Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Ingabe Uyosilalela Isixwayiso SikaNkulunkulu?
    INqabayokulinda—1993 | Mashi 1
    • Eminyakeni yamuva kuye kwakhulunywa kakhulu nangenye imbangela yokukhathazeka: ukubhubhisa komuntu indawo ezungezile. Nakuba uJesu engazange akubale lokhu ngokuqondile esiprofethweni sakhe, isAmbulo 11:18 sibonisa ukuthi ngaphambi kwembubhiso ezayo, umuntu uyobe ‘ebhubhisa umhlaba.’ Kunobufakazi obuningi bokuthi lokhu kubhubhisa kuyenzeka. Sicashunwa encwadini ethi State of the World 1988, isazi esiwuchwepheshe wendawo ezungezile uNorman Myers sinikeza lesigijimi esithusayo: “Asikho isizukulwane esikhathini esingaphambili esiye sabhekana nethuba lokuqothulwa okukhulu phakathi nesikhathi sokuphila kwaso. Asikho isizukulwane esikhathini esizayo esiyoke sibhekane nenselele efanayo: uma lesizukulwane samanje sihluleka ukubhekana nalomsebenzi, umonakalo uyobe sewenziwe futhi ngeke libe khona ‘ithuba lesibili.’”

      Cabanga ngombiko okumagazini i-Newsweek ka-February 17, 1992, ophathelene nokuncipha kwe-ozone emkhathini. UAlexandra Allen isazi se-ozone senhlangano i-Greenpeace wacashunwa exwayisa ngokuthi ukuncipha kwe-ozone “manje sekuwusongo esikhathini esizayo sazo zonke izinto eziphilayo emhlabeni.”—Bheka ibhokisi elikulelikhasi ukuze uthole ubufakazi obengeziwe bokubhujiswa kwendawo ezungezile emhlabeni.

  • Ingabe Uyosilalela Isixwayiso SikaNkulunkulu?
    INqabayokulinda—1993 | Mashi 1
    • [Ibhokisi ekhasini 6]

      Izinkinga Zendawo Ezungezile—Isibonakaliso Sezikhathi

      ◻ Ungqimba lwe-ozone oluvikelayo ezindaweni eziphakeme ezinabantu abaningi eNhla Nenkabazwe luncipha ngokushesha ngokuphindwe kabili kunalokho ososayensi ababekucabanga eminyakeni embalwa edlule.

      ◻ Izinhlobo zezitshalo nezilwane okungenani ezingu-140 ziyaqothuleka usuku ngalunye.

      ◻ Amazinga e-carbon dioxide esemkhathini ebamba ukushisa manje asekhuphuke ngamaphesenti angu-26 ngaphezu kwezinga le-carbon dioxide elalingaphambi kokwanda kwezimboni, futhi ayaqhubeka ekhuphuka.

      ◻ Ingxenye engaphezulu yomhlaba yayifudumele ngokwengeziwe ngo-1990 kunanganoma yimuphi unyaka kusukela kwaqala ukugcinwa amarekhodi phakathi nekhulu le-19; iminyaka eyisithupha kweyisikhombisa eyashisa kakhulu egciniwe iye yaba khona kusukela ngo-1980.

      ◻ Amahlathi aphela ngesivinini samahektare ayizigidi ezingu-17 ngonyaka, indawo engangengxenye yeFinland.

      ◻ Inani labantu emhlabeni landa ngabantu abayizigidi ezingu-92 minyaka yonke—okungacishe kulingane nokunezela abantu abangangezakhamuzi zaseMexico unyaka ngamunye; kulengqikithi, izigidi ezingu-88 zenezelwa emazweni asathuthuka.

      ◻ Abantu abangaba yizigidi eziyizinkulungwane ezingu-1,2 bantula amanzi ahlanzekile okuphuza.

      Ngokwencwadi ethi State of the World 1992, ye-Worldwatch Institute, amakhasi 3, no-4, W. W. Norton & Company, New York, London.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela