‘Uvuko Lokuqala’—Seluqalile!
“Labo abafileyo abamunye noKristu bayovuka kuqala.”—1 THESALONIKA 4:16.
1, 2. (a) Liyini ithemba ngabafileyo? (b) Yini ekwenza ukholelwe ovukweni? (Bheka umbhalo waphansi.)
“ABAPHILAYO bayazi ukuthi bayokufa.” Lokhu, bekulokhu kunjalo kusukela u-Adamu ona. Kuwo wonke umlando, wonke umuntu ozelwe uyazi ukuthi uyogcina ngokufa, futhi abaningi bayazibuza: ‘Kazi kwenzekani kamuva? Siyini isimo sabafileyo?’ IBhayibheli liyaphendula: “Abafileyo bona abazi lutho.”—UmShumayeli 9:5.
2 Likhona-ke yini ithemba ngabafileyo? Yebo. Eqinisweni, kumelwe kube njalo ukuze kugcwaliseke injongo kaNkulunkulu yokuqala ngesintu. Phakathi namakhulu eminyaka, izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile ziye zaba nokholo esithembisweni sikaJehova seNzalo ezobhubhisa uSathane, ilungise wonke umonakalo awenzile. (Genesise 3:15) Eziningi zazo zifile. Ukuze zikubone ukugcwaliseka kwaleso sithembiso nezinye uJehova azenzile, kudingeka zivuswe kwabafileyo. (Hebheru 11:13) Ingabe into enjalo ingenzeka? Yebo, ingenzeka. Umphostoli uPawulu wathi: “Kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.” (IzEnzo 24:15) UPawulu wake wavusa insizwa egama layo lingu-Evitiku, eyayiwe isuka efasiteleni lesitezi sesithathu “yathathwa isifile.” Ingeyokugcina kwabangu-9 abavuswa okulotshwe ngabo eBhayibhelini.—IzEnzo 20:7-12.a
3. Iyiphi induduzo wena oye wayithola emazwini kaJesu akuJohane 5:28, 29, futhi ngani?
3 Ukuvuswa kwalabo bantu abangu-9 kusenza sibe nesizathu sokukholelwa emazwini kaPawulu. Kuqinisa ukholo lwethu esiqinisekisweni sikaJesu: “Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyokhunjulwa futhi bayolizwa izwi [likaJesu] baphume.” (Johane 5:28, 29) Yeka amazwi ajabulisayo! Yeka ukuthi aziduduza kanjani izigidi ezishonelwe abathandekayo bazo!
4, 5. IBhayibheli likhuluma ngaziphi izinhlobo zovuko, futhi iluphi okuzoxoxwa ngalo kulesi sahluko?
4 Iningi labayovuswa liyobuyela emhlabeni owenziwe waba nokuthula ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. (IHubo 37:10, 11, 29; Isaya 11:6-9; 35:5, 6; 65:21-23) Nokho, kunabanye okwakumelwe bavuswe ngaphambi kwalaba. Okokuqala, uJesu Kristu kwakudingeka avuswe ukuze ayise inani lomhlatshelo wakhe kuNkulunkulu ngenxa yethu. UJesu wafa futhi wavuswa ngo-33 C.E.
5 Ngokulandelayo, amalungu agcotshiwe ‘ka-Israyeli kaNkulunkulu’ kumelwe ahlanganyele neNkosi uJesu Kristu enkazimulweni yasezulwini, lapho ‘eyoba neNkosi ngaso sonke isikhathi.’ (Galathiya 6:16; 1 Thesalonika 4:17) Leso senzakalo sibizwa ngokuthi ‘ukuvuka kokuqala’ noma ‘uvuko lokuqala.’ (Filipi 3:10, 11; IsAmbulo 20:6) Lapho lolo vuko seluphelile, kuyobe sekuyisikhathi sokuba izigidi zabafa zivuselwe emhlabeni zinethemba lokuzuza ukuphila okuphakade ePharadesi. Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi sinethemba lasezulwini noma lasemhlabeni, sinesithakazelo esijulile “ovukweni lokuqala.” Luluhlobo luni lovuko? Lwenzeka nini?
Bavuswa “Ngaluhlobo Luni Lomzimba?”
6, 7. (a) Ngaphambi kokuba amaKristu agcotshiwe aye ezulwini, yini okumelwe yenzeke kuqala? (b) Ayovuswa ngomzimba onjani?
6 Encwadini yakhe yokuqala ayibhalela abaseKorinte, uPawulu uphakamisa umbuzo ngovuko lokuqala: “Abafileyo bayovuswa kanjani? Yebo, beza ngaluhlobo luni lomzimba?” Ube esewuphendula: “Lokho okuhlwanyelayo akwenziwa kuphile ngaphandle kokuba kufe kuqala . . . kodwa uNkulunkulu ulunika umzimba njengoba nje kuthandekile kuye . . . Inkazimulo yemizimba yasezulwini ingolunye uhlobo, neyemizimba yasemhlabeni ingeyohlobo oluhlukile.”—1 Korinte 15:35-40.
7 Amazwi kaPawulu abonisa ukuthi amaKristu agcotshwe ngomoya ongcwele kumelwe afe ngaphambi kokuba athole umvuzo wawo wasezulwini. Lapho efa, umzimba wawo wasemhlabeni uphindela othulini. (Genesise 3:19) Ngesikhathi sikaNkulunkulu esimisiwe, avuswa enomzimba wohlobo olufanelekela ukuphila ezulwini. (1 Johane 3:2) UNkulunkulu uwanika nokungafi. Lokhu akuyona into azalwa nayo, ngokungathi aphefumulelwa lokho okuthiwa umphefumulo ongafi. UPawulu uthi: “Lokhu okufayo kumelwe kugqoke ukungafi.” Ukungafi kuyisipho esivela kuNkulunkulu, ‘esigqokwa’ yilabo abathola uvuko lokuqala.—1 Korinte 15:50, 53; Genesise 2:7; 2 Korinte 5:1, 2, 8.
8. Sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu akabakhethi emalungwini ezinkolo ezihlukahlukene abangu-144 000?
8 Bangu-144 000 kuphela abathola uvuko lokuqala. UJehova waqala ukubakhetha ngePhentekoste lika-33 C.E., ngemva nje kokuvusa uJesu. “Kulotshwé igama [likaJesu] negama likaYise emabunzini abo” bonke. (IsAmbulo 14:1, 3) Ngakho, abakhethwa ezinkolweni eziningi ezihlukahlukene. Bonke bangabalandeli bakaKristu, futhi bonke bayaziqhenya ngokubizwa ngegama likaBaba—uJehova. Lapho bevuswa, bathola isabelo somsebenzi emazulwini. Kuvusa amadlingozi kubo ukwazi ukuthi bayokhonza uNkulunkulu ngokuqondile ngaleyo ndlela.
Ingabe Seluqalile?
9. IsAmbulo 12:7 no-17:14 sisisiza kanjani ukuba sicabangele isikhathi uvuko lokuqala oluqala ngaso?
9 Uvuko lokuqala lwenzeka nini? Kunobufakazi obunamandla bokuthi seluqalile. Ngokwesibonelo, qhathanisa izahluko ezimbili zesAmbulo. Okokuqala, bheka isAmbulo isahluko 12. Lapho, sifunda ukuthi uJesu Kristu osanda kubekwa esihlalweni sobukhosi, kanye nezingelosi zakhe ezingcwele, balwa noSathane namademoni akhe. (IsAmbulo 12:7-9) Njengoba lo magazini uye wabonisa kaningi, leyo mpi yaqala ngo-1914.b Nokho, phawula ukuthi akekho noyedwa kubalandeli bakaKristu abagcotshiwe okuthiwa ukanye noJesu kuleyo mpi yasezulwini. Manje bheka isahluko 17 sesAmbulo. Lapho, sifunda ukuthi ngemva kokubhujiswa ‘kweBhabhiloni elikhulu,’ iWundlu liyonqoba izizwe. Sibe sesinezela: ‘Labo ababiziweyo nabakhethiweyo nabathembekileyo abakanye nalo, nabo bayozinqoba.’ (IsAmbulo 17:5, 14) “Ababiziweyo nabakhethiweyo nabathembekileyo” kumelwe ukuba bayobe sebevusiwe ukuze babe noJesu ekunqotshweni kokugcina kwezwe likaSathane. Kunengqondo-ke ukuthi abagcotshiweyo abafa ngaphambi kwe-Armagedoni bavuswa esikhathini esithile phakathi kuka-1914 ne-Armagedoni.
10, 11. (a) Bangobani abadala abangu-24, futhi yini omunye wabo ayembulela uJohane? (b) Singaphetha ngokuthini kulokhu?
10 Singasho yini ngokunembile ukuthi uvuko lokuqala luqala nini? Inkomba ethakazelisayo itholakala kusAmbulo 7:9-15, lapho umphostoli uJohane echaza khona umbono ‘wesixuku esikhulu okungekho muntu owakwazi ukusibala.’ Ukuthi lesi sixuku esikhulu singobani uJohane ukwembulelwa omunye wabadala abangu-24, futhi laba badala bamelela izindlalifa ezingu-144 000 ezikanye noKristu zisenkazimulweni yazo yasezulwini.c (Luka 22:28-30; IsAmbulo 4:4) UJohane ngokwakhe wayenethemba lasezulwini; kodwa njengoba ayesengumuntu emhlabeni ngesikhathi lo mdala ekhuluma naye, kulo mbono kumelwe ukuba uJohane umelela abagcotshiweyo abasemhlabeni abangakawutholi umvuzo wabo wasezulwini.
11 Khona-ke, iqiniso lokuthi omunye wabadala abangu-24 uchazela uJohane ukuthi singobani isixuku esikhulu lisenza siphethe ngokuthini? Kubonakala sengathi abavusiweyo beqembu labadala abangu-24 kungenzeka baneqhaza ekudluliseleni amaqiniso kaNkulunkulu namuhla. Kungani kubalulekile lokhu? Ngenxa yokuthi incazelo enembile yokuthi isixuku esikhulu singobani yembulelwa izinceku zikaNkulunkulu ezigcotshiweyo emhlabeni ngo-1935. Uma kwasetshenziswa omunye wabadala abangu-24 ekudluliseleni lelo qiniso elibalulekile, kumelwe ukuba wayesevusiwe okungenani ngo-1935. Lokho kungasho ukuthi uvuko lokuqala lwaqala esikhathini esithile phakathi kuka-1914 no-1935. Singakwazi yini ukunemba kakhudlwana?
12. Chaza ukuthi kungani intwasahlobo ka-1918 ingase ibhekwe njengesikhathi okungenzeka ukuthi uvuko lokuqala lwaqala ngaso.
12 Kuleli phuzu, kungase kube usizo ukucabangela lokho okungase kubhekwe njengendaba efana nalena eBhayibhelini. UJesu Kristu wagcotshwa njengeNkosi yesikhathi esizayo yoMbuso kaNkulunkulu ekwindla ka-29 C.E.d Eminyakeni emithathu nengxenye kamuva, entwasahlobo ka-33 C.E., wavuswa njengomuntu womoya onamandla. Singaphetha-ke yini ngokuthi njengoba uJesu abekwa esihlalweni sobukhosi ekwindla ka-1914, uvuko lwabalandeli bakhe abagcotshiwe abathembekile lwaqala eminyakeni emithathu nengxenye kamuva, entwasahlobo ka-1918? Kuyathakazelisa ukuthi kungenzeka. Nakuba lokhu kungenakuqinisekiswa ngokuqondile eBhayibhelini, kuyavumelana neminye imiBhalo ebonisa ukuthi uvuko lokuqala lwaqala ngokushesha nje ngemva kokuqala kokuba khona kukaKristu.
13. Eyoku-1 Thesalonika 4:15-17 isikisela kanjani ukuthi uvuko lokuqala lwaqala ekuqaleni kokuba khona kukaKristu?
13 Ngokwesibonelo, uPawulu wabhala: “Thina esiphilayo esiphila kuze kube sekubeni khona kweNkosi [hhayi, ekupheleni kokuba khona kwayo] ngeke nangayiphi indlela sibandulele labo asebalala; ngoba iNkosi ngokwayo iyokwehla ezulwini ngezwi elinegunya, ngezwi lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, futhi labo abafileyo abamunye noKristu bayovuka kuqala. Ngemva kwalokho thina esiphilayo esisekhona siyothathwa kanye nabo ngamafu ukuze sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo siyoba neNkosi ngaso sonke isikhathi.” (1 Thesalonika 4:15-17) Ngakho-ke, amaKristu agcotshiwe afa ngaphambi kokuba khona kukaKristu avuselwa ekuphileni kwasezulwini ngaphambi kwalawo ayesaphila ngesikhathi sokuba khona kukaKristu. Lokhu kusho ukuthi uvuko lokuqala kumelwe ukuba lwaqala ngasekuqaleni kokuba khona kukaKristu, futhi luyaqhubeka “phakathi nokuba khona kwakhe.” (1 Korinte 15:23) Kunokuba lwenzeke ngesikhathi esisodwa, uvuko lokuqala luthatha isikhathi esithile.
“Ngamunye Kubo Wanikwa Isembatho Esimhlophe”
14. (a) Imibono esesahlukweni 6 sesAmbulo igcwaliseka nini? (b) Isiphi isithombe esivezwa isAmbulo 6:9?
14 Cabanga futhi ngobufakazi obuqukethwe isahluko 6 sesAmbulo. Lapho, uJesu ubonakala egibele ihhashi eyiNkosi enqobayo. (IsAmbulo 6:2) Izizwe zihileleke empini enkulu engakaze ibonwe. (IsAmbulo 6:4) Kukhona indlala ezindaweni ngezindawo. (IsAmbulo 6:5, 6) Izifo ezibulalayo zibhuqabhuqa isintu. (IsAmbulo 6:8) Zonke lezi zenzakalo ezaprofethwa zifanelana nezimo ezaba khona emhlabeni kusukela ngo-1914. Kodwa kukhona okunye okwenzekayo. Siboniswa i-altare lemihlatshelo. Phansi kwalo kukhona “imiphefumulo yalabo ababulawa ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yomsebenzi wokufakaza ababenawo.” (IsAmbulo 6:9) Njengoba “umphefumulo wenyama [noma, ukuphila] usegazini,” lokho empeleni okuthiwa kungaphansi e-altare kuyigazi lezinceku ezithembekile zikaJesu ezabulawa ngenxa yokufakaza kwazo ngesibindi nangentshiseko.—Levitikusi 17:11.
15, 16. Chaza ukuthi kungani amazwi esAmbulo 6:10, 11 ebhekisela ovukweni lokuqala.
15 Njengegazi lika-Abela olungileyo, igazi lala maKristu afela ukholo likhalela ubulungisa. (Genesise 4:10) ‘Amemeza ngezwi elikhulu, ethi: “Kuyoze kube nini, Nkosi enguMbusi ongcwele noweqiniso, uyeka ukwahlulela nokuphindisela igazi lethu kulabo abahlala emhlabeni na?”’ Kube sekwenzekani? “Ngamunye kubo wanikwa isembatho esimhlophe; batshelwa ukuba baphumule isikhashana, kuze kugcwale isibalo sezinceku ezikanye nabo nabafowabo abase bezobulawa njengoba nabo bebulewe.”—IsAmbulo 6:10, 11.
16 Ingabe lezi zembatho ezimhlophe zanikwa igazi elaliphansi e-altare? Akunakwenzeka! Izembatho zanikwa abantu ngabanye abagazi labo lachitheka, ngokungathi e-altare. Banikela ngokuphila kwabo egameni likaJesu futhi manje bavuswa njengabantu bomoya. Sikwazi kanjani lokho? Ngasekuqaleni kwencwadi yesAmbulo, sifunda lokhu: “Lowo onqobayo uyovunuliswa ngezingubo zangaphandle ezimhlophe; angisoze ngalisula igama lakhe encwadini yokuphila.” Khumbula futhi ukuthi abadala abangu-24 ‘babegqoke izingubo zangaphandle ezimhlophe, emakhanda abo kwakunemiqhele yegolide.’ (IsAmbulo 3:5; 4:4) Ngakho ngemva kokuba impi, indlala, nezifo kuqale ukubhubhisa umhlaba, amalungu abangu-144 000 ayesefile, amelelwa igazi eliphansi e-altare, avuselwa ekuphileni kwasezulwini futhi embathiswa izembatho ezimhlophe ezingokomfanekiso.
17. Labo abanikwa izembatho ezimhlophe kumelwe “baphumule” ngamuphi umqondo?
17 Labo abasanda kuvuswa kumelwe “baphumule.” Kumelwe balulinde ngesineke usuku lukaNkulunkulu lwempindiselo. ‘Izinceku ezikanye nabo,’ amaKristu agcotshiwe asesemhlabeni, kusadingeka zibonakalise ubuqotho bazo ngaphansi kovivinyo. ‘Ukuphumula’ kwabo kuzophela lapho kufika isikhathi sesahlulelo sikaNkulunkulu. (IsAmbulo 7:3) Ngaleso sikhathi, abavusiwe bayohlanganyela neNkosi uJesu Kristu ekuletheni imbubhiso phezu kwababi, kuhlanganise nalabo abachitha igazi lamaKristu angenacala.—2 Thesalonika 1:7-10.
Lokho Okukushoyo Kithi
18, 19. (a) Kungenxa yaziphi izizathu ungaphetha ngokuthi uvuko lokuqala seluqalile? (b) Ukuqonda osunakho ngovuko lokuqala kukwenza uzizwe kanjani?
18 IZwi likaNkulunkulu alilwembuli usuku oluthé ngqo lovuko lokuqala, kodwa liyakwembula ukuthi lolu vuko lwenzeka phakathi nenkathi ethile yesikhathi, phakathi nokuba khona kukaKristu. Abavuswa kuqala ngamaKristu agcotshiwe afa ngaphambi kokuba ukuba khona kukaKristu kuqale. Njengoba ukuba khona kukaKristu kuqhubeka, amaKristu agcotshiwe aqeda inkambo yawo yasemhlabeni ngokwethembeka aguqulwa “ngokuphazima kweso” abe izidalwa zomoya ezinamandla. (1 Korinte 15:52) Ingabe bonke abagcotshiwe bayothola umvuzo wabo wasezulwini ngaphambi kwempi ye-Armagedoni? Asazi. Nokho siyazi ukuthi ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele, bonke abangu-144 000 bayotholakala bemi entabeni yasezulwini iZiyoni.
19 Siyazi futhi ukuthi iningi labangu-144 000 selikanye noKristu kakade. Bayingcosana impela abasasele emhlabeni. Yeka inkomba enamandla yokuthi isikhathi sokukhishwa kwesahlulelo sikaNkulunkulu sisondela ngokushesha! Maduzane, sonke isimiso sezwe likaSathane sizobhujiswa. USathane ngokwakhe uzophonswa kwalasha. Uvuko lwaso sonke isintu luyobe selungaqala-ke, futhi abantu abathembekile sebengavuswa ngesisekelo somhlatshelo kaJesu wesihlengo, bavuselwe ekuphileni okuphelele okunjengalokho okwalahlwa u-Adamu. Isiprofetho sikaJehova esikuGenesise 3:15 sigcwaliseka ngendlela emangalisayo. Yeka ukuthi kuyilungelo elingakanani ukuphila kulezi zikhathi!
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze ufunde ngabanye abangu-8, bheka eyoku-1 AmaKhosi 17:21-23; 2 AmaKhosi 4:32-37; 13:21; Marku 5:35, 41-43; Luka 7:11-17; 24:34; Johane 11:43-45; IzEnzo 9:36-42.
b Ukuze uthole ubufakazi obungokomBhalo bokuthi ukuba khona kukaKristu kwaqala ngo-1914, bheka incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? amakhasi 215-18, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
c Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokuthi sazi kanjani ukuthi abadala abangu-24 bamelela amaKristu agcotshiwe esikhundleni sawo sasezulwini, bheka IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ikhasi 77, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
d Lapha sikhuluma ngekwindla nentwasahlobo kwaseNyakatho NeNkabazwe.
Ungachaza?
Le miBhalo elandelayo isisiza kanjani ukuba sithole isikhathi ‘sovuko lokuqala’?
• 1 Korinte 15:23; 1 Thesalonika 4:15-17
[Izithombe ekhasini 26]
Iziphi izinhlobo zovuko ezenzeka ngaphambi kokuba isintu sisonke sivuswe kwabafileyo?
[Isithombe ekhasini 29]
Kungayiphi indlela abathile ababefile benikezwa isembatho esimhlophe?