Ngokushesha—Izwe Elingenabo Ubuhlungu!
INGABE izwe elingenabo ubuhlungu lizofika ngokushesha? Yeka ukuthi lezo bekungaba izindaba ezijabulisa kangakanani kulabo abanezifo ezingalapheki—kungakhathaliseki ukuthi ubuhlungu babo bungobomzimba, obengqondo, noma obomzwelo! Ngokwesibonelo, izigidi beziyojabula kakhulu ngokususwa kobuhlungu obukhulu obusemzibeni obubangelwa izinhlobo ezithile zomdlavuza, isifo sokudikiza okubuhlungu kwemizwa yobuso, nesifo senhliziyo esibangela izinhlungu enhliziyweni. Labo abahlushwa izinkinga ezinkulu zengqondo bebeyoyijabulela impumuzo ezinhlungwini zabo ngokuvamile ezingachazeki. Futhi ezinye izigidi beziyojabula uma nje bekungaphela ubuhlungu bazo obungokomzwelo obubangelwa imizwa enjengokwesaba, usizi, ukuba necala, ukukhathazeka nokukhungatheka. Kodwa ingabe siyafuna ngempela ukubona ukuphela kwabo bonke ubuhlungu?
“Ukungezwa buhlungu ngokuphelele kuyinhlekelele,” kusho isazi sesimo sezitho zomzimba nokusebenza kwazo uAllan Basbaum waseYunivesithi yaseCalifornia eSan Francisco. Wawasho ngesizathu esihle lamazwi. Njengenhlaba-mkhosi, ubuhlungu obusemzimbeni busazisa ukuthi kunento ethile elimazayo eyenzekayo.
Ukungakwazi ukuzwa ubuhlungu obusemzimbeni kungaba inhlekelele ngempela. Lokhu kuboniswe kulombiko okumagazini iTime: “Ukumomotheka komfanyana oneminyaka eyishumi nambili kubangela umahluko othinta inhliziyo esimweni sakhe esidabukisayo. Izingalo zakhe nemilenze kukhubazekile futhi kugwegwile, njengokungathi wake waphathwa irickets (isifo esithambisa umhlandla namathambo emilenze). Iminwe eminingana ayikho. Kunenxeba elikhulu elivulekile kwelinye idolo, futhi izindebe ezimomothekayo zilunywa zize zibe luhlaza. Ufana ncamashí nengane ephila ngokushaywa ngesihluku . . . Wazalwa enokukhubazeka okungavamile neze kwezakhi zofuzo okumenza angakwazi ukuzwa ubuhlungu. Iminwe yakhe yanqamuka noma yasha ngenxa yokuthi akazange asisuse isandla ezintweni ezishisayo noma eziyingozi. Amathambo akhe namalungu kugogekile ngoba wayeshaya kakhulu izinyawo lapho ehamba noma egijima. Idolo lakhe liye laba nesilonda esabangelwa ukukhasa ezintweni ezicijile ayengenakuzizwa. Uma engaphuka ithambo noma aklunyuke inqulu, ngeke ezwe buhlungu ngokwanele ukuba akhale acele usizo.”
Abanye abantu bayashesha ukubeka uNkulunkulu icala ngenxa yokuhlupheka okunjalo nangenxa yosizi oluzwiwa izigidi. Nokho, ingabe singambeka icala ngokufanele uNkulunkulu ngenxa yobuhlungu obuzwiwa yisintu?
Ingabe UNkulunkulu Onecala?
Sekuyiminyaka ecishe ibe ngu-6 000 manje isintu sisebugqilini bobuhlungu bomzimba, bengqondo nobomzwelo. Eqinisweni, emakhulwini eminyaka acishe abe ngu-19 adlule, umphostoli ongumKristu uPawulu waphawula ngokufanelekile: “Konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye kunezinseka kuze kube-manje.” (Roma 8:22) Naphezu kwezidambisa-zinhlungu eziningi ezitholakala emakhemisi nemizamo yodokotela nezazi zezifo zengqondo, kusaqhubeka ukugqilazwa ubuhlungu bazo zonke izinhlobo okusakazekile. Ingani abanye baye bathuka uNkulunkulu ngenxa yokuhlupheka kwabo, njengoba nje inkosikazi yendoda enguJobe yamnxusa ukuba enze emakhulwini eminyaka amaningi adlule! Nokho, njengoba naye aqaphela, umoya onjalo uwubuwula futhi awufanele.—Jobe 2:9, 10.
UNkulunkulu akanakubekwa icala ngokufanele ngokuba kwabantu sebugqilini bobuhlungu obukhona manje. Kunalokho, icala likumqambimanga ongabonakali nakubazali bethu bokuqala. Kanjani?
ImiBhalo ibonisa ukuthi nakuba sasilungile ekuqaleni, isidalwa somoya sahahela amandla nokuvelela. Ekuqaleni kokuphila komuntu emhlabeni, sabona ngamehlo engqondo uhlanga lwesintu emhlabeni oyipharadesi, lonke luzinikele ngokugcwele kuNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova. Siqhutshwa inhliziyo eyayisiyimbi, lesidalwa somoya sahlubuka kuMdali, sizifunela ukukhulekelwa abantu nokuzinikela kwabo. Izinhloso zaso ezimbi zazibonakalisa lapho siqamba amanga ngobuqili. Kamuva, lokhu kwaletha isono emhlabeni.
UJehova uNkulunkulu watshela umuntu wokuqala, uAdamu, ukuthi ukudla isithelo somuthi wokwazi okuhle nokubi kwakuyophumela ekufeni. (Genesise 2:15-17) Kodwa umka-Adamu, uEva, wahehwa ukuba angalaleli. Esebenzisa inyoka njengomkhulumeli, uMkhohlisi ongumoya wamtshela: “Aniyikufa nokufa; kepha uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nizidla, kuyakuvuleka amehlo enu [akaEva nomyeni wakhe], [nobabili] nibe-njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi.” (Genesise 3:1-5) Lawo kwakungamanga okuqala, futhi enza lesidalwa esibi esingokomoya sabizwa ngokuthi ‘uyise wamanga.’ (Johane 8:44) Ukusebenzisa kwaso inyoka kulesosenzakalo ensimini yase-Edene kunomfuziselo endleleni esibizwa ngayo emBhalweni ngokuthi “inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane.”—IsAmbulo 12:9.
Isono salethela isintu ukububula nokuba izigqila zobuhlungu. Njengokwezwi likaNkulunkulu, ngalo lolosuku lokona kuka-Adamu, uNkulunkulu wakhipha isigwebo sokufa kulezo zephula-mthetho. Ngokokwahlulela ngokulunga, ngokubheka kukaJehova, uAdamu noEva bafa ngalolosuku. (Qhathanisa noLuka 20:37, 38.) E-Edene, uJehova watshela owesifazane wokuqala owayeseyisoni: “Ngizakukubangela ubuhlungu obukhulu ekukhulelweni kwakho; uyakubeletha abantwana ngobuhlungu.” (Genesise 3:16) UAdamu wayeyophila ukuphila okubuhlungu ngaphandle kwensimu yase-Edene emhlabeni ohluke kakhulu esimweni sepharadesi. UJehova wathi: “Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.” (Genesise 3:17-19) Kwaqala kanjalo ukuba izigqila zobuhlungu ohlangeni lwesintu.
Khona-ke, ukuba izigqila zobuhlungu kuhlobene nokungapheleli, isono, nokufa okuzuzwe kuAdamu njengefa. Njengoba umphostoli uPawulu elandisa: “Isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile.” (Roma 5:12) Kodwa iZwi likaNkulunkulu liyasisiza ukuba sibekezelele ubuhlungu, ngoba liyasitshela ukuthi kungani uJehova eye wabuvumela futhi lisiqinisekisa ngokuthi buzophela ngokushesha. UNkulunkulu wavumela ‘uyise wamanga’ onjengenyoka, uSathane uDeveli, ukuba ahluphe uJobe olungile futhi kanjalo avivinye ubuqotho bakhe. UDeveli wayephikisa ngokuthi uJobe wayekhonza uNkulunkulu ngenxa yobugovu, hhayi uthando. (Jobe 1:8-12) Kodwa uJobe wahlala ethembekile kuNkulunkulu, ebonisa ukuthi abantu abangaphelele bangamkhonza ngenxa yothando futhi bangabusekela ngobuqotho ubukhosi bakhe naphezu kokuvivinywa okunzima kokholo lwabo. Ukukhuthazela kukaJobe njengomgcini wobuqotho kwaba nengxenye ekungcwelisweni kwegama likaJehova, kwabonisa ukuthi uSathane ungumqambimanga, futhi kwaletha imivuzo ecebile kuleyonzalamizi eyisibonelo. (Jobe 42:12-17; Jakobe 5:11) Ngokwalokhu okuhlangenwe nakho kukaJobe, singaphetha ngokuthi lapho injongo kaNkulunkulu isifeziwe, ukuba kwesintu izigqila zobuhlungu kuyophela. Kodwa singaqiniseka kanjani ngalokho?
Indlela Ubuhlungu Obuyophela Ngayo
Eqinisweni, uJehova uye wanikeza indlela ephumelela ngokuphelele yokuphelisa ukuba kwesintu izigqila zobuhlungu. Lokhu uye wakwenza ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo weNdodana yakhe, uJesu Kristu. UJesu ‘uyiWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.’ (Johane 1:29) Weza emhlabeni, hhayi ‘ukuzokhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwakhe [ukuphila kwakhe okuphelele kobuntu], kube-yisihlengo sabaningi.’ (Mathewu 20:28) Ngokungalaleli, uAdamu walahla ukuphila kobuntu okuphelele, nawo wonke amalungelo namathemba akho. Futhi yilokho kanye okuhlengwayo ngomhlatshelo kaJesu wesihlengo. (1 Thimothewu 2:5, 6; Heberu 7:26) Ngempela, “uNkulunkulu walithanda izwe [lesintu] kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe-nokuphila okuphakade.”—Johane 3:16.
UNkulunkulu futhi uye wathembisa ngokukhethekile ukuthi ukuba izigqila zobuhlungu kuyophela. Ebikezela isikhathi lapho ubuhlungu obuhlobene nesono buyobe bungasekho khona, umphostoli ongumKristu uJohane waphefumlelwa ngokwaphezulu ukuba abhale:
“Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho. Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe. Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe-ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe-nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona, nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile. Wayesethi ohlezi esihlalweni sobukhosi: Bheka, ngenza konke kube-kusha. Wathi: Loba, ngokuba lawamazwi athembekile, aqinisile.”—IsAmbulo 21:1-5.
Abantu abalalelayo ngokushesha bazozuza ngokugcwele emhlatshelweni kaJesu wesihlengo. Lokhu kuyokwenzeka ngaphansi kokubusa koMbuso osekuyisikhathi eside uthandazelwa abaqotho, bethi: “Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.” (Mathewu 6:9, 10) EMbusweni wasezulwini, uJesu Kristu uyobusa kuze kube yilapho esebeke zonke izitha zakhe phansi kwezinyawo zakhe, kuhlanganise nokuba izigqila zobuhlungu nesitha sokugcina, ukufa.—1 Korinte 15:25, 26.
Yebo, ngokuqondene nabantu abalalelayo, ngokushesha uNkulunkulu ‘uzokwesula zonke izinyembezi, futhi ukufa, ukudabuka, ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusabakhona.’ (IsAmbulo 21:4) Khona-ke amazwi angokwesiprofetho alandelayo lawo manje agcwaliseka ngokomoya ayogcwaliseka ngokoqobo: “Mbonge uJehova, mphefumulo wami; . . . yena othethelela zonke izono zakho, owelapha zonke izifo zakho.” “Abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.”—IHubo 103:1-3; Isaya 33:24.
Ukuphela Kobuhlungu Kuyofika Nini?
Ukuphela kokuba izigqila zobuhlungu kuseduze. Yebo, kuzokwenzeka osukwini lwethu, futhi sona kanye lesizukulwane sizokubona. Ukugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli kubonisa ukuthi siphila ekupheleni kwalesimiso sezinto esibi. Izimpi ezingenakuqhathaniswa, izindlala, ukuzamazama komhlaba, kanye nokushunyayelwa kwezindaba ezinhle emhlabeni wonke okwenziwa oFakazi BakaJehova, kuyingxenye ‘yesibonakaliso’ esihlanganisa izinto eziningi “sokuba khona” kukaJesu okungabonakali enkazimulweni yoMbuso wasezulwini.—Mathewu 24:3-14, 21, 34, qhathanisa neNW.
Ngokushesha, “izulu lokuqala nomhlaba wokuqala,” isimiso sezinto esihleliwe sikaSathane uDeveli kanye nohlelo lwaso lohulumeni, kuzodlula. ‘Ulwandle’ oluyaluzayo lwesintu esibi ngeke lusaba khona. Ngakho-ke sikuwo kanye umnyango ‘wamazulu amasha’ awuhulumeni obusiswe ngokwaphezulu ayobusa phezu ‘komhlaba omusha,’ umphakathi wesintu olungile. Kuwo ‘kukhona . . . ukulunga.’—IsAmbulo 21:1; 2 Petru 3:13.
Njengoba izibusiso ezinjalo ngaphansi kukahulumeni omusha—uMbuso kaNkulunkulu—ziseduze, yiba nesibindi. Funa ulwazi olwengeziwe oluphathelene nezwe elisha elingenabo ubuhlungu nokufa. Ngempela, bheka phambili osukwini olubusisiwe manje oseluseduze lapho bonke abathanda nabalalela uJehova uNkulunkulu beyophila ezweni elingenabo ubuhlungu.