Isahluko 22
UNkulunkulu ‘WeNkosi Yokuthula’ Uba “Yikho Konke Kukho Konke”
1. Kukuphi lapho uJesu Kristu ebekela zonke ezinye izidalwa ezulwini nasemhlabeni isibonelo?
NGOKUSHESHA ngemva kokuvuka kwayo, “iNkosi yokuthula” yathi komunye wabafundi bayo: “Ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.” (Johane 20:17) Ngalawomazwi yavuma ukuthi uYise wasezulwini wayenguNkulunkulu wayo futhi, okunguYena kuphela eyayimkhulekela. Ngokukhulekela okunjalo yabekela zonke ezinye izidalwa ezulwini nasemhlabeni isibonelo.
2, 3. (a) Eyoku-1 Korinte 15:24-26, 28 isichaza kanjani isenzo esikhethekile sikaJesu sokuzithoba kuYise? (b) Uyoba yini umphumela okhazimulayo?
2 Yeka isibonelo esihle “iNkosi yokuthula” eyoba yiso kuso sonke isintu esiphelelisiwe lapho ngokwethembeka izithoba ngendlela ekhethekile kuLowo onguMbusi ofanele wendawo yonke! Lokhu kuyokwembulwa ngokungenakufaniswa ekupheleni kokuBusa kwayo Kweminyaka Eyinkulungwane phezu kwesintu, lapho iyobe isibuyisele ukuthula, ukulondeka nobunye kuwo wonke umhlaba. Esiprofethweni esingashayi phansi, siyaqinisekiswa ngalokhu:
3 “Andukuba kufike ukuphela, nxa enikela umbuso kuNkulunkulu uYise, lapho esechithile ukubusa konke, nobukhosi bonke, namandla. Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe. Isitha sokugcina esiyakuchithwa singukufa. Kodwa nxa izinto zonke sezithotshiselwe phansi kwakhe, lapho-ke nayo iNdodana iyakuzithoba phansi kwalowo owathobisa zonke izinto phansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe-yikho konke kukho konke.” (1 Korinte 15:24-26, 28) Noma njengoba iThe Amplified Bible ihumusha ingxenye yokugcina yevesi 28: “Ukuze uNkulunkulu abe yikho konke kukho konke—okungukuthi, abe yikho konke kubo bonke, abe ophakeme, isici sokuphila esishukumisayo nesilawulayo.”
4. (a) Izakhamuzi zomhlaba ziyosabela kanjani esibonelweni sikaYise omusha? (b) Ibuphi ubuhlobo obusha bokuzithoba obuyoba khona?
4 Lapho “iNkosi yokuthula” inikeza kuNkulunkulu wayo uMbuso ekupheleni kokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane, izakhamuzi zomhlaba ziyokwaziswa ngalesinyathelo sikaYise omusha. Zinaye njengeSibonelo Esihle kuzo, nazo ngokufanayo ziyozithoba ebuhlotsheni obusha kuNkulunkulu oPhezukonke. Manje ngokokuqala ziyozithoba ngothando kuJehova ngokuqondile, yebo, zimkhulekele, ngobuqotho nangeqiniso, zingasayidingi inkonzo kaJesu yobupristi, ngisho nalapho zithandaza.
5. Siyoba yini isimo sengqondo samakhosi ayizi-144 000 akanye noJesu Kristu?
5 Ngalendlela uNkulunkulu oPhezukonke uphinde abe yiNkosi yendawo yonke engenaye ummeleli wakhe wobukhosi ezulwini noma emhlabeni. Kusobala ukuthi amakhosi ayizi-144 000 uJesu Kristu awahlenge emhlabeni nawo ayoguqa phambi koMbusi oPhakeme futhi ngalomqondo owenezelwe ayomvuma njengoMbusi Wendawo Yonke.
Uvivinyo Lokugcina Lwesintu
6. (a) Yini eyokwenzeka kubantu abangalaleli phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane kukaJesu? (b) Siyoba yini isimo salabo uJesu abaletha kuYise wasezulwini?
6 Eqaphela uJehova njengoMahluleli oPhakeme, uJesu Kristu unesifiso sokuba ukuvunyelwa kwaphezulu okudingeka kakhulu kunikezwe emsebenzini oye wafezwa uJesu phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane. Phakathi nalokho kubusa, labo bantu abenqaba ukuvumelana nezimfuneko zokulunga nababonisa ukungayilaleli iNkosi bayobe bebhujisiwe. Ngakho, labo uJesu Kristu abaletha kuJehova uNkulunkulu, uMahluleli wokugcina, kuyoba yilabo abalalelayo abafinyelele ukuphelela kobuntu.
7. (a) Yini eyobekwa ovivinyweni lokucwaninga ngemva kokuba uJesu ebuyisele uMbuso? (b) Isintu esiphelelisiwe siyovivinywa kanjani?
7 Kuleloqophelo kuyobe sekuyisikhathi sokuba kuvivinywe ukukhuthazela kokuzinikela komuntu kuMbusi Wendawo Yonke, uJehova uNkulunkulu. Njengasendabeni kaJobe, umbuzo uwukuthi: Ingabe bathanda futhi bakhulekela uNkulunkulu ngenxa nje yazo zonke izinto ezinhle aye wabenzela zona, noma ingabe bamthanda ngenxa yalokho ayikho yena ngokwakhe—uMbusi Ofanele wendawo yonke? (Jobe 1:8-11) Kodwa isintu esiphelelisiwe siyovivinywa kanjani ukwethembeka kwenhliziyo? IBhayibheli liyaphendula: USathane uDeveli namademoni akhe bayokhululwa “isikhashana” kwalasha abebevalelwe kuwo iminyaka eyinkulungwane. (IsAmbulo 20:3) Ngokuvumela uDeveli avivinye isintu esibuyiselwe, kungaqinisekwa ngomqondo ophelele ngobuqotho bamalungu ngamanye esintu esiphelelisiwe kuNkulunkulu.—Qhathanisa noJobe 1:12.
8. (a) Lapho ekhululwa kwalasha, yini uSathane namademoni akhe ayozama ukuyenza? (b) Labo abazivumela ukuba badukiswe uDeveli namademoni akhe bayobe bethatha yiphi inkambo?
8 Eminyakeni eyizinkulungwane eziyisikhombisa eyobe isiphelile, uSathane uDeveli wakwazi ukuyengela uAdamu noEva abaphelele esonweni ngokuthatha inkambo yobugovu. Ukuthi iziphi izindlela zesilingo uJehova ayovumela uSathane namademoni ukuba bazisebenzise ngemva kokukhululwa kwabo kwalasha imiBhalo ayisho. Kodwa ngokungangabazeki kuyoba nokukhanga kobugovu nesifiso sokuzibusa ngaphandle kukaNkulunkulu. Njengoba eyobe esalokhu eyisihlubuki ngokwakhe ebukhosini bukaJehova, uDeveli uyogxila ekutholeni izihlubuki ezingabantu. Ukuthi amabutho angamademoni akhululiwe ayophumelela ngezinga elingakanani nakho akushiwongo, kodwa kuyoba nezihlubuki ezingabantu ezanele ukuba zibonakale ziyisixuku esikhulu. Ukona kwanoma isiphi isidalwa esingumuntu, manje esesiphelele, ngalesosikhathi kuyokwenziwa ngokuhlakanipha, ngakho-ke, kuyoba okwamabomu, okwenhloso. Kuyosho ukuhlubuka ekukhulekeleni owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso nophilayo nokuthatha uhlangothi lukaSathane uDeveli. (IsAmbulo 20:7, 8) Ngakho, endabeni yalezozihlubuki, uJehova akabi “yikho konke kukho konke.”
9. (a) Kuyokwenzekani kulabo abangabugcini ubuqotho kuJehova uNkulunkulu? (b) Ziyosuswa kanjani zonke izihlubuki endaweni engabonakali? (c) Ngalesosikhathi isiphi isimo esikhazimulayo esiyochuma ezulwini nasemhlabeni?
9 Nokho, abathembekileyo bayenqaba ukunqotshwa izimpikiswano nokucindezela kwabantu abadukisiwe, abanobuzwe. Ngokungangabazi, abathembekileyo bakhetha ukuvumela uJehova abe “yikho konke kukho konke” kubo. Ukuze kube nokwahlulela ngokulunga, ubukhosi bukaJehova kumelwe bugcizelelwe ngokuqinile. Ngakho-ke, zonke izihlubuki zasemhlabeni ezithonywe uSathane ziyosuswa phakade zingabi bikho. Zikhukhulwe ngokuphelele! Indawo yendalo engabonakali nayo kumelwe isuswe zonke izihlubuki. Ngakho, ukuze kuqedwe ukuhlanzwa kwendawo yonke, uSathane uDeveli nawo wonke amabutho akhe angamademoni bayobhujiswa, baqedwe bangabibikho. Ngakho kuyohlanzwa konke ukungcolisa kwesono emazulwini nasemhlabeni. (IsAmbulo 20:9, 10) Ubungcwele bukaJehova buyochuma yonke indawo. (Qhathanisa noZakariya 14:20.) Igama elingcwele likaNkulunkulu oPhezukonke liyongcweliswa ezulwini nasemhlabeni. Bonke abahlala ezulwini nasemhlabeni ngenjabulo bayokwenza intando yakhe ephakeme.
10. Kungaziphi izindlela umhlaba uyoba nomehluko waphakade okungekho enye iplanethi eyowujabulela?
10 Kuze kube phakade umhlaba wethu uyoba nomehluko okungekho enye iplanethi emkhathini wonke ongenamkhawulo eyowujabulela, nakuba kungenzeka ukuthi umhlaba ngeke ube ukuphela kweplanethi eyoba nezakhamuzi. Ngokungavamile, kuyoba yilapho uJehova eye walwela khona ubukhosi bakhe bendawo yonke ngokungenakuphikwa, emisa isandulela saphakade nesendawo yonke. Uyoba ukuphela kweplanethi uJehova-Sebawoti ayobe elwe khona ‘impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.’ Uyoba ukuphela kweplanethi uNkulunkulu athumela kuyo iNdodana yakhe ethandekayo ukuba ibe umuntu futhi ife ukuze ibuyise izakhamuzi zaleplanethi esonweni nokufa. Uyoba ukuphela kweplanethi uJehova ayobe ethathe kuyo izakhamuzi zayo eziyizi-144 000 ukuba zibe “izindlalifa zikaNkulunkulu, izindlalifa kanye noKristu.”—Roma 8:17.
Amaserafi, Amakherubi, Izingelosi
11, 12. (a) Luhlobo luni lwezidalwa zomoya uIsaya azibona embonweni? (b) Lezi zinasiphi isithakazelo kithina esingabantu?
11 UNkulunkulu, uMthombo okhazimulayo wendalo yonke, ezulwini nasemhlabeni, ngeke abe “yikho konke” ezindlalifeni ezikanye noKristu eziyizi-144 000 kuphela kodwa futhi nakwabanye abasezulwini. Esahlukweni 6 sencwadi kaIsaya, sinikezwa umbono omncane wamagceke asezulwini. Lapho siyafunda: “Ngabona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi esiphezulu nesiphakemeyo, umsila wengubo yakhe ugcwalisa ithempeli. Ngaphezu kwakhe kwakumi amaserafi; yilelo nalelo lalinamaphiko ayisithupha; ngamabili lamboza ubuso, nangamabili lamboza izinyawo, nangamabili landiza. Elinye lamemeza kwelinye, lathi: Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova-Sebawoti, wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.”—Isaya 6:1-3.
12 Yeka umusa owaboniswa uIsaya ngokubona oNgcwele kakhulu endaweni yonke ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi sasezulwini ekanye namaserafi akhazimulayo! Yeka umbono owesabekayo lowo okwakuyiwo, wembula isikhundla esiphakeme lawomaserafi ayekuso, ngoba uNgcwele kakhulu Lowo ayebabaza ubungcwele bakhe ngokubugcizelela kathathu! Amaserafi anesithakazelo ekusizeni abakhulekeli bakaJehova ukuba babe ngcwele njengoba uNkulunkulu engcwele.—Isaya 6:5-7.
13. (a) Yiluphi olunye uhlobo lwezidalwa zomoya iBhayibheli elisembulela zona? (b) UJehova uchazwa kanjani ngokuqondene nazo?
13 Njengoba nje kunezinhlobonhlobo zezidalwa eziphilayo lapha emhlabeni, ezibonisa amandla kaJehova uNkulunkulu, ngokufanayo kunezidalwa zolunye uhlobo endaweni yomoya. IBhayibheli lembula ukuthi lezi zingamakherubi akhazimulayo, okumelwe ukuba andiza ngejubane elikhulu. (IHubo 18:10; qhathanisa namaHeberu 9:4, 5.) UGenesise 3:24 ubonisa ukuthi ngemva kokuba uAdamu noEva sebonile kuNkulunkulu wezulu ongcwele ngokudla isithelo esenqatshelwe, uMdali wamisa amakherubi “nenkemba yelangabi ephenduphendukayo” ngasempumalanga yendlela ebuyela ePharadesi lenjabulo. UJehova kukhulunywa ngaye ‘njengohlezi phezu kwamakherubi.’ (IHubo 99:1; Isaya 37:16) Ngakho uboniswa ebusa phezu kwamakherubi.
14. (a) Iluphi olunye uhlobo lwezidalwa zomoya okungamelwe lubukelwe phansi? (b) Ziningi kangakanani?
14 Phakathi kwezigidi zezidalwa zomoya akumelwe zibukelwe phansi izingelosi. Kunezigidi eziningi zazo. (Daniyeli 7:9, 10) Phakathi kwazo kunezingelosi ezabelwe ukukhonza abakhulekeli bakaJehova emhlabeni. UJesu waxwayisa ngokuthi akekho okumelwe akhubekise noma yibaphi abakhulekeli bakaJehova ngenxa yokuthi “izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.” (Mathewu 18:10; Heberu 1:14) Ekupheleni kwezinsuku zikaJesu ezingama-40 zokuzila ehlane nangemva kokumelana kwakhe ngempumelelo nezilingo ezintathu ezinzima ezalethwa uDeveli, yeka ilungelo okwakuyilo ngezingelosi ukukhonza izidingo ezingokwenyama zikaJesu obuthakathaka, olambile!—Mathewu 4:11.
15, 16. (a) Chaza ubunye obunjengobomkhaya obuyoba khona ezulwini nasemhlabeni. (b) Imuphi umvuzo ovela kuJehova oyonikezwa labobantu abaphelelisiwe abayophumelela ovivinyweni? (c) UJehova uyokubheka kanjani ukufinyelelwa kwenjongo yakhe yokuqala?
15 Phezulu ezulwini, izakhamuzi zomoya ezikhazimulayo ziyoba abafowabo komunye nomunye, kanti lapha emhlabeni umkhaya wesintu ophelelisiwe uyokwenziwa ube abafowabo nodadewabo komunye nomunye. Ziyoba umfanekiso nomfuziselo kaNkulunkulu ngezinga elihle uAdamu noEva ababeyilo, lapho besanda kuphuma ezandleni zokudala zikaJehova uNkulunkulu, ‘ngomfanekiso nangomfuziselo’ woMdali wabo. (Genesise 1:26, 27) Ngemva kokuphumelela ovivinyweni lokugcina, abantu abaphelelisiwe bayonikezwa ilungelo lokuphila phakade futhi bayokwamukelwa ngothando ‘njengabantwana bakaNkulunkulu,’ bejabulela inkululeko ekhazimulayo, futhi babe yingxenye yomkhaya kaJehova onobunye ezulwini nasemhlabeni.—Roma 8:21.
16 Yeka injabulo nentokozo yobuntu bakhe bonke uJehova uNkulunkulu ayobheka ngayo ukufinyelelwa kwenjongo yakhe yokuqala—isenzakalo esingenakufaniswa sokuba zonke izinto zenzeke ngokwenjongo yakhe yokuqala—zonke izidalwa zisebunyeni bothando nobungenakwehlukana naye!
17. Ngokucabangela konke lokhu, ubani oyokwazi ukungenzini, ngokuvumelana namazwi omhubi?
17 Ngokucabangela konke lokhu, ubani oyokwazi ukugwema ukubonga loMhlosi waphezulu omangalisayo? Ebhekisela amazwi akhe ngokufanelekile ezidalweni ezingaphezu komuntu, umhubi uthi: “Bongani uJehova nina-zingelosi zakhe, nina-maqhawe anamandla enenza okwezwi lakhe nilalela ukukhuluma kwezwi lakhe. Bongani uJehova nina-mabandla onke akhe, nina-zinceku zakhe enenza intando yakhe.”—IHubo 103:20, 21.
18. Umhubi uyiphetha kanjani incwadi yamaHubo?
18 Umhubi ojabulayo, ophefumlelwe uphetha incwadi yamaHubo ngalamazwi esikhuthazo: “Haleluya! Dumisani uNkulunkulu endlini yakhe engcwele, nimdumise emkhathini wakhe wamandla. Mdumiseni ngenxa yezenzo zakhe zamandla, nimdumise ngenxa yobukhosi bakhe obukhulu. Mdumiseni ngezwi lecilongo, nimdumise ngogubhu nehabhu. Mdumiseni ngesigubhu nokusina, nimdumise ngezingubhu ezinezintambo eziyishumi nemitshingo. Mdumiseni ngamasimbali ancencethayo, nimdumise ngezinsimbi ezikhencezayo. Konke okuphefumulayo makudumise uJehova. Haleluya!”—IHubo 150:1-6.
19. (a) Indawo yonke iyoba nobunye kusiphi isibopho? (b) Ngamanye amazwi, yini zonke izidalwa ezihlakaniphile eziyoyisho?
19 Ekugcineni indawo yonke iyoba nobunye esibophweni esiphelele esiyohlala kuze kube phakade, isibopho sokukhulekelwa okukodwa kukaBaba wasezulwini ngoba abantwana bakhe bayamthanda futhi bamdumisa phezu kwakho konke. Yebo, ngalesosikhathi zonke izidalwa ezihlakaniphile kuyoba njengokungathi zisho njengoba kwasho amaserafi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova-Sebawoti, wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.” Khona-ke, ngempela, uNkulunkulu ‘weNkosi yokuthula’ uyobe ‘eseyikho konke kukho konke’—phakade naphakade.
[Isithombe ekhasini 188, 189]
Indawo yonke iyoba nobunye ekukhulekeleni ngokuthula uMbusi Wendawo Yonke