Izinsuku Zokugcina—Indlala, Umqedazwe, Ukungcola—Nokushumayela NgoMbuso
“Indlala ibonakala ngenye indlela. Lena indlala yansuku zonke ekhathaza abantu abangaphezu kwezigidi ezingama-700. . . . Unyaka ngamunye lendlala engabonakali ngokwezinga elikhulu, ibulala abantu abayizigidi eziyi-18 kuya kwezingama-20—bedlula ngokuphindwe kabili inani lababefa unyaka ngamunye phakathi neMpi Yezwe II.”—World Hunger—Twelve Myths, nguFrances Moore Lappé noJoseph Collins.
NJENGOBA nje uJesu abikezela, isizukulwane sethu naso siye sahlangabezana nendlala nokuntuleka kokudla kodwa ngezinye izikhathi ngamabomu kunezizukulwane ezidlule. Kungani kunjalo? Ngoba ubuchwepheshe banamuhla nezindlela zokuxhumana nezinto zokuhamba kumelwe ukuthi ngabe kwenza indlala yaba into yesikhathi esidlule. Nokho, abanini bezindawo nabezombangazwe baye baxhaphaza abantu, kungakhathaliseki ukuhlupheka okuzwiwa abampofu nabangenandawo.
Indlala iyaqhubeka ihlasela iAfrika. Muva nje ngoSeptember 1987, kwanikezwa isixwayiso sokuthi iEthiopia iphinde yavinjezelwa njengoba “indlala yayanda ngokushesha kulelozwe laseAfrika elimpofu,” kubika iThe New York Times. Owayengumholi womkhankaso wokuqeda indlala yase-Ethiopia wathi: “Kubonakala sengathi manje kunabantu abaphethwe indlala cishe abayizigidi eziyisihlanu, futhi asazi ukuthi isazodlanga kangakanani.”
Ngesikhathi esifanayo, imibiko evela ezwekazini elikhulu laseNdiya yakha umbono omubi obangelwa isomiso. UNgqongqoshe kaHulumeni Wezolimo wezizwe zonke wathi: “Cishe amaphesenti angama-60 ethu sisonke ayolinyazwa ilesisomiso.” Wanezela ngokuthi “lesibalo sasizedlula kude lezo ezazicatshangelwe ngaphambili futhi sasisho ukuthi abantu abayizigidi ezingama-470 kwabayizigidi ezingama-780 babethintekile.” Ingabe singazindla ngalezozibalo nangomphumela wazo emkhayeni wesintu?
Okunezela esiyingini esiqhubekayo sendlala, izikhukhula, nezomiso imali ethusayo eyasetshenziselwa indlala phakathi nezimpi zezwe ezimbili nomphumela wazo. Kunjengoba omunye umlobi owayekulesisimo ngo-1945-46 abika: “Kwakukhona ukuntuleka kokudla kuwo wonke umhlaba ngenxa yempi nesimo esasikuyo yonke iYurophu . . . sasibhubhisa. Ngokushesha kwakuzoba nendlala engathi sína ezingxenyeni zaseRashiya naseRumania futhi eGreece izinkulungwane zazizobulawa indlala. Ngisho naseBrithani isinkwa kwakumelwe sithengiswe ngokulinganisela ngokokuqala ngqá emlandweni walesosizwe.”
Yebo, ihhashi elimnyama lendlala, elinomgibeli walo olengise isilinganiso, liye lagabavula ezizweni futhi lisagabavula phezu kwesintu.—IsAmbulo 6:5, 6.
Ubhici Nomqedazwe
UJesu waprofetha ukuthi ingxenye yesibonakaliso sezinsuku zokugcina kwakuyoba “ubhici.” (Luka 21:11) Ingabe lelikhulu lethu lama-20 leminyaka liye lahlangabezana nobhici nomqedazwe? Njengoba siqala ngomkhuhlane waseSpain owagadla ekupheleni kweMpi Yezwe I futhi wathatha ukuphila kwabantu abayizigidi ezingama-20, isintu, njengasezizukulwaneni ezidlule, siye sahlaselwa izifo. Kodwa ngisho nakuba kunentuthuko yesayensi nemithi kulezinsuku zokugcina, inani labagulayo nabafayo lisafinyelela ezigidini unyaka ngamunye.
Emazweni acebile aseNtshonalanga, sizwa izicelo ezingapheli zezimali nokwelashwa komdlavuza, isifo senhliziyo, nengculaza. Kuyiqiniso, amakhulu ezinkulungwane ayafa unyaka ngamunye ebulawa yizo noma ezinye izinkathazo. Nokho, kunezifo ezishwabadela izigidi unyaka ngamunye eAfrika, eAsia naseLatin America.
Encwadini yakhe ethi Mirage of Health, uRené Dubos waloba: “Umalaleveva, nezifo ezithathelwanayo ezibangelwa amagciwane ayingozi, nokuba nezilo kuwumthombo wosizi olungokomzimba nolungokomnotho ezindaweni eziningi ezincishwe amalungelo.” Ngokomphumela: “izigidi ngezigidi zabantu eAsia, eAfrika, naseLatin America unyaka ngamunye ziphathwa futhi zibulawe isifo esibangelwa izilo ezingenambala, isifo sokulala saseAfrika, noma umalaleveva.” Usizi olubangelwa yilezifo alulinganiselwa nje ngenani labafayo ngenxa yazo. UDubos uthi: “Izifo ezibangelwa amagciwane azikakanqotshwa.”
UDubos uyaqhubeka, “Ngokuphambene nalokho, ubugovu [bomuntu omhlophe] bumenza ukuthi ahalalisele noma iyiphi intuthuko engokwesayensi ethinta inhlalakahle yakhe siqu.” Kanjalo-ke, emazweni aseNtshonalanga kugxilwe kumdlavuza nesifo senhliziyo—futhi okungamelwe kukhohlwe izifo ezithathelwana ngobulili. Elinye iphephandaba lezokwelapha lithi kunabaguliswa isipatsholo unyaka ngamunye cishe abangaphezu kwezigidi ezintathu eUnited States iyodwa.
Kodwa kungakhathaliseki ukuthi sihlola izwe elithuthukile noma elingathuthukile, siyabubona ubufakazi ‘behhashi elimpofu lokuFa nomqedazwe obhubhisayo,’ okuyihhashi lesine lesAmbulo.—isAmbulo 6:8, NW.
Ukubhubhisa Umhlaba
Ngokwesilinganiso somhlaba wonke, umuntu kakade usebhubhisa ukuzisekela okuhle kwemvelo endaweni yakhe siqu encane enezinto eziphilayo ngokungcola, ngokuxhaphaza, ngokunganaki, nangokucekela phansi amahlathi.
Imvula eneacid, eyenziwa ukuhlangana kwemvula neqhwa elinomusi (wamanitrogen oxide nesibabule) ovela emishinini eyenza umbani ngokushisa amalahle nowoyela, ithinta amachibi namahlathi aseNgxenyeni Yomhlaba Esenyakatho. Njengoba abalobi bencwadi ethi Earth besho: “Omunye wemiphumela yemvula eneacid uwukuguqulwa kwamachibi amaningi ezindaweni ezinjengeNew England neScandinavia kusuka ekubeni nezinto eziningi eziphilayo nezikhiqizayo kube amanzi anukubezekile, ngezinye izikhathi amanzi cishe anezakhi ezife ngokuphelele. Ngokwesibonelo, zonke izinhlanzi ziye zabulawa emachibini angamakhulu amaningi eAdirondacks, futhi amachibi aseCanada cishe ayizi-50 000 asongelwa inhlekelele efanayo.”
Ngokuphathelene namahlathi, amaningi aphethwe “ukufa kwamahlathi.” “Izimpawu ‘zokufa kwamahlathi’ ziye zaphawulwa emahlathini aseMpumalanga Yurophu, eUSSR, eItaly, eSpain, eCanada, eBrithani naseNtshonalanga ephakathi engenhla yaseMelika.” Abalobi abafanayo bayaqhubeka: “Ngokomqondo othile, isintu senza ukuhlola okukhulu ngokwedlulele, singcolisa ingxenye enkulu yendawo eyodwa (futhi ngokunokwenzeka nezingxenye zezinye izindawo), bese silindela ukubona ukuthi kuzokwenzekani.”
Ukucindezelwa kwendawo enezinto eziphilayo kwandiswa esinye isici esingadambi—muva nje inani labantu lasemhlabeni liye ladlula izigidi eziyizinkulungwane eziyisihlanu. Izazi zezinto eziphilayo uAnne noPaul Ehrlich zithi: “Cishe zonke izinhlobo zokuphila zihlushwa ukwanda Kwabantu.” Umuntu uyanda futhi axhaphaze. Izizukulwane ezizayo kumelwe zizinakekele.
Imifula, izilwandle, nezilwandlekazi kungcoliswa ukunukubeza komuntu lemicebo. Indle, izibi, nemfucumfucu yamakhemikhali kulahlelwa ezilwandle njengokungathi ziyimigqomo kadoti yendawo, ziyisinezelo esingenamsebenzi sokuphila emhlabeni.
Ngakho-ke, lesi isizukulwane sokuqala emlandweni wesintu esiye sakwazi ukubhubhisa umhlaba ngokoqobo. Manje, ngokokuqala ngqá, isiprofetho sesAmbulo 11:18, esithi uNkulunkulu ‘uyobhubhisa ababhubhisa umhlaba,’ sesingagcwaliseka. Lokho kumelwe kwenzeke emvuthwandaba ‘wesikhathi sokugcina.’—Daniyeli 12:4.
Umsebenzi Ovelele Wokuxwayisa
Kunesinye isici sesiprofetho sikaJesu esigcwaliseka ngendlela ephawulekayo. Wabikezela ukuthi umsebenzi omkhulu wokushumayela, umsebenzi wokufakaza, wawuyokwenziwa ezizweni zonke ngaphambi kokuba isiphelo sifike. (Mathewu 24:14; Marku 13:10) Futhi wawuyokwenziwa phakathi nokuphila kwesizukulwane sika-1914. Lokhu kuye kwaba nokwenzeka kuphela kulelikhulu lama-20 leminyaka lapho intuthuko yanamuhla kwezokuhamba, kwezokuxhumana, kwezamacomputer; nakwezokunyathelisa iye yavumela oFakazi BakaJehova ukuba bandise umsebenzi wabo omkhulu wokufundisa ngezilimi ezingama-20 emhlabeni wonke.
Manje oFakazi bakhipha umagazini INqabayokulinda ngezilimi eziyi-103! Kusakazwa amakhophi kamagazini ngamunye angaphezu kwezigidi eziyi-13. Umagazini owufundayo ukhishwa ngezilimi ezingama-54, futhi kunyatheliswa amakhophi kamagazini ngamunye angaphezu kwezigidi eziyi-11. OFakazi cishe abayizigidi ezintathu nengxenye bamemezela njalo izindaba ezinhle zikahulumeni woMbuso kaNkulunkulu enkonzweni yabo emazweni angama-210.
Lomsebenzi ovelele uyafezwa naphezu kokushushisa komhlaba wonke okwabikezelwa uJesu ngabafundi bakhe. Yebo, wona kanye umsebenzi nokusinda koFakazi BakaJehova ngesilinganiso somhlaba wonke kuwubufakazi obuphilayo bokuthi sisezinsukwini zokugcina!—Marku 13:9, 10.
Umvuthwandaba Ususeduze
Ngakho-ke, ekugcwalisekeni kwanamuhla kwesiprofetho sikaJesu, zonke lezenzakalo zakha isibonakaliso esiyingxubevange sokuba khona kukaJesu okungabonakali nesezinsuku zokugcina, noma ‘ukuphela kwalesisimiso sezinto.’ (Mathewu 24:3) (Bheka ibhokisi elisekhasini 11.) Zihlangana ndawonye njengomdlalo wokuhlanganisa amapulangwe asahiwe, zenze umfanekiso ophelele othi, “Lezi izinsuku zokugcina zalesisimiso sezinto.”—Bheka futhi ku-2 Thimothewu 3:1-5, 12, 13.
Nakuba izimo eziningi ezabikezelwa uJesu ziye zaba khona ngazinye nasezizukulwaneni zangaphambili, azikaze ngaphambili zenzeke zonke esizukulwaneni esisodwa. Njengoba sesibonile, ezinye azikaze zenzeke kunoma yisiphi isizukulwane sangaphambili, futhi zazingeke zenzeke. Abanye basalindele ukugcwaliseka okugcwele ngaphambi kokuphela kwalesizukulwane. Futhi kunezinye izenzakalo oFakazi BakaJehova abazilindele manje ngesithakazelo esikhulu. Lezozenzakalo ziyisandulela sokwelulela kukaNkulunkulu ukubusa kwakhe koMbuso phezu kwalomhlaba. Ngakho manje umbuzo uwukuthi, Yini ezolandela?
[Ibhokisi ekhasini 7]
Ubungaphendula Kanjani? Kusukela Ngo-1914 . . .
1. Iziphi izimpi ezinkulu eziye zalwiwa?
2. Kungaki ukuzamazama komhlaba okukhulu ongakukhumbula?
3. Ingabe isintu siye saphathwa yini izifo ezinkulu nemiqedazwe?
4. Iyiphi indlala nokuntuleka kokudla okukhulu okuye kwahlasela umhlaba?
5. Ingabe baye baziveza yini abaprofethi nomesiya bamanga?
6. Bukhona yini ubufakazi bobudlova nokungabi namthetho okwandisiwe?
7. Ingabe bekulokhu kukhona ukuphela kothando nobudlelwane?
8. Ingabe ikhona inhlangano eye yathi izoletha ukuthula emhlabeni?
9. Ingabe lukhona usizi lwezizwe nokwesaba ikusasa?
10. Ingabe uyabubona ubufakazi bomsebenzi wokushumayela ngoMbuso emhlabeni wonke?
(Ukuze uthole izimpendulo, bheka ikhasi 11.)
[Ibhokisi ekhasini 11]
Izimpendulo Zemibuzo Esekhasini 7a
1. Mathewu 24:7—Izimpi zezwe ezimbili (ngo-1914-18; ngo-1938-45); iMpi Yangaphakathi YaseSpain (ngo-1938-39); Impi YaseKorea; IMpi YaseVietnam; IIraqIran; Izimpi zaseMpumalanga ePhakathi nezinye.
2. Mathewu 24:7—Ukuzamazama komhlaba: ngo-1920 nango-1932, eKansu, eChina, abafa bayizi-200 000 nabayizi-70 000 ngokulandelana, ngo-1923, eKanto, eJapane, abafa bayizi-142 000; ngo-1935, eQuetta, ePakistan, abafa bayizi-60 000; ngo-1939, eChillán, eChile, abafa bayizi-30 000; ngo-1939, e-Erzincan, eTurkey, abafa bayizi-30 000; ngo-1960, eAgadir, eMorocco, abafa bayizi-12 000; ngo-1970, ePeru, abafa bayizi-66 700; ngo-1972, eManagua, eNicaragua, abafa bayizi-5 000; ngo-1976, eGuatemala City, eGuatemala, abafa bayizi-23 000; ngo-1976, eTangshan, eChina, abafa bayizi-800 000.
3. Luka 21:11—Isifo senhliziyo; umdlavuza; ingculaza; isifo esibangelwa izilo ionchocerciasis (sibangela ubumpumputhe); umalaleveva; izifo ezithathelwana ngobulili.
4. Luka 21:11—Indlala: ngo-1920-21, enyakatho China yathinta abalinganiselwa ezigidini ezingama-20; ngo-1943-44, eNdiya, kwaba abayisi-1 500 000; ngo-1967-69, eNigeria, kwafa abantwana abangaphezu kwesi-1 500 000; ngo-1975-79, eKampuchea, kwafa abayi-1 000 000; kusukela ngo-1983-87, eAfrika yabaNsundu yathinta abantu abayizigidi ezingama-22.
5. Mathewu 24:11—Abaholi benkolo abaphilisa ngoMoya, omesiya beTV, abefundisi bamaHindu bayaqhubeka bedukisa abaningi.
6. Mathewu 24:12; 2 Thimothewu 3:13—Ubugebengu, ubudlova, ubuhlongandlebe, nokusetshenziswa kabi kwemilaliso kuvamile ezingxenyeni eziningi zomhlaba. Isimiso somhlaba sokuthengiselana ngemilaliso siye saveza abathengisi abanonya bemilaliso engekho emthethweni nababulali.
7. Mathewu 24:12—Manje izivalo sezifakwa imishudo nemigoqo yensimbi; izinja ezihlaselayo zisetshenziselwa ukuvikela impahla; omakhelwane ngokuvamile bayizihambi.
8. IsAmbulo 17:3, 8-11—INhlangano Yezizwe neyeZizwe Ezihlangene.
9. Luka 21:26—Izimpi zezwe ezimbili zabangela ukuhlupheka okukhulu nosizi. Ukusongela kokubhubhisa kwenuzi kusukela ngo-1945 kuye kwandisa ukwesaba nosizi emhlabeni wonke.
10. Mathewu 24:14—OFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi ezintathu bashumayela ‘izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu’ ngezilimi ezingama-200.
[Imibhalo yaphansi]
a Loluhlu lunikeza izibonelo ezimbalwa zezenzakalo; aluphelele.
[Isithombe ekhasini 10]
Indlala ihlasela izingxenye ezinkulu zomhlaba
Izigidi zabantu ziphethwe izifo ezihlukahlukene
Umuntu ungcolisa indawo enezinto eziphilayo ayihlanganyela nazo zonke ezinye izinto eziphilayo
Umsebenzi ovelele wokuxwayisa wenziwa ngezilimi ezingama-200 emhlabeni wonke
[Umthombo Wesithombe ekhasini 10]
FAO photo