Abantu Abaphilayo Bokholo Abangeyikufa Neze
1, 2. Izigidi zabathanda iNkosi Yobukhosi, uJehova uNkulunkulu, kukuphi lapho zingenasifiso sokuya khona ukuze zijabulele ukuphila okuphakade, futhi imaphi amazwi kaJesu Kristu ngokuphila okungenakufa eziwakhumbulayo?
KUNEZINKULUNGWANE zezigidi zabantu abaphila emhlabeni namuhla. Izigidi zalaba manje zifunda ngethuba elimangalisayo lokuqhubeka ziphila kuwo ngaphandle kokufa nanini. Abaningi balaba bangakhumbula ingoma endala engokwenkolo, “Kumelwe uthande iNkosi, ngaphandle kwalokho awuyikuya ezulwini uma ufa.” Kodwa kunezigidi eziphilayo zabathanda iNkosi Yobukhosi, uJehova uNkulunkulu, ezingathandi neze ukuya ezulwini. Ithemba labo abalinikezwe uNkulunkulu liwukubuyisela iPharadesi kulomhlaba nokulelulela ukuba lihlanganise yonke imbulunga. Kulapho lapho befuna ukuhlala khona sonke isikhathi, ekupheleleni kobuntu, ngaphansi kukahulumeni olungileyo wasezulwini. (Luka 23:43) Abakhohlwa amazwi amangalisayo kaJesu Kristu, awasho kuMarta, omfowabo uLazaru ayezomvusa kwabafileyo. Lawa amazwi afanele ukucatshangelwa ngokungathi sína yinoma ubani ophilayo namuhla. Nanka:
2 “Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade.”—Johane 11:26.
3. Iyiphi inkulumo maqondana nokuphila kwabantu okungenakuphazanyiswa eyanikezwa ngoFebruary 24, 1918, futhi iziphi izenzakalo ezengeziwe phakathi nalowonyaka ezaphazamisa ukunikelwa okuqhubekayo kwaleyonkulumo?
3 Amadoda nabesifazane balelikhulu lama-20 baqasheliswa lelithemba elimangalisayo ngeSonto, ngoFebruary 24, 1918, eLos Angeles, eCalifornia, U.S.A. Ngokokuqala lapho owayengumongameli weWatch Tower Bible and Tract Society wanikeza inkulumo yeningi eyayinesihloko esithi “Izwe Seliphelile . . . Izigidi Manje Eziphilayo Zingase Zingaphinde Zife.”a Lokhu kwakungaso kanye isikhathi lapho iMpi Yezwe I, eyayisisibekele iUnited States of America, isiseduze nomvuthwandaba wayo. Ukunikelwa okuqhubekayo kwaleyonkulumo emangalisayo yeBhayibheli kwaphazanyiswa, ikakhulukazi lapho ngokushesha ngemva kwalokho, ngoMay 8, 1918, umongameli weWatch Tower Society nabangane bakhe abayisikhombisa endlunkulu yaseBrooklyn, eNew York, beboshwa. Ngaphambili, ngoFebruary 12, 1918, uhulumeni waseCanada wawunqabele incwadi yamuva yeNhlangano eyayithi The Finished Mystery, kanye namapheshana esihle eNhlangano ayethi Bible Students Monthly. NgoMarch 14 uhulumeni waseUnited States wenza okufanayo wanqabela iThe Finished Mystery neBible Students Monthly, lezincwadi zazisayinwe umongameli weNhlangano. Khona-ke ngoJune 21, ngemva kwamasonto okuthethwa kwecala, inkantolo yesizwe yaseUnited States yakhipha isigwebo sokuboshwa isikhathi eside eFederal Penitentiary eAtlanta, eGeorgia, kukamongameli weNhlangano, umgcini sikhwama ongunobhala wayo, ababhali ababili beThe Finished Mystery, amanye amalungu amathathu ezisebenzi zasendlunkulu yaseBrooklyn nomhumushi wesiNtaliyane weNhlangano. NgoJuly 4, 1918, bonke laba abayi-8 basuswa eBrooklyn, eNew York, bayiswa eFederal Penitentiary eAtlanta, eGeorgia, lapho iMpi Yezwe I isaqhubeka.
4. Ngomqondo ongokomoya, insali yabantu bakaJehova emhlabeni yaba kanjani njengefile, futhi yini eyenzeka ethembeni layo lasezulwini?
4 Ngaphambi kobusika obalandela iNhlangano yazizwa ibophekile ukuba ithuthe eBrooklyn, eNew York, ibuyele ePittsburg, ePennsylvania, ngokweSaziso Sokuthutha esanyatheliswa ngo-October 1, 1918, kumagazini INqabayokulinda, ikhasi 290. Kuwo wonke umhlaba amalungu amasha amabandla abaFundi BeBhayibheli Bezwe Lonke [International Bible Students] bavalelwa ezinkanjini zempi, noma emajele. Ngomqondo ongokomoya, abantu bakaJehova abazinikezele nababhapathiziwe baba njengabafileyo, ikakhulukazi maqondana nokushumayela ngesibindi iVangeli, noma izindaba ezinhle. Bazizwa njengokungathi babefinyelele ekupheleni komsebenzi wabo wasemhlabeni, nokuthi base bezothola ukukhazinyuliswa kwabo okungokwasezulwini. Kodwa kwakungenjalo, ngoba ngenyanga kaNovember kwasayinwa isivumelwano sokuthula esenziwa izizwe ezazihileleke empini yezwe, kwavela ukuthula, futhi, bheka! kwakunensali yabakhulekeli bakaJehova eyayisaphila emhlabeni owawonakaliswe yimpi.
5. Isimo sayo sokungasebenzi sasifana nesobani phakathi nokuthunjwa isikhathi eside, kodwa yini iZwi likaNkulunkulu elaliyibikezele maqondana nabo?
5 Kwase kwenzekani? Nokho, iZwi likaJehova lesiprofetho lalibikezele ukuthi ofakazi bakhe ngokusobala ababefile babeyobuyiselwa emsebenzini ovuselelwe enkonzweni yakhe yobukhosi emhlabeni. Phakathi nempi yezwe yokuqala isimo sabo esingokomoya sasinjengaleso samaIsrayeli ngemva kokuba inhlokodolobha yabo yesizwe, iJerusalema, ibhujiswe amabutho empi aseBabiloni ngo-607 B.C.E. futhi adingiselwa eBabiloni elikude, ukuba ahlale lapho alale ngokomoya iminyaka engama-70.
6. Umprofethi uHezekeli wasetshenziswa kanjani ukwenza umbono ongokwesiprofetho wokuvuselelwa kwesizwe samaJuda nokubuyiselwa kwaso ekukhulekeleni ezweni laso?
6 Lesisimo sikaIsrayeli wasendulo phakathi no-607-537 B.C.E. umprofethi kaJehova uHezekeli wabhekisela kuso, naye owayesekuthunjweni eBabiloni. Komunye wemibono yakhe wabona isigodi esasigcwele amathambo omileyo. Watshelwa ukuthi lamathambo ayehlakazekile ayefanekisela yonke indlu kaIsrayeli esimweni sayo sokuthunjwa. Lapho ngokulalela ukuyala kukaNkulunkulu, uHezekeli eprofetha kulawomathambo ayehlakazekile, ahlangana akha uphahla lwamathambo, futhi uphahla lwamathambo lwambathiswa ngenyama. Ekugcineni umoya wangena kuwo, futhi leyomizimba yama ngezinyawo zayo. (Hezekeli, isahluko 37) Ekugcwalisekeni okungokomfanekiso kwalesiprofetho, lokhu kwafanekisela indlela amaIsrayeli ayeyokhululwa ngayo eBabiloni ngemva kokuwa kwalo, futhi ayeyophila futhi njengesizwe, akhonze futhi uNkulunkulu wawo onomusa futhi ethempelini elakhiwe kabusha enhlokodolobha yabo yesizwe esibuyiselwe, iJerusalema.
7. Yini efana nokuvuselelwa kwalesosizwe eyabikezelwa kusAmbulo 11:3-13?
7 Emakhulwini eminyaka ngemva kwalokho kuvuswa kwesizwe, okuthile okufana nalokho kwabikezelwa ngolimi olungokomfanekiso, kusAmbulo 11:3-13:
“Ngiyakubanika ofakazi bami ababili ukuba baprofethe izinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha bembethe indwangu yamasaka. . . . Kuyakuthi sebebuqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha siyakulwa nabo, sibanqobe, sibabulale. Nezidumbu zabo ziyakusala ezitaladini zomuzi omkhulu . . . Kwathi emva kwalezozinsuku ezintathu nengxenye umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo; base bema ngezinyawo zabo, nabababonayo behlelwa ngukwesaba okukhulu. Bezwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi kubo: Yenyukelani lapha. Base benyukela ezulwini ngefu, nezitha zabo zababona. Ngalelohora kwaba-khona ukuzamazama okukhulu komhlaba.”
8, 9. (a) Ezikhathini zanamuhla, ubizo olufanayo lomsebenzi lwafika nini kubantu bakaNkulunkulu ababefile ngokomoya? (b) Ubizo lomsebenzi olungokwesiprofetho lwakhishwa ngaluphi ulimi olungokomfanekiso kuIsaya 26:19?
8 Ngokufanayo nalokho, ubizo olungemva kwempi lokungenela umsebenzi kwase kuyisikhathi salo ensalini eyayifile ngokomoya yabantu bakaJehova abazinikezele, ukuba ikhonze njengofakazi bakhe ababonakalayo kwabakhileyo emhlabeni wonke. Onyakeni wokuqala ongemva kwempi ka-1919 ubizo olunjalo lwafika kubo, ngemva kokuqaphela ukuthi uJehova uNkulunkulu wayebashiye bephilile enyameni emhlabeni ngenxa yenjongo ebalulekile. Bakwazisa ngokujulile ukuthi ngaphandle kosizo lwakhe abanakufeza lutho phakathi nesikhashana sokuhlala kwabo ezweni elinobumpi. (Isaya 26:18) Ngesikhathi esifanele bathola ukuqinisekiswa nomyalo kaNkulunkulu uMninimandla onke njengoba kwabikezelwa kuIsaya 26:19, lapho amazwi angokwesiprofetho ayelondolozwe ngokwenzuzo yabo athi:
9 “Kepha abafileyo bakho bayakubuye baphile, izidumbu zabo zivuke. Phaphamani, nijabule nina enihlala othulini, ngokuba amazolo akho angamazolo okukhanya, nomhlaba uyakubakhipha abafileyo.”
10. Ngalawomazwi uJehova usebenzisa ulimi olufanele ngenxa yasiphi isikhathi, kodwa kungani ulimi lwalufaneleka?
10 Ngalawomazwi uJehova uboleka noma asebenzise ulimi olufanelekile lwesikhathi sokuvuka okungokoqobo kwabafileyo abahlengiwe besintu ngaphansi koMbuso wasezulwini ezandleni zeNkosi yakhe esesihlalweni sobukhosi, uJesu Kristu, uMhlengi. NjengamaIsrayeli akudala ayedingiswe ezweni lakubo, ngomqondo ongokomoya, futhi ayengcwatshwe iminyaka engama-70 eBabiloni, ngakho-ke insali yamaIsrayeli angokomoya namuhla yasongelwa ngokuqothulwa phakathi neminyaka u-1914-1918. Ukuphela kweMpi Yezwe I ngo-1918 kwayishiya injenge“zidumbu” ezandleni zikaJehova, ngomqondo ongokomoya.
11. (a) Ubani kuphela owayekwazi ukubangela ukuzalwa okusha ngokomoya, futhi ngokuqabuleka okufana nokwasiphi isithombo? (b) Kwakuyisikhathi saluphi ubizo kubantu bakaJehova?
11 NjengoMniki-Kuphila Omkhulu, uJehova waqiniseka ukuba labo aba“file” baphile futhi njengofakazi bakhe abagcotshiwe. Wabavusa. Manje njengoba amathuba esikhathi esingemva kwempi ayesevulekile, kwakungasesona isikhathi ngabo sokulila nokuba njengabantu abafile, njengaba“hlala othulini.” Kwakuyisikhathi sikaJehova esingenakuhlehliswa sokubaphaphamisela ekuphileni okungokomoya futhi bamemeze ngokujabula ngokuphila nokuba senkonzweni yakhe. (IHubo 126) Esikhundleni sokoma njengezidumbu ezifile, njengabahlala othulini olomileyo, babezoba nomswakama wokuphila, njengokungathi bamanziswe isitshalo esinaba phansi esinamazolo amaningi. UKoresi Omkhulu, uJesu Kristu, manje wayesebusa emazulwini, futhi kwakuyisikhathi sikaJehova esifanelekile ngabo ukuba bakhululwe ekuthunjweni njengezwe ababeyofela kulo laseBabiloni. Isimo sabo sokuthunjwa, njengasezweni laseBabiloni amaIsrayeli akudala ayethunjelwe kulo, sase singenakuwathena amandla njengokufa; kwase kuyisikhathi ngabo sokuba bakhululeke ngenxa yokuzalwa okusha ngokomoya, ngesibindi namandla okuphuma eBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga. Ubizo lukaNkulunkulu lwesikhathi esihlelwe ngokuqondile lwaluthi, “Phumani kulo, bantu bami.” (IsAmbulo 18:4) Ngokulalela ngokushesha bagwema ukusolwa uJehova ngenxa yokuzithoba eBabiloni Elikhulu nabangane balo bezwe.
12. (a) Abantu bakaJehova babezozifihla kanjani olakeni lwaphezulu, futhi isikhathi esingakanani? (b) Ikuphi ukudalulwa okwakuyoba khona ngalesosikhathi ngokuqondene neBabiloni Elikhulu, futhi naliphi icala?
12 UIsaya 26:20, 21 uyaqhubeka, ethi: “Wozani, bantu bami, ningene emakamelweni enu, nizivalele iminyango, nicashe ngokuphazima kweso, kuze kudlule ulaka. Ngokuba bhekani, uJehova uyaphuma endaweni yakhe ukuba ahambele ububi babakhileyo emhlabeni; umhlaba uyakubonakalisa igazi lawo, ungabe usabasibekela ababuleweyo babo.” Akusayikuba isikhathi eside manje, njengokungathi “ngokuphazima kweso,” ngaphambi kokuba uJehova ehlisele ulaka lwakhe eBabiloni Elikhulu ngokwenza ukuba abangane balo bezwe balibhubhise ngisho nangaphambi kokuba bona ngokwabo babhujiswe “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke” enkundleni yempi ethiwa iHarmagedoni. (IsAmbulo 16:14, 16) Khona-ke ukuchitheka kwegazi iBabiloni Elikhulu elinecala lakho kuyodalulwa futhi kuphindiselwe kulo. Izidalwa ezingabantu eziye zabulawa yilo ngokuqondile noma ngenye indlela aziyikusitshekelwa futhi zinganakwa. Icala liyoxazululwa ngokubulala umbulali. Baningi ofakazi bakaJehova abaye babulawa iBabiloni Elikhulu!
Abangane Abaphilayo Balabo Abafihlwe Olakeni Lwaphezulu
13. (a) Yiziphi izibusiso zokubuyiselwa ezaphakamisa unyaka ongemva kwempi u-1919? (b) NgokukaIsaya isahluko 35, kungayiphi indlela ababuyela ngayo esimweni sokujabula okungapheli?
13 Unyaka ka-1919 wafakwa umqhele wobuhle baphezulu. NgoMarch 21, ngaphambi kokuba umsebenzi wezizwe wesicelo wabaFundi BeBhayibheli Bezwe Lonke uqedwe, abameleli abayisishiyagalombili beNhlangano bavunyelwa ukuba bakhishwe ngemali, futhi ngoMarch 25 bakhishwa eAtlanta Penitentiary, bengenakuphinde babuyele. Kungani? Kungoba kamuva kwabukezwa icala labo futhi batholakala bengenacala lanoma ibuphi ubulelesi eUnited States. Kamuva ngalowonyaka indlunkulu yeNhlangano yathuthela eBrooklyn, eNew York, ekhelini layo lokuqala. Kanjalo insali yamaIsrayeli angokomoya yakhululeka ebugqilini beBabiloni Elikhulu futhi yabuyela endaweni yayo efanele ngokomoya phambi kukaNkulunkulu emkhulekelayo. Njengoba kwabikezelwa kuIsaya 35:8-10, yabuyela ekuphileni okungokomoya nasemsebenzini enkonzweni kaJehova—endleleni evulekile engokomfanekiso: “Nendlela eyakuthiwa iNdlela yobuNgcwele.” Isiprofetho siqhubeka sithi: “Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya baye eSiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe-phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.”
14. (a) Imuphi umhlangano owaqhutshwa ngoSeptember ka-1919, futhi imuphi umagazini owawuzokhishwa owamenyezelwa? (b) Ikheli labanyathelisi labuyiselwa kuyiphi indawo, futhi imuphi umsebenzi wokunyathelisa owawusuqalisiwe?
14 NgoSeptember 1-8 ngawo lowonyaka ofanayo wangemva kwempi u-1919, kwaba nomhlangano omkhulu eCedar Point, eOhio, futhi lapho isici esisha somsebenzi ongemva kwempi samenyezelwa kubo, okungukuthi, umagazini wamakhasi angama-32, ophuma kabili ngenyanga othiwa The Golden Age, njengomngane kamagazini iThe Watch Tower. Ngo-October 1, 1919, owokuqala walowomagazini omusha (manje obizwa ngokuthi iPhaphama!) waphuma waqhubeka nokukhonza injongo yesikhathi esifanele hhayi kuphela yokwazisa abathembele kuNkulunkulu weminyaka eyinkulungwane emihle yokubusa kukaKristu eya isondela kodwa futhi nokudalula iBabiloni Elikhulu njengelilahlelwe ukubhujiswa kuqala. Kamuva, ngomagazini INqabayokulinda kaDecember 15, 1919, kwabuye kwamenyezelwa ukuthi ikheli labanyathelisi seliwu-124 Columbia Heights, Brooklyn, New York. Maqondana neThe Golden Age, kweyayo ye-15, yomhla ka-April 14, 1920, kwamenyezelwa ukuthi manje yayisinyatheliswa e-35 Myrtle Avenue, emzini waseBrooklyn, eNew York, indawo yokuqala yokunyathelisa yeWatch Tower Society. Namuhla iNhlangano namagatsha ayo inezindawo zokunyathelisa kuyo yonke imbulunga.
15. Wonke lowomsebenzi wokubuyiselwa wawuwukugcwaliseka kwani eyayibikezelwe ngabaprofethi bakaNkulunkulu, futhi kwakuyingxenye ye“sibonakaliso” esabikezelwa uJesu ukuthi sibonisani?
15 Wonke lowomsebenzi wokubuyisela, ngezinga elincane ekuqaleni, kwakuyisiqalo esingemva kwempi se“zikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaprofethi bakhe,” ezaziyophawula ukubuya okungabonakali nokuba khona kukaJesu Kristu okhazinyulisiwe. (IzEnzo 3:21) Ukukhululwa okuhambelanayo nokubuthwa futhi kwabantu bakaJehova abazinikezele eBabiloni elafanekiselwa kwakuyingxenye ye“sibonakaliso . . . sokuphela kwezwe” uJesu abikezela ngaso esiprofethweni sakhe esilotshwe kuMathewu izahluko 24, 25; Marku isahluko 13, noLuka isahluko 21.
16. Njengoba kuthinteke nesimo sanamuhla, obani ababuyela emuva namaIsrayeli ezweni lakwaJuda ngo-537 B.C.E.?
16 Konke lokhu kunikeza isisekelo sokuthile okubaluleke kakhulu okuzokwenzeka. Okuyini? Nokho, simelwe sikhumbule ukuthi lapho abathunjwa abangamaIsrayeli bephuma eBabiloni ngo-537 B.C.E. ngegunya lesimemezelo somnqobi weBabiloni, uKoresi Omkhulu, inani elikhulu labangesiwo amaIsrayeli labuyela nabo emuva ezweni lakwaJuda. Laba bahlanganisa amaNethini, izigqila zabesilisa nabesifazane nabaculi bezinye izizwe.—Ezra 2:43, 58, 64, 65, 70; 3:1; 6:21, 22; 1 IziKronike 9:1, 2.
17. Obani abafanekiselwa yilabobangane ababengesiwo amaIsrayeli namuhla, futhi bafana nobani futhi?
17 Abangane abanjalo abangesiwo amaIsrayeli bafanekisela labo namuhla abezwa isigijimi soMbuso kaNkulunkulu ezandleni zikaKoresi wakhe Omkhulu, uJesu Kristu, futhi abaye bazihlanganisa nensali yamaIsrayeli angokomoya kusukela ekukhululweni kwayo ekuphatheni kweBabiloni Elikhulu lanamuhla nabangane balo bezwe ngonyaka ongemva kwempi u-1919. Bafanekisela futhi abangesiwo amaIsrayeli, “ingxubevange,” eyaphelezela amaIsrayeli lapho ephuma eGibithe ngaphansi kobuholi bukaMose ngo-1513 B.C.E.—Eksodusi 12:37, 38; qhathanisa nesAmbulo 7:9-17.
18. Baziswa nini labo abanjengezimvu ngelungelo labo loku‘zingcwelisa,’ futhi ngemva kwakuphi ukuchazwa kwabo eWashington D.C., lapho amakhulu abo abonakalisa ‘ukungcweliswa’ kwabo?
18 Bahambelana futhi “nezinye izimvu” lezo uMalusi Omuhle, uJesu Kristu, athi wayesazoziletha, ukuba azihlanganise ekugcineni zibe “mhlambi munye” nalezozimvu ezingokomoya eziku“lesisibaya” esiqukethe izindlalifa zoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini. (Johane 10:16)b KuThe Golden Age, kaJune 6, 1934, ikhasi 574, ngaphansi kwesihlokwana esithi “Isigaba SikaJonadaba,” lezo “ezinye izimvu” ezingokomfanekiso zaziswa ngelungelo lazo loku‘zingcwelisa’ kuJehova uNkulunkulu ngoKristu nokunikeza ubufakazi balokho ngobhapathizo lwamanzi. NgoMay 31, 1935, umongameli weNhlangano wakhuluma eMhlanganweni waseWashington futhi wabonisa ukufana phakathi kwe“zimvu” ne“sixuku esikhulu” esisembonweni wesAmbulo 7:9-17. Ngosuku olulandelayo lomhlangano abangama-840 babhapathizwa emanzini, iningi lalaba lajabulela ithemba lokuphila emhlabeni ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu.
19. (a) KuJohane 11:26, yini uJesu ayisho ngokungafi nanini? (b) Iyiphi inkambo yesenzo yezizwe ezihlanganisayo, ngaphambi kwakuphi okuhlangenwe nakho kwazo eHarmagedoni?
19 Nansi indawo yokucabangela amazwi kaJesu Kristu akuJohane 11:25, 26: “Okholwa yimi, noma efa, wophila. Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade.” Ngokwabo bonke ubufakazi kusukela ngalowonyaka wempi ka-1914, sizithola siphila “esikhathini sokugcina,” yebo, ‘esiphelweni salesisimiso sezinto.’ (Daniyeli 12:1-4; Mathewu 24:1-3) Nakuba oFakazi BakaJehova beye bamemezela “lelivangeli lombuso” emhlabeni wonke kusukela ngo-1919, izizwe, ngisho nalezo zeLobukholwa, ziye zenqaba ukuzithoba kulowoMbuso wobuMesiya njengoba wamiswa emazulwini kusukela ngo-1914. Ukuphikisa uMbuso kaNkulunkulu onelungelo nabashumayeli bawo kuhlanganisa izizwe, ngaleyondlela ziqoqelwa “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke” eHarmagedoni. Lokho ‘kulwa’ kwembulunga yonke kuyosho ukubhujiswa okuphelele kwalezozizwe ezingenalukholo. Lokhu kuyosho ukuphela kwalesisimiso sezinto.—IsAmbulo 16:14-16; Mathewu 24:14.
20. (a) Ikuphi okuhlangenwe nakho okuvusa amadlingozi abanjengezimvu abayoba nakho ngalesosikhathi emhlabeni? (b) Iyiphi incwadi abayofuna ukuba amagama abo alotshwe kuyo, futhi lokhu kuyoqinisekisani ngabo?
20 Khona-ke kuphela abantu abanjengezimvu bokholo, labo abangu‘mhlambi owodwa’ kaMalusi Omuhle, abayosinda ekufeni. Lokhu kuhlanganisa “isixuku esikhulu” se“zinye izimvu.” KusAmbulo 7:9-17 laba babonwa embonweni njengabaphuma “osizini olukhulu” futhi bengena esimisweni sezinto seminyaka eyinkulungwane yokubusa kukaKristu emhlabeni. (Mathewu 24:21, 22) Kungani laba bengadingi neze ukufa emhlabeni? Ngaphansi kokubusa kukaKristu bayonikezwa ithuba lokuzuza ukuphila okungapheliyo ePharadesi elibuyiselwe emhlabeni. (IsAmbulo 20:1-6) Ukuthi bangaki kulabofakazi bakaJehova abazinikele nabhapathiziwe abangaphezu kwezi-2 000 000 namuhla abaphilayo abayolondolozwa “osizini olukhulu” oluyosibekela imbulunga yonke manje oseluseduze kangaka kuyobonakala. Kodwa kuyoba “isixuku esikhulu” esingenakubalwa esivela ezizweni eziningi nezilimi. Ngabantu abanjalo bokholo kuyoba okuvusa amadlingozi kakhulu ukuphumela esimisweni sezinto esingemva kweHarmagedoni kunokuba kwakunjalo ngoNowa nomkhaya wakhe uma bephuma emkhunjini bengena emhlabeni ohlanziwe ngemva kukaZamcolo wembulunga yonke. Esimweni salabo bantu bokholo banamuhla, amazwi kaJesu ayoba iqiniso ngomqondo ongokoqobo: “Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade.” (Johane 11:26) Labo abayosinda eHarmagedoni bayofuna ukuba amagama abo ‘abhalwe encwadini yokuphila’ leyo uNkulunkulu owumniki-kuphila ayoyigcina. (IsAmbulo 20:7-15) Lokhu kubhalwa kwamagama abo kuyoqinisekisa ukuphila kwabo phakade emhlabeni oyiPharadesi.
21. Yini labo abasinda eHarmagedoni abangayikudinga ukuhlangabezana nayo phakathi neminyaka eyinkulungwane yokubusa kukaKristu, futhi bayobunikeza kubani ngalesosikhathi ubufakazi ngenxa yokuba ofakazi bakaJehova abagcina ubuqotho manje?
21 Ngokungangabazeki, kule“sikhathi sokuphela” esesidleke kangaka kusukela ekupheleni kweZikhathi zabeZizwe ngo-1914, kunamadoda amaningi nabesifazane abaphilayo bokholo nobuqotho abangenakufa neze ebusweni bomhlaba, isenabelo sezinyawo zikaNkulunkulu. Yeka ithuba elingavamile eliphambi kwabo! Ngenxa yokuba bengasoze bafe futhi bangcwatshwe, abayikuludinga uvuko lwabafileyo phakathi nokubusa kukaJesu Kristu kweminyaka eyinkulungwane. Eqinisweni, bayosinda ukuba bamukele abafileyo abalele othulini emhlabeni iNkosi uJesu Kristu eyadela ukuphila kwayo okuphelele kobuntu njengomhlatshelo wesihlengo ngenxa yabo. Kulezozigidigidi zabantu abayovuswa abasinda eHarmagedoni bayoba nelungelo lokufakaza ngakho konke uJehova uNkulunkulu akwenza ngoJesu Kristu phakathi nale‘siphelo sesimiso sezinto.’ Khona-ke, kuso sonke lesikhathi esinzima kuzo zonke izikhathi kwangathi labo abanikezwe umusa omkhulu bangazibonakalisa bengofakazi bakaJehova abagcina ubuqotho kuphumele ekulwelweni kobukhosi bakhe bendawo yonke.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka iThe Watch Tower kaMarch 1, 1918, ikhasi 80, ezansi, ngaphansi kwesithi “Conventions to Be Addressed by Brother J. F. Rutherford”; nethi, Jehovah’s Witnesses in the Divine Purpose, ikhasi 76, isigaba sokugcina; neThe Watch Tower kaSeptember 15, 1924, ikhasi 280, ngaphansi kwesihlokwana esithi “Why Millions Will Never Die.”
b Bheka ikhasi 345, izigaba 577, 578, zencwadi The Harp of God, eyanyatheliswa ngo-1921; neThe Watch Tower kaOctober 15, 1923, ikhasi 310, isigaba 33, esihlokweni esithi “The Parable of the Sheep and the Goats.”
Ingabe Uyakhumbula?
□ Insali egcotshiwe iye yaba kanjani njengefile?
□ UJehova wavusela ofakazi bakhe abagcotshiwe kumaphi amathuba angemva kwempi?
□ Lokhu kubuyiselwa kwakuwukugcwaliseka kwaziphi iziprofetho?
□ Yini abasindayo emhlabeni eHarmagedoni abangadingi ukuyibona phakathi kokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane?
[Isithombe ekhasini 23]
Ofakazi bakaJehova abagcotshiwe nabangane babo abanjengezimvu babambisana ngobuqotho ekusakazeni isigijimi soMbuso