihlambalazayo
2. Yisiphi isilo sasendle esivelayo embonweni wesishiyagalombili, futhi simelelani?
2 Njengoba umbono wesishiyagalombili wesAmbulo wembuleka, kwenyuka isilo sasendle sivela olwandle oluyaluzayo lwesintu. Sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi ezinemiqhele eyishumi, efanekisela igunya lokubusa esilinikezwe uSathane. Sihlambalaza uJehova, sinephunephuza izinceku zaKhe njengoba kungenza ingwe, ibhere, noma ingonyama; kodwa amandla aso angawesikhashana, njengoba siwathola kudrako, uSathane, esifana kakhulu naye. Umprofethi uDaniyeli ngaphambili wayechaze ohulumeni bezombangazwe basemhlabeni njengezilo, nohulumeni ngokwabo ngokuvamile baye bakhetha izidalwa zasendle njengezifanekiselo zabo zobuzwe, njengengonyama yaseBrithani nokhozi lwaseMelika. (Daniyeli 8:5-8, 20-22) Nokho, manje sibona isilo esihlangene, esihlanganisa yonke imibuso yezombangazwe yomlando weBhayibheli leyo kaningi eye yacindezela izinceku zikaNkulunkulu weqiniso emhlabeni. ‘Amakhanda’ avelele kulena kuye kwaba iGibithe, iAsiriya, iBabiloni, amaMede namaPheresiya, iGrisi, iRoma, futhi ekugcineni uMbuso Wezwe Ohlangene WamaNgisi NamaMelika.—IsAmbulo 13:1, 2; 12:3, 7-9.
3. (a) Elinye lamakhanda esilo sasendle lalithola kanjani “inxeba lenkemba”? (b) Isilo sasendle esinezimpondo ezimbili sihola kanjani ekwenzeni umfanekiso wesilo sasendle sokuqala? (c) Uyini igama lesilo sasendle sokuqala nencazelo yalelogama?
3 Phakathi nempi yezwe ka-1914-18, iGreat Britain, njengombuso wezwe wesikhombisa, yathola ‘inxeba lenkemba’ elalingayibulala. Kodwa yasindiswa iUnited States of America. Kusukela ngalesosikhathi, iMelika neBrithani ziye zabambisana njengombuso wezwe ohlangene, uJohane aqhubeka ewuchaza njengesilo sasendle esinezimpondo ezimbili, esivela emphakathini wabantu omisiwe, “umhlaba.” Lesilo esinezimpondo ezimbili siyahola ekwenzeni umfanekiso wesilo sasendle sokuqala nokuphefumlela ukuphila kuso, okufanekisela indlela uMbuso Wezwe WamaNgisi namaMelika owaba ngayo umxhasi oyinhloko nomniki-kuphila kokubili eNhlanganweni Yezizwe nakumlandeli wayo, iZizwe Ezihlangene. Isilo sokuqala sasendle sinegama eliyisibalo, u-666. Isithupha siyinani elingaphelele—elisilela enanini eliphelele ngokweBhayibheli isikhombisa—ngakho isithupha ezingeni lesithathu sisikisela ukungapheleli okudabukisayo kwababusi abangabantu banamuhla. Nakuba oFakazi BakaJehova bewuhlonipha uhulumeni futhi beyizibonelo ekulaleleni imithetho yezwe abahlala kulo, banqaba ngesibindi ukukhulekela “isilo” noma umfanekiso waso.—IsAmbulo 13:3-18; Roma 13:1-7.
Mesabeni UNkulunkulu—Ngani?
4. (a) Obani ababonakala bemi eNtabeni yaseSiyoni, futhi obani abafanekiselwa amalunga angama-24 aphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu? (b) Uyini umehluko phakathi ‘kwegama elisha’ elihlatshelelwa abagcotshiwe ‘nehubo elisha’ elihlatshelelwa isixuku esikhulu?
4 Okwamanje, kwanele ngalezozilo! Ngoshintsho oluqabulayo, umbono wesishiyagalolunye ugxila eWundlwini. Limi eNtabeni iSiyoni, nezi-144 000 elizithenga njengolibo phakathi kwesintu. Nakuba abanye balaba besakhonza emhlabeni, ngomqondo ongokomoya zonke izi-144 000 “zizé entabeni yaseSiyoni . . . ijerusalema lasezulwini.” (Heberu 12:22) Ngokufanelekile, amalungu angama-24 nawo futhi abonakala lapha ngaphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, ngoba afanekisela iqembu elifanayo labagcotshiwe ngokombono ohlukile—njengabavusiwe kakade futhi bamiswa njengamakhosi nabapristi. Izi-144 000 zihlabelela “igama elisha.” Lisuselwa kokuhlangenwe nakho kwazo okuyingqayizivele ukuba ngabathengwe emhlabeni ukuba babe izindlalifa zoMbuso. Isixuku esikhulu naso ‘sihlabelela kujehova ihubo elisha,’ kodwa leli lihluke ngokuthi silihlabelela ngethemba lokuzuza ukuphila okuphakade endaweni yoMbuso yasemhlabeni.—IsAmbulo 7:9; 14:1-5; IHubo 96:1-10; Mathewu 25:31-34.
5. (a) Yiziphi izindaba ezimenyezelwa ingelosi endiza emkhathini wezulu, futhi kungani kungezaphakade? (b) Yimuphi umyalo ingelosi ewukhipha ngezwi elikhulu, futhi kungani ufaneleka kangaka?
5 Umbono manje uyenaba. UJohane ubona enye ingelosi indiza emkhathini wezulu. Futhi yeka izindaba ezinhle okumelwe izimemezele! Ziyizindaba ezinhle zaphakade, ngoba zisho ukuphila okuphakade kulabo abavela kuzo zonke izizwe nemindeni nezilimi nabantu abalalela uNkulunkulu kulelihora lokwahlulela kwakhe. Ngokuphambene nezilo ezinolaka uJohane asanda kuzichaza, kungani IoNkulunkulu omangalisayo engenakukhulekelwa, yebo, ahlonishwe? NguYe owadala izulu nomhlaba. UnguMthombo wakho konke okukhona, okuphilayo nokungaphili. Khona-ke, kunesizathu esiqinile ngengelosi ukuba iyale ngezwi elikhulu: “MESABENI UNKULUNKULU, NIMNIKE INKAZIMULO”! Izwi lalengelosi lizwakala kuwo wonke umhlaba, futhi oFakazi Bakajehova bananela isimemo sayo esivusa amadlingozi esiya kuso sonke isintu ngezilimi ezingaba ama-200.—IsAmbulo 14:6, 7; Isaya 45:11, 12, 18.
Ukuwa KweBabiloni Elikhulu
6. Yiziphi izindaba ezishaqisayo ezimenyezelwa enye ingelosi?
6 Kuvela enye ingelosi. Sishaqisa ngempela isigijimi esimemezelayo: “Liwile, liwile, iBabiloni elikhulu, eliphuzisé izizwe zonke iwayini lolaka lobufebe balo.” (IsAmbulo 14:8) Lingubani iBabiloni Elikhulu, kangangokuba lingayenga ngisho nezizwe futhi lizidakise?
7. Liyini iBabiloni Elikhulu, futhi laqala kanjani?
7 IBabiloni lasendulo lalingumsuka wenkolo yamanga, eyanabela emhlabeni wonke yaze yaba umbuso wezwe wobudemoni, obizwa ngokufanelekile ngokuthi “iBabiloni Elikhulu.” Ngokuhamba kwesikhathi, iRoma yaba evelele kulowombuso wenkolo, ngoba kwakungaphansi kweRoma lapho kwavela khona ubuKristu bezihlubuki. IRoma iyaqhubeka iyisikhungo somhlaba wonke senkolo yobuBabiloni. Lokhu kwaba sobala ngokucacile ngo-1986 lapho abaholi benkolo balelizwe bephendula ubizo lukapapa waseRoma ngokuhlangana naye eAssisi, eduze naseRoma, ukuze bathandazele uNyaka Wokuthula Wezizwe Zonke owamenyezelwa yiZizwe Ezihlangene.
8. (a) IBabiloni Elikhulu lawa kabuhlungu ngayiphi indlela, futhi lokhu kuye kwabonakala kusukela nini? (b) Yini ebonisa ukuthi imithandazo yabaholi benkolo yokuthula ayiphendulwa?
8 Nokho, iBabiloni Elikhulu liye lawa kabuhlungu! Kusukela ngo-1919 lokhu kuye kwabonakala ekuncipheni kokusekelwa kwenkolo yamanga emhlabeni wonke. Ubukhomanisi obungakholelwa kuNkulunkulu manje bulawula izingxenye ezinkulu zomhlaba. Intsha yanamuhla ifundiswa ukuziphendukela kwemvelo, okuphikisana neZwi likaNkulunkulu. EYurophu yobuProthestani bambalwa abantu abasaya esontweni, futhi upapa ohambahambayo ulwela ukugcina umbuso wobuKatolika uhlangene. Imithandazo eya konkulunkulu abaningi bezinkolo zalelizwe ngokusobala ayiphendulwa. URuth L. Sivard wabika: “Kwakulwiwa izimpi ezingamashumi amabili nambili ngo-1987, izimpi eziningi kunezanoma yimuphi unyaka ongaphambili emlandweni ogciniwe. Ingqikithi yabafa kulezimpi kuze kube manje okungenani iyizi-2 200 000—futhi yenyuka ngokushesha.”a Yeka ukuthi umhlangano womthandazo waseAssisi uye waba ongenalusizo kanjani! Nokho, upapa waphawula umkhosi wokugubha unyaka ka-1987 walowomhlangano ngokukhipha imendlela enomfanekiso wakhe kolunye uhlangothi futhi ngakolunye inophawu lomhlangano womthandazo. Balokhu bethi: “Ngukuthula, ngukuthula; kepha akukho ukuthula.”—Jeremiya 6:14.
Ubufebe BeBabiloni Buyadalulwa
9. Abefundisi beBabiloni Elikhulu baye baduma kabi ngenxa yaziphi izindlela zokuziphatha okubi?
9 IsAmbulo 14:8 sibonisa ukuthi iBabiloni Elikhulu lingowesifazane oyisifebe. Abefundisi halo baye baba nedumela elibi ngenxa yezindlela zabo zokuziphatha okubi. Abavangeli bamaTV baye baphundla imihlambi yabo amakhulu ezigidi zamaRandi, lapho ngesikhathi esifanayo beqhuba ukuziphatha okubi okusobala. Ubupristi bamaKatolika nabo busoleka kakhulu, njengoba kuboniswa yilombiko olandelayo kuyiThe Beacon Journal yasePhiladelphia, ePennsylvania, kaJanuary 3, 1988: “Amakhulu ezingane ezaxhashazwa abapristi bamaKatolika eUnited States phakathi neminyaka eyisihlanu edlule ziye zahlushwa ukusangana okungathi sína okudalwa ukulimala okungokomzwelo, kusho abazali, izazi zokusebenza kwengqondo, izikhulu zamaphoyisa nabameli abahileleke kulawomacala.” Ukuziphatha okubi kobulili kuye kwanukubeza idumela labefundisi abaningi beBabiloni Elikhulu.
10. (a) KusAmbulo 18:3, yini efanekiselwa “ubufebe” beBabiloni Elikhulu? (b) Njengoba kuphawulwe kusAmbulo 18:24, kungani abefundisi beBabiloni Elikhulu behlanganyela icala legazi elinzima?
10 Nokho, “iwayini lolaka lobufebe balo,” libhekisela ikakhulukazi ekuzihlanganiseni kwenkolo yamanga nababusi, isekela imikhankaso yabo yezombangazwe nezimpi, futhi iphoqelela abantu ukuba bakhulekele amaqembu athile ashisekela ubuzwe esilo sasendle. Abezombangazwe baye bathola inkolo njalo ingumngane owusizo ekuzuzeni izifiso zabo, njengoba kungabonakala esivumelwaneni sikaHitler neVatican ngo-1933 neMpi YaseSpain Yangaphakathi ka-1936-39. Phakathi neMpi Yezwe II, abefundisi bamaKatolika, abamaProthestani, abamaBuddha, nabezinye izinkolo kuzo zombili izinhlangothi baziphatha ngokungathi badakiswe usinga lwempi lokushisekela ubuzwe. Bahlanganyela icala legazi elinzima ngamashumi ezigidi zamasosha nabantu nje abafa empini kusukela ngo-1914. Abefundisi abasekela imiBuso Yobushiqela neyobuNazi nabo futhi banecala legazi ngokuphathelene noFakazi Bakajehova nabanye, ababulawa noma abafa emakamu okuhlushwa.—Jeremiya 2:34; IsAmbulo 18:3, 24.
11. (a) Yini amaKristu agcotshiwe nesixuku esikhulu aye anqaba ukuyikhulekela? (b) Yimaphi amathemba amahle anikeza isizathu esinamandla sokwesaba uNkulunkulu nokumnika inkazimulo?
11 Phakathi neminyaka engama-74 edlule, amaKristu agcotshiwe athembekile, kanye namanani andayo esixuku esikhulu, aye aqhubeka ESABA UNKULUNKULU FUTHI EMNIKA INKAZIMULO. Siye senqaba ngokugxilile ukukhulekela noma iliphi iqembu elishisekela ubuzwe lesilo sasendle. Siye senqaba ukukhazimulisa umfanekiso wesilo—iNhlangano Yezizwe neUN—ngoba siyaqaphela ukuthi ‘uMbuso weNkosi yethu [ujehova] nokaKristu wayo’ kuphela ongaletha ukuthula nokulondeka kweqiniso. Besilokhu sizimisele ukugcina “imiyalo kaNkulunkulu nokukholwa kujesu.” Lokho kukhuthazela kunomvuzo wakho! AmaKristu agcotshiwe ‘afela eNkosini’ aye abizwa njengajabulayo, ngoba ‘imisebenzi yawo iyawalandela.’ Ngokuphathelene nanoma ubani wesixuku esikhulu ongase afe ngaphansi kokushushiswa, ngokugula, noma ngezingozi, ubungane ababuhlakulele noNkulunkulu bubaqinisekisa ngokuvuswa kuqala bevuselwa emphakathini ‘womhlaba omusha.’ Lamathemba amahle anikeza isizathu esinamandla ngempela SOKWESABA UNKULUNKULU NOKUMNIKA INKAZIMULO.—IsAmbulo 11:15, 17; 12:10; 14:9-13; 21:1.
12. Yikuphi ukuvuna okukabili okwenzekayo, futhi nini?
12 Njengoba ukwahlulela kuqhubeka, izingelosi zibizela ukuvuna okukabili. Ngokucacile uMvuni wokuqala ujesu, obekwe esihlalweni sobukhosi enkazimulweni yoMbuso kusukela ngo-1914, ngoba ugibele ifu elimhlophe, uqhelisiwe, futhi ‘unjengeNdodana yomuntu.’ Manje, osukwini lweNkosi, uvuna emhlabeni, okokuqala amaKristu agcotshiwe asasele bese kuba izigidi zesixuku esikhulu. (Qhathanisa noMathewu 25:31-34; Johane 15:1, 5, 16.) Ngokuphambene, ukuvuna kwesibili yilokho ‘komvini womhlaba,’ ophonswa ‘esikhamweni sewayini esikhulu solaka lukaNkulunkulu.’ Lesi isahlulelo esikhishwa eHarmagedoni, lapho umphakathi wabantu omubi nophambene usishulwa nesithelo sawo esibulalayo sichotshozwa siba uthuli. Sengathi ujehova angakhazinyuliswa ngokuhlanza umhlaba esusa lomvini obulalayo!—IsAmbulo 14:14-20; 16:14, 16.
‘UJehova . . . Ulungile Futhi Uqinisile’
13. (a) Embonweni weshumi, iyiphi ingoma ehlatshelelwa abagcotshiweyo abavusiwe, futhi athini amazwi ayo? (b) Izahlulelo zikaNkulunkulu zokulunga zibonakaliswa kanjani ngokucacile kulombono?
13 Embonweni weshumi wesAmbulo, sibona futhi izenzakalo zasezulwini phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Yeka ukujabula okuphambi kwakhe! Abagcotshiwe abavusiwe—abaye banqoba ngenxa YOKWESABA UNKULUNKULU NOKUMNIKA INKAZIMULO—bahlabelela ‘igama likaMose negama leWundlu’ bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, [jehova] Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho wena-Nkosi yezizwe; ngubani ongayikwesaba, [Jehova], adumise igama lakho, na? Ngokuba wena wedwa ungcwele, nezizwe zonke ziyakuza zikhuleke phambi kwakho, ngokuba izenzo zakho zokulunga zibonakalisiwe.” Izahlulelo zikaNkulunkulu ngempela zilungile futhi ziqinisile, njengoba kuvezwe ngokucacile kuwo wonke lombono! Izingelosi zithulula izitsha eziyisikhombisa zolaka lukaNkulunkulu, okuholela ekuqoqelweni kwazo zonke izizwe eHarmagedoni nasesikhumbuzweni sokuthi “neBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu”! Ngempela lufike ngesikhathi ubizo LOKWESABA UNKULUNKULU SIMNIKE INKAZIMULO.—IsAmbulo 15:1–16:21.
14. Emibonweni 11 no-12, iyiphi indima evelele efezwa iBabiloni Elikhulu, futhi kungani kuyisikhathi esifanele sokulishiya?
14 IBabiloni Elikhulu livela izikhathi eziningana kusAmbulo. Silibona futhi lingelivelele emibonweni 11 no-12. ‘Lihlezi phezu kwamanzi amaningi,’ lilawula abantu futhi libadakisa ngezimfundiso zalo ezibulalayo, zamanga. Nalo ngokwalo lidakwe, “igazi labangcwele,” eliye lababulala ngokubashushisa, futhi linecala legazi ngabo “bonke ababebulewe emhlabeni,” ngenxa yokugqugquzela kwalo impi ngobuqili. Ukuthengisa kwalo ubungane namabhizinisi amakhulu nokuxhaphaza kwalo abantu ngokwezimali kuye kwalilethela umcebo otholakala ngokungafanele. Okusoleka kakhulu kuye kwaba ukushendeza kwalo kwezombangazwe, kuze kube ngisho naseqophelweni lokuziphenyela udumo ngokugibela isilo sokuthula nokulondeka—iUN. Kodwa izimpondo ezihlomile ngokwezempi zalesosilo zizolidwengula zilibhubhise. Kuyisikhathi esifanele ngabo bonke ABESABA UNKULUNKULU BAMNIKE INKAZIMULO ukuba balishiye, “ngokuba izono zalo zifinyelele ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwalo.”—IsAmbulo 17:1-18:24.
15. Ukubhujiswa kwesifebe esikhulu kuholela kumaphi amahubo okudumisa futhi kulandelwa isiphi esinye isenzakalo esijabulisayo?
15 Ngakho-ke, ukubhujiswa kweBabiloni Elikhulu kuza njengesahlulelo sokulunga esivela kujehova. Ngokwazisa lokhu, kuzwakala ‘oHaleluya,’ ezulwini bese kuba semhlabeni, kunikelwa insindiso, inkazimulo, namandla kujehova. Lamahubo athi “Dumisani ujah, ninabantu!” abonisa injabulo enkulu ngokubhujiswa kwaphakade kwesifebe esikhulu. Yeka ukuthi ukubhujiswa kwaso kuphambene kanjani nesenzakalo esijabulisa kunazo zonke ezulwini—umshado weWundlu, uKristu Jesu, nomlobokazi wakhe, abanqobi abathembekile abayizi-144 000! Kuhlatshelelwa ngenhlokomo ingoma yokudumisa eya ‘kujehova uNkulunkulu wethu, uMninimandla onke,’ yebo, “masithokoze, sethabe, futhi masimnike inkazimulo, ngokuba umshado weWundlu ufikile, nomkalo uzilungisele”!—IsAmbulo 19:1-10.
16. Ngokombono 13, iyiphi impikiswano eyolungiswa phakade, futhi kanjani?
16 Nokho, ngaphambi kokuba lowomshado wasezulwini wenzeke, umbono we-13 ubonisa indlela okulungiswa ngayo impikiswano ehilela ubukhosi bukaJehova. INkosi yakhe yamakhosi noMbusi wababusi, ujesu, ehambisana nezixuku zezingelosi, “uyahlulela, alwe ngokulunga,” enyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke. Yonke ingxenye esele yesimiso sikaSathane sasemhlabeni iyaphahlazwa ibe izicucu, ibhuqwe nya! (IsAmbulo 19:11-21) Njengoba sibona lokho kusondela okusheshayo kokunqoba ngalemibono yesAmbulo, ngokuqinisekile sinazo zonke izizathu ZOKWESABA UNKULUNKULU SIMNIKE INKAZIMULO!
Ukukhazimulisa UNkulunkulu Phakade
17. Imibono 14 no-15 yembulani ngomphumela ojabulisayo kubo bonke abesaba uNkulunkulu futhi bamnike udumo?
17 Imibono 14 no-15 yesAmbulo yembula umphumela ojabulisayo kubo bonke ABESABA UNKULUNKULU BAMNIKE INKAZIMULO. Lapho uSathane namademoni akhe bephonswa kwalasha iminyaka eyinkulungwane, kuba khona umshado wasezulwini weWundlu nomlobokazi walo, futhi lamakhosi nabapristi abayizi-144 001 babusa iminyaka eyinkulungwane njengoba beletha isintu ekupheleleni. Ngemva kovivinyo lokugcina, labo abaqhubeka BESABA UNKULUNKULU BEMNIKA INKAZIMULO bayonqoba futhi bamukelelwe ukuphila okuphakade. Laba bayohlanganisa izigidi eziyizinkulungwane zabafileyo abavusiwe, “abakhulu nabancane,” abazibonakalisa bekufanele ukuba amagama abo alotshwe encwadini yokuphila. “Izulu elisha nomhlaba omusha” kuyoletha izibusiso ezinkulu esintwini, izibusiso eziqinisekile, ngoba njengoMenzi ‘wezinto zonke ezintsha,’ uJehova uyagomela: “Loba, ngokuba lawamazwi athembekile, aqinisile.”—IsAmbulo 20:1–21:8.
18. Ngokombono we-16, uyini umvuthwandaba wencwadi yesAmbulo?
18 Umbono we-16 usibonisa umvuthwandaba wesAmbulo. Uyini? Umbono womuzi. Lomuzi, iJerusalema Elisha, wehluke kakhulu kunoma yini eyake yakhiwa abantu lapha emhlabeni—yebo, wehluke kakhulu eBabiloni Elikhulu, umuzi okuhlubuka kwawo, izimiso zawo zokuziphatha ezingcolile, nobufebe balo bezombangazwe okuye kwahlambalaza uNkulunkulu kangaka. Umuzi ongcwele umsulwa, uhlanzekile, uyigugu. Ungumlobokazi weWundlu, umsizi walo ekwabeni ukuphila okuphakade ezweni lesintu. (Johane 3:16) Akumangalisi ukuthi ubizo luzwakala kakhulu, ngokucacile, lokuphuma emzini-mbumbulu, iBabiloni Elikhulu!—IsAmbulo 18:4; 21:9–22:5.
19. (a) Yisiphi isimemo esikhishwa ngesigaba somlobokazi, futhi basabela kanjani abathobekileyo? (b) Ukunikeza kwethu impendulo evumayo emyalweni othi “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo” kuyoba namuphi umphumela?
19 Umoya kajehova onamandla udlulisela lolubizo olushukumisayo ngesigaba somlobokazi: “Woza!” Yebo, nina nonke enithobekileyo enifisela ukuphila okuphakade epharadesi lomhlaba wonke, wozani ‘emfuleni wamanzi okuphila,’ namukele wonke amalungiselelo kajehova ngoKristu nangomlobokazi wakhe okuzuza ukuphila okuphakade! Yeka ithemba elimangalisayo—ukuphila kobuntu okuphelele emhlabeni oyipharadesi! Kuyoba umvuzo wabaningi abaphendula ngokuvumayo emyalweni othi: “MESABENI UNKULUNKULU, NIMNIKE INKAZIMULO”!—IsAmbulo 22:6-21.
[Umbhalo yaphansi]
a World Military and Social Expenditures 1987-88.
UBUNGAPHENDULA KANJANI?
◻ Yisiphi isiyalezo esifike ngesikhathi esisithola embonweni wezilo zasendle ezimbili?
◻ Kufanele sisabele kanjani esimemezelweni sengelosi endiza emkhathini wezulu?
◻ IBabiloni Elikhulu lihileleke kanjani ebufebeni, futhi lokhu bakubheka kanjani abesaba uNkulunkulu?
◻ Umhlaba uvunwa kanjani phakathi nosuku lweNkosi?
◻ Yiziphi izenzakalo ezijabulisayo eziphetha isAmbulo, futhi abantu bakaNkulunkulu bangahlanganyela kanjani kulokho?
[Isithombe ekhasini 23]
Lemendlela yebronze’ yakhishwa ngo-October 1987 emkhosini wonyaka woMthandazo Wokuthula eAssisi. Ngakolunye uhlangothi kunomfanekiso ‘kaFata Ongcwele’ ozungezwe yilamazwi aqoshiwe: ‘John Paul II Pontifex Maximus” nosuku. Ngakolunye uhlangothi “uSanta Francis” ucela “Ukuthula Okuyisipho SikaNkulunkulu”EMhlanganweni Womthandazo Wokuthula EAssisi