IArmagedoni
Incazelo: Igama lesiGreki elithi Har Ma·ge·donʹ, elivela kwelesiHeberu futhi elihunyushwa ngokuthi “Armagedoni” ngabahumushi abaningi, lisho “INtaba YaseMegido,” noma “iNtaba Yokuhlangana Kwamabutho.” IBhayibheli alilihlanganisi leligama nenhlekelele yenyukliye, kodwa lilihlanganisa nokuzayo ‘ukulwa kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’ kwembulunga yonke. (IsAm. 16:14, 16) Leligama lisetshenziswa ngokuqondile “endaweni [NgesiGreki, toʹpon; okungukuthi, isimo]” ababusi bomhlaba bezombangazwe ababuthelwa kuyo bephikisana noJehova noMbuso wakhe ngoJesu Kristu. Ukuphikisa okunjalo kuyobonakala ngesinyathelo somhlaba wonke sokumelana nezinceku zikaJehova emhlabeni, abameleli ababonakalayo boMbuso kaNkulunkulu.
Ingabe uNkulunkulu uyobavumela abantu ukuba bonakalise umhlaba ngalokho abanye abakubiza ngokuthi “iArmagedoni yenyukliye”?
IHu. 96:10: “UJehova uyinkosi; izwe [NgesiHeberu, te·velʹ; umhlaba, ovundile nowakhiwe, imbulunga okuhlalwa kuyo] lihlala liqinile, lingenakushukunyiswa.”
IHu. 37:29: “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.”
IsAm. 11:18: “Nezizwe zazinolaka, kepha kwafika ulaka lwakho [lukaJehova], nesikhathi sokwahlulelwa . . . nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.”
Iyini iArmagedoni, njengoba kubhekiselwe kuyo eBhayibhelini?
IsAm. 16:14, 16: “Bangomoya bamademoni, benza izibonakaliso, abaphuma beya emakhosini ezwe lonke ukubahlanganisela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke. Wayesebahlanganisela endaweni ethiwa ngesiHeberu iHarmagedoni [Armagedoni].”
Ingabe iArmagedoni iyolwelwa eMpumalanga ePhakathi kuphela?
Ababusi namabutho azo zonke izizwe ayohlangana ephikisana noNkulunkulu
IsAm. 16:14: “Abaphuma beya emakhosini ezwe lonke ukubahlanganisela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.”
IsAm. 19:19: “Ngabona isilo [ukubusa kwabantu kwezombangazwe kukonke], namakhosi omhlaba, nezimpi zawo zibuthene ukulwa naye owayehlezi ehashini nempi yakhe.”
Jer. 25:33: “Ngalolosuku ababuleweyo [nguJehova] bayakusukela komunye umkhawulo womhlaba, baze bafike komunye.”
Ukusetshenziswa kwegama elithi Armagedoni (Harmagedoni) akunakusho ukuthi leyompi iyolwiwa kwengokoqobo iNtaba yaseMegido
Ayikho iNtaba engokoqobo yaseMegido; igquma nje kuphela elingamamitha angama-21 ukuphakama lapho kutholakala khona amanxiwa aseMegido yasendulo.
Amakhosi namabutho “ezwe lonke” awanakulingana eSigodini soqobo sase-Esdraelon, ngezansi kweMegido. Lesigodi singunxa-ntathu, singamakhilomitha angama-32 kuphela ubude namakhilomitha angama-29 ububanzi ngasempumalanga.—The Geography of the Bible (New York, 1957), Denis Baly, k. 148.
Leligama liyafaneleka ngenxa yendima yeMegido emlandweni; isigodi esingezansi kweMegido, sasiyinkundla yezimpi
Lapho uJehova wabangela ukunqotshwa kukaSisera, umphathi wamabutho aseKhanani enqotshwa uMahluleli uBaraki.—AbAhl. 5:19, 20; 4:12-24.
UThutmose III, ufaro waseGibithe, wathi: “Ukuphanga iMegido kuwukuphanga imizi eyinkulungwane!”—Ancient Near Eastern Texts Relating to the Old Testament (Princeton, N.J.; 1969), eyahlelwa nguJames Pritchard, k. 237.
Ukubhekisela eMegido (esho “Umhlangano Wamabutho”) kufanelekile ngoba iArmagedoni iyisimo somhlaba wonke lapho amabutho nabanye abasekeli bababusi bezizwe zonke beyobe behileleke khona.
Ubani noma yini eyobhujiswa eArmagedoni?
Dan. 2:44: “UNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso . . . uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.”
IsAm. 19:17, 18: “Ngase ngibona ingelosi imi elangeni, yamemeza ngezwi elikhulu ezinyonini zonke ezindizayo emkhathini wezulu, ithi: Wozani, nibuthane esidlweni esikhulu sikaNkulunkulu ukuba nidle inyama yamakhosi, nenyama yezinduna, nenyama yamaqhawe, nenyama yamahashi neyabakhwele kuwo, nenyama yabo bonke abakhululekileyo nabayizigqila, abancane nabakhulu.”
1 Joh. 2:16, 17: “Konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni. Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.”
IsAm. 21:8: “Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba-sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”
Ingabe lembubhiso iyoba ngeyaphakade?
Math. 25:46: “Laba [abenqaba ukwenza okuhle ‘kubafowabo’ bakaKristu] bayakumuka, baye ekujezisweni okuphakade.”
2 Thes. 1:8, 9: “Ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu, abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade.”
Ingabe bakhona abayosinda?
Zef. 2:3: “Funani uJehova nina nonke-bathobekileyo bomhlaba enisebenzile ukwahlulela kwakhe; funani ukulunga; funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.”
Roma 10:13: “Bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.”
IHu. 37:34: “Lindela [“themba,” NW] uJehova, ulonde indlela yakhe; uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba, ubukele lapho ababi bechithwa khona.”
Joh. 3:16: “UNkulunkulu . . . wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe-nokuphila okuphakade.”
IsAm. 7:9, 10, 14: “Ngabona, bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa-muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso, samemeza ngezwi elikhulu, sithi: Insindiso ngekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi neyeWundlu. . . . Laba yibo abaphuma osizini olukhulu.”
Kuyokwenzekani kubantwana abancane eArmagedoni?
IBhayibheli aliwuphenduli ngokuqondile lowombuzo, futhi asibona abahluleli. Nokho, iBhayibheli liyabonisa ukuthi uNkulunkulu ubheka abantwana abancane bamaKristu eqiniso ‘njengabangcwele.’ (1 Kor. 7:14) Lembula futhi ukuthi ezikhathini ezidlule lapho uNkulunkulu ebhubhisa ababi wayebhubhisa nabantwana babo ngokufanayo. (Num. 16:27, 32; Hez. 9:6) UNkulunkulu akafuni ukuba kubhubhe namunye, ngakho-ke ukhipha isixwayiso manje ukuze kuzuze kokubili abazali nezingane. Bekungeke yini kube ukuhlakanipha ngabazali ukuba balandele inkambo eyophumela ekubeni uNkulunkulu azibheke ngomusa izingane zabo kokubili manje nangeArmagedoni?
Ingabe ukubhujiswa kwababi kuyosho ukwehluleka kothando lukaNkulunkulu?
2 Pet. 3:9: “INkosi [uJehova] . . . iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.”
Luka 18:7, 8: “UNkulunkulu kayikubezwela yini abakhethiweyo bakhe abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele, na? Ngithi kini: Uzakubezwela masinyane.”
2 Thes. 1:6: “Kuyinto elungile kuNkulunkulu ukuba abuyisele ukuhlupheka kubo abanihluphayo [nina zinceku zakhe].”
Kungenzeka yini ukuba phakathi nendawo?
2 Thes. 1:8: “Ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu [ngokukhetha kwabo] nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu.”
Math. 24:37-39: “Njengasemihleni kaNowa, . . . abazanga kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke, kuyakuba-njalo ukufika kweNdodana yomuntu.”
Math. 12:30: “Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza.”
Qhathanisa noDuteronomi 30:19, 20.
Ithonya likabani eliqhubela izizwe esimweni somhlaba esiyophumela ekulweni noNkulunkulu?
IsAm. 16:13, 14: “Ngabona kuphuma emlonyeni kadrako [uSathane uDeveli; IsAm. 12:9], nasemlonyeni wesilo, nasemlonyeni womprofethi wamanga omoya abathathu abangcolileyo, befana nezingxangxa; ngokuba bangomoya bamademoni, benza izibonakaliso, abaphuma beya emakhosini ezwe lonke ukubahlanganisela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.”
Qhathanisa noLuka 4:5, 6; 1 Johane 5:19; kanye nezEnzo 5:38, 39; 2 IziKronike 32:1, 16, 17.