-
‘Bambelela Ngokuqinile Kulokho Onakho’IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
-
-
10. Isiphi isikhuthazo uJesu asinikeza ibandla laseFiladelfiya?
10 Njengoba evela emthonjeni onjalo onegunya, amazwi kaJesu kumaKristu aseFiladelfiya kumelwe ukuba aduduza ngokukhethekile! Uyawatusa, ethi: “Ngiyazazi izenzo zakho—bheka! ngibeké phambi kwakho umnyango ovulekile, okungekho muntu ongawuvala—ukuthi unamandla amancane, kodwa uligcinile izwi lami futhi awuzange uzibonakalise ungathembekile egameni lami.” (IsAmbulo 3:8) Leli bandla belikhuthele, futhi umnyango ulivulekele—ngokungangabazeki umnyango wethuba lenkonzo yezikhonzi. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 16:9; 2 Korinte 2:12.) Ngakho-ke, uJesu ukhuthaza ibandla ukuba lilisebenzise ngokugcwele ithuba lokushumayela. Liye lakhuthazela futhi labonisa ukuthi, ngosizo oluvela emoyeni kaNkulunkulu, linamandla anele okuqhubeka lenza “izenzo” ezengeziwe enkonzweni kaJehova. (2 Korinte 12:10; Zakariya 4:6) Liye layithobela imiyalo kaJesu futhi langamphika uKristu, ngezwi noma ngesenzo.
-
-
‘Bambelela Ngokuqinile Kulokho Onakho’IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
-
-
14. U-Isaya 49:23 noZakariya 8:23 baye bagcwaliseka kanjani ngokuphawulekayo ezikhathini zanamuhla?
14 Ezikhathini zanamuhla, iziprofetho ezinjengo-Isaya 49:23 noZakariya 8:23 ziye zaba nokugcwaliseka okuphawuleka kakhulu. Njengomphumela wokushumayela kwesigaba sikaJohane, amanani amakhulu abantu aye angena ngomnyango ovuliweyo enkonzweni yoMbuso.b Abaningi balaba baye baphuma kweLobukholwa, elizinkolo zalo ziqamba amanga zithi zingu-Israyeli ongokomoya. (Qhathanisa nabaseRoma 9:6.) Laba, njengesixuku esikhulu, bahlanza izingubo zabo bazenza zibe mhlophe ngokubonisa ukholo egazini likaJesu lomhlatshelo. (IsAmbulo 7:9, 10, 14) Bethobela ukubusa koMbuso kaKristu, banethemba lokudla ifa lezibusiso zawo lapha emhlabeni. Beza kubafowabo bakaJesu abagcotshiwe futhi ‘babakhothamele,’ ngomqondo ongokomoya, ngoba ‘bazwile ukuthi uNkulunkulu unabo.’ Bakhonza laba abagcotshiwe, ababa munye nabo enhlanganweni yomhlaba wonke yabazalwane.—Mathewu 25:34-40; 1 Petru 5:9.
-
-
‘Bambelela Ngokuqinile Kulokho Onakho’IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
-
-
b Umagazini INqabayokulinda, okhishwa isigaba sikaJohane, uye waqhubeka uqokomisa ukuphuthuma kokusebenzisa leli thuba nokuhlanganyela ngokugcwele ngangokunokwenzeka emsebenzini wokushumayela; ngokwesibonelo, bheka izihloko ezithi “Bonke Mabamemezele Inkazimulo KaJehova” nesithi “Izwi Labo Laphumela Kuwo Wonke Umhlaba” kweka-January 1, 2004. Kweka-June 1, 2004, esihlokweni esithi “Babusisiwe Abanika UNkulunkulu Inkazimulo,” kwagcizelelwa ukungena ‘ngomnyango ovulekile’ enkonzweni yesikhathi esigcwele. Kwaba nenani eliphakeme lamaphayona angu-1 093 552 abika inkonzo enjalo ngenyanga eyodwa ngo-2005.
-