“Bhincani Ukuthobeka Kwengqondo”
“UNkulunkulu uyamelana nabazidlayo, kodwa abathobekile ubapha umusa ongafanelwe.”—1 PETRU 5:5.
1, 2. Yiziphi izimo zengqondo ezimbili ezingafani ezinethonya elinamandla ekuziphatheni komuntu?
PHAKATHI kwezimo zengqondo iZwi likaNkulunkulu eliziletha ekunakekeleni kwethu, kukhona ezimbili ezingafani. Zombili zinethonya elinamandla ekuziphatheni komuntu. Esinye sichazwa ngokuthi “ukuthobeka kwengqondo.” (1 Petru 5:5) Isichazamazwi sichaza “ukuthobeka” ngokuthi “ukuba nenkambo noma umoya wokuzehlisa: ukungabi nokuzigqaja kokuzidla.” Ukuthobeka kwengqondo kuyafana nokuzibeka phansi, futhi ngokombono kaNkulunkulu, lena imfanelo efiseleka kakhulu.
2 Engafani nalena ukuzidla. Lena ichazwa ngokuthi “ukuzethemba ngokweqile,” ukuba “oweyisayo.” Inobugovu, futhi ifuna izinzuzo zezinto ezibonakalayo, zokuzikhukhumeza, nezinye naphezu kwemiphumela engemihle kwabanye. IBhayibheli liphawula omunye umphumela: ‘Umuntu uye wabusa omunye kwaba ngukulimala kwakhe.’ Likhuluma ‘ngomhawu womuntu ngomakhelwane wakhe,’ ngokuthi ‘kuwukufuna umoya’ ngoba ekufeni “akukho lutho umuntu angamuka nalo.” Ukuzidla okunjalo akufiseleki nhlobo ngokombono kaNkulunkulu.—UmShumayeli 4:4; 5:15, NW; 8:9.
Umoya Wezwe Odlangile
3. Uyini umoya wezwe odlangile?
3 Yisiphi kulezi zimo zengqondo ezimbili esibonakalisa lokho izwe eliyikho namuhla? Uyini umoya wezwe odlangile? I-World Military and Social Expenditures ka-1996 ithi: “Alikho elinye ikhulu leminyaka embhalweni ogciniwe elifana nelama-20 ngobudlova . . . bokuntula impucuko.” Ukuncintisana ngenxa yamandla ezombangazwe nawezomnotho—kanye nemibango yobuzwe, yenkolo neyobuhlanga—kuye kwabulala abantu abangaphezu kwezigidi eziyikhulu kuleli khulu leminyaka. Ukuziphatha kobugovu kwabantu ngabanye nakho kuye kwanda. I-Chicago Tribune yaphawula: “Ukugula komphakathi kuhlanganisa ubudlova bokungagqizi qakala, ukunukubezwa kwabantwana, isehlukaniso, ubudakwa, ingculaza, ukuzibulala kwentsha eyeve eshumini elinambili, izidakamizwa, amaqembu asemgwaqweni ezigilamkhuba, ukudlwengula, ubuvezandlebe, ukukhishwa kwezisu, izithombe zobulili ezingcolile, . . . ukuqamba amanga, ukukhohlisa, ukonakala kwezombangazwe . . . Imiqondo yokuziphatha okulungile nokungalungile iye yashatshalaliswa.” Ngakho, i-UN Chronicle yaxwayisa: “Imiphakathi iyawohloka.”
4, 5. Umoya wezwe uchazwe kanjani ngokunembile esiprofethweni seBhayibheli esiphathelene nosuku lwethu?
4 Lezi zimo zisemhlabeni wonke. Kunjengoba nje iBhayibheli labikezelela isikhathi sethu: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayoba abazithandayo, abathandi bemali, abazazisayo, abazidlayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembekile, abangenakho ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando ngobuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele ngokuziqhenya.”—2 Thimothewu 3:1-4.
5 Lokhu kuwuchaza ngokunembile umoya waleli zwe odlangile. Uyisimo sengqondo sobumina. Umbango ophakathi kwabantu ubonisa lokho kanye umbango ophakathi kwezizwe oyikho. Ngokwesibonelo, emidlalweni yokuncintisana abasubathi abaningi bafisa ukuphuma phambili kungakhathaliseki ukuthi lokhu kubalimaza kangakanani abanye ngokomzwelo noma ngisho nangokomzimba. Lo moya wobugovu uyakhuthazwa ezinganeni futhi umuntu uqhubeka ekhula nawo emikhakheni eminingi yokuphila kwakhe. Ubangela “ubutha, ukuxabana, umhawu, isifuthefuthe sentukuthelo, imibango, ukuhlukana.”—Galathiya 5:19-21.
6. Ubani okhuthaza ubugovu, futhi uJehova uzizwa kanjani ngalesi simo sengqondo?
6 IBhayibheli libonisa ukuthi lo moya wobugovu waleli zwe ubonakalisa umoya walowo “obizwa ngokuthi uDeveli noSathane, odukisa umhlaba wonke owakhiwe.” Ngokuqondene nethonya likaSathane kubantu abaphila kulezi zinsuku zokugcina ezibucayi, iBhayibheli liyabikezela: “Mayé ngomhlaba . . . ngoba uDeveli wehlele kini, enentukuthelo enkulu, azi ukuthi unenkathi yesikhathi emfushane.” (IsAmbulo 12:9-12) Ngakho yena namademoni akanye naye bayiqinisile imizamo yabo yokukhuthaza isimo sengqondo sobugovu emkhayeni wesintu. UJehova uzizwa kanjani ngesimo sengqondo esinjalo? IZwi lakhe lithi: “Bonke abazidlayo ngenhliziyo bayisinengiso kuJehova.”—IzAga 16:5.
UJehova Ukanye Nabathobekile
7. UJehova ubabheka kanjani abathobekile, futhi ubafundisani?
7 Ngakolunye uhlangothi, uJehova uyababusisa abanengqondo ethobekile. INkosi uDavide, lapho ihlabelelela uJehova yathi: “Uyasindisa abantu abathobekileyo, kepha amehlo akho aphezu kwabaqhoshileyo ukuba ubathobise.” (2 Samuweli 22:1, 28) Ngalokho, iZwi likaNkulunkulu liyeluleka: “Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlaba . . . funani ukulunga; funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.” (Zefaniya 2:3) UJehova ufundisa labo abamfuna ngokuthobeka ukuba bahlakulele umoya ohluke ngokuphelele kowaleli zwe. “Abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe.” (IHubo 25:9; Isaya 54:13) Leyo ndlela yindlela yothando. Isekelwe ekwenzeni okulungile ngokuvumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu. NgokweBhayibheli, lolu thando olunezimiso “aluzigabisi, alukhukhumali, . . . aluzifuneli izinzuzo zalo siqu.” (1 Korinte 13:1-8) Luzibonakalisa nangokuthobeka kwengqondo.
8, 9. (a) Luvela kubani uthando olunezimiso? (b) Kubaluleke kangakanani ukulingisa uthando nokuthobeka uJesu akubonisa?
8 UPawulu namanye amaKristu ekhulu lokuqala balufunda lolu hlobo lothando ezimfundisweni zikaJesu. UJesu yena walufunda kuYise, uJehova, iBhayibheli elithi ngaye: “UNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) UJesu wayazi ukuthi intando kaNkulunkulu ngaye yayiwukuba aphile ngomthetho wothando, futhi wakwenza. (Johane 6:38) Yingakho ayenobubele ngabacindezelweyo, abampofu nezoni. (Mathewu 9:36) Wabatshela: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke. Bekani ijoka lami phezu kwenu futhi nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo.”—Mathewu 11:28, 29.
9 UJesu wabonisa abafundi bakhe ukubaluleka kokulingisa uthando lwakhe nokuthobeka lapho ebatshela: “Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:35) Babezogqama bahluke kuleli zwe elinobugovu. Yingakho uJesu ayengathi ngokuphathelene nabalandeli bakhe: ‘Abayona ingxenye yezwe.’ (Johane 17:14) Cha, abawulingisi umoya wezwe likaSathane wokuzidla nowobugovu. Kunalokho, balingisa umoya wothando nokuthobeka uJesu awubonisa.
10. UJehova wenzani ngabathobekile osukwini lwethu?
10 IZwi likaNkulunkulu labikezela ukuthi kulezi zinsuku zokugcina, kwakuyoqoqwa abathobekile babe umphakathi wembulunga yonke osekelwe othandweni nasekuthobekeni. Ngakho, phakathi kwezwe eliya liba nokuqhosha ngokwengeziwe, abantu bakaJehova babonisa isimo sengqondo esihlukile—ukuthobeka kwengqondo. Labo bantu bathi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova [ukukhulekela kwakhe kweqiniso okuphakeme] . . . uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe.” (Isaya 2:2, 3) OFakazi BakaJehova yibo abakha lo mphakathi wembulunga yonke ohamba ezindleleni zikaNkulunkulu. Bahlanganisa ‘nesixuku esikhulu, okungekho muntu owakwazi ukusibala, siphuma kuzo zonke izizwe nezizwana nabantu nezilimi.’ (IsAmbulo 7:9) Lesi sixuku esikhulu manje sakhiwa yizigidi zabantu. UJehova ubaqeqesha kanjani ukuba bathobeke?
Ukufunda Ukuthobeka Ngengqondo
11, 12. Izinceku zikaNkulunkulu zikubonisa kanjani ukuthobeka kwengqondo?
11 Umoya kaNkulunkulu osebenza kubantu bakhe abazimisele ubenza ukuba bafunde ukunqoba umoya omubi wezwe bese bebonisa izithelo zomoya kaNkulunkulu. Lokhu kuzibonakalisa ngokuba babe ‘nothando, injabulo, ukuthula, ukubhekakade, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba.’ (Galathiya 5:22, 23) Ukuze zisizwe ukuba zakhe lezo zimfanelo, izinceku zikaNkulunkulu zelulekwa ukuba zingabi ‘ezizazisayo, zibhebhezela ukuncintisana, zifelana umona.’ (Galathiya 5:26) Ngokufanayo, umphostoli uPawulu wathi: “Ngitshela wonke umuntu lapho phakathi kwenu ukuba angazicabangeli ngaphezu kwalokho okudingeke ukuba akucabange; kodwa acabange ukuze abe nengqondo ehluzekile.”—Roma 12:3.
12 IZwi likaNkulunkulu litshela amaKristu eqiniso ukuba angenzi “lutho ngokubanga noma ngokuzazisa, kodwa ngokuthobeka kwengqondo nibheka abanye [abayizinceku zikaNkulunkulu] njengabaphakeme kunani, ninakekela, hhayi ngesithakazelo somuntu siqu izindaba zenu kuphela, kodwa futhi ninakekela ngesithakazelo somuntu siqu nezabanye.” (Filipi 2:3, 4) “Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.” (1 Korinte 10:24) Yebo, ‘uthando luyabakha’ abanye ngamazwi nangezenzo ezingenabugovu. (1 Korinte 8:1) Lukhuthaza ukubambisana, hhayi ukuncintisana. Umoya wobumina awunandawo phakathi kwezinceku zikaJehova.
13. Kungani ukuthobeka kwengqondo kumelwe kufundwe, futhi umuntu ukufunda kanjani?
13 Nokho, ngenxa yokungapheleli okuzuzwe njengefa, asizalwa sithobekile engqondweni. (IHubo 51:5) Le mfanelo kumelwe ifundwe. Futhi lokhu kungaba nzima kulabo abangazange bafundiswe izindlela zikaJehova kusukela ebuntwaneni kodwa abazamukela kamuva ekuphileni. Kakade sebeye bakha ubuntu obusekelwe ezimweni zengqondo zaleli zwe elidala. Ngakho kumelwe bafunde ‘ukulahla ubuntu obudala obuvumelana nenkambo yabo yokuziphatha yangaphambili’ futhi ‘bagqoke ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokwethembeka.’ (Efesu 4:22, 24) Ngosizo lukaNkulunkulu abaqotho bangakwenza lokho uNkulunkulu acela ukuba bakwenze: “Gqokani ukusondelana okunesisa kobubele, umusa, ukuthobeka kwengqondo, ubumnene, nokubhekakade.”—Kolose 3:12.
14. UJesu wakhuluma kanjani ngokumelene nokufuna komuntu ukuziphakamisa?
14 Kwadingeka ukuba abafundi bakaJesu bakufunde lokho. Babengabantu abadala lapho beba abafundi bakhe futhi benesilinganiso esithile somoya wezwe wokubanga. Lapho unina wababili kubo efunela amadodana akhe ukuvelela, uJesu wathi: “Ababusi bezizwe bazenza izingqongqo phezu [kwabantu] nabantu abakhulu basebenzisa igunya phezu [kwabo]. Lena akuyona indlela okungayo phakathi kwenu; kodwa noma ubani ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu kumelwe abe isikhonzi senu, futhi noma ubani ofuna ukuba owokuqala phakathi kwenu kumelwe abe isigqila senu. Njengoba nje iNdodana yomuntu [uJesu] ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela umphefumulo wayo ube isihlengo esenana abaningi.” (Mathewu 20:20-28) Lapho uJesu etshela abafundi bakhe ukuba bangazisebenzisi iziqu ukuze bazame ukuziphakamisa, wenezela: “Nonke nina ningabafowabo bomunye nomunye.”—Mathewu 23:8.
15. Yisiphi isimo sengqondo labo abafuna isikhundla sobubonisi okufanele babe naso?
15 Umlandeli kaJesu weqiniso uyinceku, yebo, isigqila kumaKristu akanye nawo. (Galathiya 5:13) Lokhu kunjalo nakakhulu kulabo abafuna ukufanelekela ukwengamela ebandleni. Akufanele neze bancintisanele ukuvelela noma amandla; akumelwe ‘bazenze izingqongqo phezu kwalabo abayifa likaNkulunkulu, kodwa kumelwe babe izibonelo kubo.’ (1 Petru 5:3) Ngempela, umoya wokuzifunela okwakho uyisibonakaliso sokuthi indoda enjalo ayikufanelekeli ukwengamela. Umuntu onjalo uyolilimaza ibandla. Yiqiniso, kufanelekile ‘ukuzama ukufinyelela isikhundla sombonisi,’ kodwa lokhu kufanele kushukunyiswe yisifiso sokukhonza amanye amaKristu. Lesi sabelo asisona isikhundla sokuvelela noma samandla, ngoba labo abengamele kufanele babe phakathi kwabathobeke ngengqondo ukubedlula bonke ebandleni.—1 Thimothewu 3:1, 6.
16. Kungani uDiyotrefe alahlwa eZwini likaNkulunkulu?
16 Umphostoli uJohane uletha ekunakekeleni kwethu umuntu owayenombono ongafanele, ethi: “Ngalobela ibandla okuthile, kodwa uDiyotrefe, othanda ukuba nendawo ephambili phakathi kwabo, akayamukeli ngenhlonipho noma yini evela kithi.” Le ndoda yayingenanhlonipho lapho isebenzelana nabanye ukuze izame ukuqokomisa isikhundla sayo. Kunalokho, umoya kaNkulunkulu washukumisa uJohane ukuba abhale ngokulahlwa kukaDiyotrefe eBhayibhelini ngenxa yesimo sakhe sengqondo sobumina.—3 Johane 9, 10.
Isimo Sengqondo Esifanele
17. UPetru, uPawulu, noBarnaba bakubonisa kanjani ukuthobeka kwengqondo?
17 Kunezibonelo eziningi eBhayibhelini zezimo zengqondo ezifanele, zokuthobeka kwengqondo. Lapho uPetru engena endlini kaKorneliyu, lowo muntu “wawa phansi ezinyaweni [zikaPetru] wamkhothamela.” Kodwa esikhundleni sokuba amukele ukudunyiswa, “uPetru wamphakamisa, ethi: ‘Vuka; nami ngokwami ngingumuntu.’” (IzEnzo 10:25, 26) Lapho uPawulu noBarnaba beseListra, uPawulu waphulukisa umuntu owayelunyonga kusukela azalwa. Ngenxa yalokho, izixuku zathi laba baphostoli babengonkulunkulu. Nokho, uPawulu noBarnaba “baklebhula izingubo zabo zangaphandle bagxumela esixukwini, bekhamuluka bethi: ‘Madoda, kungani nenza lezizinto? Nathi singabantu abanobuthakathaka obufanayo nobenu.’” (IzEnzo 14:8-15) Lawa maKristu athobekile ayengenakukwamukela ukudunyiswa abantu.
18. Ibonisa ukuthobeka kwayo, ingelosi enamandla yathini kuJohane?
18 Lapho umphostoli uJohane enikwa “isambulo sikaJesu Kristu,” sadluliselwa ngengelosi. (IsAmbulo 1:1) Ngenxa yamandla engelosi, singaqonda ukuthi kungani uJohane aba nokwesaba, ngoba ingelosi eyodwa yabulala abase-Asiriya abangu-185 000 ngobusuku obubodwa. (2 AmaKhosi 19:35) UJohane uyalandisa: “Lapho sengizwile futhi sengibonile, ngawa phansi ukuba ngikhulekele phambi kwezinyawo zengelosi eyayingibonisa lezizinto. Kodwa ithi kimi: ‘Qaphela! Ungakwenzi lokho! Ngimane nje ngiyisigqila esikanye nawe nabafowenu . . . Khulekela uNkulunkulu.’” (IsAmbulo 22:8, 9) Yeka ukuthobeka kwengqondo okwaboniswa yile ngelosi enamandla!
19, 20. Veza umehluko okhona phakathi kokuzidla kojenene bamaRoma abangabanqobi nokuthobeka kwengqondo kukaJesu.
19 UJesu wayeyisibonelo esihle ukuzedlula zonke somuntu owayethobekile ngengqondo. WayeyiNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa, iNkosi yesikhathi esizayo yoMbuso kaNkulunkulu wamazulu. Lapho ezethula kubantu njengonjalo, akazange enze njengoba kwakwenza ojenene bezikhathi zamaRoma abangabanqobi. Babenzelwa imibukiso emikhulu—izindwendwe—bagibele ezinqoleni ezihlotshiswe ngegolide nangophondo lwendlovu, ezazidonswa amahhashi amhlophe, noma izindlovu, amabhubesi, noma amahlosi imbala. Kulezi zindwendwe kwakuba nabaculi becula izingoma zokunqoba, kanye nezingqukumbane ezazilayishwe impango nezinqola ezinkulu ezazinezihlenga okwakuboniswa kuzo izinkundla zempi. Kwakuba khona namakhosi athunjiwe, izikhulu, nojenene, nemikhaya yabo, ngokuvamile benqunulisiwe ukuze bahlazwe. Lezi zenzakalo zazinikeza umuzwa onamandla wokuzidla, ukuqhosha.
20 Qhathanisa lokho nendlela uJesu azinikela ngayo. Wayezimisele ukuzinikela ngokuthobeka ekugcwaliseni isiprofetho esasiphathelene naye, esabikezela ukuthi: “Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo.” Wagibela ngokuthobeka esilwaneni sokuthwala, hhayi enqoleni edonswa izilwane zokubukisa zekhethelo. (Zakariya 9:9; Mathewu 21:4, 5) Yeka ukuthi abantu abathobekile bajabula kanjani ngokuthi uJesu uyoba yiNkosi emiswe uJehova phezu komhlaba wonke ezweni elisha, umuntu onengqondo ethobeke ngempela, ozothile, onothando, onesihawu, onesihe!—Isaya 9:6, 7; Filipi 2:5-8.
21. Yini ukuthobeka kwengqondo okungayibonisi?
21 Iqiniso lokuthi uJesu, uPetru, uPawulu namanye amadoda nabesifazane bokholo bezikhathi zeBhayibheli babethobekile engqondweni liyawuchitha umqondo wokuthi ukuthobeka kuwubuthakathaka. Kunalokho, kubonisa ubudoda, ngoba laba babenesibindi futhi beshiseka. Ngamandla amakhulu angokwengqondo nangokokuziphatha, bakhuthazelela ukulingwa okunzima. (AmaHeberu, isahluko 11) Futhi namuhla, lapho izinceku zikaJehova zithobekile engqondweni, zinamandla afanayo ngoba uNkulunkulu uyabasekela abathobekile ngomoya wakhe ongcwele onamandla. Ngakho, siyanxuswa: “Nonke bhincani ukuthobeka kwengqondo omunye komunye, ngoba uNkulunkulu uyamelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa ongafanelwe. Ngakho-ke, zithobeni ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifanele.”—1 Petru 5:5, 6; 2 Korinte 4:7.
22. Yini okuzoxoxwa ngayo esihlokweni esilandelayo?
22 Kunesinye isici esihle ngaphezu kokuthobeka kwengqondo okudingeka izinceku zikaNkulunkulu zisenze umkhuba. Siyisici esinengxenye enkulu ekwakheni umoya wothando nokubambisana emabandleni. Ngempela, siyisithako esibalulekile sokuthobeka kwengqondo. Lesi kuzoxoxwa ngaso esihlokweni esilandelayo.
Ukubukeza
◻ Chaza umoya waleli zwe odlangile.
◻ UJehova ubabonisa kanjani umusa abathobekile engqondweni?
◻ Kungani ukuthobeka kwengqondo kumelwe kufundwe?
◻ Yiziphi ezinye zezibonelo eziseBhayibhelini zabantu ababonisa ukuthobeka kwengqondo?
[Isithombe ekhasini 15]
Ingelosi yathi kuJohane: “Ungakwenzi lokho! Ngimane nje ngiyisigqila esikanye nawe”