Ithemba Ngezisulu Zendlala
“INDLALA enkulu eningi kusukela ngeMpi Yezwe I ngokwengxenye iye yabangelwa impi nokuvukela,” kusho uDr. Brown noAnderson encwadini ethi Historical Catastrophes: Famines.
Leliqiniso lisikhumbuza umbono ongokwesiprofetho wakudala ngokuvamile obizwa ngokuthi Abagibeli Bamahhashi Abane BesAmbulo. Likhuluma ngalesihloko, iphephandaba laseAfrika labika: “Abagibeli Bamahhashi Abane bayagadula ezweni laseTopiya elingenayo injabulo.” Nokho, abambalwa, bayaliqaphela ithemba elimangalisayo eliqukethwe yilombono.
Izimbangela Zokufa Ngaphambi Kwesikhathi
Umgibeli wehhashi wesithathu wesAmbulo ufanekisela indlala. Ugibela ephethe “isilinganiso ngesandla sakhe,” futhi izwe liyamemeza: “Isinkwa ngomholo wosuku.” (IsAmbulo 6:6, Weymouth). Ngaphambi kwakhe kugadula umgibeli wehhashi ofanekisela impi—impi esakazeke kakhulu futhi eqhubeka isikhathi eside kangangokuba kuthiwa ‘ususa ukuthula emhlabeni.’ Labagibeli bamahhashi babonisa ubuhlobo obuseduze phakathi kwendlala nempi.—IsAmbulo 6:3-6.
Ngokuphathelene nalokhu kuxhumana, incwadi Historical Catastrophes: Famines ithi: “Ngokuvamile ukukhiqizwa kokudla kuncishiswa ukuntuleka kwezisebenzi. . . . Ukulwa kungabangela ukonakaliswa kwezivuno ezibalulekile. Kungonakaliswa amahlathi nezinye izitshalo okuthatha iminyaka eminingi ukulima ezinye. Izinto zokuhamba nomsebenzi kungaphazamiseka kangangokuba esinye isifunda singabulawa yindlala kuyilapho esinye isifunda esiseduze sinensada yokudla.” Lokhu kwakungokuhlangenwe nakho okudabukisayo kwezigidi phakathi neMpi Yezwe I, neII kanye nezimpi ezaba phakathi nazo, futhi kuyaqhubeka kuthinta izigidi namuhla.
Abagibeli bamahhashi ababili abachazwe ngenhla balandelwa omunye okuthiwa “Ukufa.” Ufanekisela ukufa ngaphambi kwesikhathi okuye kwagadla izigidi kusukela ngonyaka obucayi ka-1914. Impi ‘nendlala’ kuyizimbangela ezivelele ezabikezelwa. (IsAmbulo 6:7, 8) Izimpi ziye zaba nezisulu ezingaphezu kwezi-100 000 000 kusukela ngo-1914 futhi “indlala” yaba ngisho nezengeziwe. “Abantu abaningi baye bafa ngenxa yendlala eminyakeni eyisihlanu edlule ngaphezu kwalabo ababulawa kuzo zonke izimpi, ukuvukela nokubulala eminyakeni eyi-150 edlule,” kusho incwadi iThe Hunger Primer.
Ithemba Ngabafile
Umgibeli wehhashi othiwa “Ukufa,” ulandelwa eduze okuthile okunikeza ithemba. ‘IHayidesi’ Khonake ngokusobala, izisulu eziningi zokufa ngaphambi kwesikhathi ziseHayidesi. Kushiwoni ngegama elithi “Hayidesi”? Liwukuhunyushwa kwezwi nezwi kwegama lesiGreki elithi hai’des elisetshenziswe eBhayibhelini elisho okufanayo nelesiHeberu elihunyushwe ngokwezwi nezwi elithi “Sheol.” (Qhathanisa IHubo 16:10 nezEnzo 2:31.) Alibhekiseli endaweni engokoqobo kodwa esimweni sokuphumula sokungazi lutho. (Umshumayeli 9:5, 10; Johane 11:11-13) Ithuna elivamile lesintu okunethemba lovuko kulo.
Lesiqinisekiso sabikwa encwadini yesAmbulo: “Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; . . . Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidesi kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe.” (IsAmbulo 20:12, 13) Khonake abaningi abaye bafa ngenxa yendlala balindelwe ikusasa elimangalisayo. Uma, ngemva kovuko lwabo, bebonakalisa ukwazisa okuqotho ngelungiselelo likaNkulunkulu lensindiso, abanjalo ‘bayokwahlulelwa’ njengabakufanelekele ukuphila okuphakade emhlabeni.—IHubo 37:29; Johane 5:28, 29; 1 Johane 2:1, 2.
Kodwa loluvuko luyokwenzeka nini? Ngemva komgibeli wehhashi wokuqala wesAmbulo, ofanekisela iNkosi uJesu Kristu, ‘oyakunqoba.’ (IsAmbulo 6:2) Ujehova uNkulunkulu uye wabeka esihlalweni sobukhosi iNdodana yakhe, uJesu Kristu, njengeNkosi phezu kwaso sonke isintu. (IsAmbulo 11:15) “Nguye omiswe nguNkulunkulu ukuba abenguMahluleli wabaphilayo nabafileyo.”—IzEnzo 10:42.
Ithemba Ngabaphilayo
Ngokusheshe umhlaba uyohlanzwa kubo bonke abamelana nokubusa kukaKristu. Imibuso eyenziwe umuntu enobugovu iyosuswa. (Daniyeli 2:44) “Kepha ababi bayakunqunywa ezweni,” kodwa labo abazithobayo eNkosini engokwasezulwini yomhlaba “basale kulo.” (IzAga 2:21, 22) Ngalabo abayosinda, indlala iyoba yinto yesikhathi esidlule.—Isaya 25:62; 65:21, 22.
Ngamandla angaphezu kwawomuntu awanikezwe uNkulunkulu, uJesu Kristu uyoqikelela ukuthi isimo sendawo somhlaba sibuyiselwe esimweni esifanele ngokuphelele. (Bheka uMarku 4:37-41.) ISahara yaseAfrika kanye nezinye izingwadule eziqhubekayo kuyoqedwa. Injongo kaNkulunkulu yokuqala ngepharadesi lomhlaba wonke iyoba ngokoqobo. (Genesise 1:28; 2:7, 8; Luka 23:43) Kunjengoba kwabikezelwa, “uqwathule, lukhahlele njengentebe . . . ngokuba ehlane kuyakubhoboka amanzi, nemifudlana kwahlongasibi.”—Isaya 35:1, 6.
lBhayibheli lichaza ukubusa kukaKristu ngalendlela evusa amadlingozi: “Iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu. Iyakhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni; . . . kuyakubakhona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba.”—IHubo 72:8, 13, 14, 16.
[Isithombe ekhasini 9]
Indlala, umgibeli wehhashi wesithathu wesAmbulo, namuhla ugibela ezindaweni eziningi zaseAfrika
[Isithombe ekhasini 10]
Ngokushesha kuyoba nesikhathi senala eAfrika nasemhlabeni wonke