Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • IsAmbulo Nawe
    IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
    • 6. Yini uJehova ayishoyo njengoba ekhuluma nabafundi besAmbulo okokugcina esiprofethweni?

      6 UJehova, iNkosi yaphakade, manje ukhuluma nabafundi besAmbulo okokugcina esiprofethweni, uthi: “Bheka! Ngiyeza masinyane, ngiphethe umvuzo engiwunikezayo, ukuze nginikeze yilowo nalowo njengokomsebenzi wakhe. Ngingu-Alfa no-Omega, owokuqala nowokugcina, isiqalo nesiphetho. Bayajabula abahlanza izembatho zabo, ukuze babe negunya lokuya emithini yokuphila bangene emzini ngamasango awo. Ngaphandle kukhona izinja nalabo abasebenzelana nemimoya nezifebe nababulali nabakhonza izithombe nawo wonke umuntu othanda futhi oqhubeka eqamba amanga.”—IsAmbulo 22:12-15.

  • IsAmbulo Nawe
    IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
    • 8. (a) Obani kuphela ‘abaya emithini yokuphila,’ futhi lokhu kusho ukuthini? (b) Isixuku esikhulu siye ‘sazihlanza’ kanjani ‘izembatho zaso,’ futhi sikulondoloza kanjani ukuma okuhlanzekile?

      8 Kuphela yilawo maKristu agcotshiwe ‘ahlanza izembatho zawo’ ngempela ukuze ahlanzeke emehlweni kaJehova anelungelo “lokuya emithini yokuphila.” Okusho ukuthi, amukela ilungelo lokuphila okungenakufa esikhundleni sawo sasezulwini. (Qhathanisa noGenesise 3:22-24; IsAmbulo 2:7; 3:4, 5.) Ngemva kokufa kwawo njengabantu, angena eJerusalema Elisha ngovuko. Izingelosi ezingu-12 ziyawangenisa, kuyilapho zivimbela noma yibaphi abanomkhuba wamanga noma ukungcola nakuba bezisholo ukuthi banethemba lasezulwini. Isixuku esikhulu esisemhlabeni naso siye ‘sahlanza izembatho zaso zaba mhlophe egazini leWundlu’ futhi kudingeka silondoloze ukuma kwaso okuhlanzekile. Lokhu singakwenza ngokugwema izenzo ezimbi uJehova axwayisa ngazo lapha, nangokuthatha ngokungathí sina iseluleko sikaJesu esisezigijimini zakhe eziyisikhombisa eziya emabandleni.—IsAmbulo 7:14; izahluko 2 no-3.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela