Hambani Njengabafundiswa UJehova
“Ngifundise, Jehova, indlela yakho; ngiyakuhamba eqinisweni lakho; yenza inhliziyo yami iqonde-ntonye, yesabe igama lakho.”—IHUBO 86:11.
1, 2. Yini eshukumisela oFakazi BakaJehova ukuba bakwenqabe ukumpontshelwa igazi?
“MHLAWUMBE oFakazi BakaJehova benza into elungile uma benqaba ukusebenzisa imikhiqizo yegazi, ngoba kuyiqiniso ukuthi inani eliphawulekayo lezinto ezibangela izifo lingadluliselwa ngokumpontshelwa igazi.”—Iphephandaba lezokwelapha laseFrance iQuotidien du Médecin, likaDecember 15, 1987.
2 Abanye abawafunda lawomazwi kungenzeka baba nomuzwa wokuthi kuyinhlanhla nje ukuthi oFakazi BakaJehova benqaba ukumpontshelwa igazi esikhathini eside ngaphambi kokuba kwaziwe kabanzi ukuthi lokhu kungaba yingozi kanjani, kubulale ngisho nokubulala. Kodwa ukuma oFakazi BakaJehova abaye bakuthatha mayelana negazi akwenzekanga ngengozi, futhi akuwona umthetho owasungulwa yihlelo elithile elingaziwa, ukuma okuvela ekwesabeni ukuthi igazi aliphephile. Kunalokho, oFakazi benqaba igazi ngenxa yokuzimisela kwabo ukuhamba ngokuthobeka phambi koMfundisi wabo Omkhulu—uNkulunkulu.
3. (a) UDavide wayezizwa kanjani ngokuthembela kuJehova? (b) Yimuphi umphumela uDavide ayebheke phambili kuwona ngenxa yokuthembela kuJehova?
3 INkosi uDavide, eyayincike kuNkulunkulu, yayizimisele ukuba ifundiswe nguye futhi ‘ihambe eqinisweni lakhe.’ (IHubo 86:11) UDavide wake wacetshiswa ngokuthi uma egwema ukuba necala legazi emehlweni kaNkulunkulu, ‘umphefumulo wakhe wawuyakube usongiwe emshuqulwini wabaphilayo kuJehova.’ (1 Samuweli 25:21, 22, 25, 29) Njengoba abantu babesonga izinto eziyigugu ukuze bazivikele futhi bazilondoloze, ngakho ukuphila kukaDavide kwakuyovikelwa futhi kulondolozwe uNkulunkulu. Njengoba asamukela lesoseluleko esihlakaniphile, uDavide akazange afune ukuzisindisa ngemizamo yakhe siqu kodwa wathembela kuLowo ayemkweleta ukuphila kwakhe: “Uyakungazisa indlela yokuphila; ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho; intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube-phakade.”—IHubo 16:11.
4. Kungani uDavide wayefuna ukufundiswa uJehova?
4 Enalesosimo sengqondo, uDavide akazange abe nomuzwa wokuthi yena ngokwakhe wayengazikhethela ukuthi imiphi imithetho yaphezulu eyayisebenza noma eyayidinga ukulalelwa. Isimo sakhe sengqondo sasiwukuthi: “Ngifundise indlela yakho, Jehova, ungihole endleleni ekhanyayo.” “Ngifundise, Jehova, indlela yakho; ngiyakuhamba eqinisweni lakho; yenza inhliziyo yami iqonde-ntonye, yesabe igama lakho. Ngiyakukubonga, Nkosi Nkulunkulu wami, ngenhliziyo yonke yami.” (IHubo 27:11; 86:11, 12) Ngezinye izikhathi ukuhamba eqinisweni phambi kukaNkulunkulu kungase kubonakale kunezinkathazo noma kungase kusho ukuzidela okukhulu, kodwa uDavide wayefuna ukufundiswa ngendlela eyiyona futhi ahambe kuyo.
Bafundiswa Ngegazi
5. Yini okumelwe ukuba uDavide wayeyazi ngokuphathelene nokuma kukaNkulunkulu ngegazi?
5 Kufanele siphawule ukuthi kusukela ngesikhathi esewumfana kuqhubeke, uDavide wayefundiswe umbono kaNkulunkulu ngegazi, okwakuwumbono owawungeyona imfihlakalo engokwenkolo. Lapho uMthetho ufundelwa abantu, uDavide wayeyokuzwa lokhu: “Umphefumulo womzimba usegazini; ngimniké lona ealtare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana, lokhu kuyigazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo. Ngalokho ngathi kubantwana bakwaIsrayeli: Makungabikho-muntu kini odla igazi; nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu makangadli igazi.”—Levitikusi 17:11, 12; Duteronomi 4:10; 31:11.
6. Saba khona kanjani isidingo esiqhubekayo ngezinceku zikaNkulunkulu ukuba zifundiswe ngegazi?
6 Uma nje uNkulunkulu ayesasebenzisa uIsrayeli njengabantu bakhe abahlangene, labo ababefuna ukumthokozisa kwakudingeka ukuba bafundiswe ngegazi. Izizukulwane ngezizukulwane zabafana namantombazane angamaIsrayeli zafundiswa ngalendlela. Kodwa ingabe imfundo enjalo yayiyoqhubeka ngemva kokuba uNkulunkulu esemukele ibandla lamaKristu, elenza “uIsrayeli kaNkulunkulu”? (Galathiya 6:16) Yebo, yayiyoqhubeka. Umbono kaNkulunkulu ngegazi awuzange uguquke. (Malaki 3:6) Ukuma kwakhe okuchaziwe mayelana nokungalisebenzisi kabi igazi wawukhona ngaphambi kokuba isivumelwano soMthetho sisebenze, futhi kwaqhubeka nangemva kokuba uMthetho usuqediwe.—Genesise 9:3, 4; IzEnzo 15:28, 29.
7. Kungani ukufundiswa uNkulunkulu ngegazi kubalulekile kithi?
7 Inhlonipho ngegazi iwumnyombo wobuKristu. ‘Ingabe lokho akulona ihaba?’ abanye bangase babuze. Nokho, yini ewumnyombo wobuKristu uma kungewona umhlatshelo kaJesu? Futhi umphostoli uPawulu wabhala: “Esinokuhlengwa kuye [uJesu] ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe.” (Efesu 1:7) I-Inspired Letters, eyahunyushwa nguFrank C. Laubach, ihumusha lelivesi ngalendlela: “Igazi likaJesu lasikhokhela futhi manje sesingabaKhe.”
8. “Isixuku esikhulu” sithembele kanjani egazini ukuze sithole ukuphila?
8 Bonke abanethemba lokusinda “osizini olukhulu” olusondelayo nokujabulela izibusiso zikaNkulunkulu emhlabeni oyipharadesi bathembele egazini likaJesu elathululwa. IsAmbulo 7:9-14 sibhekisela esenzweni sabo esidlule sibachaza sithi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba-mhlophe egazini leWundlu.” Phawula inkulumo esetshenziswe lapha. Asisho ukuthi laba abaye basinda osizini olukhulu baye ‘bamukela uJesu’ noma ‘bakholwa nguye,’ nakuba ngokuqinisekile lezo kuyizici ezibalulekile. Siqhubekela phambili futhi sithi “bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba-mhlophe egazini [likaJesu].” Lokho kungenxa yokuthi igazi lakhe linenani lesihlengo.
9. Kungani ukulalela uJehova ngokuphathelene negazi kungokungathi sína kangaka?
9 Ukwazisa ngalelinani kusiza oFakazi BakaJehova ukuba banqume ukungalisebenzisi kabi igazi, ngisho nakuba udokotela ngobuqotho ethi ukumpontshelwa kungasho ukuphila. Angase akholelwe ukuthi izinzuzo ezingaba khona zokumpontshelwa zizedlula kude izingozi ezingokwempilo eziqukethwe igazi ngokwalo. Kodwa umKristu ngeke angayinaki ingozi enkulu ngisho nangokwengeziwe, ingozi yokulahlekelwa ukuvunyelwa uNkulunkulu ngokuvuma ukusetshenziswa kabi kwegazi. UPawulu wake wakhuluma ngalabo ‘abona ngamabomu emva kokuba sebemukele ulwazi oluqondile lweqiniso.’ Kungani noma yisiphi isono salolohlobo sasingesingathi sína kangako? Kungenxa yokuthi umuntu onjalo ‘uyinyathelele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo.’—Heberu 9:16-24; 10:26-29.
Siza Abanye Ukuba Bafunde
10. Siyini isizathu sokuzimisela kwethu ukuyeka igazi?
10 Thina esazisa umhlatshelo wesihlengo kaJesu siyaqaphela ukuba singasenzi umkhuba isono, senqabe inani legazi lakhe elisindisa ukuphila. Njengoba siye sayicabangisisa lendaba, siyaqaphela ukuthi ukumbonga nje kukodwa uNkulunkulu ngokuphila kufanele kusishukumisele ekubeni senqabe noma yikuphi ukuhlehla emithethweni yakhe elungile, esiqinisekayo ukuthi wayinikeza ecabangela izithakazelo zethu ezingcono kakhulu—izithakazelo zethu ezingcono kakhulu ezihlala isikhathi eside. (Duteronomi 6:24, IzAga 14:27; UmShumayeli 8:12) Nokho, kuthiwani ngabantwana bethu?
11-13. Yimuphi umbono oyiphutha ngabantwana babo negazi abanye abazali abangamaKristu abanawo, futhi ngani?
11 Lapho abantwana bethu beseyizinsana noma bebancane kakhulu ukuba baqonde, uJehova uNkulunkulu angababheka njengabahlanzekile nabamukelekayo ngesisekelo sokuzinikela kwethu. (1 Korinte 7:14) Ngakho kuyiqiniso ukuthi izinsana ekhaya lamaKristu kungenzeka azikayiqondi futhi azikakwenzi ukukhetha mayelana nokulalela umthetho kaNkulunkulu ngegazi. Nokho, ingabe senza konke okusemandleni ethu ukuba sibafundise ngalendaba ebalulekile? Abazali abangamaKristu kumelwe bakucabangele ngokungathi sína lokho, ngoba abanye abazali babonakala benesimo sengqondo esiyiphutha ngabantwana babo negazi. Abanye babonakala benomuzwa wokuthi abanamandla kangako ekutheni abantwana babo abancane bayampontshelwa yini noma cha. Kungani kunalombono oyiphutha?
12 Amazwe amaningi anemithetho noma iminyango kahulumeni yokuvikela abantwana abanganakwa nabaxhashazwayo. Abantwana boFakazi BakaJehova akukhona ukuthi abanakwa noma bayaxhashazwa lapho abazali benquma ngokumelene nokuvumela indodana yabo noma indodakazi ethandekayo ukuba inikezwe igazi, ngesikhathi esifanayo benxusa ukuba kusetshenziswe ezinye izindlela zokwelapha ezinganikezwa ukwelapha kwesimanje. Ngisho nangokombono wezokwelapha, lokhu akukhona ukunganaki noma ukuxhaphaza, uma kucatshangelwa izingozi ezaziwayo zokwelapha ngokumpontshelwa igazi. Kuwukusetshenziswa kwelungelo lokuqhathanisa izingozi ezihilelekile bese kukhethwa indlela yokwelapha.a Nokho, ezinye izisebenzi zezokwelapha ziye zaphendukela emalungiselelweni omthetho zifuna igunya lokuphoqelela ukumpontshelwa okungafunwa.
13 Abanye abazali, beqaphela ukuthi kungase kube lula ngezisebenzi zezokwelapha ukuba zithole ukusekela kwenkantolo ngokumpompela umntwana, bangase babe nomuzwa wokuthi lendaba abasenakuyilawula, akukho okunye abazali abangakwenza noma okudingeka bakwenze. Yeka ukuthi lowombono uyiphutha kanjani!—IzAga 22:3.
14. UDavide noThimothewu bafundiswa kanjani ebusheni babo?
14 Siye saphawula ukuthi uDavide wafundiswa ngendlela kaNkulunkulu kusukela ebusheni bakhe kuqhubeke. Lokho kwamhlomisela ukuba abheke ukuphila njengesipho esivela kuNkulunkulu futhi azi ukuthi igazi limelela ukuphila. (Qhathanisa neyesi-2 Samuweli 23:14-17.) UThimothewu wafundiswa ngendlela kaNkulunkulu yokucabanga “kusukela ebuntwaneni.” (2 Thimothewu 3:14, 15) Awuvumi yini ukuthi ngisho nalapho uDavide noThimothewu besebancane kunalokho namuhla okuyiminyaka engokomthetho yobudala, kumelwe ukuba bakwazi ukuyiveza kahle imizwa yabo ezindabeni ezihilela intando kaNkulunkulu? Ngokufanayo, esikhathini eside ngaphambi kokuba abe seminyakeni efanele yobudala, amaKristu asemasha namuhla kumelwe afundiswe ngendlela kaNkulunkulu.
15, 16. (a) Yimuphi umbono oye waba khona kwezinye izindawo ngamalungelo abantwana? (b) Yini eyaholela ekubeni omunye owayesengaphansi kwabazali anikezwe igazi?
15 Kwezinye izindawo umntwana okuthiwa usevuthiwe unikezwa amalungelo afana nawabantu abadala. Ngesisekelo sobudala noma ukucabanga okuvuthiwe, noma kokubili, osemusha angase abhekwe njengosevuthwe ngokwanele ukuba enze izinqumo zakhe siqu ngendlela yokwelashwa. Ngisho nalapho lokhu kungewona umthetho, abahluleli noma izikhulu zingase zizisekele izifiso zosemusha okwaziyo ukusiveza ngokucacile isinqumo sakhe esiqinile ngegazi. Ngokuphambene, lapho osemusha engakwazi ukuchaza izinkolelo zakhe ngokucacile nangokuvuthiwe, inkantolo ingase ibe nomuzwa wokuthi kumelwe inqume lokho okubonakala kungcono kakhulu, njengoba ibingenza ngosana.
16 Enye insizwa esencane yayitadisha iBhayibheli ilokhu iyeka iminyaka eminingi kodwa ingabhapathiziwe. Nakuba yayisalelwe amasonto ayisikhombisa kuphela ukuba ifinyelele ebudaleni eyayizothola ngabo “ilungelo lokwenqaba ukwelashwa,” isibhedlela esasiyilaphela umdlavuza safuna ukusekela kwenkantolo ukuze siyimpompele ngokumelene nezifiso zayo nezabazali bayo. Umahluleli ocophelelayo wabuza lensizwa ngezinkolelo zayo ngegazi futhi wayibuza imibuzo eyisisekelo, njengamagama ezincwadi ezinhlanu zokuqala zeBhayibheli. Lensizwa ayikwazanga ukuzisho noma ukunikeza ubufakazi obuqinisekisayo bokuthi yayiqonda ukuthi kungani yayenqaba igazi. Ngokudabukisayo, umahluleli wagunyaza ukumpontshelwa, ephawula: “Ukwenqaba (kwayo) ukuba ivumele ukumpontshelwa igazi akusekelwe ekuqondeni okuvuthiwe izinkolelo zayo siqu ezingokwenkolo.”
17. Ikuphi ukuma enye intombazane eneminyaka engu-14 eyakuthatha ngokumpontshelwa igazi, kwaba namuphi umphumela?
17 Izinto zingase zihluke kumuntu osengaphansi kwabazali ofundiswe kahle ngezindlela zikaNkulunkulu futhi ohamba eqinisweni laKhe ngentshiseko. UmKristu othile osemncane kunophawulwe ngenhla wayenohlobo olufanayo olungandile lomdlavuza. Lentombazane nabazali bayo babekuqonda ukwelapha ngamakhemikhali okuthuthukisiwe futhi bakwamukela kuchwepheshe wesibhedlela esinedumela elihle. Nakuba kunjalo, lendaba yasiwa enkantolo. Umahluleli wabhala: “UD.P. ukufakazele ukuthi uyomelana nokumpontshelwa igazi nganoma iyiphi indlela angenza ngayo. Ubonise ukuthi ukumpontshelwa kunjengokuhlaselwa komzimba wakhe futhi ukufanise nokudlwengulwa. Ucele iNkantolo ukuba ihloniphe ukukhetha kwakhe futhi imvumele ukuba aqhubeke [esesibhedlela] ngaphandle kokuba iNkantolo iyale ukuba ampontshelwe igazi.” Imfundo yobuKristu ayeyitholile yamsiza kulesikhathi esinzima.—Bheka ibhokisi.
18. (a) Intombazane egulayo yathatha kuphi ukuma okuqinile mayelana nokwamukela igazi? (b) Umahluleli wakhipha siphi isinqumo ngokwelashwa kwayo?
18 Intombazane eneminyaka engu-12 ubudala yayilashelwa ileukemia. Isikhungo senhlala-kahle yabantwana sayisa lendaba enkantolo ukuze inikezwe igazi ngenkani. Umahluleli waphetha: “UL. uye watshela lenkantolo ngokucacile nangokungagwegwesi ukuthi, uma kwenziwa umzamo wokumpompela igazi, uyolwa nalokho kumpontshelwa ngawo onke amandla angaba nawo. Uye wathi uyomemeza azabalaze futhi uyobhoncula inaliti ayikhiphe engalweni yakhe futhi uyozama ukulichitha igazi elisesikhwameni esingenhla kombhede wakhe, futhi ngiyamkholelwa. Ngiyenqaba ukwenza noma yisiphi isiyalezo esiyofaka lomntwana kuleyonhlupheko . . . Ngalesiguli, ukwelashwa okusikiselwa isibhedlela kubhekene nesifo kuphela. Kuyahluleka ukubhekana nezidingo zaso ezingokomzwelo nezinkolelo zaso ezingokwenkolo.”
Bazali—Fundisani Kahle
19. Yisiphi isibopho esikhethekile abazali okufanele basigcine ngakubantwana babo?
19 Okuhlangenwe nakho okunjalo kunesigijimi esinamandla kubazali abafuna ukuthi bonke emkhayeni wabo baphile ngokuvumelana nomthetho kaNkulunkulu ngegazi. Esinye isizathu sokuba uAbrahama abe umngane kaNkulunkulu siwukuthi uNkulunkulu wayazi ukuthi lenzalamizi ‘yayiyoyala abantwana bayo nendlu yayo emva kwayo ukugcina indlela kaNkulunkulu nokusebenza ukulunga.’ (Genesise 18:19) Ingabe lokhu akufanele kube njalo ngabazali abangamaKristu namuhla? Uma ungumzali, ingabe uyabafundisa abantwana bakho abathandekayo ukuba bahambe endleleni kaJehova ukuze ngaso sonke isikhathi “balungele ukubaphendula bonke [ababuza] isizathu sethemba [elikubo], kodwa kube-ngobumnene nangokwesaba”?—1 Petru 3:15, 16.
20. Yini ngokuyinhloko okufanele sifune abantwana bethu bayazi futhi bayikholelwe ngokuphathelene negazi? (Daniyeli 1:3-14)
20 Nakuba kungaba kuhle ngabantwana bethu ukuba batshelwe ngezingozi zezifo nezinye izingozi zokumpontshelwa igazi, ukufundisa abantwana bethu ngomthetho kaNkulunkulu ophelele ngegazi akusho ngokuyinhloko ukuzama ukufaka ukwesaba ngegazi. Ngokwesibonelo, uma umahluleli abengabuza intombazane ukuthi kungani ingafuni ukunikezwa igazi futhi impendulo yayo ngokuyisisekelo ibe wukuthi icabanga ukuthi igazi liyingozi kakhulu noma liyesabisa, ubungaba yini umphumela? Umahluleli ebengase aphethe ngokuthi imane ayivuthiwe noma isatshiswe ngokweqile, njengoba nje ingase ikwesabe kakhulu ukuhlinzwa kwethumbu elincane kangangokuba ikhale futhi imelane nalokhu kuhlinzwa ngisho nakuba abazali bayo benomuzwa wokuthi kungokungcono kakhulu ngayo. Ngaphezu kwalokho, siphawulile ngaphambidlana ukuthi isizathu esiyinhloko sokuba amaKristu amelane nokumpontshelwa akukhona ukuthi igazi lingcolile kodwa siwukuthi liyigugu kuNkulunkulu wethu noMniki-Kuphila. Abantwana bethu kufanele bakwazi lokho, kuhlanganise nokuthi izingozi zezokwelapha ezingenzeka zegazi zinikeza isisindo esengeziwe ekumeni kwethu okungokwenkolo.
21. (a) Yini okufanele abazali bayifunde ngokuphathelene nabantwana babo nombono weBhayibheli ngegazi? (b) Abazali bangabasiza kanjani abantwana babo ngokuphathelene negazi?
21 Uma unabantwana, ingabe uyaqiniseka ukuthi bayavumelana nokuma okusekelwe eBhayibhelini ngokumpontshelwa futhi bangakuchaza? Ingabe ngempela bayakholelwa ukuthi lokhu kuma kuyintando kaNkulunkulu? Ingabe bayaqiniseka ukuthi ukwephula umthetho kaNkulunkulu bekuyoba okungathi sína kangangokuba kungabeka engozini ithemba lomKristu lokuphila okuphakade? Abazali abahlakaniphile bayozibukeza lezindaba nabantwana babo, kungakhathaliseki ukuthi bancane kakhulu noma sebecishe babe ngabantu abadala. Abazali bangaba nezikhathi zokuprakthiza lapho osemusha ngamunye ebhekana nemibuzo engase iphakanyiswe umahluleli noma isikhulu sasesibhedlela. Inhloso ayikhona ukuba osemusha aphindaphinde ngokwezwi nezwi amaphuzu akhethiwe noma izimpendulo. Kubaluleke kakhulu ukuba bazi ukuthi yini bona abayikholelwayo, futhi ngani. Yebo, ekuquleni kwenkantolo, abazali noma abanye bangase banikeze ukwaziswa okuthile mayelana nezingozi zegazi kanye nokutholakala kwezinye izindlela zokwelapha. Kodwa lokho umahluleli noma isikhulu cishe ebesingafuna ukukuthola ngokukhuluma nabantwana bethu kuwukuthi basiqonda ngokuvuthiwe yini isimo sabo kanye nalokho abangakhetha kukho nokuthi banazo yini izindinganiso zabo siqu nezinkolelo eziqinile.—Qhathanisa neyesi-2 AmaKhosi 5:1-4.
22. Ungaba yini umphumela ohlala njalo wokufundiswa kwethu uNkulunkulu ngegazi?
22 Sonke sidinga ukuwuqonda umbono kaNkulunkulu ngegazi futhi sibambelele kuwo ngokungaxegi. IsAmbulo 1:5 sichaza uKristu njengalowo “osithandayo nowasikhululayo ezonweni zethu ngegazi lakhe.” Ukwamukela ukubaluleka kwegazi likaJesu kuphela esingazuza ngakho ukuthethelelwa izono zethu okugcwele nokuhlala njalo. EyabaseRoma 5:9 ithi ngokucacile: “Ngakho kakhulu sesilungisisiwe ngegazi lakhe, siyakusindiswa ngaye olakeni.” Khona-ke, yeka ukuthi kuhlakaniphe kanjani ngathi nangabantwana bethu ukuba sifundiswe uJehova ngalendaba futhi sizimisele ukuhamba endleleni yakhe phakade!
[Umbhalo waphansi]
a Bheka ethi Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?, ekhishwe yiWatch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, amakhasi 21-2, 28-31.
Amaphuzu Ayisihluthulelo Okufundisa
◻ Yimuphi umbono okumelwe sibe nawo ngokufundiswa uJehova?
◻ Kungani ukulalela umthetho kaNkulunkulu ngegazi kubaluleke kangaka?
◻ Kungani kubalulekile ukuba intsha ikwazi ukuzichaza ngokucacile nangokuqinile izinkolelo zayo ngegazi?
◻ Abazali abangamaKristu bangabasiza kanjani abantwana babo ukuba bafundiswe kahle ngomthetho kaNkulunkulu ngegazi?
[Ibhokisi ekhasini 17]
INKANTOLO YAHLABEKA UMXHWELE
Isinqumo senkantolo sathini ngokuphathelene noD.P., okukhulunywe ngaye esigabeni 17?
“INkantolo yahlabeka umxhwele kakhulu ngokuhlakanipha, ukuma, isithunzi, namandla alona osemusha oneminyaka engu-14-1/2 ubudala. Kungenzeka ukuthi kwakumethusile ukuthola ukuthi wayenohlobo olubulalayo lomdlavuza . . . Nakuba kunjalo, kwakungumuntu osemusha ovuthiwe oweza eNkantolo ukuzonikeza ubufakazi. Kwakubonakala sengathi wawumcacela kahle lomsebenzi onzima owawubhekene naye. Wayebe khona kuyo yonke imihlangano yokweluleka, wavumelana nesu lokwelapha, waba nomqondo obumbene wokuthi yena njengomuntu wayengabhekana kanjani nalenselele yokwelapha, futhi weza eNkantolo enalesicelo esidabukisayo: hloniphani isinqumo sami . . .
“Ngaphezu kokuvuthwa kwakhe, uD.P. uye wanikeza izizathu ezanele zesinqumo sakhe ngeNkantolo ukuba isihloniphe. Ngokomoya, ngokwengqondo, ngokokuziphatha, nangokomzwelo wayeyolinyazwa yisu lokwelapha elihlanganisa ukumpontshelwa igazi. INkantolo izosihlonipha isinqumo sakhe sokukhetha icebo lokwelashwa.”
[Isithombe ekhasini 16]
Umahluleli noma umphathi wesibhedlela angase afune ukwazi lokho umKristu osemusha akukholelwayo ngempela, nokuthi kungani ekukholelwa