-
UKristu Uhola Ibandla LakheINqabayokulinda—2002 | Mashi 15
-
-
5, 6. (a) Embonweni owatholwa ngumphostoli uJohane, zimelelani “izinti zezibani eziyisikhombisa zegolide” kanye ‘nezinkanyezi eziyisikhombisa’? (b) Ukuba ‘kwezinkanyezi eziyisikhombisa’ sesandleni sikaJesu sokunene kubonisani?
5 Incwadi yeBhayibheli yesAmbulo ibonisa ukuthi isigqila esikholekile nesiqondayo silawulwa nguJesu Kristu ngokuqondile. Embonweni ‘wasosukwini lweNkosi,’ umphostoli uJohane wabona “izinti zezibani eziyisikhombisa zegolide, naphakathi kwezinti zezibani othile ofana nendodana yomuntu,” ‘ephethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene.’ Echazela uJohane lo mbono, uJesu wathi: “Ngokuqondene nemfihlo engcwele yezinkanyezi eziyisikhombisa oziboné esandleni sami sokunene, neyezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide: Izinkanyezi eziyisikhombisa zisho izingelosi zamabandla ayisikhombisa, futhi izinti zezibani eziyisikhombisa zisho amabandla ayisikhombisa.”—IsAmbulo 1:1, 10-20.
6 “Izinti zezibani eziyisikhombisa zegolide” zifanekisela wonke amabandla amaKristu eqiniso akhona “osukwini lweNkosi,” olwaqala ngo-1914. “Izinkanyezi eziyisikhombisa” zona? Ekuqaleni, zazifanekisela bonke ababonisi abagcotshiwe abazalwa ngomoya ababenakekela amabandla ekhulu lokuqala.a Laba babonisi babesesandleni sokunene sikaJesu—okungukuthi belawulwa futhi beqondiswa nguye. Yebo, uKristu Jesu wayehola lesi sigaba sesigqila. Nokho, bambalwa manje ababonisi abagcotshiwe. Ukuhola kukaKristu kwenabela kanjani emabandleni angaphezu kuka-93 000 oFakazi BakaJehova asemhlabeni wonke?
7. (a) UJesu uyisebenzisa kanjani iNdikimba Ebusayo ukuze ahole amabandla emhlabeni wonke? (b) Kungani kungathiwa ababonisi abangamaKristu bamiswa ngumoya ongcwele?
7 Njengasekhulwini lokuqala, iqembu elincane lamadoda afanelekayo aphakathi kwababonisi abagcotshiwe manje likhonza njengeNdikimba Ebusayo, emelela isigaba sesigqila esikholekile nesiqondayo. UMholi wethu usebenzisa le Ndikimba Ebusayo ukuze amise amadoda afanelekayo ukuba abe ngabadala emabandleni akuwo—kungakhathaliseki ukuthi agcotshwe ngomoya noma cha. Kulokhu, umoya ongcwele, uJehova aniké uJesu igunya lokuwusebenzisa, ufeza indima ebalulekile. (IzEnzo 2:32, 33) Okokuqala, laba babonisi kumelwe bahlangabezane nezimfuneko ezivezwe eZwini likaNkulunkulu, elaphefumulelwa ngumoya ongcwele. (1 Thimothewu 3:1-7; Thithu 1:5-9; 2 Petru 1:20, 21) Ukutuswa nokumiswa kwenziwa ngemva komthandazo nangaphansi kwesiqondiso somoya ongcwele. Ngaphezu kwalokho, abantu abamiswayo banikeza ubufakazi bokukhiqiza izithelo zalowo moya. (Galathiya 5:22, 23) Ngakho-ke, iseluleko sikaPawulu sisebenza ngokulinganayo kubo bonke abadala, kungakhathaliseki ukuthi bagcotshiwe noma cha: “Zinakeni nina nawo wonke umhlambi, umoya ongcwele onimise phakathi kwawo ukuba nibe ababonisi.” (IzEnzo 20:28) La madoda amisiwe athola isiqondiso eNdikimbeni Ebusayo futhi alusa ibandla ngomoya ovumayo. Ngale ndlela, uKristu ukanye nathi manje futhi uhola ibandla ngenkuthalo.
-
-
UKristu Uhola Ibandla LakheINqabayokulinda—2002 | Mashi 15
-
-
a “Izinkanyezi” lapha azifanekiseli izingelosi ezingokoqobo. UJesu wayengeke neze asebenzise umuntu ukuze abhalele izidalwa zomoya ezingabonakali okuthile. Ngakho-ke, “izinkanyezi” kumelwe ukuba zimelela ababonisi abangabantu emabandleni, noma abadala, ababhekwa njengezithunywa zikaJesu. Ukuba kwazo yisikhombisa kubonisa ukuphelela okunqunywe ngokwaphezulu.
-