-
IArmagedoni—Lokho EngeyikhoINqabayokulinda—1985 | Januwari 1
-
-
Obani ababuthelwa eArmagedoni futhi ngani? IsAmbulo 16:14 siyaphendula: ‘Amakhosi ezwe lonke’ abuthana “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.”
Lezozimpendulo ziphakamisa inqwaba yeminye imibuzo. Alwa nobani ‘lamakhosi,’ futhi abanga yiphi impikiswano? Ayilwelaphi? Ingabe ayosebenzisa izikhali zenyukliye? Ingabe lempi ingavinjelwa? Ngempela, iyini iArmagedoni?
-
-
IArmagedoni—Lokho EngeyikhoINqabayokulinda—1985 | Januwari 1
-
-
Impikiswano yempi yeArmagedoni—ukubusa umhlaba—iyimpikiswano enkulu yanamuhla. Kodwa, nakuba imibuso emibili emikhulu ephikisanayo manje ilwela ukubusa umhlaba, iArmagedoni ayinakuba yimpi yomhlaba, eqhatha omunye walena nomunye. Kuyiqiniso, izwe asemncintiswaneni wezikhali obiza kakhulu nowubuhlanya ongakaze ube khona emlandweni, owabangela lenkulumo yeIndia Today: “Konke lokhu kuqhubela lonozungezilanga ngokwesabekayo onqenqemeni lweArmagedoni—impi yokugcina phakathi kwezizwe.” Kodwa isAmbulo 16:14 sibonisa ukuthi ‘amakhosi ezwe lonke’ ahlanganiselwa impi “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.”
Ngakho-ke, iArmagedoni ayiyona impi yomuntu. Iyimpi kaNkulunkulu. IArmagedoni iyothola zonke izizwe zomhlaba zihlanganiselwe ekulweni ‘nezimpi zasezulwini’ ngaphansi kwempi ephethwe “iNkosi yamakhosi noMbusi wababusi,” uKristu Jesu. Ungumbusi ofanele womhlaba, ngoba uNkulunkulu futhi “wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe [uKristu].”—IsAmbulo 19:14, 16; Efesu 1:22.
-