“Izinso” “Nenhliziyo” EmiBhalweni
IZINSO ezingokoqobo zimelele indawo yomzimba engaphansi kunenhliziyo yenyama. Ngokwenye yezincazelo, izinso ziyisihlalo semizwa yomuntu, isifiso nothando. IWebster’s New Collegiate Dictionary ihlanganisa izinso “nesimo senhliziyo” yomuntu.a KusAmbulo 2:23 uJesu Kristu ovusiwe, okhazinyulisiwe uthi: “Nginguye ophenya izinso nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe.” (Bheka futhi uJeremiya 11:20, amazwi asezansi NW, Reference Bible.) Izinso nenhliziyo kuyizitho ezahlukene zomzimba futhi zisezindaweni ezahlukene. Izinso ezingokoqobo zingezansi emzimbeni kunenhliziyo engokwenyama. Lezi futhi zinokusabela okwahlukene ezintweni ezahlukene ezishukumisayo. Lokhu kusabela kumelela okuthile. Kanjalo ukusabela okunjalo kungase kuphawulwe njengokubonisa izimfanelo ezahlukene ezibonisa uhlobo lomuntu umuntu ohlolwayo ayilo. Ingabe inhliziyo engokoqobo yomuntu iyashukumiselwa ukuba ishaye ngokushesha noma, njengokungathi ingenwa amakhaza? Ingabe izinso zakhe ziyashukunyiswa ukuba zisebenze ngesikhathi esingavamile nangendlela engafanele? UMhloli wezinhliziyo nezinso uyakwazi ukubona ukusabela okunjalo futhi amqonde kangcono umuntu, ngokwalokho izinso zakhe eziyikho.
KumaHubo 16:6-8 umqambi wamahubo uDavide wabhala: “Izabelo zingehlele ezindaweni ezinhle, yebo, nginalo ifa elihle. Ngiyakumbonga uJehova ongilulekayo; nasebusuku izinso zami ziyangiyala. Ngimbeké uJehova njalo phambi kwami, ngokuba ungakwesokunene sami, angiyikuzanyazanyiswa.” Eqinisweni, izinso zikaDavide zamyala kanjani phakathi nobusuku ayeqwashe ngabo? Nokho, uma uDavide wayenokukhonona ngesimo sikaJehova ngakuye, ukuthi wayeluhlobo luni lomuntu ngempela, izinso zakhe ezingokomfanekiso zaziyomnikeza isabelo esiqondile ngenjongo kaJehova ngaye. Kungakho uDavide athi: “Ngokuba awuyikunikela umphefumulo wami endaweni yabafileyo; awuyikuvuma ukuba ongcwele wakho abone ukubola.”—IHubo 16:10.
Yebo, uDavide uyovuswa ethuneni, noma eSheol, ngesikhathi sikaJehova esimisiwe; kodwa, ngaphansi kokufikelwa umoya ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E.,ezinsukwini ezingama-50 ngemva kokuvuswa kukaJesu Kristu, umphostoli uPetru wabhekisela iHubo 16:10 kuJesu Kristu, uPetru ethi kuzEnzo 2:25-28: “Ngokuba uDavide uthi ngaye: Ngayibona iNkosi phambi kwami njalo, ngokuba ingakwesokunene sami, ukuze nginganyakaziswa. Ngalokho inhliziyo yami iyajabula, nolimi lwami luyethaba; ngisho nenyama yami iyakuhlala ngokwethemba. Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami eHayidese, futhi awuyikuvuma oNgcwele wakho abone ukubola. Wangazisa izindlela zokuphila; uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho.”
Inhliziyo ejabulayo yaqabula umhubi uDavide, futhi ngokufanayo inhliziyo ejabulayo yenza ukuphila kwasemhlabeni kukaDavide omkhulu owafanekiselwa, uJesu Kristu, kube okumatasa. Inhliziyo evamile inethonya futhi emzimbeni, njengoba izAga 14:30 zisho: “Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama.” Inhliziyo kaDavide Omkhulu, uJesu Kristu, yahlala izolile inokushaya kwenhliziyo okugxilile nokuhamba kwegazi okukahle ngisho nangaphansi kwezimo ezithukuthelisayo, yebo, ngaphansi kokushushiswa nokuphathwa kabi ngokwenyama, kwaze kwaba sesikhathini sokubethelwa kwakhe. Kulapho kuphela afa enenhliziyo edabukile.—IHubo 69:20.
KumaHeberu 4:12 kuthiwa “izwi likaNkulunkulu . . . lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo.” Lokhu kubonisa ukuthi “inhliziyo” iyinto eheha futhi ishukumise imicabango nezizindlo, ezahlulelwa “yizwi likaNkulunkulu.”
[Umbhalo waphansi]
a Maqondana “nenso,” bheka futhi iThe Compact Edition of the Oxford English Dictionary; The Concise Oxford Dictionary; The Random House Dictionary of the English Language (Unabridged); The American Heritage Dictionary of the Engllsh Language; Webster’s New World Dictionary of the American Language.