-
Ukulwa Nezilo Ezimbili EzinolakaIsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
-
-
2 Amazulu angcwele awasakhathazwa ukuba khona kukaSathane namademoni akhe. Leyo mimoya emibi ikhishiwe ezulwini futhi yavalelwa endaweni yasemhlabeni. Ngokungangabazeki lokhu kuyisizathu sokwanda okukhulu kwezenzo zemimoya ezikhathini zanamuhla. INyoka enobuqili isalokhu inenhlangano yomoya eyonakele. Kodwa ingabe isebenzisa inhlangano ebonakalayo futhi ukuze idukise isintu? UJohane uyasitshela: “Ngabona isilo sasendle sinyuka siphuma olwandle, sinezimpondo eziyishumi namakhanda ayisikhombisa, ezimpondweni zaso kunemiqhele eyishumi, kodwa emakhanda aso kunamagama enhlamba. Isilo sasendle engasibona sasinjengengwe, kodwa izinyawo zaso zinjengezebhere, nomlomo waso unjengomlomo wengonyama. Udrako wanika isilo amandla aso nesihlalo saso sobukhosi negunya elikhulu.”—IsAmbulo 13:1b, 2.
3. (a) Yiziphi izilo ezinolaka umprofethi uDaniyeli azibona emibonweni? (b) Zazimeleleni izilo ezinkulu zikaDaniyeli 7?
3 Siyini lesi silo esiyinqaba? IBhayibheli ngokwalo liyaphendula. Ngaphambi kokuwa kweBhabhiloni ngo-539 B.C.E., umprofethi ongumJuda uDaniyeli wabona imibono ehilela izilo ezinolaka. KuDaniyeli 7:2-8 uchaza izilo ezine eziphuma olwandle, esokuqala sifana nengonyama, esesibili sifana nebhere, esesithathu sifana nengwe, futhi “bheka laphaya! isilo sesine, esasesabeka, sethusa futhi sinamandla ngokungajwayelekile . . . futhi sasinezimpondo eziyishumi.” Lokhu kufana ngokuphawulekayo nesilo sasendle esabonwa uJohane cishe ngonyaka ka-96 C.E. Naleso silo sinezici zengonyama, ibhere, nengwe, futhi sinezimpondo eziyishumi. Ziyini izilo ezinkulu ezabonwa uDaniyeli? Uyasazisa: ‘Lezi zilo ezinkulu ziyimibuso emine eyokuma emhlabeni.’ (Daniyeli 7:17) Yebo, lezo zilo zimelele “imibuso,” noma ohulumeni bomhlaba bezombangazwe.
-
-
Ukulwa Nezilo Ezimbili EzinolakaIsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
-
-
8. Kungani kungafanele kwethuse ukuthi umbuso wezwe ombaxambili wamaNgisi namaMelika ufaniswa nesilo?
8 Akwethusi yini ukubiza imibuso yezombangazwe ebusayo ngesilo sasendle? Yilokho abaphikisi abathile ababekusho phakathi neMpi Yezwe II, lapho isimo soFakazi BakaJehova, njengenhlangano nanjengabantu ngabanye, sasibekelwa inselele ezinkantolo zomthetho emhlabeni wonke. Kodwa ake ume ucabange! Izizwe ngokwazo azisebenzisi yini izilo noma izilwane zasendle njengezimpawu zazo zobuzwe? Ngokwesibonelo, kukhona ingonyama yaseBrithani, ukhozi lwaseMelika, nodrako waseChina. Khona-ke kungani umuntu kufanele enqabe uma noMlobi waphezulu weBhayibheli Elingcwele esebenzisa izilo ukuze afanekisele imibuso yezwe?
9. (a) Kungani umuntu kungafanele akuphikise ukusho kweBhayibheli ukuthi uSathane unikeza isilo sasendle igunya laso elikhulu? (b) USathane uchazwa kanjani eBhayibhelini, futhi ubathonya kanjani ohulumeni?
9 Ngaphezu kwalokho, kungani umuntu kufanele akuphikise ukusho kweBhayibheli ukuthi uSathane onikeza isilo sasendle igunya laso elikhulu? NguNkulunkulu onguMthombo walawo mazwi, futhi phambi kwakhe ‘izizwe zinjengethonsi lamanzi eliphuma ebhakedeni nanjengongwengwezi lothuli.’ Lezo zizwe ziyobe zenza kahle ngokuzincengela kuNkulunkulu kunokuba zicasulwe indlela iZwi lakhe lesiprofetho elizichaza ngayo. (Isaya 40:15, 17; IHubo 2:10-12) USathane akasiye umuntu wasenganekwaneni owabelwe ukuba ahluphe imiphefumulo efile esihogweni somlilo. Ayikho indawo enjalo. Kunalokho, uSathane uchazwe emiBhalweni ‘njengengelosi yokukhanya’—ingcweti yokukhohlisa enethonya elinamandla ezindabeni zezombangazwe.—2 Korinte 11:3, 14, 15; Efesu 6:11-18.
-
-
Ukulwa Nezilo Ezimbili EzinolakaIsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
-
-
12. (a) Yini eboniswa ukuphuma kwesilo sasendle “olwandle,” futhi saqala nini ukuvela? (b) Yini eboniswa iqiniso lokuthi udrako unikeza isilo esingokomfanekiso igunya laso elikhulu?
12 Isilo sasendle siphuma “olwandle,” oluwuphawu olufanelekayo lwezixuku zabantu ezinesiphithiphithi okuvela kuzo ohulumeni babantu. (Isaya 17:12, 13) Lesi silo sasendle saqala ukuphuma olwandle lwesintu esinesiphithiphithi emuva ezinsukwini zikaNimrode (cishe ngekhulu leminyaka lama-21 B.C.E.), lapho isimiso sezinto sangemva kukaZamcolo, esimelene noJehova, siqala ukuvela. (Genesise 10:8-12; 11:1-9) Kodwa kuphakathi nosuku lweNkosi kuphela lapho elokugcina lamakhanda aso ayisikhombisa liye lazibonakalisa khona ngokugcwele. Phawula, futhi, udrako ‘owanika isilo amandla aso nesihlalo saso sobukhosi negunya elikhulu.’ (Qhathanisa noLuka 4:6.) Isilo siwumkhiqizo kaSathane wezombangazwe phakathi kwesintu. Ngempela uSathane, ‘ungumbusi waleli zwe.’—Johane 12:31.
-