ISahluko 19
Ukubeka Uphawu U-Israyeli KaNkulunkulu
Umbono 4—IsAmbulo 7:1-17
Isihloko: Abangu-144 000 babekwa uphawu, nesixuku esikhulu sibonakala simi phambi kwesi-hlalo sobukhosi sikaJehova naphambi kweWundlu
Isikhathi sokugcwaliseka: Kusukela eku-bekweni kukaKristu Jesu esihlalweni sobukhosi ngo-1914 kuze kube sekuBuseni kwakhe kweMinyaka Eyinkulungwane
1. “Ubani okwaziyo ukuma” phakathi nosuku olukhulu lwentukuthelo yaphezulu?
“UBANI okwaziyo ukuma na?” (IsAmbulo 6:17) Yebo, ngempela ubani? Lapho usuku olukhulu lwentukuthelo yaphezulu lubhubhisa isimiso sikaSathane, ababusi nabantu bezwe bangawubuza ngokufanelekile lowo mbuzo. Kubona kuyobonakala sengathi ubhici olusondelayo luyosusa konke ukuphila kwabantu. Kodwa ingabe kuyoba njalo? Ngokujabulisayo, umprofethi kaNkulunkulu uyasiqinisekisa: “Kuyothi wonke umuntu obiza igama likaJehova asinde.” (Joweli 2:32) Abaphostoli uPetru noPawulu bayaliqinisekisa lelo qiniso. (IzEnzo 2:19-21; Roma 10:13) Yebo, labo ababiza igama likaJehova bayosinda. Bangobani? Sizobona njengoba umbono olandelayo wembuleka.
2. Kungani kungokuphawulekayo ukuthi kuyoba khona abayosinda osukwini olukhulu lokwahlulela lukaJehova?
2 Kuyinto emangalisa ngempela ukuba umuntu asinde osukwini lukaJehova lokwahlulela, ngoba omunye wabaprofethi bakaNkulunkulu uluchaza ngala mazwi: “Bheka! Isivunguvungu sikaJehova, ukufutheka uqobo, siphumile, isiphepho esishanela siye phambili. Siyokhwishiza phezu kwekhanda lababi. Intukuthelo kaJehova evuthayo ngeke ibuyele emuva kuze kube yilapho eseyikhiphile futhi wayifeza imicabango yenhliziyo yakhe.” (Jeremiya 30:23, 24) Kuyaphuthuma ukuba sithathe izinyathelo zokusinda kuleso sivunguvungu!—IzAga 2:22; Isaya 55:6, 7; Zefaniya 2:2, 3.
Imimoya Emine
3. (a) Iyiphi inkonzo ekhethekile uJohane ayibonayo eyenziwa yizingelosi? (b) Yini efanekiselwa “imimoya emine”?
3 Ngaphambi kokuba uJehova adedele lolu laka, izingelosi zasezulwini zenza inkonzo ekhethekile. UJohane manje lokhu ukubona embonweni: “Ngemva kwalokhu ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini amane omhlaba, zibambe imimoya emine yomhlaba zayiqinisa, ukuze kungabikho moya ovunguzayo phezu komhlaba noma phezu kolwandle noma phezu kwanoma yimuphi umuthi.” (IsAmbulo 7:1) Kusho ukuthini lokhu ngathi namuhla? Le “mimoya emine” iwuphawu olucacile lwesahlulelo esibhubhisayo esesizodedelwa emphakathini wasemhlabeni okhohlakele, “olwandle” olugubhayo lwesintu esingenamthetho, nakubabusi abaphakeme abanjengemithi abasekelwa futhi bondliwe abantu bomhlaba.—Isaya 57:20; IHubo 37:35, 36.
4. (a) Zimeleleni izingelosi ezine? (b) Uyoba yini umphumela enhlanganweni kaSathane yasemhlabeni lapho imimoya emine idedelwa?
4 Ngokungangabazeki, lezi zingelosi ezine zimelele izigaba ezine zezingelosi, uJehova azisebenzisa ukuba zibambe ukukhishwa kwesahlulelo kuze kube isikhathi esimisiwe. Lapho izingelosi zidedela leyo mimoya yolaka lwaphezulu ukuba ivunguze kanye kanye kusukela enyakatho, eningizimu, empumalanga, nasentshonalanga, incithakalo iyoba nkulu kakhulu. Iyofuza, kodwa ngezinga elikhulu kakhulu, ukusebenzisa kukaJehova imimoya emine ukuba asakaze ama-Elamu asendulo, ewaphihliza futhi ewaqeda. (Jeremiya 49:36-38) Kuyoba isivunguvungu esikhulu esibhubhisa ngaphezulu kakhulu ‘kwesiphepho’ uJehova aqeda ngaso isizwe sama-Amoni. (Amose 1:13-15) Ayikho ingxenye yenhlangano kaSathane emhlabeni eyokwazi ukuma ngosuku lwentukuthelo kaJehova, lapho elwela ubukhosi bakhe kuze kube phakade.—IHubo 83:15, 18; Isaya 29:5, 6.
5. Isiprofetho sikaJeremiya sisisiza kanjani ukuba siqonde ukuthi izahlulelo zikaNkulunkulu ziyomboza wonke umhlaba?
5 Singaqiniseka yini ukuthi izahlulelo zikaNkulunkulu ziyochitha wonke umhlaba? Lalela futhi umprofethi wakhe uJeremiya: “Bheka! Kuphuma inhlekelele kwesinye isizwe iya kwesinye, nesiphepho esikhulu siyovuswa sivela ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba. Ababulewe nguJehova ngalolo suku ngokuqinisekile bayosukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kube komunye umkhawulo womhlaba.” (Jeremiya 25:32, 33) Kuphakathi nalesi sivunguvungu lapho ubumnyama buyomboza leli zwe. Izinhlangano zalo ezibusayo ziyozanyazanyiswa zingabe zisabonakala. (IsAmbulo 6:12-14) Kodwa ikusasa aliyikuba mnyama ngabo bonke abantu. Ibanjwe ngenxa yobani-ke imimoya emine?
Ukubekwa Uphawu Kwezinceku ZikaNkulunkulu
6. Ubani otshela izingelosi ukuba zibambe imimoya emine, futhi lokhu kuvumela isikhathi sani?
6 UJohane uyaqhubeka achaze indlela abanye abayobekwa ngayo uphawu ukuze basinde, ethi: “Ngabona enye ingelosi inyuka ivela empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo; yamemeza ngezwi elikhulu ezingelosini ezine ezazinikwe ukuba zilimaze umhlaba nolwandle, yathi: ‘Ningawulimazi umhlaba noma ulwandle noma imithi, kuze kube yilapho sesizibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo.’”—IsAmbulo 7:2, 3.
7. Ingubani ngempela le ngelosi yesihlanu, futhi ibuphi ubufakazi obusisiza sikwazi ukuyibona?
7 Nakuba le ngelosi yesihlanu ingashiwongo ngegama, bonke ubufakazi bubonisa ukuthi kumelwe ibe iNkosi uJesu okhazinyulisiwe. Ngokuvumelana nokuba kukaJesu iNgelosi Enkulu, lapha uboniswa enegunya phezu kwezinye izingelosi. (1 Thesalonika 4:16; Jude 9) Wehla evela empumalanga, ‘njengamakhosi avela empumalanga’—uJehova noKristu wakhe—afikela ukukhipha isahlulelo, njengoba kwenza amakhosi uDariyu noKoresi lapho bethobisa iBhabhiloni lasendulo. (IsAmbulo 16:12; Isaya 45:1; Jeremiya 51:11; Daniyeli 5:31) Le ngelosi futhi ifuze uJesu ngokuthi inikezwe umsebenzi wokubeka uphawu kumaKristu agcotshiwe. (Efesu 1:13, 14) Ngaphezu kwalokho, lapho imimoya idedelwa, uJesu uhola amabutho asezulwini ekukhipheni isahlulelo ezizweni. (IsAmbulo 19:11-16) Ngokunengqondo-ke, uJesu kungaba nguye oyala ukuba ukubhujiswa kwenhlangano kaSathane yasemhlabeni kumiswe kuze kube yilapho izinceku zikaNkulunkulu sezibekwe uphawu.
8. Kuyini ukubekwa uphawu, futhi kwaqala nini?
8 Kuyini lokhu kubekwa uphawu, futhi zingobani lezi zinceku zikaNkulunkulu? Ukubekwa uphawu kwaqala ngePhentekoste lika-33 C.E. lapho amaKristu okuqala angamaJuda egcotshwa ngomoya ongcwele. Kamuva, uNkulunkulu wabiza futhi wagcoba “abantu bezizwe.” (Roma 3:29; IzEnzo 2:1-4, 14, 32, 33; 15:14) Umphostoli uPawulu wabhala ngokuba kwamaKristu agcotshiwe nesiqinisekiso sokuthi ‘angabakaKristu’ futhi wanezela ngokuthi uNkulunkulu “ubeke nophawu lwakhe phezu kwethu futhi usinike uphawu lwalokho okuzokuza, okungukuthi, umoya, ezinhliziyweni zethu.” (2 Korinte 1:21, 22; qhathanisa nesAmbulo 14:1.) Kanjalo, lapho lezi zinceku zamukelwa njengamadodana kaNkulunkulu angokomoya, zamukela isibonakaliso kusengaphambili sefa lawo lasezulwini—uphawu, noma isibambiso. (2 Korinte 5:1, 5; Efesu 1:10, 11) Khona-ke zingasho zithi: “Umoya ngokwawo ufakazelana nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu. Khona-ke, uma singabantwana, siyizindlalifa futhi: ngempela izindlalifa zikaNkulunkulu, kodwa izindlalifa ezikanye noKristu, uma kodwa sihlupheka kanye naye ukuze sikhazinyuliswe kanye naye.”—Roma 8:15-17.
9. (a) Yikuphi ukukhuthazela okudingekayo ngamadodana kaNkulunkulu azelwe ngomoya asele? (b) Kuyoqhubeka isikhathi eside kangakanani ukuvivinywa kwabagcotshiwe?
9 “Uma kodwa sihlupheka kanye naye”—kusho ukuthini lokho? Ukuze amukele umqhele wokuphila, amaKristu agcotshiwe kumelwe akhuthazele, athembeke kuze kube sekufeni. (IsAmbulo 2:10) Akuyona indaba yokuthi ‘uma ususindisiwe, usindiswe njalo.’ (Mathewu 10:22; Luka 13:24) Kunalokho, ayayalwa: “Yenzani nangokwengeziwe konke okusemandleni enu ukuze niziqinisekisele ukubizwa nokukhethwa kwenu.” Njengomphostoli uPawulu, ekugcineni kumelwe bakwazi ukuthi: “Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiligijimile ibanga ngaze ngayoqeda, ngilugcinile ukholo.” (2 Petru 1:10, 11; 2 Thimothewu 4:7, 8) Ngakho, lapha emhlabeni, ukuvivinywa nokuhlungwa kwamadodana kaNkulunkulu asele azelwe ngomoya kumelwe kuqhubeke kuze kube yilapho uJesu nezingelosi ezikanye naye sebelunamathisele uphawu “emabunzini” abo bonke laba, bebabonakalisa okokugcina, ngokungenakuguquka, ‘njengezinceku zikaNkulunkulu wethu’ ezivivinyiwe nezithembekile. Khona-ke lolo phawu luba uphawu oluhlala njalo. Ngokusobala, lapho imimoya emine yosizi idedelwa, wonke u-Israyeli ongokomoya uyobe ebekwe uphawu okokugcina, ngisho nakuba abambalwa beyobe besaphila enyameni. (Mathewu 24:13; IsAmbulo 19:7) Amalungu awo ayobe ephelele!—Roma 11:25, 26.
Bangaki Ababekwa Uphawu?
10. (a) Yimiphi imibhalo ebonisa ukuthi inani lababekwe uphawu lilinganiselwe? (b) Bangaki sebebonke ababekwe uphawu, futhi babalwe kanjani?
10 UJesu wathi kulabo abasohlwini lwalokhu kubekwa uphawu: “Ungesabi, mhlambi omncane; ngoba uYihlo ukwamukele ukuba aninike umbuso.” (Luka 12:32) Eminye imibhalo, njengesAmbulo 6:11 namaRoma 11:25, ibonisa ukuthi inani lalo mhlambi omncane ngempela lilinganiselwe, futhi eqinisweni, lanqunywa kusengaphambili. Amazwi kaJohane alandelayo ayakuqinisekisa lokhu: “Ngezwa isibalo salabo ababekwa uphawu, izinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, ababekwa uphawu kuzo zonke izizwe zabantwana bakwa-Israyeli: Esizweni sakwaJuda bayizinkulungwane eziyishumi nambili ababekwa uphawu; esizweni sakwaRubeni izinkulungwane eziyishumi nambili; esizweni sakwaGadi izinkulungwane eziyishumi nambili; esizweni sakwa-Asheri izinkulungwane eziyishumi nambili; esizweni sakwaNafetali izinkulungwane eziyishumi nambili; esizweni sakwaManase izinkulungwane eziyishumi nambili; esizweni sakwaSimeyoni izinkulungwane eziyishumi nambili; esizweni sakwaLevi izinkulungwane eziyishumi nambili; esizweni sakwa-Isakare izinkulungwane eziyishumi nambili; esizweni sakwaZebhuloni izinkulungwane eziyishumi nambili; esizweni sakwaJosefa izinkulungwane eziyishumi nambili; esizweni sakwaBhenjamini bayizinkulungwane eziyishumi nambili ababekwa uphawu.”—IsAmbulo 7:4-8.
11. (a) Kungani ukubhekisela ezizweni ezingu-12 kungenakusebenza ku-Israyeli ongokoqobo, ongokwenyama? (b) Kungani isAmbulo senza uhlu lwezizwe ezingu-12? (c) Kungani kungekho sizwe sobukhosi noma sobupristi ngokukhethekile ku-Israyeli kaNkulunkulu?
11 Akunakwenzeka yini ukuthi lokhu kubhekisela ku-Israyeli ongokoqobo, ongokwenyama? Cha, ngoba isAmbulo 7:4-8 siyahluka endleleni evamile yokubalwa kwesizwe. (Numeri 1:17, 47) Ngokusobala, injongo yohlu lapha akukhona ukubonakalisa amaJuda angokwenyama ngezizwe zawo kodwa iwukubonisa isimo senhlangano esifanayo sika-Israyeli ongokomoya. Lokhu kuyalingana. Kumelwe kube namalungu angu-144 000 alesi sizwe esisha—angu-12 000 esizweni ngasinye ezizweni ezingu-12. Akukho sizwe kulo Israyeli kaNkulunkulu esingesobukhosi noma esingesobupristi ngokukhethekile. Sonke isizwe siyobusa njengamakhosi, futhi sonke isizwe siyokhonza njengabapristi.—Galathiya 6:16; IsAmbulo 20:4, 6.
12. Kungani kufaneleka ukuthi abadala abangu-24 bahlabelela phambi kweWundlu amazwi esAmbulo 5:9, 10?
12 Nakuba amaJuda emvelo namaJuda angamaproselithe anikezwa ithuba lokuqala lokukhethelwa ukuba u-Israyeli ongokomoya, idlanzana kuphela lalesi sizwe elasabela. Ngakho-ke uJehova wadlulisela isimemo kwabeZizwe. (Johane 1:10-13; IzEnzo 2:4, 7-11; Roma 11:7) Njengasendabeni yabase-Efesu, ngaphambili ‘ababehlukanisiwe nombuso wakwa-Israyeli,’ manje abangemaJuda babengabekwa uphawu ngomoya kaNkulunkulu futhi babe yingxenye yebandla lamaKristu agcotshiwe. (Efesu 2:11-13; 3:5, 6; IzEnzo 15:14) Khona-ke, kufanelekile ngabadala abangu-24 ukuba bahlabelele phambi kweWundlu: “Ngegazi lakho wathengela uNkulunkulu abantu kuzo zonke izinhlanga nezilimi nabantu nezizwe, wabenza babe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu, futhi bayobusa njengamakhosi phezu komhlaba.”—IsAmbulo 5:9, 10.
13. Kungani uJakobe umfowabo kaJesu ngomzali oyedwa ayengabhekisa incwadi yakhe “ezizweni eziyishumi nambili ezihlakazekile”?
13 Ibandla lobuKristu ‘liwuhlanga olukhethiweyo, ubupristi bobukhosi, isizwe esingcwele.’ (1 Petru 2:9) Lithatha indawo ka-Israyeli wemvelo njengesizwe sikaNkulunkulu, liba u-Israyeli omusha ‘ongu-Israyeli ngempela.’ (Roma 9:6-8; Mathewu 21:43)a Ngalesi sizathu, kwakufanelekile ngoJakobe umfowabo kaJesu ngomzali oyedwa ukuba abhekise incwadi yakhe yokuphathwa kwamabandla “ezizweni eziyishumi nambili ezihlakazekile,” okungukuthi, ebandleni elisemhlabeni wonke lamaKristu agcotshiwe ekugcineni ayezoba ngu-144 000.—Jakobe 1:1.
U-Israyeli KaNkulunkulu Namuhla
14. Yini ebonisa ukuthi oFakazi BakaJehova baye bakukholelwa ngokungaguquki ukuthi abangu-144 000 bayinani elingokoqobo lalabo abakha u-Israyeli ongokomoya?
14 Ngokuthakazelisayo, uCharles T. Russell, waqaphela u-144 000 njengenani elingokoqobo labantu abakha u-Israyeli ongokomoya. Encwadini i-New Creation, Umqulu VI we-Studies in the Scriptures yakhe, eyakhishwa ngo-1904, wabhala: “Sinazo zonke izizathu zokukholelwa ukuthi inani eliqondile, elinqunyiwe labakhethiwe [abagcotshiwe abakhethiwe] yilelo elishiwo izikhathi eziningana kusAmbulo (7:4; 14:1); okungukuthi, abangu-144 000 ‘abathengwe kubantu.’” Encwadini ethi Light, Incwadi Yokuqala, eyasakazwa ngo-1930 abaFundi BeBhayibheli, ngokufanayo kwathiwa: “Amalungu angu-144 000 omzimba kaKristu aboniswe kanjalo eqenjini njengakhethiwe nagcotshiwe noma abekwe uphawu.” OFakazi BakaJehova baye babambelela ngokungaguquki embonweni wokuthi amaKristu agcotshiwe angu-144 000 ngokoqobo akha u-Israyeli ongokomoya.
15. Ngaphambi nje kosuku lweNkosi, yini abaFundi BeBhayibheli abaqotho abacabanga ukuthi amaJuda emvelo ayeyoyijabulela ngemva kokuphela kweZikhathi Zabezizwe?
15 Nokho, ingabe namuhla u-Israyeli wemvelo akafanelwe yini umusa othile okhethekile? Enkathini engaphambi nje kosuku lweNkosi, lapho abafundi beBhayibheli abaqotho babethola amaningi amaqiniso ayisisekelo eZwi likaNkulunkulu, kwakucatshangwa ukuthi ngokuphela kweZikhathi Zabezizwe amaJuda ayeyophinde ajabulele ukuma okuhle phambi kukaNkulunkulu. Kanjalo, incwadi kaC. T. Russell ethi The Time Is at Hand (Umqulu II we-Studies in the Scriptures), eyakhishwa ngo-1889, yasebenzisa uJeremiya 31:29-34 kumaJuda emvelo, futhi yathi: “Umhlaba uwufakazi weqiniso lokuthi isijeziso sika-Israyeli ngaphansi kokubusa kwabeZizwe besiqhubeka kusukela ngo-B.C. [607], ukuthi sisaqhubeka, nokuthi akukho sizathu sokulindela ukuhlelwa kwabo kabusha njengesizwe ngaphambi kuka-A.D. 1914, ukuphela ‘kwezikhathi’ zabo ‘eziyisikhombisa’—iminyaka engu-2 520.” Kwabonakala sengathi amaJuda ayobe esebuyiselwa njengesizwe, futhi leli themba ngokusobala lakhanya ngo-1917, lapho isiMemezelo SikaBalfour sithembisa ukusekela kweBrithani ekwenzeni iPalestina ibe yikhaya lesizwe samaJuda.
16. Yimiphi imizamo eyenziwa oFakazi BakaJehova yokufinyelela amaJuda emvelo ngesigijimi sobuKristu, futhi kwaba namuphi umphumela?
16 Ngemva kwempi yezwe yokuqala, iPalestina yaba yizwe elizibusa ngaphansi kweBrithani, futhi kwavuleka indlela ngamaJuda amaningi ukuba abuyele kulelo zwe. Ngo-1948 kwazalwa uMbuso wakwa-Israyeli ongokombangazwe. Ingabe lokhu kwakungabonisi ukuthi amaJuda ayesohlwini lwezibusiso zaphezulu? Iminyaka eminingi, oFakazi BakaJehova babekholelwa ukuthi kunjalo. Ngakho, ngo-1925 bakhipha incwadi enamakhasi angu-128, ethi, Comfort for the Jews. Ngo-1929 bakhipha umqulu okhangayo onamakhasi angu-360, othi Life, owawuklanyelwe ukuba ukhange kumaJuda futhi ukhuluma nangencwadi yeBhayibheli kaJobe. Kwenziwa imizamo emikhulu, ikakhulukazi eNew York City, ukuba kufinyelelwe amaJuda ngalesi sigijimi sikaMesiya. Ngokujabulisayo, abambalwa basabela, kodwa iningi lamaJuda njengoyisemkhulu bekhulu lokuqala leminyaka, labunqaba ubufakazi bokuba khona kukaMesiya.
17, 18. Yini izinceku zikaNkulunkulu emhlabeni ezayiqonda ngokuqondene nesivumelwano esisha neziprofetho zeBhayibheli zokubuyiselwa?
17 Kwakusobala ukuthi amaJuda, njengabantu nanjengesizwe, ayengesiye u-Israyeli ochazwe kusAmbulo 7:4-8 noma kwezinye iziprofetho zeBhayibheli ezihlobene nosuku lweNkosi. Elandela isiko, amaJuda aqhubeka egwema ukusebenzisa igama laphezulu. (Mathewu 15:1-3, 7-9) Ixoxa ngoJeremiya 31:31-34, incwadi ethi Jehovah, eyakhishwa oFakazi BakaJehova ngo-1934, yasho ngokuqiniseka: “Isivumelwano esisha asihlangene ngalutho nenzalo yemvelo ka-Israyeli nanesintu sisonke, kodwa . . . silinganiselwe ku-Israyeli ongokomoya.” Iziprofetho zeBhayibheli zokubuyiselwa azihlangene namaJuda emvelo noma u-Israyeli ongokombangazwe, oyilungu leZizwe Ezihlangene noyingxenye yezwe uJesu akhuluma ngalo kuJohane 14:19, 30 no-18:36.
18 Ngo-1931 izinceku zikaNkulunkulu emhlabeni zazamukele ngenjabulo enkulu igama elithi oFakazi BakaJehova. Zazingavumelana ngenhliziyo yonke namazwi eHubo 97:11: “Ukukhanya kubanekele olungile, nokujabula abaqotho enhliziyweni.” Babekuqonda ngokucacile ukuthi u-Israyeli ongokomoya kuphela owayefakwe esivumelwaneni esisha. (Hebheru 9:15; 12:22, 24) U-Israyeli wemvelo ongasabeli wayengenangxenye kuso, ngokufanayo nesintu sisonke. Lokhu kuqonda kwavula indlela yomsebe okhazimulayo wokukhanya kwaphezulu, okuvelele emibhalweni yaminyaka yonke yomlando ongokwasezulwini. Lokhu kwakuzokwembula ukuthi uJehova usibonisa kakhulu kangakanani isihe sakhe, umusa wothando, neqiniso kubo bonke abantu abasondela kuye. (Eksodusi 34:6; Jakobe 4:8) Yebo, abanye ngaphandle kuka-Israyeli kaNkulunkulu babeyozuza ngokubamba kwezingelosi imimoya emine yembubhiso. Kungase kube obani laba? Kungenzeka ube ngomunye wabo? Ake sibone manje.
[Umbhalo waphansi]
a Ngokufanelekayo, igama elithi Israyeli lisho ukuthi “UNkulunkulu Uyalwa; Olwayo (UMphikeleli) NoNkulunkulu.”—Genesise 32:28, umbhalo waphansi we-New World Translation Reference Bible.
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 114]
[Izithombe ekhasini 116, 117]
Ukukhethwa kuka-Israyeli weqiniso kaNkulunkulu kwaqhubeka kusukela ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E. kwaze kwaba u-1935 lapho, emhlanganweni woFakazi BakaJehova odumile eWashington D.C., ukugcizelela kugudluzelwa ekuqoqweni kwesixuku esikhulu esinethemba lokuphila emhlabeni (IsAmbulo 7:9)