ISahluko 22
Umaye Wokuqala—Isikhonyane
1. Obani abalandelayo lapho izingelosi zishaya amacilongo, futhi kumemezelani ukukhala kwecilongo lesihlanu?
INGELOSI yesihlanu ilungiselela ukushaya icilongo layo. Amacilongo amane asezulwini aseshayiwe kakade, futhi izinhlupho ezine ziye zaqondiswa engxenyeni yesithathu yomhlaba uJehova ayibheka njengenecala kakhulu—eLobukholwa. Isimo salo sokugulela ukufa sembuliwe. Lapho izingelosi zishaya amacilongo, ukumemezela kwabantu kuyalandela emhlabeni. Manje icilongo lesihlanu lengelosi selizomemezela umaye wokuqala, owesabeka ngisho nangaphezu kwalokho osekwenzekile ngaphambili. Uhlangene nenhlupho eyesabisayo yesikhonyane. Nokho, okokuqala make sihlole eminye imibhalo ezosisiza siyiqonde kangcono le nhlupho.
2. Iyiphi incwadi yeBhayibheli echaza inhlupho yesikhonyane efana naleyo ebonwa uJohane, futhi yamthinta kanjani u-Israyeli wasendulo?
2 Incwadi yeBhayibheli kaJoweli, eyabhalwa ngekhulu lesishiyagalolunye B.C.E., ichaza inhlupho yezilokazane, kuhlanganise nesikhonyane, efana naleyo uJohane ayibonayo. (Joweli 2:1-11, 25)a Kwakumelwe ibangele ukuhlupheka okukhulu ku-Israyeli ohlubukayo kodwa futhi umphumela wawuyoba ukuphenduka kwamaJuda ngamanye nokubuyela emseni kaJehova. (Joweli 2:6, 12-14) Lapho leso sikhathi sifika, uJehova wayeyothululela umoya wakhe phezu “kwayo yonke inhlobo yenyama,” kanti izibonakaliso ezethusayo nezigameko zaziyokwandulela ‘ukufika kosuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.’—Joweli 2:11, 28-32.
Inhlupho Yekhulu Leminyaka Lokuqala
3, 4. (a) Wagcwaliseka nini uJoweli isahluko 2, futhi kanjani? (b) Yaba khona kanjani inhlupho efana nequlu lesikhonyane ekhulwini lokuqala C.E., futhi kwaqhubeka isikhathi eside kangakanani ukuhlushwa?
3 Kwaba nokugcwaliseka kukaJoweli isahluko 2 ekhulwini lokuqala leminyaka. Kwakungaleso sikhathi, ngePhentekoste lika-33 C.E., lapho umoya ongcwele wathululwa khona, ugcoba amaKristu okuqala futhi uwanikeza amandla okuba akhulume “ngezinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu” ngezilimi eziningi. Njengomphumela, kwabuthana isixuku esikhulu. Umphostoli uPetru wakhuluma nalezo zibukeli ezimangele, ecaphuna uJoweli 2:28, 29 futhi echaza ukuthi babebona ukugcwaliseka kwakhe. (IzEnzo 2:1-21) Kodwa akukho mlando wenhlupho engokoqobo yezilokazane ngaleso sikhathi, eyabangela ukuhlupheka kwabanye futhi yaholela abanye ekuphendukeni.
4 Ingabe yaba khona inhlupho engokomfanekiso ngalezo zinsuku? Yebo, ngokuqinisekile! Yaba khona ngenxa yokushumayela okuphikelelayo kwamaKristu ayesanda kugcotshwa.b Ngawo, uJehova wamema lawo maJuda ayeyosabela ukuba aphenduke futhi ajabulele izibusiso ezivela kuye. (IzEnzo 2:38-40; 3:19) Abantu abasabela bamukela umusa wakhe ngezinga eliphawulekayo. Kodwa kulabo abasenqaba isimemo, amaKristu ekhulu lokuqala afana noswebezane olubhubhisayo lwesikhonyane. Eqala eJerusalema, asakazekela kulo lonke iJudiya neSamariya. Ngokushesha ayesekuyo yonke indawo, ehlupha amaJuda angakholwa ngokumemezela obala ukuvuka kukaJesu, nakho konke okwakukusho. (IzEnzo 1:8; 4:18-20; 5:17-21, 28, 29, 40-42; 17:5, 6; 21:27-30) Lokho kuhlupha kwaqhubeka kwaze kwafika ‘usuku olwesabekayo,’ ngo-70 C.E., lapho uJehova eletha amabutho amaRoma eJerusalema ukuba alibhubhise. Kwasinda kuphela lawo maKristu abiza igama likaJehova ngokholo.—Joweli 2:32; IzEnzo 2:20, 21; IzAga 18:10.
Inhlupho Yesikhonyane Namuhla
5. Isiprofetho sikaJoweli sigcwaliseke kanjani kusukela ngo-1919?
5 Ngokunengqondo, singalindela ukuba isiprofetho sikaJoweli sibe nokugcwaliseka kokugcina esikhathini sokuphela. Yeka ukuthi lokhu kuye kwaba yiqiniso kanjani! Emhlanganweni wabaFundi BeBhayibheli eCedar Point, e-Ohio, e-U.S.A., ngo-September 1-8, 1919, ukuthululwa komoya kaJehova okuphawulekayo kwashukumisela abantu bakhe ukuba bahlele umkhankaso wokushumayela embulungeni yonke. Kubo bonke abathi bangamaKristu, yibona bodwa, beqaphela ukuthi uJesu wayebekiwe esihlalweni sobukhosi njengeNkosi yasezulwini, abenza yonke imizamo ekusakazeni kabanzi lezo zindaba ezinhle. Ukufakaza kwabo okuphikelelayo, ekugcwalisekeni kwesiprofetho, kwafana nenhlupho ehluphayo kweLobukholwa elihlubukayo.—Mathewu 24:3-8, 14; IzEnzo 1:8.
6. (a) Yini uJohane ayibona lapho ingelosi yesihlanu ishaya icilongo layo? (b) Le “nkanyezi” ifanekisela bani, futhi ngani?
6 IsAmbulo, esabhalwa eminyakeni engaba ngu-26 ngemva kokubhujiswa kweJerusalema, sichaza futhi leyo nhlupho. Sinezelani encazelweni kaJoweli? Make siqhubeke nomlando, njengoba wabikwa uJohane: “Ingelosi yesihlanu yashaya icilongo layo. Ngabona inkanyezi eyayiwele emhlabeni isuka ezulwini, yanikwa isihluthulelo somgodi wakwalasha.” (IsAmbulo 9:1) Le “nkanyezi” ihlukile kuleyo ekusAmbulo 8:10 uJohane ayibona iwa. Ubona ‘inkanyezi ewile isuka ezulwini’ futhi manje enesabelo ngokuqondene nalo mhlaba. Ingabe lona umuntu womoya noma wenyama? Lona ophethe “isihluthulelo somgodi wakwalasha” kamuva uchazwa njengophonsa uSathane “kwalasha.” (IsAmbulo 20:1-3) Ngakho, kumelwe kube ngumuntu womoya onamandla. KusAmbulo 9:11, uJohane usitshela ukuthi isikhonyane “sinenkosi ephezu kwaso, ingelosi yakwalasha.” Kumelwe ukuba womabili la mavesi abhekisela kumuntu ofanayo, njengoba ingelosi ephethe isihluthulelo sakwalasha ngokunengqondo iyoba ingelosi yakwalasha. Futhi inkanyezi kumelwe ifanekisele iNkosi kaJehova emisiwe, njengoba amaKristu agcotshiwe eqaphela kuphela iNkosi eyodwa eyingelosi, uJesu Kristu.—Kolose 1:13; 1 Korinte 15:25.
7. (a) Kwenzekani lapho “umgodi wakwalasha” uvulwa? (b) Uyini ‘ulasha’ futhi obani abachitha isikhathi esifushane khona?
7 Indaba iyaqhubeka: “Yawuvula umgodi wakwalasha, kwanyuka umusi uphuma emgodini njengomusi wesithando somlilo esikhulu, umusi walo mgodi wenza ilanga nomoya kwafiphala. Kwaphuma emsini isikhonyane saya emhlabeni; sanikwa igunya, igunya elifana nalelo ofezela bomhlaba abanalo.” (IsAmbulo 9:2, 3) NgokomBhalo, “kwalasha” yindawo yokungenzi lutho, indawo yokufa. (Qhathanisa namaRoma 10:7; IsAmbulo 17:8; 20:1, 3.) Iqembu elincane labafowabo bakaJesu lachitha isikhathi esifushane “kwalasha” onjalo wokungenzi lutho ekupheleni kwempi yezwe yokuqala (1918-19). Kodwa lapho uJehova ethululela umoya wakhe phezu kwezinceku zakhe eziphendukile ngo-1919, zaphuma ukuyobhekana nenselele yomsebenzi owawungaphambili.
8. Kukanjani ukuthi ukudedelwa kwesikhonyane kuhambisana ‘nomusi’ omningi?
8 Njengoba uJohane ebona, ukukhululwa ‘kwesikhonyane’ kuhambisana nomusi omningi, “njengomusi wesithando somlilo esikhulu.”c Kwaba njalo ngo-1919. Isimo saba mnyama kweLobukholwa nasemhlabeni uwonke. (Qhathanisa noJoweli 2:30, 31.) Eqinisweni ukukhululwa kwalesi sikhonyane, isigaba sikaJohane, kwakuwukwehlulwa kwabefundisi beLobukholwa, ababesongoze futhi baceba ukuqeda umsebenzi woMbuso phakade futhi manje ababenqaba uMbuso kaNkulunkulu. Ubufakazi benkungu enjengomusi baqala ukwanda kweLobukholwa elihlubukayo njengoba lelo qembu lesikhonyane lalinikezwa igunya laphezulu futhi liqala ukulisebenzisa ekumemezeleni izigijimi ezinamandla zesahlulelo. “Ilanga” leLobukholwa—ukubonakala kwalo likhanyiselwe—kwafiphazwa, futhi ‘umoya’ wagcwala izimemezelo zesahlulelo saphezulu njengoba ‘umbusi wegunya lomoya’ waleli zwe avezwa ukuthi ungunkulunkulu weLobukholwa.—Efesu 2:2; Johane 12:31; 1 Johane 5:19.
Leso Sikhonyane Esihluphayo!
9. Yiziphi iziyalezo zempi isikhonyane esazamukela?
9 Yiziphi iziyalezo zempi leso “sikhonyane” esazamukela? UJohane uyabika: “Satshelwa ukuba singazilimazi izimila zomhlaba nanoma iyiphi enye into eluhlaza nanoma yimuphi umuthi, kodwa kuphela labo bantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo. Isikhonyane savunyelwa ukuba singababulali, kodwa ukuba sibahluphe laba izinyanga ezinhlanu, futhi ukuhlushwa kwabo kwakunjengokuhlushwa ufezela lapho untinyela umuntu. Ngalezo zinsuku abantu bayofuna ukufa kodwa ngeke bafe, bayofisa ukufa kodwa ukufa kubabalekele.”—IsAmbulo 9:4-6.
10. (a) Inhlupho iyiswa kobani ngokuyinhloko, futhi uba yini umphumela kubo? (b) Hlobo luni lokuhlushwa oluhilelekile? (Bheka nombhalo waphansi.)
10 Phawula ukuthi le nhlupho ayiyiswa okokuqala kubantu noma kwabavelele phakathi kwabo—‘ezimileni zomhlaba nasemithini.’ (Qhathanisa nesAmbulo 8:7.) Isikhonyane kumelwe silimaze kuphela labo bantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo, labo kweLobukholwa abazisholo ukuthi babekwé uphawu kodwa abamlando wabo uyaphikisana nalokho. (Efesu 1:13, 14) Kanjalo, amazwi ahluphayo esikhonyane sanamuhla okokuqala ayeqondiswe kubaholi benkolo beLobukholwa. Yeka ukuthi kumelwe ukuba la madoda aqhoshayo ahlupheka kanjani lapho ezwa kumenyezelwa obala ukuthi ayengahluleki nje kuphela ukuholela imihlambi yawo ezulwini kodwa wona ngokwawo ayengeke aye lapho!d Ngempela, kuye kwaba yindaba ‘yempumputhe ihola impumputhe’!—Mathewu 15:14.
11. (a) Isikhonyane sigunyazwe ukuba sizihluphe isikhathi eside kangakanani izitha zikaNkulunkulu, futhi kungani lokho kungesona ngempela isikhathi esifushane? (b) Kukhulu kangakanani ukuhlushwa?
11 Ukuhlushwa kuthatha izinyanga eziyisihlanu. Ingabe leso isikhathi esifushane uma kuqhathaniswa? Akunjalo uma kubhekwa isikhonyane esingokoqobo. Izinyanga eziyisihlanu zichaza inkathi yokuphila yesisodwa salezi zilokazane. Ngakho, isikhonyane sosuku lwanamuhla siyoqhubeka sitinyela izitha zikaNkulunkulu uma nje sisaphila. Ngaphezu kwalokho, ukuhlushwa kunzima kangangokuthi abantu bafuna ukufa. Yiqiniso, asinawo umbhalo wokuthi noma yibaphi balabo abatinyelwa isikhonyane bazama ngokoqobo ukuzibulala. Kodwa le nkulumo isisiza ukuba sibe nombono wobunzima balokhu kuhlushwa—njengokungathi ukuhlasela okuphikelelayo kofezela. Kufana nokuhlushwa okwabonwa uJeremiya kusengaphambili kulawo ma-Israyeli angathembekile ayeyohlakazwa abanqobi baseBhabhiloni futhi ukufa kwakuyoba ngcono kuwo kunokuphila.—Jeremiya 8:3; bheka futhi umShumayeli 4:2, 3.
12. Kungani, ngomqondo ongokomoya, isikhonyane sinikwe ukuba sihluphe abaholi benkolo beLobukholwa kodwa singababulali?
12 Kungani, ngomqondo ongokomoya, sinikezwa ukuba sibahluphe laba, kodwa singababulali? Lona umaye wokuqala ekudalulweni kwamanga eLobukholwa nokwehluleka kwalo, kodwa kukamuva kuphela, njengoba usuku lweNkosi luqhubeka, lapho isimo salo esingokomoya esifana nokufa siyomenyezelwa khona ngokugcwele. Kuyoba phakathi nomaye wesibili lapho ingxenye yesithathu yabantu ibulawa khona.—IsAmbulo 1:10; 9:12, 18; 11:14.
Isikhonyane Esihlomele Impi
13. Sibonakala sinjani isikhonyane?
13 Yeka ukubukeka okuphawulekayo lesi sikhonyane esinakho! UJohane uyakuchaza: “Isimo sesikhonyane sasifana nesamahhashi alungiselelwe ukulwa; emakhanda aso kwakukhona okwakungathi imiqhele enjengegolide, ubuso baso bunjengobuso babantu, kodwa sasinezinwele ezinjengezabesifazane. Amazinyo aso enjengawezingonyama; sasinezivikelo zesifuba ezinjengezivikelo zesifuba zensimbi. Umsindo wamaphiko aso wawunjengomsindo wezinqola zamahhashi amaningi agijimela ekulweni.”—IsAmbulo 9:7-9.
14. Kungani incazelo kaJohane yesikhonyane yafanelana neqembu lamaKristu avuselelwe ngo-1919?
14 Lokhu kulifanekisela kahle iqembu elithembekile lamaKristu avuselelwe ngo-1919. Njengamahhashi, lalilungele impi, limagange ngokulwela iqiniso ngendlela echazwe umphostoli uPawulu. (Efesu 6:11-13; 2 Korinte 10:4) Emakhanda alo uJohane ubona okungathi imiqhele enjengegolide. Akunakuba okufanelekile ngalo ukuba libe nemiqhele engokoqobo ngoba aliqali ukubusa lisesemhlabeni. (1 Korinte 4:8; IsAmbulo 20:4) Kodwa ngo-1919 lase libukeka njengelasebukhosini kakade. Lalingabafowabo beNkosi, futhi lalibekelwe imiqhele yalo yasezulwini kuphela uma liqhubeka lithembekile kuze kube sekupheleni.—2 Thimothewu 4:8; 1 Petru 5:4.
15. Yini efanekiselwa yilokhu okulandelayo esikhonyaneni (a) izivikelo zesifuba zensimbi? (b) ubuso obunjengobomuntu? (c) izinwele ezinjengezowesifazane? (d) amazinyo anjengawengonyama? (e) ukwenza umsindo omkhulu?
15 Embonweni, isikhonyane sinezivikelo zezifuba zensimbi, ezifanekisela ukulunga okungenakwephulwa. (Efesu 6:14-18) Futhi sinobuso babantu, lesi sici sibhekisela emfanelweni yothando, ngoba umuntu wenziwa ngomfanekiso kaNkulunkulu, owuthando. (Genesise 1:26; 1 Johane 4:16) Izinwele zaso zinde njengezowesifazane, okukufanekisela kahle ukuthobela iNkosi yaso, ingelosi yakwalasha. Futhi amazinyo aso afana namazinyo engonyama. Ingonyama isebenzisa amazinyo ayo ukuze ihlephule inyama. Kusukela ngo-1919 kuqhubeke, isigaba sikaJohane siye sakwazi futhi ukudla ukudla okungokomoya okuqinile, ikakhulukazi amaqiniso ngoMbuso kaNkulunkulu obuswa “iNgonyama yesizwe sakwaJuda,” uJesu Kristu. Njengoba nje ingonyama ifanekisela isibindi, ngakho kuye kwadingeka isibindi esikhulu ukuze kwetshiswe lesi sigijimi esishaya kanzima, ukusikhipha ngezincwadi, nokusisakaza embulungeni yonke. Leso sikhonyane esingokomfanekiso siye senza umsindo omkhulu, ‘onjengomsindo wezinqola zamahhashi amaningi agijimela ekulweni.’ Silandela isibonelo samaKristu ekhulu lokuqala, asizimisele ukuhlala sithulile.—1 Korinte 11:7-15; IsAmbulo 5:5.
16. Kusho ukuthini ukuba kwesikhonyane “nemisila nezindosi njengawofezela”?
16 Lokhu kushumayela kuhilela okungaphezu nje kwezwi lomlomo! “Sasinemisila nezindosi njengawofezela; igunya laso lokulimaza abantu izinyanga ezinhlanu lisemisileni yaso.” (IsAmbulo 9:10) Lokhu kungase kusho ukuthini? Njengoba benza umsebenzi wabo woMbuso, oFakazi BakaJehova, beshumayela ngomlomo nangezincwadi, bakhipha izinkulumo ezinamandla ezisekelwe eZwini likaNkulunkulu. Isigijimi sabo sintinyela njengofezela ngoba sixwayisa ngosuku lokuphindisela kukaJehova olusondelayo. (Isaya 61:2) Umsebenzi wesizukulwane samanje wesikhonyane esingokomoya omiswe ngokwaphezulu wokumemezela izahlulelo zikaJehova uyophela ngaphambi kokuba siqede inkathi yokuphila kwaso—kube ukulimala kwabo bonke abahlambalazi abantamo-lukhuni.
17. (a) Yini eyamenyezelwa emhlanganweni ka-1919 wabaFundi BeBhayibheli eyayizokwandisa ukuntinyela kokufakaza kwabo? (b) Abefundisi baye bahlushwa kanjani, futhi yini abaye bayenza ngenxa yalokho?
17 Lelo qembu lesikhonyane lajabula kakhulu lapho umagazini omusha, i-Golden Age, umenyezelwa emhlanganweni walo ka-1919. Kwakungumagazini ophuma njalo ngesonto lesibili, owawuklanyelwe ukuba wandise ukuntinyela kokufakaza kwalo.e Ikhophi yawo yama-27, ka-September 29, 1920, yadalula ukukhohlisa kwabefundisi ngokushushisa abaFundi BeBhayibheli e-United States phakathi kuka-1918-19. Phakathi nawo-1920 nawo-1930, i-Golden Age, yahlupha abefundisi ngezihloko ezengeziwe ezintinyelayo nangemifanekiso eyayidalula ukugxambukela kwabo kobuqili kwezombangazwe, futhi ikakhulukazi izivumelwano zabefundisi bamaKatolika ezenziwa nomashiqela bobuFascist namaNazi. Abefundisi baphendula ‘ngokusebenza okubi kungathi umthetho’ futhi bahlela izixuku ukuba zenze ubudlova kubantu bakaNkulunkulu.—IHubo 94:20, IBhayibheli lesiZulu elivamile.
Ababusi Bomhlaba Bayaqasheliswa
18. Yimuphi umsebenzi isikhonyane okwakumelwe siwenze, futhi yini eyalandela ngenxa yokukhala kwecilongo lesihlanu?
18 Isikhonyane sosuku lwanamuhla sasinomsebenzi wokuwenza. Izindaba ezinhle zoMbuso kwakumelwe zishunyayelwe. Kwakumelwe kudalulwe amaphutha. Kwakumelwe kutholakale izimvu ezilahlekile. Njengoba isikhonyane sasenza le misebenzi, izwe laphoqeleka ukuba lime liqaphele. Ngokulalela ukukhala kwamacilongo ezingelosi, isigaba sikaJohane siye saqhubeka sidalula eLobukholwa njengelifanelwe izahlulelo zikaJehova ezibuhlungu. Ngokusabela ecilongweni lesihlanu, kwagcizelelwa isici esikhethekile salezi zahlulelo emhlanganweni wabaFundi BeBhayibheli, eLondon, eNgilandi, ngo-May 25-31, 1926. Lo mhlangano waqokomisa izwi lesinqumo, “Ubufakazi Kubabusi Bomhlaba,” kanye nenkulumo yeningi eRoyal Albert Hall eyayinesihloko esithi “Isizathu Sokuyenda Kwemibuso Yezwe—Ikhambi,” inkulumo ephelele yakho kokubili ibhalwa ephephandabeni eliphambili laseLondon ngosuku olulandelayo. Kamuva, iqembu lesikhonyane lasakaza emhlabeni wonke, amakhophi alelo zwi lesinqumo ayizigidi ezingu-50, lisesimweni sepheshana—ukuhlushwa kwangempela kubefundisi! Eminyakeni eminingi kamuva, abantu eNgilandi babesakhuluma ngalokhu kudalulwa okuntinyelayo.
19. Yisiphi esinye isikhali sokulwa isikhonyane esasamukela, futhi yini esayisho ngesimemezelo sezinhloso saseLondon?
19 Kulo mhlangano, isikhonyane esingokomfanekiso samukela esinye isikhali sokulwa, incwadi entsha enesihloko esithi Deliverance. Yayinengxoxo engokomBhalo yesibonakaliso esibonisa ukuthi uhulumeni ‘ongumntwana wesilisa,’ uMbuso kaKristu wasezulwini, wawuzelwe ngo-1914. (Mathewu 24:3-14; IsAmbulo 12:1-10) Ngemva kwalokho, yacaphuna isimemezelo sezinhloso esasakazwa eLondon ngo-1917 futhi sasayinwa abefundisi abayisishiyagalombili, abachazwa ‘njengabaphakathi kwabashumayeli bomhlaba abavelele.’ Babemelele amahlelo aphambili obuProthestani—amaBaptist, amaCongregationalist, amaHabe, amaSheshi, namaWeseli. Lesi simemezelo sathi “isimo esibucayi esikhona sikhomba ekupheleni kwezikhathi zabeZizwe” nokuthi “ukwambulwa kweNkosi kungalindelwa noma ngasiphi isikhathi.” Yebo, labo befundisi babesibonile isibonakaliso sokuba khona kukaJesu! Kodwa ingabe kukhona ababefuna ukukwenza ngakho? Incwadi i-Deliverance iyasitshela: “Ingxenye ephawuleka kakhulu yale ndaba ukuthi wona kanye amadoda asayina isimemezelo sezinhloso kamuva asiphika futhi abenqaba ubufakazi obubonisa ukuthi sisekupheleni kwezwe nasosukwini lokuba khona kweNkosi kwesibili.”
20. (a) Yikuphi ukukhetha abefundisi abaye bakwenza ngokuqondene neqembu lesikhonyane neNkosi yalo? (b) Ubani uJohane athi uphezu kweqembu lesikhonyane, futhi lingubani igama lakhe?
20 Kunokumemezela uMbuso kaNkulunkulu ozayo, abefundisi beLobukholwa baye bakhetha ukuhlala ezweni likaSathane. Abafuni ukuba nangxenye neqembu lesikhonyane neNkosi yalo, manje uJohane aphawula lokhu ngalo: “Sinenkosi ephezu kwaso, ingelosi yakwalasha. NgesiHebheru igama layo lingu-Abhadoni [okusho “iMbubhiso”], kodwa ngesiGreki inegama elithi Apholiyoni [okusho “uMbhubhisi”].” (IsAmbulo 9:11) ‘Njengengelosi yakwalasha’ ‘noMbhubhisi,’ ngempela uJesu uye wadedela umaye ohluphayo kweLobukholwa. Kodwa okuningi kusazolandela!
[Imibhalo yaphansi]
a Qhathanisa uJoweli 2:4, 5, 7 (lapho izilokazane zichazwa njengamahhashi, abantu, namadoda, nanjengezenza umsindo ofana nowenqola) nesAmbulo 9:7-9; futhi qhathanisa uJoweli 2:6, 10 (ochaza ubuhlungu benhlupho yezilokazane) nesAmbulo 9:2, 5.
b Bheka isihloko esithi “Abahlangene Ukumelana Nezizwe Esigodini Sesinqumo” ku-Nqabayokulinda ka-June 1, 1962.
c Phawula ukuthi lo mbhalo awunakusetshenziswa ukuze kuboniswe ukuthi kwakukhona umlilo kwalasha, njengokungathi ulasha uhlobo oluthile lomlilo wesihogo. UJohane uthi wabona umusi owawufana, noma “njengomusi” wesithando somlilo esikhulu. (IsAmbulo 9:2) Akabiki ukuthi wabona amalangabi angokoqobo kwalasha.
d Igama lesiGreki elisetshenziswe lapha livela emsukeni othi ba·sa·niʹzo, ngezinye izikhathi osetshenziselwa ukuhlushwa okungokoqobo; nokho, lingasetshenziselwa futhi ukuhlupheka ngengqondo. Ngokwesibonelo, kweyesi-2 Petru 2:8 sifunda ukuthi uLoti “wayehlupha umphefumulo wakhe olungileyo” ngenxa yobubi ayebubona eSodoma. Abaholi benkolo besikhathi sabaphostoli bezwa ukuhlupheka ngokwengqondo nakuba, eqinisweni, kwakungenxa yesizathu esihluke kakhulu.
e Lo magazini waqanjwa kabusha ngokuthi i-Consolation ngo-1937 nangokuthi i-Phaphama! ngo-1946.
[Isithombe ekhasini 143]
Ukushaywa kwecilongo lesihlanu kwethula owokuqala komaye abathathu
[Isithombe ekhasini 146]
Imicibisholo yakho ibukhali enhliziyweni yezitha zeNkosi. (IHubo 45:5) Lo mfanekiso ongenhla ohambisana nala mazwi, uyisibonelo seminingi eyakhishwa ngawo-1930 eyayintinyela “labo bantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu”
[Isithombe ekhasini 147]
IRoyal Albert Hall, lapho incwadi i-Deliverance yakhululwa khona kwamukelwa futhi nezwi lesinqumo elithi “Ubufakazi Kubabusi Bomhlaba”