Izigijimi Zezingelosi Zosuku Lwethu
“UNkulunkulu . . . wathuma ingelosi yakhe, wasiveza ngezibonakaliso.”—ISAMBULO 1:1, NW.
1. Yikuphi ukuqondwa okubi okukhona ngegama elithi Apocalypse, futhi isAmbulo sembulani ngekusasa?
IAPOCALYPSE. Yeka ukuthi lelogama liye lazwakala kaningi kangakanani kulelikhulu lama-20 leminyaka—kodwa yeka ukuthi Iiqondakala kabi ngokudabukisa kangakanani! Ngomqondo weBhayibheli, alibhekiseli ekubhujisweni kwaso sonke isintu kukhukhulela-ngoqo wenuzi (nuclear). Kunalokho, leligama lesiGreki lisho “ukwembula.” Ngemifanekiso engokwesiprofetho, incwadi yeBhayibheli iApocalypse, noma IsAmbulo, yembula izenzakalo ezifinyelela umvuthwandaba ekuqaleni kwenkathi yenjabulo yaphakade ngesintu. Kanjalo, umphostoli kaJesu uJohane wethula isAmbulo ngalamazwi: “Ubusisiwe [“uyajabula,” NW] ofundayo nabo abawezwayo amazwi alesisiprofetho, bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze.”—IsAmbulo 1:3.
2, 3. Kungani lelizwe lingelingajabuli kangaka, futhi yini uJehova ahlose ukuyenza?
2 Izwe namuhla alijabuli. Isizathu sokungajabuli kwalo sichazwe engomeni eyaqanjwa uMose eminyakeni engaba yizi-3 460 edlule: “Bonile kuye, abasibo abantwana [bakaNkulunkulu], kuyisici sabo; bayisizukulwane esiphambeneyo nesiyisigwegwe.” (Duteronomi 32:5) Yeka ukuthi lawomazwi asifanela kahle kanjani isizukulwane sanamuhla, esizimiso zaso zisonteke futhi ziphendukezelwe kangaka! Ngokwesibonelo, isandulela seWorld Military and Social Expenditures 1987-88 siphawula ngokuqondile: “Ukuphila kwazo zonke izizwe kuphendukezelwe umncintiswano wezikhali. IUnited States neSoviet Union zizombili zichitha cishe amaRandi ayizigidi eziyizi-3 750 ngosuku ngezikhali zempi. Nokho iUnited States ingeyeshumi nesishiyagalombili phakathi kwazo zonke izizwe enanini lokufa kwezinsana, iUSSR ingeyamashumi amane nesithupha. Amazwe asathuthuka achitha cishe imali ephindwe izikhathi ezine ezikhalini kunasekunakekeleni impilo yabantu bawo. Nokho amakhulu ezigidi kulawomazwe ayalamba; amaphesenti angama-20 abantwana bawo bafa bengakayihlanganisi iminyaka eyisihlanu.”
3 Ezinye izici ziyanezela kulenkambo eyonakalisayo—ukuwohloka kwezimiso zokuziphatha nokwemikhaya, ubugebengu nokwesaba okunyonyobela umhlaba, ukungabi naluthando nokungabi namthetho kwesizukulwane samanje. Yeka ukuthi sijabula kanjani ngokuthi uJehova uhlose ‘ukubhubhisa ababhubhisa umhlaba’! (IsAmbulo 11:18) Ngemininingwane evusa amadlingozi, incwadi yeBhayibheli yesAmbulo, ngochungechunge lwemibono eyi-16, ichaza indlela ayokufeza ngayo lokhu.
“Izingelosi” ‘Nezibonakaliso’
4. Izingelosi zihileleke kanjani kusAmbulo, futhi imibono iyiveza kanjani ingelosi evelele kunazo zonke?
4 IsAmbulo sisikhanyisela ngesiprofetho sokuqala seBhayibheli, esikuGenesise 3:15, esibonisa indlela okuxazululwa ngayo ubutha phakathi kukaSathane nenhlangano kaNkulunkulu enjengowesifazane, naphakathi ‘kwezinzalo’ zabo ezimbili. Sembula ukwahlulela kukajehova izitha zakhe nokwalabo abamthandayo futhi basekele ubukhosi bakhe. Ingelosi idlulisela isAmbulo kuJohane “ngesibonakaliso.” Ezinye izingelosi, noma izithunywa, zihlanganyela ekwaziseni nasekulingiseni lezozibonakaliso. Ingelosi evelele kunazo zonke yethulwa kusAmbulo 1:5 ngokuthi ‘uJesu Kristu, uFakazi Othembekileyo, izibulo labafileyo noMbusi wamakhosi omhlaba.’ ‘Izibonakaliso,’ noma imibono,imveza futhi ‘njengeNgonyama,’ ‘njengeWundlu,’ ‘njengoMikayeli,’ futhi izikhathi eziningi njengengelosi enamandla.—IsAmbulo 5:5, 13; 9:1, 11; 10:1; 12:7; 18:1.
5. Yini eqokonyiswa embonweni wokuqala wesAmbulo, futhi isihilela kanjani?
5 Umbono wokuqala, kusAmbulo 1:10–3:22, uqokomisa izigijimi ezishukumisayo uJesu okhazinyulisiwe azidlulisela ‘ezingelosini,’ noma kubabonisi, bamabandla ayisikhombisa aseAsia afanekisela lonke ibandla lembulunga yonke loFakazi Bakajehova ‘osukwini lweNkosi.’ Ngakho lezigijimi zilotshelwe thina namuhla! Kufanele sikhuthalele ‘ukuzwa lokho umoya okushoyo emabandleni,’ ngoba lezixwayiso nezeluleko zingezokukhuthaza thina, ukuze sithembeke—samukeleke ngenxa yemisebenzi yethu nangenxa ‘yothando, nokukholwa, nokukhonza, nokubekezela’ kwethu.—IsAmbulo 1:10; 2:7, 10, 19.
6. Singazuza kanjani esigijimini ngasinye esithunyelelwa amabandla ayisikhombisa aseAsia?
6 Njengebandla lase-Efesu, kungenzeka siye sakhandleka ngokwethembeka futhi sayizonda imisebenzi yezihlubuki ezidala ukwahlukana, kodwa uma uthando lwethu siqu luye lwaphola ngandlela-thile, masibuyele ngokuphenduka othandweni lwethu lokuqala, nawo wonke umlilo walo wentshiseko! NjengamaKristu ayecebile ngokomoya eSmirna, masilwele umvuzo ngokungesabi, sizibonakalisa ‘sithembekile kuze kube-sekufeni,’ uma lokho kudingeka. Njengalabo abavivinywa uSathane ePhergamu, kufanele siphenduke kunoma yikuphi ukukhonza izithombe, ukuziphatha okubi, noma ukwehlukana kwesikhathi esidlule. AbaseThiyathira bayalwa ukuba baqaphele ukuyenga okufanayo, ikakhulukazi amathonya anjengakajezabeli. Nathi futhi kumelwe siqaphe! Noma ubani oye wafa ngokomoya, njengamaKristu aseSardesi, kumelwe aphaphame ngaphambi kokuba kwephuze kakhulu. Phambi kwethu kunomnyango ovulekile wenkonzo, njengoba kwakunjalo nangabaseFiladelfiya; sengathi singaba namandla okunqoba ngehora lovivinyo, njengoba benza! Uma nom a ubani wethu eye waba sivivi njengabaseLawodikeya, kumelwe siphaphame sibone ubunqunu bethu obungokomoya futhi siphenduke. UJesu umi uyangqongqoza emnyango. Sengathi sonke singamamukela futhi sijabulele ukudla okungokomoya okuqhubekayo kanye naye emabandleni ethu ayizi-55 000 kuwo wonke umhlaba!—IsAmbulo 1:11; 2:7, 10, 11, 17, 29; 3:6, 13, 22.
Isihlalo SikaNkulunkulu Sobukhosi, Umqulu, Nombuzo
7. Yiziphi izindumiso ezihlatshelelwa embonweni wesibili, futhi usabela kanjani?
7 Embonweni wesibili uJohane ubona isihlalo sobukhosi sikajehova sasezulwini esikhazimulayo. UNkulunkulu wethu obabazekayo uvela phakathi kobukhazikhazi obungenakuqhathaniswa, ekhonzwa amakherubi amane, inqwaba yezingelosi, nabanqobi abangamaKristu abavusiwe. Yeka ukuthi ingoma yabo yokudumisa iwushukumisa kanjani umphefumulo: “Ufanele wena-Nkosi yethu noNkulunkulu wethu ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zabakhona, zadalwa”! UJehova unikeza umqulu kuLowo ofanele ukuwuvula—iNgonyama yesizwe sakwajuda, iWundlu elihlatshiwe eliba uMhlengi wethu. Yonke indalo idumisa uJehova neWundlu.—IsAmbulo 4:11; 5:2-5, 11-14.
8. Yini esiyibona embonweni wesithathu wesAmbulo, futhi uhlobana kanjani nosuku lwethu?
8 Manje embonweni wesithathu! IWundlu liqhubeka livula izimpawu eziyisikhombisa zomqulu. Yini esiyibonayo? Okokuqala, uJesu osanda kuthweswa umqhele uphuma emazulwini egibele ihhashi elimhlophe, elifanekisela impi yokulunga. Ngokulandelayo, umgibeli wehhashi elibomvu njengomlilo usibekela umhlaba ngempi ephelele. Bese kuza ihhashi elimnyama lendlala, nangemva kwalo ihhashi elimpofu lezifo, elimgibeli walo ubizwa ngokuthi ukuFa! Kulandela iHayidese, ukuze liginge izigidi zezisulu. Konke lokhu kuqala ‘ngemihelo [yosizi, NW]’ eyagadla isintu ngo-1914-18 futhi izimpunga zalesosizukulwane ezisaphila eziyikhumbula kahle. (Mathewu 24:3-8) Labobagibeli bamahhashi bayaqhubeka begabadula! Futhi ngokuvulwa kophawu lwesihlanu nolwesithupha, izenzakalo ziqhubekela ‘osukwini olukhulu lolaka lukajehova nolweWundlu.’ Kubuzwa umbuzo: “Ngubanike onamandla okuma na?”—IsAmbulo 6:1-17.
Labo ‘Abanamandla Okuma’
9. Yikuphi ukwembulwa okuvusa amadlingozi okwenziwa embonweni wesine?
9 Umbono wesine uyambuleka, ubonisa ukuthi obani abayosinda osukwini lolaka lukaNkulunkulu, nokuthi ngani. Izingelosi zibamba imimoya emine yembubhiso ukuba ingagadli emhlabeni ukuze ukubekwa uphawu kukaIsrayeli ongokomoya—izi-144 000—kuqedwe. “Emva kwalokho,” umbono unwebekela embukwaneni owesabekayo: “Bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa-muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi [sikaNkulunkulu] naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso, samemeza ngezwi elikhulu, sithi: Insindiso ngekaNkulunkulu wethu, ohlezi esihlalweni sobukhosi, neyeWundlu.” (IsAmbulo 7:1-10) Ingabe nawe uyazibona kulomfanekiso?
10. (a) Ukuqhathaniswa kwemibiko yeSikhumbuzo oka-1935 noka-1987 kubonisani mayelana nokugcwaliseka kombono wesine? (b) Yimuphi umbuzo ohilela ngamunye wethu manje, futhi ngani?
10 Ngo-1935 inani lababa khona emhlabeni wonke ekugujweni kweSikhumbuzo sokufa kukajesu laliyizi-32 795. Kulaba, abayizi-27 006 bahlanganyela izifanekiselo njengabaseleyo emhlabeni bezi-144 000 abathemba labo lingelasezulwini. Kamuva ngalowonyaka ofanayo, kwakhanya ngokuthe bha ukuthi isixuku esikhulu singobani. Labantu abathobekileyo, ababheke phambili ekuphileni okuphakade emhlabeni oyipharadesi, nabo futhi babonisa ukholo egazini likajesu elachithwa; beza kuJehova ngokuzinikezela, bavume ukubhapathizwa, futhi bakhonze uNkulunkulu ngentshiseko ngethemba elijabulisayo lokudlula bephila “osizini olukhulu.” ESikhumbuzweni sika-1987, inani lababa khona laliyizi-8 965 221, nabayizi-8 808 kuphela abahlanganyela. Lokhu kubonisa ukuthi izigidi namuhla zingezesixuku esikhulu noma zithakazelela ukuba abalelonani. Ingabe uyoba ‘namandla okuma’ njengomunye walaba phakathi ‘nosuku olukhulu lolaka lukajehova nolweWundlu’? Kusho ukusinda kwakho ukuthatha izinyathelo kulolohlangothi.—IsAmbulo 6:15-17; 7:14-17.
Ukuzwakalisa Izahlulelo ZikaNkulunkulu Ngamacilongo
11. Yiziphi izahlulelo ezizwakaliswa ngamacilongo embonweni wesihlanu, futhi lezi zihlobana kanjani nosuku lwethu?
11 Kuvulwa uphawu lwesikhombisa! Kubonakala umbono wesihlanu wesAmbulo. Izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu. Zinikezwa amacilongo ayisikhombisa, futhi ngawo zizwakalisa izimemezelo eziye zamenyezelwa emhlabeni wonke abantu bakajehova kusukela ngo-1922. Ezokuqala ezine zimemezela izahlulelo ‘kokwesithathu’ kwesintu, ngokusobala labo abaphila kweLobukholwa. ‘Lamacilongo’ abonisa ukuthi ingxenye ‘yomhlaba’ yeLobukholwa (isimiso sezinto sikaSathane esibonakala simi phakade) ‘neyolwandle’ (izixuku eziyaluzayo zesintu), kuhlanganise ‘nemifula’ yalo ‘nemithombo yamanzi’ (izimfundiso namafilosofi eLobukholwa) nezinkanyiso zalo ezifiphele (abefundisi, abangenakho ukukhanya okungokomoya), konke kuyizisulu zolaka lukaNkulunkulu. “Ukhozi” olundizayo, olufanekisela ingelosi, luyavela ngokulandelayo emkhathini wezulu, lumemezela ukuthi ukukhala kwamacilongo amathathu okusazokwenzeka kuyosho ‘umaye, maye, maye kwabakhileyo emhlabeni.’—IsAmbulo 8:1-13.
12. Ubani ovula umgodi wakwalasha, futhi ezikhathini zanamuhla iqulu ‘lesikhonyane’ liye labantinyela kanjani abefundisi?
12 Ngakho ingelosi yesihlanu ishaya icilongo layo. Bheka! “Inkanyezi”—iNkosi uJesu—ivula umgodi onomusi wakwalasha, futhi kuswebezela iqulu lesikhonyane. Ngokuphawulekayo, lokhu kufanekisela ukukhulula kukajesu ofakazi bakaNkulunkulu abagcotshiwe esimweni sokungasebenzi ngo-1919. Ngegunya laphezulu, laba babhubhisa amadlelo abefundisi, bedalula izimfundiso zabo zamanga nobuzenzisi “izinyanga eziyisihlanu”—inkathi evamile yokuphila kwesikhonyane. Lokhu kuqinisekisa ukuthi isizukulwane sesikhonyane sosuku lwanamuhla “asiyikudlula” kuze kube yilapho uJehova noKristu beyobe beqede ukwahlulela izizwe. Kakade, leliqembu lesikhonyane liye lashiyela abantu izinkulungwane zezigidi zezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, ezinezigijimi zesahlulelo ezinjengomlilo ezintinyela njengemisila yofezela. UJohane uyaphawula: “UMaye wokuqala udlulile; bheka, kuseza oMaye ababili ngasemva kwalokho.”—IsAmbulo 9:1-12; Mathewu 24:34; 25:31-33.
13. (a) Obani abafanekiselwa izingelosi ezine ezithukululwa ngaseMfuleni iEwufrathe, futhi yimuphi umsebenzi abanawo? (b) Obani abangamashumi ezinkulungwane zabakhwele amahhashi, futhi kukanjani amandla abo ‘esemilonyeni yabo nasemisileni yabo’?
13 Icilongo lesithupha liyakhala, lethula “umaye” wesibili. Kuthukululwa izingelosi ezine ngaseMfuleni iEwufrathe, okufanekisela ngokufanele ukukhululwa kofakazi bakaNkulunkulu abagcotshiwe ekuthunjweni kwaseBabiloni ngo-1919. Balungiselelwe ukuba ‘babulale okwesithathu kwabantu,’ bazise ukuthi abefundisi beLobukholwa bafile ngokombono kaJehova. Kodwa kudingeka usizo lokwandisa lomsebenzi wokufakaza, futhi uJehova ulungiselela lokhu ngokuletha isixuku esikhulu sezisebenzi ezikanye nabo. Ofakazi abagcotshiwe nalabasizi baqhubekela phambili ndawonye njengebutho labagibele amahhashi elingenakubalwa, “angukuphindwa kabili kwezinkulungwane eziyishumi ziphindwe kazinkulungwane eziyishumi.” Amandla abo ‘asemilonyeni yabo’ ngoba bakhuluma izigijimi zesahlulelo sikaJehova emakhaya abantu, futhi ‘lisemisileni yabo’ ngoba bashiya emuva izincwadi zeBhayibheli ezimemezela usuku lwakhe lwempindiselo olusondela ngokushesha.—IsAmbulo 9:13-21; IzEnzo 20:20, 21.
14. (a) Ubani ‘oyingelosi enamandla’ embonweni wesithupha, futhi yini ayenzayo nayishoyo? (b) Yini efanekiselwa ukunambitheka komqulu omncane ‘kamnandi njengezinyosi’ kodwa ‘obabayo esiswini’?
14 Manje kwembuleka umbono wesithupha. Sibona “ingelosi enamandla,” ngokusobala iNkosi uJesu endimeni ekhethekile. Inomqulu omncane esandleni sayo. Kuzwakala amazwi nokuduma, bese ingelosi ifunga uMdali wethu Omkhulu ithi: “Akusayikuba-kho isikhathi [ukulibala], kepha ngezinsuku zezwi lengelosi yesikhombisa, lapho isizakubetha icilongo, imfihlakalo [engcwele, NW] kaNkulunkulu . . . ifeziwe.” UJohane utshelwa ukuba athathe umqulu omncane awudle. ‘Umnandi njengezinyosi’ emlonyeni wakhe, njengoba nje nesigijimi soMbuso, nezibusiso zaso ezithenjisiwe ‘zamazulu amasha nomhlaba omusha,’ sinambitheka kamnandi kangako esigabeni sikaJohane sabagcotshiwe nabangane baso namuhla. Kodwa, ngokuphambene, ukuthunywa kokumemezela usuku lwempindiselo lukaNkulunkulu “ngabantu abaningi, nezizwe, nezilimi, namakhosi” kunzima ngabanye ukuba bakubekezelele. Nokho, yiba nesibindi! Qina okholweni ngokuthi uJehova uyokunikeza amandla adingekayo njengoba umemezela usuku lwakhe lwempindiselo.—IsAmbulo 10:1-11; 21:1, 4; 1 Johane 5:4; Isaya 40:29-31; 61:1, 2.
Icilongo Lesikhombisa Nomaye Wesithathu
15. (a) Yini eyenzekayo lapho kumenyezelwa umaye wesithathu nengelosi yesikhombisa ishaya icilongo layo? (b) Kungayiphi indlela ukumenyezelwa koMbuso kuwumaye?
15 Ngemva kokubikezela ngomzamo wesitha ngo-1918 ‘wokubulala’ ofakazi bakaNkulunkulu, nangemva kokuchaza indlela “umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu” owabavuselela ngayo ngokuphawulekayo ngo-1919 ukuze banikeze ubufakazi emhlabeni wonke, uJohane uyabhala: “Kwadlula uMaye wesibili; bheka, uMaye wesithathu uyeza masinyane.” Ngayiphi indlela? Umbhalo ogciniwe uyaqhubeka: “Ingelosi yesikhombisa yayisibetha.” Ngakho umaye wesithathu uhlangene nokushaywa kwalelocilongo lokugcina. Futhi lalela! “Kwase kuba-khona amazwi amakhulu ezulwini athi: Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu [uJehova] nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube-phakade naphakade.” Lona uMbuso kaNkulunkulu ngoKristu jesu, lowo kanye nezindlalifa ezikanye naye eziyizi-144 000 oletha imfihlakalo engcwele kaNkulunkulu esiphelweni sayo, elwela ubukhosi baphakade bukajehova uNkulunkulu, uMninimandla onke. Ingabe lokumenyezelwa koMbuso kungumaye? Kubantu ababi, yebo! Ngoba kubonisa indlela uNkulunkulu ‘ayobhubhisa ngayo ababhubhisa umhlaba.’—IsAmbulo 11:1-19.
16. Yikuphi ukwembulwa okuphawulekayo okwenziwa embonweni wesikhombisa?
16 Manje kubonakala umbono wesikhombisa! Bheka, laphaya, inhlangano kaNkulunkulu ethembekile yasezulwini, “owesifazane” wakhe. Ukhulelwe futhi unemihelo yokubeletha umntwana osekuyisikhathi eside elindelwe. Ngokokuqala ngqá—kodwa hhayi okokugcina—kusAmbulo, udrako onombala obomvu, “inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke,” uyavela, ezilungiselele ukushwabadela umntwana lapho ezalwa. “Ubutha phakathi [kwenyoka] nowesifazane” obabikezelwa buqhubekela emvuthwandaba!Owesifazane ubeletha “umntwana wesilisa,” ohlwithelwa ngokushesha esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu.—IsAmbulo 12:1-6, 9; Genesise 3:15; Daniyeli 2:44; 7:13, 14.
17. (a) Ungubani uMikayeli, futhi uye wenza kanjani ngokuvumelana negama lakhe kusukela ngo-1914? (b) Nikeza umehluko phakathi ‘komaye abathathu’ ‘nomaye kuwe-mhlaba’ wesAmbulo 12:12.
17 Lona uMbuso womntwana wesilisa, owamiswa emazulwini ngonyaka ongokomlando ka-1914. INkosi yawo, uKristu jesu, ibizwa futhi ngokuthi uMikayeli, okusho ukuthi “Ubani OnjengoNkulunkulu?” Uphendula lowombuzo ngaphandle kokulibala ngokulwa noSathane nangokuphonsa lowodrako omdala namademoni akhe emhlabeni. Kusukela ngo-1914 bekulokhu ‘kungumaye kuwemhlaba nakuwe-lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!’ Ngakho lomaye, obonakala esimweni esidabukisayo sesintu namuhla, akumelwe ahlanganiswe ‘nawomaye abathathu’ uJehova abaletha kubantu ababi lapho ebahlulela.—IsAmbulo 12:7-12.
18. (a) Yimuphi umaye uSathane uDeveli azama ukuwenzela izinceku zikaJehova ezithembekile ngaphambi kweMpi Yezwe II naphakathi nayo? (b) Yini uDeveli asazimisele ukuyenza, futhi imibono esele iyokwembulani?
18 UDeveli uye wazama ukuba enzele izinceku zikaJehova ezithembekile emhlabeni omunye umaye futhi. Ngaphambi kweMpi Yezwe II naphakathi nayo, wakhipha uzamcolo woshushiso ngomzamo wokuminzisa umsebenzi ‘wabaseleyo’ benhlangano kaNkulunkulu enjengowesifazane—labo bezi-144 000 abasakhonza phakathi kwesintu. UJehova waqiniseka ukuba umhlaba, isimiso sikaSathane sezinto, siwuminze lowozamcolo. Nokho, uSathane onolaka usaphokophelele ukulwa noFakazi BakaJehova. (IsAmbulo 12:13-17) Uyoba yini umphumela wokugcina? Kusazolandela eminye imibono eyisishiyagalolunye, futhi lena izositshela!-Habakuki 2:3.
IMIBUZO YOKUBUKEZA
◻ UJehova wazisebenzisa kanjani izingelosi ngokuphathelene nencwadi yesAmbulo?
◻ Izigijimi zikaJesu emabandleni ayisikhombisa kufanele zisithinte kanjani?
◻ Yini eye yaba umphumela wokushaywa kwamacilongo ayisikhombisa?
◻ Yini efanekiselwa iqulu lesikhonyane nabakhwele amahhashi abangenakubalwa?
◻ Kungani ukuzalwa koMbuso kaNkulunkulu kuhlanganiswa ‘nomaye wesithathu’?
[Ibhokisi ekhasini 14]
IZAHLUKO NAMAVESI OMBONO NGAMUNYE:
◻ UMBONO WOKU-1 1:10-3:22
◻ UMBONO WESI-2 4:1-5:14
◻ UMBONO WESI-3 6:1-17
◻ UMBONO WESI-4 7:1-17
◻ UMBONO WESI-5 8:1-9:21
◻ UMBONO WESI-6 10:1-11:19
◻ UMBONO WESI-7 12:1-17
◻ UMBONO WESI-8 13:1-18
◻ UMBONO WESI-9 14:1-20
◻ UMBONO WE-10 15:1-16:21
◻ UMBONO WE-11 17:1-18
◻ UMBONO WE-12 18:1-19:10
◻ UMBONO WE-13 19:11-21
◻ UMBONO WE-14 20:1-10
◻ UMBONO WE-15 20:11-21:8
◻ UMBONO WE-16 21:9-22:5
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 15-18]
IMIBONO YEAPOCALYPSE EYI-16—AMAPHUZU ATHILE AVELELE
1 UJesu, ephakathi kwezinti zezibani zamabandla ayisikhombisa, uthumela izigijimi zothando ngezinkanyezi eziyisikhombisa, ababonisi abagcotshiwe
2 Phambi kwesihlalo sobukhosi sikajehova sasezulwini iWundlu elinqobayo lamukela umqulu wezigijimi zesahlulelo
3 UKristu jesu ugibele uya ukuyonqoba, njengoba abanye abagibeli bamahhashi behlupha isintu nosuku lolaka lukaNkulunkulu lusondela
4 Njengoba izingelosi zibambe usizi olukhulu, kuyaphela ukuqoqwa kwabayizi-144 000 nesixuku esikhulu
5 Izingelosi zizwakalisa izigijimi zesahlulelo ngamacilongo, noFakazi Bakajehova batheleka njengesikhonyane ekudaluleni inkolo yamanga
6 Ekushayweni kwecilongo lesikhombisa, “ofakazi” bakaNkulunkulu bayavuselelwa ukuze bamemezele uMbuso ozayo kajehova noKristu wakhe
7 Ngemva kokuzalwa koMbuso ngo-1914, uKristu uphonsa uSathane namademoni akhe phansi emhlabeni
8 Izilo ezimbili zasendle ziyavela, futhi isilo sesibili sezombangazwe siphefumlela ukuphila emfanekisweni wesokuqala, inhlangano yeUN
9 Labo besintu ‘abesaba uNkulunkulu bamnike inkazimulo’ bavunelwa ukuphila okuphakade, abanye imbubhiso
10 Ukuthululwa kwezitsha eziyisikhombisa zolaka lukaNkulunkulu kufinyelela umvuthwandaba wakho ekubhujisweni kwabo bonke abashukunyiswa “umoya” kaSathane ongcolile
11 Isifebe esikhulu, inkolo yamanga, siyehliswa ‘esilweni’ sezombangazwe, leso kamuva esisenza incithakalo
12 Ngemva kokubhujiswa kweBabiloni Elikhulu, kwenziwa amalungiselelo okugcina omshado weWundlu nomlobokazi walo, izi-144 000
13 Ngemva kokufa kwesifebe esikhulu, uJesu uhola izimpi zasezulwini ekubhubhiseni ingxenye esele yesimiso sikaSathane sasemhlabeni
14 Ukuphonswa kukaSathane kwalasha kuvula indlela yokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane kukaKristu Jesu nomlobokazi wakhe, izi-144 000
15 Ngaphansi ‘kwamazulu amasha’ kaKristu Jesu nomlobokazi wakhe, umphakathi wesintu ‘womhlaba omusha’ uyojabulela izibusiso ezinkulu ezivela kuJehova
16 Amalungiselelo kaNkulunkulu okuphulukisa nawokuphila kwesintu ageleza ngejerusalema Elisha elikhazimulayo