ISahluko 10
Ukwenyanya “Izinto Ezijulile ZikaSathane”
ITHIYATHIRA
1. IThiyathira yayakhiwe kuphi ngokuqondene namanye amabandla, futhi isendaweni enjani ngokwenkolo?
CISHE amakhilomitha angu-64 eningizimu-mpumalanga yeBergama (Phergamu) kukhona idolobha elichumayo laseTurkey i-Akhisar. Cishe eminyakeni engu-1 900 edlule, indawo leli dolobha elikuyo kwakuyiThiyathira. Umbonisi ojikelezayo wayengafinyelela kalula eThiyathira ngomgwaqo ophakathi ezweni osuka ePhergamu abese ejikeleza amabandla asele esAmbulo isahluko 3—iSardesi, iFiladelfiya, neLawodikeya. Ngokungafani nePhergamu, iThiyathira ayibonakali yayiyisikhungo esibalulekile sokukhulekelwa kombusi, kodwa yayinazo izakhiwo ezingcwele namathempeli ayenikezelwe konkulunkulu bamaqaba. IThiyathira yayiphawuleka njengesikhungo sezentengiselwano.
2, 3. (a) Yini eyayibhalwe ngaphambili ngowaseThiyathira owaba ngumKristu? (b) Kunakubaluleka kuni kumaKristu aseThiyathira ukuthi uJesu ‘uyiNdodana kaNkulunkulu’ nokuthi ‘unamehlo anjengelangabi lomlilo’?
2 Lapho uPawulu eshumayela eMakedoniya, wahlangana nowesifazane waseThiyathira ogama lakhe linguLidiya, umthengisi wokunsomi. ULidiya nabo bonke abendlu yakhe basamukela ngenjabulo isigijimi esasishunyayelwa uPawulu futhi babonisa ukwamukela izihambi okungavamile. (IzEnzo 16:14, 15) Waba umThiyathira wokuqala emlandweni owamukela ubuKristu. Ngokuhamba kwesikhathi, umuzi ngokwawo waba nebandla lamaKristu. UJesu usiqondisa khona isigijimi sakhe eside kunazo zonke: “Ingelosi yebandla laseThiyathira yilobele ukuthi: Yilezi izinto ezishoyo iNdodana kaNkulunkulu, yona emehlo ayo anjengelangabi lomlilo, nezinyawo zayo zinjengethusi elicolekileyo.”—IsAmbulo 2:18.
3 Lesi ukuphela kwesikhathi lapho inkulumo ethi “iNdodana kaNkulunkulu” ivela khona kusAmbulo, nakuba kwezinye izindawo uJesu ebhekisela kuJehova ngokuthi “Baba.” (IsAmbulo 2:27; 3:5, 21) Ukusetshenziswa kwalesi siqu lapha cishe kukhumbuza amaKristu aseThiyathira ukusondelana kukaJesu noJehova. Le Ndodana ‘inamehlo anjengelangabi lomlilo’—okuyisixwayiso kumaKristu aseThiyathira sokuthi isahlulelo sayo siyovuthela noma yini eyibona ingcolisa ebandleni. Ngokubhekisela ngokwesibili ezinyaweni zakhe ezikhazimulayo, ezifana nethusi, ugcizelela isibonelo sakhe siqu esikhazimulayo sokwethembeka lapho ehamba kulo mhlaba. Ngokungangabazeki amaKristu aseThiyathira asilalela iseluleko sakhe, futhi nathi kumelwe sisilalele namuhla!—1 Petru 2:21.
4, 5. (a) Kungani uJesu ayengatusa amaKristu aseThiyathira? (b) Ibandla laseThiyathira lifana kanjani namabandla oFakazi BakaJehova namuhla?
4 Ngokujabulisayo, uJesu angabancoma abaseThiyathira. Uthi: “Ngiyazazi izenzo zakho, nothando lwakho, nokholo, nenkonzo, nokukhuthazela, nokuthi izenzo zakho zamuva zingaphezu kwezangaphambili.” (IsAmbulo 2:19) Ngokungafani nabase-Efesu, amaKristu agcotshiweyo lapho awalulahlanga uthando lwawo lokuqala ngoJehova. Ukholo lwawo luqinile. Ngaphezu kwalokho, izenzo zawo zingaphezu kwezakuqala, futhi njengamabandla amathathu andulelayo, amaKristu aseThiyathira ayakhuthazela. Yeka ukuthi kufana kanjani namabandla oFakazi BakaJehova acela ku-100 000 emhlabeni wonke namuhla! Uthando ngoJehova luyabonakala, njengoba inhlangano igcwala umoya wentshiseko enkonzweni, ushukumisa abasha nabadala. Isibalo esandayo siyazikhandla njengamaphayona, kanjalo sisebenzisa ngokuhlakanipha isikhathi esisasele ukumemezela ithemba elikhazimulayo loMbuso kaNkulunkulu ozayo!—Mathewu 24:14; Marku 13:10.
5 Emashumini amaningi eminyaka, abaningi abathembekile, kokubili abensali egcotshiwe nabesixuku esikhulu, bebebonisa ukukhuthazela okuyisibonelo enkonzweni kaNkulunkulu, lapho izwe elibazungezile lingena lijula ebumnyameni obungenathemba. Kodwa masime isibindi! IsAmbulo siqinisa ubufakazi babaprofethi bakaNkulunkulu bangaphambili. “Usuku olukhulu lukaJehova luseduze. Luseduze, lushesha kakhulu.”—Zefaniya 1:14; Joweli 2:1; Habakuki 2:3; IsAmbulo 7:9; 22:12, 13.
“Lowo Wesifazane UJezabeli”
6. (a) Naphezu kwezici ezitusekayo, iyiphi inkinga uJesu ayiphawulayo ebandleni laseThiyathira edinga ukunakekelwa ngokushesha? (b) Wayengubani uJezabeli, futhi ingabe wayesho ngokufanelekile ukuthi ungumprofethikazi?
6 Amehlo kaJesu anjengamalangabi aboné okwengeziwe. Uphawula okuthile okudinga ukunakekelwa masinyane. “Noma kunjalo,” utshela amaKristu aseThiyathira, “nginalokhu ngawe, ukuthi ubekezelela lowo wesifazane uJezabeli, ozibiza ngokuthi ungumprofethikazi, ofundisa, adukise izinceku zami ukuba zifebe nokuba zidle izinto ezihlatshelwe izithombe.” (IsAmbulo 2:20) Ekhulwini leminyaka leshumi B.C.E., iNdlovukazi uJezabeli, umfazi okhonza uBhali weNkosi yakwa-Israyeli u-Ahabi, wayeye waba nedumela elibi ngenxa yezenzo zakhe zokubulala, zokuphinga, nezobungqongqo. UJehu, njengogcotshiwe kaJehova, wayala ukuba abulawe. (1 AmaKhosi 16:31; 18:4; 21:1-16; 2 AmaKhosi 9:1-7, 22, 30, 33) UJezabeli okhonza izithombe wayengenalo ilungelo lokuba umprofethikazi. Wayengafani noMiriyamu noDebora, abakhonza njengabaprofethikazi abathembekile kwa-Israyeli. (Eksodusi 15:20, 21; AbaHluleli 4:4; 5:1-31) Futhi umoya kaJehova awumshukumiselanga ukuba aprofethe njengoba washukumisa u-Ana osegugile namadodakazi amane kaFiliphu umvangeli.—Luka 2:36-38; IzEnzo 21:9.
7. (a) Ngokuphawula “lowo wesifazane uJezabeli,” ngokusobala uJesu ubhekisela kuliphi ithonya? (b) Abanye besifazane ababehlanganyela kungenzeka babeyithethelela kanjani inkambo yabo yenkani?
7 Khona-ke, ngokucacile, “lowo wesifazane uJezabeli” ozisho ukuthi ungumprofethikazi waseThiyathira ungumkhohlisi. Akasekelwa umoya kaNkulunkulu. Ungubani? Cishe, ungowesifazane noma iqembu labesifazane elisebenza njengethonya elingenamahloni elonakalisayo ebandleni. Kungenzeka ukuthi abanye besifazane ababehlanganyela babehilela amalungu ebandla ekuziphatheni okubi, bebe bethethelela ngendelelo inkambo yabo yenkani ngokusebenzisa kabi imiBhalo. Ukuprofetha kwamanga ngempela! Babethonya abanye ukuba bawele ezenzweni zabo ‘zobufebe, ukungcola, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo, nokuhaha, okuwukukhonza izithombe.’ (Kolose 3:5) Babenza labo abasebandleni ukuba bazitike endleleni yokuphila kokuziphatha okubi neyobugovu, yohlobo manje olubekezelelwayo, noma oluthalaliswayo, ezinkolweni eziningi zeLobukholwa.
8. (a) Sithini isimemezelo sikaJesu ‘ngoJezabeli’ eThiyathira? (b) Liye lazwakala kanjani ithonya labesifazane elibi ezikhathini zanamuhla?
8 UJesu uyaqhubeka etshela abadala baseThiyathira: “Ngamnika isikhathi sokuba aphenduke, kodwa akazimisele ukuphenduka ebufebeni bakhe. Bheka! Ngizomphonsa okhukhweni lwabagulayo, nalabo abaphinga naye ngibaphonse osizini olukhulu, ngaphandle uma bephenduka ezenzweni zakhe.” (IsAmbulo 2:21, 22) Njengoba nje uJezabeli wokuqala ngokusobala abusa u-Ahabi futhi wadelela umkhiphi wesahlulelo sikaNkulunkulu, uJehu, ngakho kungenzeka ukuthi leli thonya labantu besifazane lizama ukulawula abayeni babo nabadala. Kubonakala sengathi abadala baseThiyathira bayalibekezelela leli thonya elibi likaJezabeli lokungabi nasizotha. UJesu lapha ubaxwayisa ngokunamandla, ngokufanayo nebandla labantu bakaJehova elisemhlabeni wonke namuhla. Ezikhathini zanamuhla, abesifazane abathile abanenkani kanjalo baye banxenxa abayeni babo ukuba babe yizihlubuki futhi baye baze bakhuthaza ngisho nokumangalelwa kwezinceku zikaJehova ezithembekile ezinkantolo.—Qhathanisa noJude 5-8.
9. (a) Kungani amazwi kaJesu ngoJezabeli engabavezi kabi bonke abesifazane ebandleni? (b) Kunini kuphela lapho ithonya likaJezabeli liqala khona?
9 Lokhu akubavezi neze kabi abesifazane abathembekile ebandleni lobuKristu. Ezinsukwini zanamuhla, ingxenye enkulu yomsebenzi wokufakaza ifezwa odadewethu abathembekile; ngezifundo zeBhayibheli zasemakhaya abaziqhubayo, baletha izixuku zabasha ebandleni. UNkulunkulu ngokwakhe uyalibusisa leli lungiselelo, njengoba kuboniswa iHubo 68:11: “UJehova ngokwakhe unika izwi; abesifazane abalandisa izindaba ezinhle bayibutho elikhulu.” Amadoda angathonywa kahle ukuziphatha kwabafazi bawo kokuthobeka, kwenhlonipho, ‘okungokwenani elikhulu emehlweni kaNkulunkulu.’ (1 Petru 3:1-4) INkosi uLemuweli iyamtusa umfazi onekhono, okhutheleyo. (IzAga 31:10-31) Kulapho kuphela abesifazane bephuma endleleni ngokunxenxa amadoda noma ngokubekela ubunhloko inselele noma ngokungabunaki lapho ithonya likaJezabeli liqala khona.—Efesu 5:22, 23; 1 Korinte 11:3.
10. (a) Kungani uJezabeli nabantwana bakhe bethola isahlulelo? (b) Bakusiphi isimo esiyingozi labo ababa abantwana bakaJezabeli, futhi yini abanjalo okufanele bayenze?
10 Ebhekisela ‘kulowo wesifazane uJezabeli,’ uJesu uyaqhubeka: “Abantwana bakhe ngizobabulala ngesifo esibulalayo, ukuze wonke amabandla azi ukuthi nginguye ohlola izinso nezinhliziyo, futhi ngizoninika ngabanye ngokwezenzo zenu.” (IsAmbulo 2:23) UJesu uye wanikeza uJezabeli nabantwana bakhe isikhathi sokuphenduka, kodwa bayaphikelela ezindleleni zabo zokuziphatha okubi, ngakho kumelwe bathole isahlulelo. Lapha kunesigijimi esinamandla ngamaKristu namuhla. Labo abalingisa uJezabeli, kungakhathaliseki ukuthi bangabesilisa noma abesifazane, kanjalo babe abantwana bakhe ngokwephula izimiso zeBhayibheli zobunhloko nezokuziphatha, noma ngokuba nenkani bangakunaki ukuhleleka okungokwasezulwini, ngokomoya bagula ngokuyingozi. Yiqiniso, uma onjalo ecela abadala ebandleni ukuba bamkhulekele, “umthandazo wokholo uyokwenza ongaphilile kahle aphile, uJehova amvuse”—kuphela uma ngokuzithoba enza ngokuvumelana naleyo mikhuleko. Kodwa makungabikho muntu ocabanga ukuthi angakhohlisa uNkulunkulu noma uKristu ngokuzama ukufihla izenzo zokuziphatha okubi noma ngokuzenza abonakale sengathi uyikhuthalele inkonzo.—Jakobe 5:14, 15.
11. Amabandla namuhla asizwa kanjani ukuba aphaphamele ukungena kwethonya labesifazane elingafanele?
11 Ngokujabulisayo, amabandla amaningi oFakazi BakaJehova namuhla ayiphaphamele le ngozi. Abadala bakuqaphele ukuthambekela ezimweni ezingezona ezingokwasezulwini nasekwenzeni okubi. Bazama ukusiza kokubili abesilisa nabesifazane abasengozini ukuze bakhe ingokomoya futhi balungise kungakephuzi kakhulu. (Galathiya 5:16; 6:1) Ngothando nangokuqinile, laba babonisi abangamaKristu bavimbela noma yimuphi umzamo wabesifazane wokwakha amaqembu okuthuthukisa imikhankaso efana nenkululeko yabesifazane. Ngaphezu kwalokho, iseluleko esifika ngesikhathi sinikezwa njalo ezincwadini zoFakazi BakaJehova.a
12. Namuhla isigaba sikaJohane siyibonisa ngayiphi indlela intshiseko efana nekaJehu?
12 Nokho, lapho kuye kwaba nokuziphatha okubi kakhulu, futhi ikakhulukazi lapho lokhu kuba umkhuba, izoni ezingaphenduki kumelwe zisuswe ekuhlanganyeleni. Sikhumbula intshiseko kaJehu ekususeni yonke imikhondo yethonya likaJezabeli kwa-Israyeli. Ngokufanayo, isigaba sikaJohane namuhla sithatha isinyathelo esiqinile, sibekela abangane baso ‘abangamaJehonadaba’ isibonelo futhi sizibonakalisa sihluke ngokuphelele kubefundisi beLobukholwa abayekelelayo.—2 AmaKhosi 9:22, 30-37; 10:12-17.
13. Yini eyokwenzeka kulabo abavumela ithonya labesifazane elingalungile?
13 NjengeSithunywa sikaJehova noMahluleli, iNdodana kaNkulunkulu yenza kahle ngokuveza uJezabeli wanamuhla nangokumphonsa okhukhweni lwabagulayo, ngoba ukugula kwakhe ngokomoya ngempela kungokwafuthi. (Malaki 3:1, 5) Labo abaye bavumela leli thonya labesifazane elingalungile bayobhekana futhi nosizi olukhulu—ubuhlungu bokususwa ekuhlanganyeleni, bakhishwe ebandleni lobuKristu njengokungathi bafile. Ngaphandle kokuba baphenduke, baguquke, futhi babuye bamukelwe ebandleni, babhekene futhi nokufa okungokwenyama “ngesifo esibulalayo”—okungenani, osizini olukhulu. Okwamanje, ukubuyiselwa kusenokwenzeka uma bephenduka ngokugcwele ezenzweni zabo ezingalungile.—Mathewu 24:21, 22; 2 Korinte 7:10.
14. (a) UJesu ubasebenzisa kanjani abadala ekusingatheni izinkinga ezithile, njenganoma yiliphi ithonya likaJezabeli? (b) Ibandla kufanele libasekele kanjani abadala abasingatha izinkinga ezinjalo?
14 “Wonke amabandla” kumelwe azi ukuthi uJesu uphenya “izinso,” imizwelo esekujuleni, “nezinhliziyo,” umuntu ongaphakathi, kuhlanganise nezisusa eziyisisekelo. Ngakho usebenzisa izinkanyezi ezithembekile, noma abadala, ekusingatheni izinkinga ezithile, njenganoma yiliphi ithonya likaJezabeli elivelayo. (IsAmbulo 1:20) Ngemva kokuba laba badala sebeyihlole ngokugcwele indaba yalolu hlobo futhi isahlulelo sesikhishiwe, akusikho okwabantu ngabanye ukufuna ukwazi izizathu zesinyathelo esithathiwe. Bonke kufanele bamukele ngokuzithoba isinqumo sabadala ngezindaba futhi baqhubeke besekela lezi zinkanyezi zebandla. Ukuthembeka kuJehova nasemalungiselelweni akhe angokwenhlangano kuyovuzwa. (IHubo 37:27-29; Hebheru 13:7, 17) Ngokuqondene nawe, sengathi ingxenye yakho ingaba isibusiso lapho uJesu enikeza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe.—Galathiya 5:19-24; 6:7-9.
“Bambelelani Ngokuqinile Kulokho Eninakho”
15. (a) Yini uJesu ayisho kulabo ababengazange boniwe uJezabeli? (b) Yini ebonisa ukuthi akusibo bonke ababevuma obala ukuthi bangamaKristu emuva ngo-1918 ababonakaliswe eLobukholwa elihlubukayo?
15 Amazwi kaJesu alandelayo anikeza induduzo: “Nokho, kini nonke nina abanye eniseThiyathira, nonke nina eningenayo le mfundiso, nina kanye eningazange nizazi ‘izinto ezijulile zikaSathane,’ njengoba kushiwo, ngithi: Angibeki noma yimuphi omunye umthwalo phezu kwenu. Noma kunjalo, bambelelani ngokuqinile kulokho eninakho ngize ngifike.” (IsAmbulo 2:24, 25) Kukhona imiphefumulo ethembekile eThiyathira engazange ithonywe uJezabeli. Ngokufanayo, eminyakeni engu-40 ngaphambi kuka-1918 nangemva kwalokho, akuwona wonke amaKristu aye abekezelela izindlela zokuziphatha okubi, ezonakele ezande kangaka kweLobukholwa. Iqembu elincane labaFundi BeBhayibheli, manje abaziwa njengoFakazi BakaJehova, elazama ukusiza amalungu esonto ukuba abone isiqalo esingesona esobuKristu sezimfundiso eziningi zeLobukholwa, liye lathatha isinyathelo sokususa zonke izinkolelo nemikhuba yaseBhabhiloni eyamukelwa ngeLobukholwa eliyizihlubuki. Lokhu kuhlanganisa imfundiso yokuyekelela “lowo wesifazane uJezabeli.”
16. Nakuba uJesu nendikimba ebusayo yamaKristu yekhulu lokuqala leminyaka bengazange banezele omunye umthwalo, yiziphi izinto okumelwe zigwenywe?
16 Namuhla isigaba sikaJohane siye futhi sakhuthaza abangane baso, isixuku esikhulu, ukuba baqaphele amathonya amabi, njengalawo asezweni lokuzijabulisa okungcolile. Asikho isidingo sokubukela noma sokwenza ukonakala ngenxa nje yokufuna ukwazi noma ukuze sazi ukuthi yini okumelwe siyigweme. Kuyinkambo yokuhlakanipha ukuzigcina sikude ‘nezinto ezijulile zikaSathane.’ Njengoba uJesu esho: “Angibeki noma yimuphi omunye umthwalo phezu kwenu.” Lokhu kusikhumbuza ngesinqumo sendikimba ebusayo yamaKristu yekhulu lokuqala: “Ngoba umoya ongcwele nathi ngokwethu sikubone kukuhle ukunganezeli omunye umthwalo osindayo kini, ngaphandle kwalezi zinto ezidingekile, ukuba niqhubeke nideda ezintweni ezihlatshelwe izithombe nasegazini nasezintweni eziklinyiwe nasebufebeni. Uma nizigcina ngokucophelela kulezi zinto, niyochuma.” (IzEnzo 15:28, 29) Ukuze uchume ngokomoya, gwema inkolo yamanga, ukusetshenziswa kabi kwegazi (njengasekumpontshelweni kwegazi), nokuziphatha okubi! Futhi cishe impilo yakho engokwenyama nayo iyovikeleka.
17. (a) USathane uye wabalinga kanjani abantu namuhla ‘ngezinto ezijulile’? (b) Kufanele sibe yini isimo sethu ngokuqondene ‘nezinto ezijulile’ zezwe likaSathane elixakile?
17 USathane unezinye “izinto ezijulile” namuhla, njengemiqondo eyinkimbinkimbi namafilosofi akhohlisa ingqondo. Ngaphezu kokucabanga kokuyekelela, kokuziphatha okubi, lokhu kuhlanganisa nemimoya nombono wokuziphendukela kwemvelo. UMdali ohlakaniphile uzibheka kanjani lezi “zinto ezijulile”? Umphostoli uPawulu umcaphuna ethi: “Ngizokwenza ukuhlakanipha kwabantu abahlakaniphileyo kushabalale.” Ngokuphambene nalokho, ‘izinto ezijulile zikaNkulunkulu’ zilula, zinengqondo, futhi ziyajabulisa. AmaKristu ahlakaniphile ayazigwema “izinto ezijulile” zezwe likaSathane elixakile. Khumbula, “izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.”—1 Korinte 1:19; 2:10; 1 Johane 2:17.
18. Yiziphi izibusiso uJesu azithembisa amaKristu agcotshiwe ahlala ethembekile kuze kube sekupheleni, futhi yiliphi ilungelo laba abavusiwe abayoba nalo e-Armagedoni?
18 Kulawo maKristu aseThiyathira, uJesu manje ukhuluma amazwi ajabulisayo. Akhuthaza namaKristu agcotshiwe namuhla: “Onqobayo futhi agcine izenzo zami kuze kube sekupheleni ngiyomnika igunya phezu kwezizwe, igunya elifanayo nalelo nami engilamukele kuBaba, uyokwelusa abantu ngenduku yensimbi kangangokuthi bayophihlizwa babe izicucu njengezitsha zobumba.” (IsAmbulo 2:26, 27) Ngempela ilungelo elimangalisayo! Leli gunya abanqobi abagcotshiwe abalamukelayo ekuvukeni kwabo liwukuhlanganyela noJesu ekusebenziseni ‘induku yensimbi’ yokubhubhisa izizwe ezihlubukayo e-Armagedoni. Okungenani, amandla enuzi alezo zizwe ayotshaza njengesiqhumane esimanzi lapho uKristu ephihliza izitha zakhe ziba yizicucu njengoba ebengaphihliza izitsha zobumba.—IHubo 2:8, 9; IsAmbulo 16:14, 16; 19:11-13, 15.
19. (a) Ubani “inkanyezi yokusa,” futhi uyonikezwa kanjani labo abanqobayo? (b) Isiphi isikhuthazo esinikezwa isixuku esikhulu?
19 UJesu uyanezela: “Futhi ngiyomnika inkanyezi yokusa.” (IsAmbulo 2:28) Kamuva uJesu ngokwakhe uyachaza ukuthi iyini le “nkanyezi,” ethi: “Ngiyimpande nenzalo kaDavide, nenkanyezi yokusa ekhanyayo.” (IsAmbulo 22:16) Yebo, uJesu ogcwalisa isiprofetho uJehova asiphoqelela ukuba siphume ezindebeni zikaBhalami ezazingathandi ukusikhipha: “Ngokuqinisekile kuyophuma inkanyezi kuJakobe, ngempela kuyovela nentonga ku-Israyeli.” (Numeri 24:17) UJesu uyobanikeza kanjani labo abanqobayo “inkanyezi yokusa”? Ngokusobala, ngokubanika ubuqu bakhe, ngokubaletha ebuhlotsheni obuseduze kakhulu naye. (Johane 14:2, 3) Ngempela isikhuthazo esinamandla sokukhuthazela! Futhi, kuyakhuthaza nangesixuku esikhulu ukwazi ukuthi “inkanyezi yokusa ekhanyayo” ngokushesha izosebenzisa igunya loMbuso wayo ekubuyiseleni iPharadesi lapha emhlabeni!
Gcina Ubuqotho
20. Iyiphi intuthuko kweLobukholwa esikhumbuza ngobunye bobuthaka ebandleni laseThiyathira?
20 Lesi sigijimi kumelwe ukuba sawakhuthaza kakhulu amaKristu aseThiyathira. Ake ucabange nje—iNdodana kaNkulunkulu ekhazinyulisiwe ezulwini yayikhulume ngokoqobo namaKristu aseThiyathira ngezinye zezinkinga zawo! Ngokuqinisekile, okungenani abanye ebandleni basabela ekwaluseni okunjalo kothando. Lesi sigijimi eside kunazo zonke eziyisikhombisa sisisiza futhi ukuba sibone ibandla lobuKristu leqiniso namuhla. Ngo-1918 lapho uJesu eza ethempelini likaJehova ezokwahlulela, eziningi kakhulu zezinhlangano ezazizisholo ukuthi zingezobuKristu zazingcoliswe ukukhulekelwa kwezithombe nokuziphatha okubi okungokomoya. (Jakobe 4:4) Abanye basekela izinkolelo zabo ezimfundisweni zabesifazane bekhulu leminyaka le-19 ababesakaza imibono yabo, njengo-Ellen White ongumSabatha noMary Baker Eddy weChristian Scientists, futhi muva nje abesifazane abaningi bebeshumayela epulpiti. (Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 2:11, 12.) Phakathi kwezinhlobo ezihlukahlukene zobuKatolika, ngokuvamile uMariya udunyiswa ngaphezu kukaNkulunkulu noKristu. UJesu akazange amdumise kanjalo. (Johane 2:4; 19:26) Ingabe izinhlangano ezivumela ithonya labesifazane elinjalo zingamukeleka ngempela njengezobuKristu?
21. Kunaziphi izifundo ngabantu ngabanye esigijimini sikaJesu esiya eThiyathira?
21 AmaKristu ngamanye, kungakhathaliseki ukuthi angawesigaba sikaJohane noma angawezinye izimvu, enza kahle ukucabangela lesi sigijimi. (Johane 10:16) Abanye bangase bakuthole kulinga ukulandela inkambo elula, njengoba kwenza labo bafundi bakaJezabeli waseThiyathira. Kukhona futhi isilingo sokuhlehla ezindinganisweni. Namuhla, kumelwe kubhekanwe nezinselele ezinjengokudla ukudla okwenziwe ngegazi noma ukwamukela ukumpontshelwa ngegazi. Abanye bangase babe nomuzwa wokuthi intshiseko enkonzweni yasensimini noma ukunikeza izinkulumo kubanikeza ilungelo lokuyekethisa kwezinye izici, njengokubukela amabhayisikobho namakhasethi e-video anobudlova nanokuziphatha okubi, noma ukuzitika ngotshwala. Isixwayiso sikaJesu kumaKristu aseThiyathira sisitshela ukuthi akumelwe sikhululeke ngaleyo ndlela. UJehova ufuna ukuba sihlanzeke, sizinikele ngokuphelele, singahlukani phakathi, njengoba kwakunjalo ngamaKristu amaningi aseThiyathira.
22. UJesu ukugcizelela kanjani ukubaluleka kokuba nendlebe ezwayo?
22 Ekugcineni, uJesu uthi: “Onendlebe makezwe lokho umoya okushoyo emabandleni.” (IsAmbulo 2:29) Ngokwesine, uJesu lapha uphinda lesi siphindo esiphaphamisayo, futhi kuzophethwa ngaso zonke izigijimi ezintathu ezisazolandela. Ingabe unayo leyo ndlebe ezwayo? Khona-ke qhubeka ulalelisisa njengoba uNkulunkulu, ngomoya wakhe, eqhubeka enikeza iseluleko ngomzila wakhe.
[Umbhalo waphansi]
a Ngokwesibonelo bheka INqabayokulinda ka-November 1, 2003, ngaphansi kwesihloko esithi: “Abesifazane AbangamaKristu Abathembekile Bangabakhulekeli BakaNkulunkulu Abayigugu.”
[Izithombe ekhasini 51]
Namuhla, ingxenye enkulu yomsebenzi wokufakaza ifezwa odadewethu abathembekile njengoba besekela ngesizotha igunya elingokwasezulwini