Ukuzembathisa Ngothando Nokungalukhumuli
1. Iyini lento okumelwe siyembathe, futhi uvivinyo olukhulu kakhulu lwayo luyofika nini?
NJENGOBA uthando ‘luyisibopho esiphelele sobunye’ luyimfanelo ebaluleke kakhulu okumelwe siyembathe ngokungazenzisi. Kumelwe siyigqoke njalo ngobuqotho. Alusona isembatho esifihla ubunjalo bomuntu. Kuye kwagcinwa amazwi aphefumlelwe ukuze selulekwe namuhla: “Uthando malungabi-nakuzenzisa. . . . Thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane.” (Roma 12:9, 10) Uvivinyo olukhulu kakhulu lobuqotho bothando lwethu, ‘lesisibopho sobunye,’ luseza—esikhathini esizayo esiseduze.
2. Ingabe uthando lungazuzwa ngaphandle kwanoma iyiphi enye into eza kuqala?
2 Ngakho-ke, simanje isikhathi esifanelekile sokuhlakulela lolothando. Zonke izinyathelo eziholela ekuzuzeni leyomfanelo kumelwe zithathwe manje. Yingakho umphostoli uPawulu ehlanganisa ukuncoma kwakhe izinto ezihlukahlukene abafundi abazinikezele nababhapathiziwe bakaJesu Kristu okudingeka bazenze, ngokuthi: “Kepha phezu kwakho konke lokho, yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.” (Kolose 3:14) Ngakho-ke ziyini ‘lezizinto’ naphezu kwazo okumelwe sembathe uthando?
Ukunqoba Izici Ezihlukanisayo
3. NgokwabaseKolose 3:9-13, iziphi izinyathelo ezidinga ukuthathwa ngaphambi kokuzuza uthando?
3 Emuva lé ezinsukwini zabaphostoli uPawulu noJohane kwakukhona izici, noma izimo, okungenzeka zaba isisekelo sokwehlukana. Kodwa lezozizathu ezazike zezwakala kwakumelwe manje zinganakwa, zishaywe indiva maqondana nokubaluleka nesisindo. AmaKristu ayeyibandla elilodwa, indikimba eyodwa ebambisanayo ngaphansi kweNhloko eyodwa engokomoya, uJesu Kristu. Zonke izisekelo ezingokwenyama ezibangela ukwehlukana kwakumelwe zibekelwe eceleni. Amaqiniso angokomoya ahlanganisayo kwakumelwe abekwe phambili. Ekuvumelaneni nalokhu, umphostoli uPawulu waqhubeka wathi: “Nikhumulé umuntu omdala kanye nezenzo zakhe, nembethe omusha, owenziwa-musha abe-nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo, lapho kungekho-mGreki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke. Ngakho-ke, njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubhekakade, nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.”—Kolose 3:9-13.
4. Kungani kwakunesidingo sokuhlalisana kahle ebandleni lekhulu lokuqala, futhi kungaziphi izizathu kungenzeka ukuthi izinto ezithile zazinganakwanga?
4 Ngenxa yakho konke ukwehlukana okuphawulwe ngenhla esizindeni sobuzwe nasenkolweni, ukuma okungokwenhlalo, izici zobuhlanga nebala, kwakukhona ubunzima ekuzwaneni kwamalungu ebandla. Kwakudingeka ukuqonda nokubonelelana phakathi kwawo. Ngoba, nakuba lezozinto zaziwutho kubantu benyama, eqinisweni zazingelutho kuNkulunkulu naseNdodaneni yakhe uJesu Kristu, eyafela sonke isintu ngesikhathi lapho konke lokhu kwehlukana kwakuye kwakhula futhi kuphikelela. Yebo, abantu abanengqondo evuthiwe, ngenxa yokuphana kwemiphefumulo yabo, kwakungenzeka bangakunaki lokho kwehlukana, benza kanjalo ngezimiso ezivamile. Ukwenza kanjalo kungenzeka kwaba inqubo enhle, noma, kunalokho, intobeko emsulwa, neqotho. Nokho, kungenzeka ukuthi uthando olungenabugovu nolumsulwa lwaluntuleka.
5. OFakazi BakaJehova kumelwe bafinyelele ngalé kwaziphi izinto ezivamile esintwini lapho bengazinaki izinto ezihlukanisayo, futhi kanjalo babonise ukuthi basebunyeni nobani?
5 Ngenxa yalesosizathu thina esingabalandeli abazinikezele nababhapathiziwe baLowo owanikela ngokuphila kwakhe okuphelele kobuntu ngenxa yazo zonke izinhlobo zabantu kumelwe seqele ngalé kokulandela umthetho, ukujabulisa abanye, ukuba bahle, ukuba nobuntu, nesihawu; kumelwe sishukunyiswe uthando oluqotho olungenabugovu njengesithelo somoya kaJehova uNkulunkulu. Lesithelo sifuna ukuzuzisa abanye. Siyakujabulela ukunikela okuthile enhlalakahleni engokomoya nasenjabulweni yabanye. Sibonisa ukuthi sisebunyeni noNkulunkulu, owuthando. Kunamandla adonsayo kuloluthando. Ngokuvumelana nalokhu u-1 Johane 4:19 uyaphawula: “Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.”
6. Yini ehlanganisa amalungu ‘omhlambi owodwa,’ futhi isithelo somoya kaNkulunkulu asisekelwanga kuphi?
6 Ngakho-ke, lapho amalungu ahlukahlukene abumba ‘umhlambi owodwa’ ngaphansi ‘kukaMalusi oyedwa’ ebonisana uthando, luwahlanganisa ndawonye futhi lukhiphe ithonya elihlukanisayo lezizinda ezihlukahlukene zamalungu ‘omhlambi owodwa.’ Ayathandana ngenxa yokwembatha ‘umuntu omusha.’ Wonke ‘anomoya munye’ ovela kowodwa uMthombo waphezulu, uNkulunkulu noMniki-kuphila wabo bonke. Isithelo esifudumeza inhliziyo somoya wakhe siwuthando, olungasekelwe ebulilini noma isifiso sobugovu senkanuko, kodwa olusekelwe ekwazisaneni okuvela enhliziyweni ngezimfanelo zobuNkulunkulu ‘zobuntu obusha.’ Yilona kuphela olusebenza ‘njengesibopho esiphelele sobunye,’ olugcina ubunye nokubambisana.
Ukuhlanganela Umsebenzi Okhethekile
7. Kusukela ngo-1914 kunesidingo sani koFakazi BakaJehova, futhi lesi singenxa yamuphi umsebenzi?
7 Kulolusuku lokugcina ‘esiphelweni salesi simiso sezinto’ kusukela ngo-1914, kukhona isidingo sesenzo esibumbene koFakazi BakaJehova, abangeyona ingxenye yalesi simiso sezinto. Kungumthwalo wabo ukunikeza ubufakazi ezweni lonke ngesenzakalo esibaluleke kakhulu kuwo wonke umlando wesintu. (Mathewu 24:14; Marku 13:10) Lesisimo kumelwe sibe nesici esivelele umphostoli uPawulu asiphawula njengesiqhamile osukwini lwakhe. Lapho edonsela ukunakekela kulokhu kwabaseKolose 1:23, wathi: “Ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Pawulu.” Futhi manje, nonke nina zikhonzi zezindaba ezinhle namuhla, nithini ngokushumayela okufanayo kukho konke okudaliweyo izindaba ezinhle ezinye zagcinelwa isikhathi sethu esibucayi?
8. Thina namuhla sibona ukugcwaliseka kwamuphi umbono owavezwa uJohane kusAmbulo 14:6-12?
8 Thina namuhla sibona ukugcwaliseka kombono owanikezwa umphostoli uJohane, awuchaza kusAmbulo 14:6-12 ngalamazwi: “Ngase ngibona enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli eliphakade ilishumayela kwabahlezi emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu, isho ngezwi elikhulu, ithi: Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo, ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile; nikhuleke kuye owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi. Yayisilandela enye ingelosi, ithi: Liwile, liwile iBabiloni elikhulu, eliphuzisé izizwe zonke iwayini lolaka lobufebe balo. Yalandela enye ingelosi yesithathu, ithi ngezwi elikhulu: Uma kukhona okhuleka kuso isilo nomfanekiso waso, elwamukela futhi uphawu ebunzini lakhe noma esandleni sakhe, naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe esitsheni solaka lwakhe, lingaxutshiwe, ahlushwe ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu. Nomusi wokuhlushwa kwabo uyenyuka kuze kube-phakade naphakade; abasenakuphumula imini nobusuku abakhuleka kuso isilo nomfanekiso waso nalowo owamukela uphawu lwegama laso. Nakhu ukubekezela kwabangcwele abagcina imiyalo kaNkulunkulu nokukholwa nguJesu.”
9. Kunini lapho oFakazi BakaJehova babona ukufezwa kombono womphostoli uJohane, futhi kungani manje babekhululekile ukuba bamemezele izindaba ezinhle yonke indawo?
9 Ingabe insali egcotshiwe eyafanekiselwa umphostoli uJohane iye yakubona okufanayo osukwini lwanamuhla okufana nokwaleyongelosi indiza emkhathini wezulu ‘inezindaba ezinhle zaphakade’ okufanele zimenyezelwe kuzo zonke izakhamuzi zomhlaba, yebo, kuzo zonke izizwe, izinhlanga, izilimi nabantu bayo yonke imibala? Yebo, kusukela ehlobo lonyaka ongemva kwempi ka-1919 kuqhubeke. Kungaleso sikhathi lapho isiprofetho esiwumyalo sikaJesu esikuMathewu 24:14 saqala khona ukufezwa. Ingabe insali eyasinda ngaleso sikhathi ‘yayinezindaba ezinhle zaphakade’ okwakumelwe izimemezele kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu? Yebo, ngempela! Kwakukhona izindaba ezinhle okwakumelwe izimemezele ngokumiswa koMbuso kaNkulunkulu ngoKristu emazulwini okwakwenzeke ekupheleni kweZikhathi Zabezizwe ngo-1914. Futhi yeka izindaba ezinhle ezihlaba umxhwele okwakuyizo ensalini kaIsrayeli ongokomoya ukwaziswa ngemva kwempi yezwe yesibili ngesenzakalo sokuthi umcindezeli wayo ngokukhethekile, okungukuthi, iBabiloni Elikhulu, wayewile, walahlekelwa amandla akhe phezu koFakazi BakaJehova! Manje babekhululekile ukumemezela lengxenye ebalulekile yezindaba ezinhle kubo bonke abantu abasebugqilini benkolo, ukubatshela ukuba baphume eBabiloni Elikhulu nokubasiza ukuba benze kanjalo.—IsAmbulo 18:4.
10. Labo abaye baphuma eBabiloni Elikhulu baye bazihlanganisa nani, futhi baye baba ngaphansi kwasiphi isibopho sobunye?
10 Kakade “isixuku esikhulu” sabathandi benkululeko siye sasabela ‘ezindabeni ezinhle zaphakade’ futhi siye sasabela obizweni olufika ngesikhathi lokuphuma embusweni wezwe wenkolo yamanga YobuBabiloni. Siye sabalekela ohlangothini lwensali ekhululiwe kaIsrayeli ongokomoya. Ngakho-ke siye sahlanganyela nenhlangano ebonakalayo kaJehova futhi saba oFakazi BakaJehova ngokwaso. Siye sangena ‘kuleso sibopho esiphelele sobunye,’ uthando oluyisithelo somoya kaJehova uNkulunkulu.—Kolose 3:14; Galathiya 5:22.
11. Uthando oluye lwaboniswa eLobukholwa luye lwaba ngenxa kabani, futhi kunini lapho oFakazi BakaJehova beyosho ngenjabulo amazwi esAmbulo 19:1, 2?
11 Ingxenye eyinhloko yeBabiloni Elikhulu ileyo ebizwa ngokuthi eLobukholwa. Naphezu kwegama lalo alibonisi ubuKristu beqiniso, futhi amakhulu ezigidi zamalungu alo azihlanganisiwe ndawonye ‘isibopho esiphelele sobunye,’ njengoba kufakazelwa ukwehlukana kwalo namahlelo angamakhulukhulu enkolo. Uthando eLobukholwa eliye lazembathisa ngalo luwuthando lwamashende eBabiloni Elikhulu, amalungu ezombangazwe nawezenhlalo alelizwe, eliye lafeba nawo ngokwenkolo. Iyoba nkulu ngempela injabulo lapho. kungekhona nje ukuwa, kodwa lapho ukubhujiswa okuphelele kweBabiloni Elikhulu, kuhlanganise neLobukholwa, kwenzeka esikhathini sikaNkulunkulu sokulahlulela. Khona-ke ofakazi bakhe bayosho ngenjabulo amazwi esAmbulo 19:1, 2: “Haleluya! Insindiso, nenkazimulo, namandla ngokukaNkulunkulu wethu, ngokuba ziqinisile, zilungile izahlulelo zakhe; ngokuba isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindisele igama lezinceku zakhe esandleni saso.” Ukubhujiswa kwalo njengokungathi ngomlilo kuyoba okungenasiphelo, ‘okwaphakade.’—IsAmbulo 19:3.
12. Kuze kube ilapho iBabiloni Elikhulu libhujiswa isimo sifuna ukuba oFakazi BakaJehova babonise yiphi imfanelo, futhi hlobo luni lokuhlasela okumelwe bakwenze ezitheni zokukhanya?
12 Okwamanje, njengoba iBabiloni Elikhulu lisekhona ngokuvunyelwa uJehova, isimo sasemhlabeni salabo ‘abagcina imiyalo kaNkulunkulu nokholo lukaJesu’ sibaphoqelela ukuba ‘bakhuthazele.’ (IsAmbulo 14:12) Banesizathu sokusebenzisa kubo ngokwabo amazwi kaJesu esiprofethweni sakhe ‘ngesiphelo sesimiso sezinto,’ kuMathewu 24:13, athi: “Kodwa okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni nguyena oyakusindiswa.” Lawomazwi alandela ngokushesha inkulumo kaJesu eyandulelayo: “Ngenxa yokwanda kokubi kuzakuphola uthando lwabaningi.” (Mathewu 24:12) Uthando loFakazi BakaJehova luyobenza bakwazi ukubekezela kuze kube sekupheleni kwalesi simiso sezinto esidala. Lapho bebonisa uthando phakathi kwabo nakulabo abafuna ukuba sebuhlotsheni noJehova uNkulunkulu kuba yilapho leso ‘sibopho esiphelele sobunye’ siba namandla khona. Ngakho phambili, nina boFakazi BakaJehova, nokufakaza ezweni lonke ngoMbuso emazweni angama-205 enisebenza kuwo kakade, namanye amazwe eniwacabangelayo okumelwe nenabele kuwo! Kuyisikhathi sokuhlasela isitha ngobunye. Kumelwe sibuthane ndawonye futhi ngobunye silwe namabutho obumnyama alelizwe.
13. Iliphi inxusa elisetshenziswa uNkulunkulu okumelwe silisekele ngokwethembeka njalo?
13 Cishe sekuyiminyaka eyikhulu manje iWatch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, U.S.A., iyinxusa elibumbene lelo uJehova aye walisebenzisa ngenxa yofakazi bakhe. Iye yaba ithuluzi elinamandla lelo “isigaba senceku ethembekile neqondayo” eye yalisebenzisa ekunikezeni oFakazi BakaJehova ‘ukudla kwabo okungokomoya ngesikhathi esifanelekile.’ (Mathewu 24:45-47) Isibusiso sikaJehova siyabonakala phezu kwayo nezinhlangano zayo ezingamagatsha angama-95 kuwo wonke umhlaba. Iyaqhubeka ithola ukusekelwa kwethu okuqotho nokubambisana uma nje uJehova uNkulunkulu esakuthokozela ukuyisebenzisa. Yeka indlela esixhomeke ngayo kulelothuluzi!
Qhubekani Nihlanganiswe Uthando
14. Hlobo luni lwesambatho okumelwe siqhubeke sisembathile, futhi kungayiphi imfanelo okumelwe abantu bakaJehova babonise ngayo ukuthi bangofakazi bakhe?
14 USathane uDeveli nezwe lakhe elinobutha bayoqhubeka bezama ukusehlukanisa, kodwa uthando oluyisithelo esiyinhloko somoya kaNkulunkulu luyoqhubeka lubonakalisa ukuphelela kwalo njenge’sibopho sobunye.’ Ekwembatheni ‘ubuntu obusha,’ sizembathisa ngothando, njengoba umphostoli uPawulu asitshela ukuba senze, futhi kumelwe silwembathe njalo njengengxenye yobuntu bethu obubonakalisa umfanekiso kaNkulunkulu. Lapho inikeza iziyalo zokugcina kubafundi bayo, iNdodana kaNkulunkulu yathi: “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokho nginithandile, nani nithandane. Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.” (Johane 13:34, 35) Yeka indlela ayefaneleke ngayo lawomazwi ayevela eNdodaneni kaNkulunkulu, ngoba uYise wasezulwini, uJehova, uwuthando, futhi kumelwe sikwenze kwaziwe yiso sonke isintu ukuthi ngempela singoFakazi baKhe ngokuhlakulela isithelo somoya waKhe, esiwuthando!
15. Ekuboniseni uthando lwabo ngoNkulunkulu, ubani omunye okumelwe oFakazi BakaJehova bamthande?
15 Ukuze sihambisane nothando lwethu ngoJehova, kumelwe sithande ofakazi esikanye nabo. Ekufakazeleni lokhu, u-1 Johane 4:20, 21 uyasikhumbuza: “Uma umuntu esho ukuthi: Ngiyamthanda uNkulunkulu, kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga. Yebo, lomyalo sinawo, uvela kuNkulunkulu wokuthi othanda uNkulunkulu makathande nomzalwane wakhe.”
16. Kungani oFakazi BakaJehova bengenakukubalekela ukuthandana, futhi kungani uthando lungenakususwa kulomhlaba?
16 Ekuboniseni leso simiso ngesibonelo, oFakazi BakaJehova banamuhla, kungakhathaliseki ukuthi bayingxenye yezindlalifa ezizelwe ngomoya zeNkosi uJesu Kristu noma bangamalungu ‘esixuku esikhulu’ sezinye izimvu ezinethemba lokuphila emhlabeni oyiPharadesi, bathandana ngobuqotho. Singayeka kanjani ukuthanda labo abathanda uJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe ethandekayo uJesu Kristu? Sibathanda ngempela futhi ngenxa yalokhu sihlanganiswe ndawonye ‘ileso sibopho esiphelele sobunye.’ Naphezu kwakho konke lokho uSathane uDeveli nezwe lakhe elikhohlakele angase alwele ukukwenza ukuze abhubhise lesisithelo somoya kaJehova, uthando alusoze lwasuswa emhlabeni. Labo abaqhubeka bembethe uthando kuze kube sekubhujisweni kwalesi simiso sezinto sobuDeveli bayovikelwa uNkulunkulu wabo othembekile “osizini olukhulu” lomhlaba ongakaze uluthole. (Mathewu 24:21; Galathiya 5:22) Ngalendlela abathandi bakaNkulunkulu kuphela nomkhaya wakhe, inhlangano yakhe, abayosinda futhi bangene emhlabeni ohlanziwe ozoguqulwa wenziwe ipharadesi elikhazimulayo. Lelopharadesi alisoze lisuswe kodwa liyohlala phakade futhi lihlotshiswe abantu abanothando. Uthando luyonqoba phakade kube inkazimulo yoMthombo waphezulu wothando, uJehova uNkulunkulu.
Uphawulile Yini Ukuthi:
□ Kungani amaKristu ekhulu lokuqala ahlalisana kahle naphezu kwezizinda ezingafani?
□ Uthando luwathinta kanjani amaqembu amabili abumba ‘umhlambi owodwa wamaKristu namuhla?
□ IsAmbulo 14:6-12 sigcwaliswa kanjani namuhla?
□ Iliphi inxusa uNkulunkulu aye walisebenzisa ekusizeni abantu bakhe?
□ NgokwabaseKolose 3:14 yini okumelwe unqume ukuyenza?
[Isithombe ekhasini 22]
Ngaphansi kokuqondisa kwezingelosi . . .
[Isithombe ekhasini 23]
. . . OFakazi BakaJehova namuhla kumelwe ‘bamemezele izindaba ezinhle zaphakade’