“UIsrayeli Wonke” Usindiselwa Ukubusisa Sonke Isintu
1. Kungani leRepublic yakwaIsrayeli kumelwe ingalindeli ukuthi ngenxa yokuba ngeyeZizwe Ezihlangene iyoba yindlela kaNkulunkulu yokuletha isibusiso kuso sonke isintu?
UJEHOVA wathembisa uAbrahama ukuthi yonke imindeni nezizwe zomhlaba ziyothola isibusiso ngaleyonzalo ethembekile yenzalamizi. (Genesise 12:3; 22:17, 18) Kodwa lezozithembiso ezenziwa ekhulwini lama-20 ngaphambi kweSikhathi Sethu Esivamile azisho ukuthi uNkulunkulu uyobusisa iZizwe Ezihlangene (UN), umlandeli weNhlangano Yezizwe engasekho. Ngenxa yokuthi iRepublic yakwaIsrayeli namuhla iyilungu leUN, khona-ke, akumelwe ilindele ukuba isetshenziswe uNkulunkulu kaIsrayeli wasendulo ekubusiseni sonke isintu. IUN eqinisweni imi endleleni yoMbuso kaNkulunkulu “ngenzalo” ka-Abrahama. Ngakho-ke, ‘ingamanyala encithakalo.’ (Mathewu 24:15) Cha, iUN ayisona isibusiso, ngisho nakuba abefundisi benkolo beLobukholwa norabi bobuJuda bethandazela isibusiso sasezulwini kuleyonhlangano. Empeleni ‘iwumfanekiso wesilo,’ inhlangano ebonakalayo yezombangazwe nezentengiselwano “kankulunkulu walelizwe” uSathane uDeveli. Ngakho-ke iNhlangano Yezizwe ngokushesha iyobhujiswa kanye naleyonhlangano enjengesilo.—IsAmbulo 13:1-18; 2 Korinte 4:4.
2. Ngesenzo sayo, insali ‘kaIsrayeli wonke’ ihluke kanjani kuleRepublic yakwaIsrayeli?
2 Ngesikhathi esifanayo, iRepublic yakwaIsrayeli ilwela ukuphila kwayo ngokumelene namanye amalungu eUN. Kodwa insali ‘kaIsrayeli wonke’ ayilingisi iRepublic yakwaIsrayeli. (Roma 11:26) Leyonsali ayikhulekeli “umfanekiso wesilo.” Kunalokho, amaIsrayeli angokomoya ambula lokho iUN eyikho ngokombono kaNkulunkulu ngayo—umkhohlisi oyengela abantu ukuba bancike kuyiUN esikhundleni soMbuso kaJehova ngoJesu Kristu. Ngenxa yalesizathu insali ‘kaIsrayeli wonke’ ihlala iyingxenye yenhlangano kaJehova yendawo yonke. Kakade insali ‘yenzalo ka-Abrahama’ engokomoya iyisibusiso kuzo zonke izizwe nemindeni yesintu. Ngakho-ke isithembiso sikaJehova esingokwesiprofetho siye sagcwaliseka.
3, 4. Eminyakeni ethi ayibe izi-2 700 ngaphambi kuka-1914, yini uJehova ayiphefumlela uIsaya ukuba ayibhale ‘ngazo zonke izizwe’?
3 Eminyakeni engaphezu kwezi-2 700 edlule, uJehova uNkulunkulu wakhomba phambili esikhathini lapho izimoto zempi namabhanoyi kuyosetshenziswa ngokokuqala empini, futhi nalapho ukulwa ngokucasha emigodini kuyoba ngokukhethekile, amasosha kuyodingeka asebenzise izivikelo zegesi, nombayimbayi abadubula ibanga elide njenge-“Big Bertha” beyosetshenziswa empini enkulu. Yebo, emakhulwini eminyaka angaba ngama-27 ngaphambi kweMpi Yezwe I, uJehova uNkulunkulu waphefumlela umprofethi uIsaya ukuba achaze okuthile okunye okuyobe kwenzeka ngalesosikhathi, ethi:
4 “Indaba ayibonayo uIsaya indodana ka-Amose ngoJuda neJerusalema. Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nezizwe zonke ziyakugobhozela khona. Abantu abaningi bayakuhamba, bathi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe [uIsrayeli]; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema. Uyakwahlulela phakathi kwezizwe, anqume phakathi kwabantu abaningi; bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa. Wena-ndlu kaJakobe, woza sihambe ekukhanyeni kukaJehova.”—Isaya 2:1-5.
5. Ngokucabangela inkambo yesenzo yeRepublic yakwaIsrayeli isiprofetho sikaIsaya mayelana “nendlu kaJehova” kumelwe sibhekwe ngamuphi umbono?
5 Namuhla asikuboni ukugcwaliseka kwalesiprofetho esimangalisayo eJerusalema eliseMpumalanga ePhakathi, inhlokodolobha yeRepublic yakwaIsrayeli. Kulokho okwakuthiwa iNtaba yaseSiyoni, alisekho ithempeli likaJehova, kodwa, kunalokho, kuneMuhammadan Dome of the Rock, nesonto elinikezelwe kuAllah. Izivakashi ezivela kuzo zonke izizwe zivakashela lendawo yenkolo, hhayi ngenjongo yokukhulekela kodwa nje ukuba zibone lesisakhiwo esihle samaSulumane. Khona-ke, ngokungenakuphikwa, manje, “ezinsukwini zokugcina” zalesisimiso sezinto esigulela ukufa, isiprofetho sikaIsaya asigcwaliseki neze embusweni wanamuhla wakwaIsrayeli. Awumiselwanga ukuba ube “uIsrayeli wonke” osindiselwa ukubusisa sonke isintu, ekugcwalisekeni kwesithembiso sikaJehova kuAbrahama. Ngakho-ke, inkulumo engokwesiprofetho “intaba yendlu kaJehova” kumelwe ibhekwe ngombono ongokomoya maqondana ‘noIsrayeli kaNkulunkulu.’—Galathiya 6:16.
6. (a) UPetru wabonisa kanjani ukuthi “uIsrayeli kaNkulunkulu” uyisizwe esinjani? (b) Kuphakathi nasiphi isenzakalo sezwe “izizwe zonke” ezaqala ngaso ukugobhozela “endlini kaJehova”?
6 ‘LoIsrayeli kaNkulunkulu’ uyisizwe esingokomoya, njengoba nomphostoli uPetru abonisa ngokubhala: “Niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.” (1 Petru 2:9) Insali yanamuhla ‘yalesizwe esingcwele’ imi njengophawu ‘lwendlu kaJehova’ futhi iwumongo woFakazi BakaJehova namuhla. Yayisineminyaka engama-21 “ezinsukwini zokugcina”—lapho ubufascism bamaRoma Katolika nobuNazi bukaHitler budlangile eYurophu—lapho “zonke izizwe” ziqala ukugobhozela “endlini kaJehova” engokomoya okwakunjengokungathi iphakanyiswe ngaphezu kwesiqongo sezintaba, oFakazi BakaJehova.
7. Kungani kwakungeyona indaba encane lapho izizwe ziqala ukugobhozela “endlini kaJehova”?
7 Lesisiqalo esibalulekile saphawuleka ngomhlangano wezizwe ekupheleni kwentwasahlobo ka-1935 eWashington, D.C., inhlokodolobha yaseUnited States of America. Phakathi nenkulumo engakhohlakali yalowomhlangano, ilungu ‘likaIsrayeli wonke’—UJ. F. Rutherford, owayengumongameli weWatch Tower Bible and Tract Society ngalesosikhathi—waqondisa ukungaqondi kahle okwakuphakathi kwabaFundi BeBhayibheli Bezizwe Zonke. Wabonisa ukuthi “isixuku esikhulu,” esasizoqoqwa kuzo zonke izigaba zesintu futhi esasizokhulekela uNkulunkulu ethempelini laKhe elingokomoya (njengokufanayo nethempeli loqobo eJerusalema elabhujiswa ngamaRoma ngo-70 C.E.) sasizoba yisigaba sasemhlabeni. (IsAmbulo 7:9-17) Lesigaba sasinethemba lokusinda eHarmagedoni nokungena esimisweni esisha sezinto phakathi nokuBusa kukaJesu Kristu kweMinyaka Eyinkulungwane, obebusa emazulwini kusukela ngo-1914.
8. (a) Isiphi isenzakalo esaqalisa inkathi entsha esenzeka eWashington, D.C., emhlanganweni ka-1935? (b) Kungani kungase kuthiwe “zonke izizwe” zigobhozela “endlini kaJehova”?
8 Ukusabela kulokhu kukhanya okwembuliwe kwakuqalisa inkathi entsha. Kulowomhlangano ovusa amadlingozi, kwabhapathizwa abangama-840 ababekhona emhlanganweni njengesibonakaliso sokuzinikezela kwabo kuJehova uNkulunkulu ngoJesu Kristu. Ukuthi zingaki izizwe ezazimelelwe yileloqembu akuzange kuqashelwe, kodwa engqondweni babenethemba lepharadesi lasemhlabeni. Namuhla, ngemva kweminyaka engaphezu kwama-49, oFakazi BakaJehova bamedlula kakhulu ngenani “uIsrayeli wonke.” Bakhuthele emazweni angama-205 embulungeni yonke. Khona-ke, ngomqondo obanzi, “zonke izizwe” zigobhozela endlini kaJehova yokukhulekela ephakanyisiwe.
OFakazi BakaJehova—Bangabantu Abanjani?
9. Ngokungafani neRepublic yakwaIsrayeli, oFakazi BakaJehova baye bathatha yiphi inkambo egcwalisa uIsaya 2:4?
9 Ngokuphambene nesizinda saseRepublic yakwaIsrayeli, baluhlobo luni lwabantu oFakazi BakaJehova namuhla? Njengalowombuso, ingabe bahlome ngezikhali zenyama ngokumelene nalabo abasongela ukuba khona kwabo? Cha! Esikhundleni salokho, ngempela bawuhlobo lwabantu olwabikezelwa kuIsaya 2:4. Ngenxa yokuthi baphakamisa ukukhulekela uJehova endlini engokomoya kaNkulunkulu, ngendlela engokomfanekiso baye bakhanda izinkemba zabo zaba ngamakhuba nemikhonto yabo yaba ngocelemba. Bathembela kuJehova uNkulunkulu njengoMvikeli wabo njengoba belingisa uMholi wabo, uJesu Kristu. Nakuba bevela ngokuqondile kuzo zonke izizwe zomhlaba, abavumeli ukuba balawulwe yinzondo yobuzwe; futhi abazigaxi ezindabeni zezombangazwe zezwe. Ngokomqondo ongokoqobo, baye bayeka ukufunda ukulwa. Abathathi-hlangothi ekulweni kwezwe nezombangazwe. Ngempela, baye bayeka ukusebenzisa izikhali zenyama zokuzivikela nokuhlasela. Bakholelwa yilokho uJesu Kristu akusho—ukuthi uMbuso wakhe ‘awusiwo owalelizwe.’ Ngaphandle kwalokho, abafundi bakhe babeyowulwela ngezikhali zenyama zohlobo oluphambili kakhulu.—Johane 18:36.
10. (a) Iyiphi okuwukuphela kwempi oFakazi BakaJehova abayilwayo? (b) Imuphi “umyalo omusha” oFakazi abawulalelayo, futhi bakwenza kanjani lokho?
10 Esikhundleni salokho, oFakazi BakaJehova bahileleke kuphela empini engokomoya. Ukulwa kwabo kumelene nemimoya emibi emkhathini. Ngakho izikhali zabo azizona ezenyama, ezichitha igazi. (Efesu 6:10-18) Impi yabo ayimelene nesintu, futhi ngokuqinisekile abalwi nabafowabo abangokomoya enhlanganweni kaJehova. Balalela umyalo kaJesu Kristu wokuthanda abafowabo abangokomoya, njengoba asithanda, kwaze kwaba seqophelweni lokudela ukuphila kwakhe kobuntu ngenxa yabafundi bakhe. Lokhu kuvumelana ‘nomyalo omusha’ uJesu awunikeza abalandeli bakhe, wokuthi kumelwe bathandane njengoba abathanda.—Johane 13:34.
11. Uthando oluboniswa oFakazi BakaJehova lugcwalisa muphi umthetho?
11 OFakazi BakaJehova bashukunyiswa uhlobo lothando olugcwalisa uMthetho owanikezwa ngomprofethi uMose. Uthando olunjalo alwenzi okubi kunoma ubani futhi lungaphezu nje kokuba “nesihawu” ngokwencazelo yekhulu lama-20 yalelogama. EBhayibhelini, amazwi esiHeberu nesiGreki “othando” abonisa okungaphezu nje “kwesihawu.”—Bheka eyoku-1 Korinte isahluko 13, King James Version; Douay Version yamaKatolika.
Ngenxa Yesibusiso, Hhayi Isiqalekiso
12. Ingabe kwakudingeklle ukuba wonke amalungu ‘kaIsrayeli wonke’ abe sezulwini ngaphambi kokuba ukubusiswa kwazo “zonke izizwe” kuqale?
12 Ngokwalokhu okungenhla, singabona ukuthi ukuze ukubusiswa kwayo yonke imindeni nezizwe kuqale “ngenzalo” ka-Abrahama oMkhulu, uJehova uNkulunkulu, asibanga bikho isidingo sokuba insali “kaIsrayeli wonke” ingene ezulwini futhi ibe noyiNhloko ‘waleyonzalo,’ uJesu Kristu. Manje sekucishe kube yingxenye yekhulu leminyaka, amalungu emindeni nezizwe zomhlaba eye athola izibusiso ‘enzalweni’ ethenjisiwe ka-Abrahama. Kakade izigidi ezingaphezu kwezimbili nengxenye ‘zezinye izimvu’ ziye zaqoqelwa ndawonye ukuba zibe “mhlambi munye” nensali yabalandeli abazelwe ngomoya bakaMalusi Omuhle abanjengezimvu abanethemba lasezulwini.—Johane 10:16.
13. UJesu weza ethempelini enamuphi umbono “ngezinye izimvu,” futhi lombono wakhe kuzo uyowufinyelela kanjani umvuthwandaba ngokushesha?
13 “Ezinye izimvu” ezibusisiwe ziye zathola, kusukela ekuqaleni, umusa wethemba lokudla ifa lePharadesi elibuyiselwe emhlabeni phakathi nokuBusa kweMinyaka Eyinkulungwane kukaKristu iNkosi. Ngakho lapho uJesu Kristu, “njengesithunywa sesivumelwano” sikaJehova, engena ethempelini elingokomoya ezokwahlulela, weza enombono wokubusisa “ezinye izimvu” hhayi owokuziqalekisa. (Malaki 3:1-3) Lesibusiso siyofinyelela emvuthwandaba ngokulondolozwa kwabo “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke” okusondelayo ezitheni zakhe zasemhlabeni ezibuthelwa “eHarmagedoni.” (IsAmbulo 16:14, 16) Endulo, umuzi waseMegido wawuyindawo yokunqoba kukaJehova uNkulunkulu. (Joshuwa 17:11; Zakariya 12:11) EHarmagedoni engokomfanekiso uNkulunkulu uyophetha ngokunqoba kwakhe okukhulu, kuphumele ekudunyisweni kwakhe kwaphakade. Lapho, iNdodana yakhe ephakanyisiwe, uJesu Kristu, iyoba iNduna yakhe Yempi.—IsAmbulo 19:11-21.
14. (a) Kungenxa yokusindiswa kobani “ezinye izimvu” zinesizathu sokujabula? (b) “Ezinye izimvu” kakade zingaki?
14 “Ezinye izimvu” ziyolondolozwa kulokho kubonakaliswa kwamandla nenkazimulo yaphezulu okumangalisa kakhulu. Yeka ukuthi bayojabula kanjani bonke abayobe bebukela lokho kulwa okungunqamula-juqu ngenxa yokuthi insali ‘kaIsrayeli wonke’ “yasindiswa” ngenkathi yokuthula phakathi kweMpi Yezwe I neMpi Yezwe II! Kusukela entwasahlobo ka-1935 kuya phambili kuye kwanezelwa kuloIsrayeli osindisiwe “isixuku esikhulu” esingenalo inani elinqunyiwe. Mayelana “nezinye izimvu” zikaMalusi Omuhle, uJesu Kristu, inani lazo liya ezigidini ezintathu. Ziye zavela “kuzo zonke izizwe nemindeni nabantu nezilimi” zesintu, ekugcwalisekeni kwesithembiso uJehova uNkulunkulu asenza kulowo owayemfanekisela, okungukuthi, “umhlobo” wakhe uAbrahama. (IsAmbulo 7:9-17; Jakobe 2:23) Futhi ukubuthwa kwalezi “ezinye izimvu” akukakapheli. Ukuthi ziyoba zingaki ekugcineni lapho uMalusi oMkhulu eseqedile ukuzibutha ngaphambi kokubhujiswa kweBabiloni Elikhulu nokulwa kukaNkulunkulu namashende alo ezombangazwe eHarmagedoni asazi.—IsAmbulo 17:1–18:24.
15. Ukuhlangana ‘kwezinye izimvu’ nensali ‘kaIsrayeli wonke’ kuyisiqalo sasiphi isibusiso?
15 Ukuhlangana ‘kwezinye izimvu’ nensali ‘kaIsrayeli wonke’ ukuba zibe “mhlambi munye” ngaphansi kukaMalusi Omuhle, uJesu Kristu, oyiNhloko “yenzalo” ka-Abrahama, kuye kwabonakala kuyisiqalo sokuthile. Sani? Kuye kwaba isiqalo sesibusiso esigcwele leso “uIsrayeli wonke” asazosehlisela kulabo ‘bezinye izimvu’ phakathi nokuBusa kukaKristu kweMinyaka Eyinkulungwane, abayosindela kukho ngaphansi kokuvikelwa kwaphezulu.
16. Kungani “ezinye izimvu” zizimisele ukuqhubeka zikhonza uJehova kanye ‘noIsrayeli wonke’?
16 Ekugcwalisekeni kwesAmbulo 7:14-17, “ezinye izimvu” kakade seziye ‘zahlanza izingubo zazo, zazenza zabamhlophe egazini leWundlu.’ Kungakho zivunyelwe ukukhulekela uNkulunkulu “imini nobusuku ethempelini lakhe,” ngomqondo ongokomoya. Yebo, kakade “iWundlu likaNkulunkulu,” uJesu Kristu, liyazondla ngokudla okungokomoya ukuze ‘zingalambi.’ (Johane 1:29) Ngokungaphezulu, uMalusi wazo othembekile uziholela “emithonjeni yamanzi okuphila,” okungukuthi, ukuphila emhlabeni oyiPharadesi. Ngokujabula ngenxa yazo zonke izibusiso kakade esizamukelayo ngensali ‘kaIsrayeli wonke,’ “isixuku esikhulu” siyoqhubeka sikhonza uJehova kanye nensali ethembekile. Lezi “ezinye izimvu” ziyokwenza kanjalo ‘zimhlambi munye’ ngaphansi ‘kukamalusi munye’ ngokwezithakazelo zoMbuso kaNkulunkulu ngoJesu Kristu. Zizimisele ukwenza lokhu kuze kube yilapho zonke izitha zoMbuso seziye zabhujiswa ebusweni ‘besinabelo sezinyawo’ zikaNkulunkulu, umhlaba.—Isaya 66:1; Mathewu 5:34, 35; IzEnzo 7:49.
Ungaphendula Kanjani?
□ Kungani iRepublic yakwaIsrayeli ingeyona indlela kaJehova yokubusisa sonke isintu?
□ Kungani kungase kushiwo ukuthi “zonke izizwe” manje zibuthanela “endlini kaJehova”?
□ OFakazi BakaJehova bebemgcwalisa kanjani uIsaya 2:4?
□ Isiphi isimo uJesu Kristu anaso ‘ngezinye izimvu,’ futhi siyowufinyelela kanjani umvuthwandaba ngokushesha?
□ Ikuphi ukubusiswa okuye kwaqala ngokuhlangana ‘kwezinye izimvu’ nensali ‘kaIsrayeli wonke’?
[Isithombe ekhasini 16, 17]
“Nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba ulalele izwi lami.”—GENESISE 22:18.
[Isithombe ekhasini 19]
OFakazi BakaJehova banothando phakathi kwabo futhi baye ‘bakhanda izinkemba zabo zabangamakhuba’