-
Usuku Lokwahlulela—Luyini?Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
-
-
Encwadini yesAmbulo 20:11, 12, sifunda incazelo kamphostoli uJohane yoSuku Lokwahlulela: “Ngabona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nalowo owayehlezi kuso. Umhlaba nezulu kwabaleka phambi kwakhe, indawo yako ayibange isatholakala. Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi, futhi imiqulu yavulwa. Kodwa nomunye umqulu wavulwa; umqulu wokuphila. Abafileyo bahlulelwa ngokwalezo zinto ezazilotshwe emiqulwini ngokwezenzo zabo.” Ubani lo maHluleli ochazwa lapha?
-
-
Usuku Lokwahlulela—Luyini?Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
-
-
Ngaleso sikhathi seminyaka eyinkulungwane, uJesu Kristu ‘uyokwahlulela abaphilayo nabafileyo.’ (2 Thimothewu 4:1) “Abaphilayo” kuyoba “isixuku esikhulu” esiyosinda nge-Armagedoni. (IsAmbulo 7:9-17) Umphostoli uJohane wabona ‘nabafileyo bemi phambi kwesihlalo sobukhosi’ sokwahlulela. Njengoba uJesu athembisa, ‘bonke abasemathuneni bayokhunjulwa futhi bezwe izwi [likaKristu] baphume’ ngokuba bavuswe. (Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15) Kodwa kuyobe kusekelwephi ukwahlulelwa kwabo bonke?
Embonweni kamphostoli uJohane, “imiqulu yavulwa,” “abafileyo bahlulelwa ngokwalezo zinto ezazilotshwe emiqulwini ngokwezenzo zabo.” Ingabe le miqulu iwumbhalo wezenzo zabantu zesikhathi esidlule? Cha, abantu ngeke bahlulelwe ngokwalokho abakwenza bengakafi. Sikwazi kanjani lokho? IBhayibheli lithi: “Ofile ukhululiwe esonweni sakhe.” (Roma 6:7) Ngakho abavusiwe babuyela ekuphileni sekusulwe zonke izono zabo zangaphambili. Ngakho-ke le miqulu kumelwe ukuba imelela izimfuneko zikaNkulunkulu ezengeziwe. Ukuze abayosinda e-Armagedoni kanye nabavusiwe baphile phakade, kuyodingeka balalele imiyalo kaNkulunkulu, kuhlanganise nanoma yiziphi izimfuneko ezintsha uJehova angase azembule phakathi neminyaka eyinkulungwane. Ngakho, abantu bayokwahlulelwa ngokwalokho abayokwenza phakathi noSuku Lokwahlulela.
-