Isahluko 14
Ngemva KweSivumelwano Esisha—UMbuso Weminyaka Eyinkulungwane
1, 2. (a) Izigidi zabazuzayo ekusebenzeni kwesivumelwano esisha zingafaniswa nobani namuhla? (b) Yayithini imininingwane yesivumelwano esisha?
IZIGIDI zabantu kuwo wonke umhlaba seziye zazithola kakade izinzuzo ezinhle ekusebenzeni kwesivumelwano esisha, ngisho nakuba zingekho kuso. Zifana nezakhamuzi ezingewona amaIsrayeli ezazihlala kwaIsrayeli ezinsukwini lapho isivumelwano soMthetho kaMose sasisasebenza. (Eksodusi 20:10) Lokhu kuye kwenzeka kanjani njengoba kunezigidi ezandayo zabazuza kuso ezihlangene nensali yamaIsrayeli angokomoya namuhla?
2 Esiprofethweni sikaJeremiya 31:31-34, Lowo obeka imininingwane yesivumelwano esisha wathi: “Ngiyakufaka umthetho wami ezibilinini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngibe-nguNkulunkulu wabo, bona babe-ngabantu bami.”
3. (a) Umthetho wesivumelwano sikaMose esidala wanikezwa ukusiphi isimo kuIsrayeli? (b) Ngaphambi kokuba imiBhalo yamaKristu yesiGreki iqale ukulotshwa, uNkulunkulu wayeyilobephi imithetho yesivumelwano esisha?
3 Endabeni yesivumelwano soMthetho, uJehova uNkulunkulu, ngomprofethi uMose njengomlamuleli, wanikeza uIsrayeli ongokwemvelo “incwadi elotshwe ngesandla . . . , eyayinemithetho.” (Kolose 2:14, NW) Nokho, kuthiwani ngomthetho wesivumelwano esisha? UMlamuleli waso wayengeke awulobe etsheni, noma awubhale encwadini. UMlamuleli waso akazange ashiye mibhalo engeyakhe. Ukuthi umthetho wesivumelwano esisha uyini sikuthola emiBhalweni yamaKristu yesiGreki ephefumlelwe. (2 Thimothewu 3:16) Kodwa ngisho nangaphambi kokuba leyomiBhalo yesiGreki iqale ukulotshwa, cishe ngo-41 C.E., uJehova uNkulunkulu waqala ukuloba umthetho wakhe wesivumelwano esisha. Nini? Ngosuku lwePentekoste, ngo-33 C.E. Kuphi? Khona kanye lapho ayethembise ukuwuloba khona kudala ngaphambili: “Ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo, ngiyilobe ezinhliziyweni zabo.”—Heberu 8:10.
4. Kwakuyoba namiphi imiphumela emihle ukuloba kukaNkulunkulu imithetho yakhe enhliziyweni nokuyibeka engqondweni yezinceku zakhe?
4 Njengoba yayilotshwe enhliziyweni, cishe labo ababelalela leyomithetho babengenakuphelelwa uthando ngayo. Uma leyomithetho yayifakwe “engqondweni yabo,” cishe babengenakuyikhohlwa. Ngakho-ke, abagcini baleyomithetho bathi, ngamazwi eHubo 119:97: “Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo.” Ngenhliziyo yabo yonke, bathanda imithetho kaJehova njengoba inikezwa ngoMlamuleli wakhe, uJesu Kristu. Ngakho, ngesisusa esihle, bazimisela ukugcina leyomithetho eyigugu. Lokhu kusebenza kokubili ‘emhlambini omncane’ ophakathi esivumelwaneni esisha ‘nasesixukwini esikhulu’ ‘sezinye izimvu,’ esingekho esivumelwaneni esisha, kodwa esiphansi kwaso.—Qhathanisa neyoku-1 Johane 5:3; Johane 14:15.
Impikiswano YoMbuso Iyavelela!
5. UMlamuleli wesivumelwano esisha wabikezelani kuMathewu 24:12-14?
5 Abagcini bemithetho yesivumelwano esisha abalokothi banqotshwe yilokho uMlamuleli, uJesu Kristu, akubikezela njengengxenye ‘yesibonakaliso sesiphelo sesimiso sezinto’: “Ngenxa yokwanda kokungabi namthetho uthando lwabaningi luyophola. Kodwa lowo oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni uyena oyosindiswa. Futhi lezi zindaba ezinhle zoMbuso ziyoshunyayelwa kuwo wonke umhlaba owakhiwe ngenjongo yobufakazi kuzo zonke izizwe.”—Mathewu 24:3, 12-14, NW.
6. (a) Ingabe uMathewu 24:14 wayemane eyisiprofetho nje? (b) Obani abaye bamthatha ngaphezu kokuba yisiprofetho nje, futhi yini engashiwo ngokuqondene nokukhuthazela kwabo?
6 Lamazwi okugcina ngokuphathelene nokufakaza ngoMbuso emhlabeni wonke ayengekhona ukubikezela nje. Ayengumyalo kubafundi bakhe abaphila ‘esiphelweni sesimiso sezinto.’ Ayeyisiqondiso senkambo yabo elungile kuze kube sekupheleni okuphelele kwesimiso sezinto esingenaluthando nesigcwele ukungabi namthetho, hhayi nje kuphela ukungawuhloniphi umthetho kaNkulunkulu. Obani namuhla ababonakala bengamaKristu eqiniso, abathatha lawomazwi kaJesu Kristu njengomyalo kubo? Amaqiniso angokomlando aye anqwabelana kusukela ngo-1919 aphendula ngokuyiqiniso, “oFakazi BakaJehova”! Umkhankaso wabo wemfundo yeBhayibheli ngokuqondene noMbuso ungomkhulu kakhulu emlandweni, futhi baye babonisa ukukhuthazela kuwo phakathi neminyaka engama-67 edlule. Unyaka ngamunye manje, izinga lawo namandla kuyakhula.
7, 8. (a) Phakathi neMpi Yezwe I, yini uSathane azama ukuyenza kulabo abasesivumelwaneni esisha? (b) Enkathini engemva kwempi, impikiswano yoMbuso yavelela kanjani?
7 USathane uDeveli wazama ukuvimbela lomkhankaso ongavamile wemfundo yeBhayibheli ngokwenza insali encane yamaIsrayeli angokomoya ikhukhulwe phakathi neMpi Yezwe I. Wahluleka! Ngokushesha, ngemva kokululama kwabo esimweni esinjengesokufa ehlobo (lasenhla nenkabazwe) lika-1919, baba nomhlangano wabo wokuqala wangemva kwempi eCedar Point, eOhio, ngoSeptember walowonyaka. Emhlanganweni wesibili waseCedar Point ngoSeptember 1922, impikiswano yoMbuso yavelela. Ngosuku lwesine lwalowomhlangano, olwalunesihloko esithi “Usuku,” umongameli weWatch Tower Society wafika emvuthwandabeni ojabulisayo wenkulumo yakhe evusa amadlingozi ngokukhamuluka:
8 “Khona-ke emuva ensimini, O nina madodana kaNkulunkulu oPhezukonke! Bhincani izikhali zenu! Zothani, qaphani, khuthalani, yibani nesibindi. Yibani ngofakazi beNkosi abathembekile nabeqiniso. Qhubekani nokulwa kuze kube yilapho yonke iminonjana yeBabiloni isichithiwe. Memezelani isigijimi yonke indawo. Umhlaba kumelwe wazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu nokuthi uJesu Kristu uyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi. Lolu usuku olukhulu kunazo zonke. Bhekani, iNkosi iyabusa! Ningamanxusa ayo. Ngakho-ke memezelani, memezelani, memezelani iNkosi noMbuso wayo.”
Ukwazi UJehova Ngokuqonda Okwengeziwe
9. (a) Ngenxa yokwanda kobufakazi ngokuqondene nalowo hulumeni wokulunga, abantu kuye kwadingeka benzeni? (b) Labo abathatha uhlangothi oluhle banikezwa luphi ulwazi?
9 Manje sekuyiminyaka engaphezu kwengama-70 kusukela uKristu abekwa emandleni oMbuso ngo-1914. Kusukela ngalesosikhathi, ubufakazi ngokuqondene nohulumeni kaNkulunkulu wokulunga buye banda ngamandla. Abantu bezwe lesintu kumelwe bathathe uhlangothi ngokuqondene nempikiswano yoMbuso, bamelele uMbuso noma bamelane nawo. Futhi labo abamelela lowohulumeni waphezulu lamazwi abalulekile esivumelwano esisha ayagcwaliseka kubo: “Abasayikufundisana, kube-yilowo nalowo umakhelwane wakhe, kube-yilowo nalowo umfowabo, ngokuthi: Yazi uJehova, ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabakhulu babo.”—Jeremiya 31:34.
10. (a) Ngakho insali yamaIsrayeli angokomoya yaqala ukwamukela “ezinye izimvu” ngaphansi kwaliphi igama? (b) Yiluphi ulwazi “ezinye izimvu” ezaluthola?
10 Ngo-1935 insali yamaIsrayeli angokomoya yaqala ukwamukela “ezinye izimvu” zikaMalusi oMuhle ekuzihlanganiseni ngenkuthalo nayo ‘emhlambini munye’ ngaphansi kukaJesu Kristu, bonke bengoFakazi BakaJehova. Khona-ke lezo “ezinye izimvu,” ezaqala ukwanda zaba “isixuku esikhulu” esingenaso isibalo esimisiwe, kanye nensali ezelwe ngomoya, zaqala ‘ukugcina imiyalo kaNkulunkulu’ nokwenza “umsebenzi wokufakazela uJesu.” (IsAmbulo 7:9-17; 12:17, qhathanisa neNW) Ngakho-ke kusukela ekuqaleni ngo-1935, lezi “ezinye izimvu” nazo zaqala ukwazi uJehova “kusukela kwabancane kuya kwabakhulu babo.”
11. Ulwazi lukaJehova lobuKristu luhluke kanjani futhi lungcono ngani kunalolo lwamaJuda ayengaphansi kwesivumelwano soMthetho?
11 Nokho, kungayiphi indlela ulwazi lukaJehova lobuKristu luhlukile futhi lungcono kunolwazi amaJuda ayenalo ngaphansi kwesivumelwano esidala soMthetho kaMose? UMenzi wasezulwini wesivumelwano esisha uyaqhubeka esitshela: “Ngokuba ngiyakuthethelela ububi babo, nesono sabo angisayikusikhumbula.” (Jeremiya 31:34; Heberu 8:12) Lokhu kungenxa yeqiniso lokuthi isivumelwano esisha sisekelwe emhlatshelweni ongcono ngoMlamuleli ongcono. (Heberu 8:6; 9:11, 12, 22, 23) Umhlatshelo ongcono woMlamuleli ongcono awudingi ukuphindaphindwa, njengasoSukwini Lokubuyisana lwaminyaka yonke ngaphansi kwesivumelwano soMthetho kaMose esidala. (Heberu 10:15-18) Ngokucabangela konke lokhu, ulwazi lukaJehova labo abangaphakathi nabangaphansi kwesivumelwano esisha abanalo lungcono ngempela, lucebisa ngokwengeziwe, lunikeza ukuqonda okwengeziwe, luphelele ngokwengeziwe kunolwazi lukaNkulunkulu amaJuda ayenalo ngaphansi kwesivumelwano soMthetho.
12. Ngaphezu kwakho konke, yisiphi isimo uJehova asithathayo kulabo abangeniswe esivumelwaneni esisha nalabo abangaphansi kwaso?
12 Ngaphezu kwakho konke, uJehova uNkulunkulu, uMenzi weZivumelwano, uyiNkosi yalabo abangenisa esivumelwaneni esisha neyalabo ababeka ngaphansi kwaso. (Mathewu 5:34, 35; Jeremiya 10:7) Umphostoli uPawulu, eminyakeni eyi-1 850 ngaphambi kokuba uJesu abekwe njengeNkosi emazulwini ngo-1914, wakhomba ebukhosini bukaJehova phezu kwalabo abalalela imithetho yesivumelwano esisha, ethi: “Kuyo iNkosi yaphakade engabhubhiyo, engenakubonwa, uNkulunkulu yedwa, makube-ludumo nenkazimulo kuze kube-phakade naphakade. Amen.”—1 Thimothewu 1:17.
UMbuso Weminyaka Eyinkulungwane Ngemva ‘Kosizi Olukhulu’
13. (a) Kunini futhi kungaphansi kwaziphi izimo lapho “isixuku esikhulu” siyongena ngokugcwele ezibusisweni ezivela esivumelwaneni esisha? (b) Iyiphi injongo ekhazimulayo isivumelwano esisha esiyobe siyifezile?
13 “Isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu,’ esingekho esivumelwaneni esisha kodwa esingaphansi kwaso, sibheke phambili ekuphumeni siphila “osizini olukhulu.” Ngemva kokuba lesimiso sezinto samanje esimiselwe ukubhujiswa sesibhujisiwe, siyojabulela ukubusa kukaJesu Kristu nezindlalifa ezikanye naye phezu komhlaba ohlanziwe, iminyaka eyinkulungwane. (IsAmbulo 7:9-14) Khona-ke injongo yesivumelwano esisha iyobe isifeziwe, leyo yokuveza “abantu abazuziweyo” ukuba babe izindlalifa zoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini. (1 Petru 2:9; IzEnzo 15:14) NgoMbuso kaNkulunkulu, izibusiso ziyogobhoza ngokugcwele ‘esixukwini esikhulu’ ‘sezinye izimvu’ ezisindile. USathane uDeveli nenhlangano yakhe engabonakali yamademoni bayobe bephonswe kwalasha futhi ngeke bakwazi ukuphazamisa.—IsAmbulo 21:1-4; 20:1-3.
14. “Isixuku esikhulu” esisindile siyobe sibe naliphi ilungiselelo elihle?
14 “Isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu’ esisindile siyobe sibe nelungiselelo elihle lokuqalisa ukuphila esimisweni esisha sezinto. Njengensali yamaIsrayeli angokomoya, siyobe sesimazi uNkulunkulu “kusukela kwabancane kuya kwabakhulu babo.” (Jeremiya 31:34) Ithandaza kuNkulunkulu, iNkosi ebusayo yake yathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3, NW) Ngakho lolulwazi lukaJehova uNkulunkulu lwendawo yonke luyosebenzela insindiso yaphakade. Lokhu ngeke kube njalo ‘ngabantu’ abayosindiswa baphume “osizini olukhulu” kuphela kodwa futhi nangezinkulungwane zezigidi zabantu abafileyo abayokuzwa izwi leNkosi baphume emathuneni abo okukhunjulwa. Lonke ulwazi lukaJehova oludingekayo luyofakwa kulaba abavusiwe.—Mathewu 24:21, 22; Johane 5:28, 29; IsAmbulo 20:11-15.
15. Kungani ukufezeka kwesivumelwano esisha kungeke kusilahlekisele lutho “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu’?
15 Ngokujabulisayo, ukufezeka kwesivumelwano esisha sikaNkulunkulu siphumelele ngokukhazimulayo ngeke kusilahlekisele lutho “isixuku esikhulu” sabantu abanjengezimvu esiyosinda ekubhujisweni kwalesimiso sezinto esimiselwe ukubhujiswa. Kunalokho, kuyovula indlela yezibusiso ezinhle ngisho nangokwengeziwe lapha emhlabeni ohlanziwe esiyokudla ifa lawo nesiyoba ngabokuqala abayowenza ube yipharadesi lembulunga yonke. (Mathewu 25:34; Luka 23:43) Ngokushesha manje, labo abonakalisa umhlaba bayobe bengasekho, “kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba. . . . Abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.” (IHubo 37:9-11) Sonke masihalalisele uMbuso kaJehova uNkulunkulu weMinyaka Eyinkulungwane ‘ngeNkosi yokuthula’ oyolandela ukufezeka kwesivumelwano esisha!
[Izithombe ekhasini 119]
Izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ziyoshunyayelwa kuwo wonke umhlaba ngaphambi kokuba lesimiso siphele