Ithemba Eliqinisekile
“Kusukela lapho umuntu ezalwa kuhlale kunamathuba okuba afe noma nini; futhi lokhu kuyenzeka ngempela.”—ARNOLD TOYNBEE, ISAZI-MLANDO SASEBRITHANI.
1. Yiliphi iqiniso okuye kwadingeka isintu silamukele, okuphakamisa miphi imibuzo?
UBANI ongaphikisa leli qiniso elingokomlando? Isintu kuye kwadingeka samukele iqiniso elibuhlungu lokuthi ukufa kukhona. Futhi yeka umuzwa wokudangala esiba nawo lapho othile esimthandayo efa! Ngaleso sikhathi sisuke singasenakusishintsha nhlobo leso simo. Ingabe kungenzeka siphinde sibe nabathandekayo bethu abafileyo? IBhayibheli linaliphi ithemba ngabafileyo? Cabangela le ndaba elandelayo.
‘Umngane Wethu Ufile’
2-5. (a) Lapho umngane wakhe uLazaru efa, uJesu wabonisa kanjani ukuthi uzimisele ukumvusa nokuthi unawo amandla okwenzenjalo? (b) Ngalé kokubuyisela uLazaru ekuphileni, isimangaliso sovuko safezani?
2 Kwakuwunyaka ka-32 C.E. ULazaru nawodadewabo uMarta noMariya babehlala edolobheni elincane laseBethaniya, eliqhele ngamakhilomitha amathathu eJerusalema. Babengamathe nolimi noJesu. Langa limbe, uLazaru wagula kakhulu. Ngokushesha, odadewabo abakhathazekile bathumela umyalezo kuJesu, owayengaphesheya koMfula iJordani. UJesu wayemthanda uLazaru kanye nawodadewabo, ngakho ngemva kwesikhashana walibangisa eBethaniya. Endleleni, uJesu watshela abafundi bakhe: “ULazaru umngane wethu uye kophumula, kodwa ngiya lapho ukuze ngimvuse ebuthongweni.” Njengoba abafundi bengasheshanga ukuqonda incazelo yaleyo nkulumo, uJesu walibeka ngembaba: “ULazaru ufile.”—Johane 11:1-15.
3 Lapho ezwa ukuthi uJesu wayeza eBethaniya, uMarta wagijima wayomhlangabeza. Ethintwa indlela ayedabuke ngayo, uJesu wamqinisekisa: “Umfowenu uzovuka.” UMarta waphendula: “Ngiyazi ukuthi uyovuka ovukweni ngosuku lokugcina.” UJesu wayesethi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila. Lowo obonisa ukholo kimi, ngisho noma efa, uyophila.”—Johane 11:20-25.
4 UJesu wabe eseya ethuneni wayaleza ukuba kususwe itshe elalivale ithuna. Ngemva kokuthandaza ngokuzwakalayo, wathi: “Lazaru, phuma!” Futhi njengoba wonke amehlo ayethe njó ethuneni, ngempela uLazaru waphuma. UJesu wamvusa uLazaru—wabuyisela ukuphila endodeni eyayisinezinsuku ezine ifile!—Johane 11:38-44.
5 UMarta wayenokholo kakade esithembisweni sovuko. (Johane 5:28, 29; 11:23, 24) Isimangaliso sokubuyiselwa kukaLazaru ekuphileni saqinisa ukholo lukaMarta futhi senza nabanye bakholwa. (Johane 11:45) Kodwa lisho ukuthini ngempela igama elithi “uvuko”?
“Uzovuka”
6. Igama elithi “uvuko” lisho ukuthini?
6 Igama elithi “uvuko” lihunyushwa lisuselwa kwelesiGreki elithi a·naʹsta·sis, ngokwezwi nezwi elisho “ukuphinda usukume.” Abahumushi besiGreki abangamaHeberu baye bahumusha elithi a·naʹsta·sis ngamagama esiHeberu athi techi·yathʹ ham·me·thimʹ, okusho ukuthi “ukuvuswa kwabafileyo.”a Ngakho, uvuko luhilela ukuvusa umuntu esimweni sokufa esingenakuphila—ukuvuselela indlela yokuphila yalowo muntu.
7. Kungani ukuvuswa kwabantu kungeke kube inkinga kuJehova uNkulunkulu noJesu Kristu?
7 Njengoba ukuhlakanipha kukaJehova uNkulunkulu kungenamkhawulo nenkumbulo yakhe iphelele, angamvusa kalula umuntu. Ukukhumbula indlela yokuphila yabantu abafileyo—izici zabo zobuntu, umlando wabo kanye nayo yonke imininingwane ephathelene nabo—akuyona inkinga kuyena. (Jobe 12:13; qhathanisa no-Isaya 40:26.) UJehova futhi unguMsunguli wokuphila. Ngakho angakwazi kalula ukubuyisela umuntu ekuphileni, amnikeze ubuntu ayenabo emzimbeni owakhiwe kabusha. Ngaphezu kwalokho, njengoba lokho okwenzeka kuLazaru kubonisa, uJesu Kristu uzimisele futhi uyakwazi ukuvusa abafileyo.—Qhathanisa noLuka 7:11-17; 8:40-56.
8, 9. (a) Kungani uvuko nomqondo wokungafi komphefumulo kungavumelani? (b) Liyini ikhambi lokufa?
8 Nokho, imfundiso engokomBhalo yovuko ayivumelani nemfundiso yokungafi komphefumulo. Uma umphefumulo ongafi usinda ekufeni komuntu, akukho muntu obekuyodingeka avuswe, noma abuyiselwe ekuphileni. Yebo, uMarta akakhulumanga lutho ngomphefumulo ongafi oqhubeka uphila kwenye indawo ngemva kokufa. Wayengakholelwa ukuthi uLazaru wayeseye endaweni ethile yomoya ukuze aqhubeke ephila. Kunalokho, wabonisa ukholo enjongweni kaNkulunkulu yokuqeda imiphumela yokufa. Wathi: “Ngiyazi ukuthi uyovuka ovukweni ngosuku lokugcina.” (Johane 11:23, 24) Ngokufanayo, kwayena uLazaru akalandisanga lutho ngakubona ngalé kokufa. Akukho lutho ayengalubika.
9 Kusobala ukuthi ngokweBhayibheli, umphefumulo uyafa futhi ikhambi lokufa uvuko. Kodwa kunezinkulungwane zezigidi zabanye abantu eziye zafa kusukela umuntu wokuqala, u-Adamu, aba khona emhlabeni. Khona-ke, obani abayovuswa futhi bayovuselwaphi?
“Bonke Abasemathuneni Ayisikhumbuzo”
10. Yisiphi isithembiso esenziwa uJesu ngokuqondene nabasemathuneni ayisikhumbuzo?
10 UJesu Kristu wathi: “Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo beyozwa khona izwi [likaJesu] futhi baphume.” (Johane 5:28, 29) Yebo, uJesu Kristu wathembisa ukuthi bonke abasenkumbulweni kaJehova bayovuswa. Izinkulungwane zezigidi zabantu ziye zaphila futhi zafa. Kuzo, obani abasenkumbulweni kaNkulunkulu, abalindele uvuko?
11. Obani abayovuswa?
11 Labo abaye balandela inkambo yokulunga njengezinceku zikaJehova bayovuswa. Kodwa abanye abantu abayizigidi baye bafa bengazange babonise ukuthi bangazivumelanisa yini nezindinganiso zikaNkulunkulu zokulunga noma cha. Kungenzeka babengazazi izimfuneko zikaJehova noma abasitholanga isikhathi esanele sokwenza izinguquko ezidingekayo. Nalaba basenkumbulweni kaNkulunkulu futhi ngenxa yalokho bayovuswa, ngoba iBhayibheli liyathembisa: “Luyoba khona uvuko kokubili olwabalungileyo nabangalungile.”—IzEnzo 24:15.
12. (a) Yimuphi umbono owatholwa umphostoli uJohane ngovuko? (b) Yini ‘ejikijelwa echibini lomlilo,’ futhi kusho ukuthini lokho?
12 Umphostoli uJohane wathola umbono ovusa amadlingozi wabavusiwe bemi phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Ewuchaza, waloba: “Ulwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese kwakhipha abafileyo ababekukho, futhi bahlulelwa umuntu ngamunye ngokwezenzo zabo. Futhi ukufa neHayidese kwajikijelwa echibini lomlilo. Lokhu kusho ukufa kwesibili, ichibi lomlilo.” (IsAmbulo 20:12-14) Cabanga nje ukuthi kusho ukuthini lokho! Bonke abafileyo abasenkumbulweni kaNkulunkulu bayokhululwa eHayidese, noma eSheoli, ithuna elivamile lesintu. (IHubo 16:10; IzEnzo 2:31) Khona-ke “ukufa neHayidese” kuyojikijelwa “echibini lomlilo,” elifanekisela ukubhujiswa okuphelele. Ithuna elivamile lesintu ngeke lisaba khona.
Bayovuselwaphi?
13. Kungani uNkulunkulu ehlele ukuba abanye bavuselwe ezulwini, futhi uyobanika hlobo luni lomzimba?
13 Idlanzana lamadoda nabesifazane liyovuselwa ekuphileni kwasezulwini. Bayobusa noKristu njengamakhosi nabapristi futhi bayohlanganyela ekuqedeni yonke imiphumela yokufa isintu esakuzuza njengefa kumuntu wokuqala, u-Adamu. (Roma 5:12; IsAmbulo 5:9, 10) NgokweBhayibheli, bangu-144 000 kuphela futhi bakhethwa kubalandeli bakaKristu, kwaqala ngabaphostoli abathembekile. (Luka 22:28-30; Johane 14:2, 3; IsAmbulo 7:4; 14:1, 3) UJehova uyonikeza ngamunye walaba umzimba womoya ukuze akwazi ukuphila ezulwini.—1 Korinte 15:35, 38, 42-45; 1 Petru 3:18.
14, 15. (a) Uquqaba lwabafileyo luyovuselwa ekuphileni okunjani? (b) Yiziphi izibusiso eziyotholwa isintu esilalelayo?
14 Nokho, uquqaba lwabafileyo luyovuselwa ekuphileni emhlabeni. (IHubo 37:29; Mathewu 6:10) Emhlabeni onjani? Namuhla umhlaba ugcwele izingxabano, ukuchitheka kwegazi, ukungcola nobudlova. Ukube abafileyo bebeyobuya baphile emhlabeni onjalo, ngokuqinisekile noma iyiphi injabulo ibingasheshe iphele. Kodwa uMdali uthembise ukuthi maduze nje uzowuqeda umphakathi wezwe lamanje elibuswa uSathane. (IzAga 2:21, 22; Daniyeli 2:44) Ngemva kwalokho, umphakathi omusha wesintu esilungileyo—“umhlaba omusha”—uyoba khona ngokoqobo. (2 Petru 3:13) Ngaleso sikhathi “abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.” (Isaya 33:24) Ngisho nobuhlungu bokufelwa buyoqedwa, ngoba uNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:4.
15 Ezweni elisha elithenjiswe uNkulunkulu, abathobekileyo ‘bayothokoza ngokuthula okukhulu.’ (IHubo 37:11) Uhulumeni wasezulwini kaKristu Jesu nabangane bakhe abangu-144 000 kancane kancane uyobuyisela isintu esilalelayo ekupheleleni okwalahlwa abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva. Kubantu abayobe behlala emhlabeni kuyoba khona nabavusiwe.—Luka 23:42, 43.
16-18. Uvuko luyoyilethela yiphi intokozo imikhaya?
16 IBhayibheli linikeza amazwibela enjabulo eyolethwa uvuko emikhayeni. Ake ucabange ngenjabulo umfelokazi waseNayini ayizwa lapho uJesu emisa udwendwe lomngcwabo futhi evusa indodana yakhe ewuzinyo-bulala! (Luka 7:11-17) Kamuva, eduze koLwandle LwaseGalile, lapho uJesu ebuyisela intombazane eneminyaka engu-12 ekuphileni, abazali bayo “besasa kakhulu ngokudlulele.”—Marku 5:21-24, 35-42; bheka neyoku-1 AmaKhosi 17:17-24; 2 AmaKhosi 4:32-37.
17 Ezigidini ezilele manje ekufeni, uvuko luyosho ukuphila ezweni elisha elinokuthula. Cabanga nje ngethuba elihle elivulekele uTommy nosomabhizinisi okukhulunywe ngabo engxenyeni yokuqala yale ncwajana! Lapho uTommy ephaphamela ekuphileni ePharadesi emhlabeni, uyobe eyilowaya Tommy unina amaziyo—kodwa engasenazifo. Unina uyokwazi ukumthinta, amgone ambonise uthando. Ngokufanayo, kunokuba abambeke emjikelezweni ongapheli wokuzalwa kabusha, usomabhizinisi waseNdiya unethuba elimangalisayo lokuvula amehlo akhe emhlabeni omusha kaNkulunkulu futhi abone amadodana akhe.
18 Ukwazi iqiniso ngomphefumulo, ngalokho okwenzekayo kithina lapho sifa nangethemba lovuko kungaba nomphumela omkhulu kakhulu kulabo abaphilayo manje. Ake sibone ukuthi kungenzeka kanjani.
[Umbhalo waphansi]
a Nakuba igama elithi “uvuko” lingekho emiBhalweni YesiHeberu, ithemba lovuko livezwe ngokucacile kuJobe 14:13, Daniyeli 12:13 nakuHoseya 13:14.
[Isithombe ekhasini 26]
Uvuko luyoletha intokozo engapheli