ISahluko 26
Imfihlo Engcwele KaNkulunkulu—Umvuthwandaba Wayo Okhazimulayo!
1. (a) UJohane usazisa kanjani ukuthi imfihlo engcwele iyapheleliswa? (b) Kungani izixuku zezingelosi zimemeza?
INGABE uyasikhumbula isimemezelo esifungelwe sengelosi enamandla esilotshwe kusAmbulo 10:1, 6, 7? Yathi: “Akusayikuba nakulibala; kodwa ngezinsuku zokubetha kwengelosi yesikhombisa, lapho isizoshaya icilongo layo, imfihlo engcwele kaNkulunkulu ngokwezindaba ezinhle azimemezela ezincekwini zakhe abaprofethi ngempela iyapheleliswa.” Sesifikile isikhathi sikaJehova esifanele sokushaywa kwalelo cilongo lokugcina! Khona-ke, kukanjani ukuthi imfihlo engcwele iyapheleliswa? Ngempela uJohane uyajabula ngokusazisa! Uyaloba: “Ingelosi yesikhombisa yashaya icilongo layo. Kwaba khona amazwi amakhulu ezulwini, athi: ‘Umbuso wezwe ngempela usungumbuso weNkosi yethu nokaKristu wayo, iyobusa njengenkosi kuze kube phakade naphakade.’” (IsAmbulo 11:15) Lezo zixuku zezingelosi zinesizathu sokumemeza, ngisho nangamazwi anjengokuduma! Ngoba lesi simemezelo esingokomlando sibaluleke endaweni yonke. Singesokukhathalelwa kakhulu yiyo yonke indalo ephilayo.
2. Imfihlo engcwele ipheleliswa nini ngokunqobayo futhi ngasiphi isehlakalo?
2 Imfihlo engcwele ifinyelela umvuthwandaba wayo ojabulisayo! Ngokukhazimulayo, ngendlela enhle kakhulu, ifezwa ngokunqobayo ngo-1914 lapho iNkosi uJehova ibeka esihlalweni sobukhosi uKristu wayo njengeNkosi ekanye nayo. Ebusela uYise, uJesu Kristu uthatha ububusi ngenkuthalo phakathi kwezwe lesintu eliyisitha. NjengeNzalo ethenjisiwe, wamukela amandla oMbuso ukuze abhubhise iNyoka kanye nenzalo yayo futhi abuyisele ukuthula kwasepharadesi kulo mhlaba. (Genesise 3:15; IHubo 72:1, 7) NjengeNkosi enguMesiya, kanjalo uJesu uyogcwalisa iZwi likaJehova futhi alwele uYise, ‘iNkosi engunaphakade,’ okumelwe abuse njengeNkosi EnguMbusi “kuze kube phakade naphakade.”—1 Thimothewu 1:17.
3. Kungani uJehova uNkulunkulu, nakuba eyiNkosi njalo, eye wavumela eminye imibuso ukuba ibe khona emhlabeni?
3 Kodwa “umbuso wezwe” waba kanjani “umbuso weNkosi yethu,” uJehova? UJehova uNkulunkulu ubengesiyo yini iNkosi sonke isikhathi? Kunjalo, ngoba umLevi u-Asafa wahlabelela: “UNkulunkulu uyiNkosi yami kusukela kudala.” Futhi omunye umhubi wathi: “UJehova ngokwakhe usebé yinkosi! . . . Isihlalo sakho sobukhosi simi siqinile kusukela kudala; wena ubulokhu ukhona nini nanini.” (IHubo 74:12; 93:1, 2) Nokho, ngokuhlakanipha kwakhe uJehova uye wavumela eminye imibuso ukuba ibe khona emhlabeni. Kanjalo impikiswano eyaphakanyiswa e-Edene ngokuqondene nokuthi umuntu angazibusa yini ngaphandle kukaNkulunkulu iye yavivinywa ngokugcwele. Ukubusa komuntu kuye kwahluleka ngokudabukisayo. Ayiqiniso ngempela amazwi omprofethi kaNkulunkulu: “Ngazi kahle, Jehova, ukuthi indlela yomuntu wasemhlabeni akuyona eyakhe. Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jeremiya 10:23) Kusukela ekwambukeni kwabazali bethu bokuqala, wonke umhlaba owakhiwe uye waba ngaphansi kokubusa ‘kwenyoka yokuqala,’ uSathane. (IsAmbulo 12:9; Luka 4:6) Manje sekuyisikhathi sokwenza ushintsho olukhulu! Ukuze alwele isikhundla sakhe esimfanele, uJehova uqala ukusebenzisa ubukhosi bakhe phezu komhlaba ngendlela entsha, ngoMbuso wakhe omisiwe kaMesiya.
4. Lapho ukushaywa kwamacilongo kuqala ngo-1922, yini eyenziwa yavelela? Chaza.
4 Lapho ukushaywa kwamacilongo ayisikhombisa kuqala ngo-1922, umhlangano wabaFundi BeBhayibheli eCedar Point, e-Ohio, waqokomisa inkulumo eyanikezwa uJ. F. Rutherford, esekelwe embhalweni othi “Umbuso wezulu ususondele.” (Mathewu 4:17, iBhayibheli lesiZulu elivamile) Waphetha ngala mazwi: “Khona-ke phindelani ensimini, O nina madodana kaNkulunkulu ophezukonke! Hlomani izikhali zenu! Phaphamani, qaphani, khuthalani, yibani nesibindi. Yibani ofakazi beNkosi abathembekile nabeqiniso. Qhubekani empini kuze kube yilapho yonke iminonjana yeBhabhiloni isichithiwe. Memezelani isigijimi kuyo yonke indawo. Izwe kumelwe lazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu nokuthi uJesu Kristu uyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi. Lolu usuku oluzidlula zonke. Bhekani, iNkosi iyabusa! Nina ningamanxusa ayo ayimemezelayo. Ngakho memezelani, memezelani, memezelani, iNkosi nombuso wayo.” UMbuso kaNkulunkulu ngoKristu Jesu wenziwa wavelela, futhi lokho kwaqalisa igagasi elikhulu lokushumayela ngoMbuso eliye lahlanganisa izahlulelo ezamenyezelwa ngokushaywa kwawo wonke amacilongo ayisikhombisa ezingelosi.
5. Ngo-1928, yini eyenzeka emhlanganweni wabaFundi BeBhayibheli eyaqokomisa ukukhala kwecilongo lesikhombisa?
5 Ukukhala kwecilongo lengelosi yesikhombisa kwabonakala emaphuzwini avelele omhlangano wabaFundi BeBhayibheli eDetroit, eMichigan, ngo-July 30-August 6, 1928. Ngaleso sikhathi kwaxhunywa iziteshi zomsakazo ezingu-107 i-New York Times eyakuchaza ngokuthi ‘uchungechunge lwemisakazo olubanzi nolubiza kakhulu emlandweni.’ Emhlanganweni kwamukelwa ngentshiseko esinamandla “Isimemezelo Esimelene NoSathane Esimelela UJehova,” esasikhomba ekubhujisweni, e-Armagedoni, kukaSathane nenhlangano yakhe embi nasekukhululweni kwabo bonke abathanda ukulunga. Izikhonzi ezithembekile zoMbuso kaNkulunkulu zajabula ngokwamukela incwadi enamakhasi angu-368 eyakhululwa emhlanganweni ethi Government. Le ncwadi yanikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda “bokuthi uNkulunkulu wabeka iNkosi yakhe eGcotshiwe esihlalweni sayo sobukhosi ngo-1914.”
UJehova Uthatha Amandla
6. UJohane usibika kanjani isimemezelo sokubekwa kukaKristu esihlalweni sobukhosi eMbusweni kaNkulunkulu?
6 UKristu ubekiwe esihlalweni sobukhosi eMbusweni kaNkulunkulu—yeka injabulo lesi saziso esiyibangelayo! UJohane uyabika: “Abadala abangamashumi amabili nane ababehlezi phambi kukaNkulunkulu ezihlalweni zabo zobukhosi bawa ngobuso bakhulekela uNkulunkulu, bathi: ‘Siyakubonga, Jehova Nkulunkulu, Mninimandla onke, okhona nowayekhona, ngoba uthathe amandla akho amakhulu waqala ukubusa njengenkosi.’”—IsAmbulo 11:16, 17.
7. Ukubonga kwayiswa kanjani kuJehova uNkulunkulu (a) yinsali yabadala abangu-24 abangokomfanekiso esemhlabeni? (b) yilabo babadala abangu-24 abangokomfanekiso asebavuselwa ezikhundleni zabo ezulwini?
7 Labo abaletha lokhu kubonga kuJehova uNkulunkulu abadala abangu-24, abafanekisela abafowabo bakaKristu abagcotshiwe besezikhundleni zabo zasezulwini. Kusukela ngo-1922 kuqhubeke insali esemhlabeni yalaba abangu-144 000 abagcotshiwe yaba matasa emsebenzini owaqaliswa ukukhala kwamacilongo. Yakuqaphela ngokugcwele ukubaluleka kwesibonakaliso esikuMathewu 24:3–25:46. Nokho, ngisho nasekuqaleni kosuku lweNkosi, ofakazi abakanye nabo abase bezibonakalisile kakade ‘bethembekile kwaze kwaba ngisho nasekufeni’ base bevusiwe ukuze bathathe izikhundla zabo ezulwini, ukuze manje bamelele lonke iqembu labangu-144 000 ngokuwa ngobuso babo bakhuleke kuJehova. (IsAmbulo 1:10; 2:10) Yeka ukuthi babonga kangakanani bonke laba ngokuthi iNkosi yabo enguMbusi ayilibalanga ukuletha imfihlo yayo engcwele ekufezekeni okuwumvuthwandaba!
8. (a) Ukukhala kwecilongo lesikhombisa kuzithinta kanjani izizwe? (b) Izizwe ziye zayibonisa kobani intukuthelo yazo?
8 Ngakolunye uhlangothi, ukukhala kwecilongo lesikhombisa akulethi njabulo ezizweni. Isikhathi sesifikile ngazo ukuba zibone ulaka lukaJehova. Njengoba uJohane elandisa: “Kodwa izizwe zaba nolaka, nolaka lwakho lwafika, nesikhathi esimisiwe sokwahlulela abafileyo, nokuzinika umvuzo wazo izinceku zakho abaprofethi, nabangcwele nalabo abesaba igama lakho, abancane nabakhulu, nokuchitha abachitha umhlaba.” (IsAmbulo 11:18) Kusukela ngo-1914 kuqhubeke izizwe zomhlaba ziye zabonisana intukuthelo yonya zona ngokwazo, ngokumelene noMbuso kaNkulunkulu, futhi ikakhulukazi ngokumelene nofakazi bakaJehova ababili.—IsAmbulo 11:3.
9. Izizwe beziwuchitha kanjani umhlaba, futhi yini uNkulunkulu aye wazimisela ukuyenza ngakho?
9 Kuwo wonke umlando izizwe bezichitha umhlaba ngezimpi zazo ezingapheli nangokuwuphatha kabi. Nokho, kusukela ngo-1914 lokhu konakalisa kuye kwenyuka kwafinyelela izinga elithusayo. Ukuhaha nokonakala kuye kwaphumela ezingwaduleni ezandayo nasekulahlekeni okukhulu kwezwe elikhiqizayo. Imvula ene-acid namafu anemisebe yenuzi kuye kona izindawo ezinkulu. Imithombo yokudla iye yangcoliswa. Umoya esiwuphefumulayo namanzi esiwaphuzayo kungcolisiwe. Udoti ophuma ezimbonini usongela ukuphila okusezweni nokusolwandle. Imibuso emikhulu yake yasongela ukubhubhisa isintu ngokuphelele ngokusiqothula ngenuzi. Ngokujabulisayo, uJehova ‘uzochitha abachitha umhlaba’; uzobahlulela labo bantu abaqhoshayo, abangamesabi abanecala ngesimo somhlaba esidabukisayo. (Duteronomi 32:5, 6; IHubo 14:1-3) Ngakho, uJehova uhlela ukuba kube nomaye wesithathu, ukuze enze laba benzi bobubi balandise.—IsAmbulo 11:14.
Maye Kwabachithayo!
10. (a) Uyini umaye wesithathu? (b) Umaye wesithathu ukuletha kanjani okungaphezu kokuhlupheka?
10 Nangu-ke umaye wesithathu. Uza masinyane! Uyindlela kaJehova yokubhubhisa labo abanukubeza “isenabelo sezinyawo” zakhe, lo mhlaba omuhle esihlala kuwo. (Isaya 66:1) Ubangelwa uMbuso kaMesiya—imfihlo engcwele kaNkulunkulu. Izitha zikaNkulunkulu, futhi ikakhulukazi abaholi beLobukholwa, ziye zahlushwa omaye ababili bokuqala—ngokuyinhloko abawumphumela wenhlupho yesikhonyane namabutho abakhwele amahhashi; kodwa umaye wesithathu, okhishwa uMbuso kaJehova ngokwawo, uletha okungaphezu kokuhlupheka. (IsAmbulo 9:3-19) Uyigalelo elibulalayo ekususeni umphakathi wesintu ochithayo nababusi bawo. Lona uyofika njengomvuthwandaba wokwahlulela kukaJehova e-Armagedoni. Kunjengoba nje uDaniyeli aprofetha: “Ezinsukwini zalawo makhosi [ababusi abachitha umhlaba] uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini.” Njengentaba enkulu, uMbuso kaNkulunkulu uyobusa phezu komhlaba owenziwe wakhazimula, olwela ubukhosi bukaJehova futhi oletha injabulo engapheli esintwini.—Daniyeli 2:35, 44; Isaya 11:9; 60:13.
11. (a) Yiluphi uchungechunge oluqhubekayo lwezehlakalo ezijabulisayo isiprofetho esiluchazayo? (b) Yimuphi umusa ongafanele owamukelwayo, kanjani, futhi obani?
11 Umaye wesithathu uhambisana nochungechunge oluqhubekayo lwezehlakalo ezijabulisayo eziyoqhubeka njalo phakathi nosuku lweNkosi. Yisikhathi ‘sokwahlulela abafileyo, nesokuba uNkulunkulu azinike umvuzo wazo izinceku zakhe abaprofethi, nabangcwele nalabo abesaba igama lakhe.’ Lokho kusho ukuvuswa kwabafileyo! Ngabangcwele abagcotshiwe kakade asebalala ekufeni, lokhu kwenzeka ngasekuqaleni kosuku lweNkosi. (1 Thesalonika 4:15-17) Ngesikhathi esifanele abangcwele abasele bazihlanganisa nalaba ngovuko olwenzeka ngokuphazima kweso. Nabanye futhi kumelwe banikwe umvuzo, kuhlanganise nezinceku zikaNkulunkulu ezingabaprofethi bezikhathi zasendulo nabo bonke abanye besintu abalesabayo igama likaJehova, kungakhathaliseki ukuthi bangabesixuku esikhulu esisinda osizini olukhulu noma ‘bangabafileyo, abancane nabakhulu,’ abavuselwa ekuphileni phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane. Njengoba iNkosi kaNkulunkulu enguMesiya inezihluthulelo zokufa nezeHayidesi, ukubusa koMbuso wayo kuvula indlela yokuba inikeze ukuphila okuphakade kubo bonke abasebenzela lelo lungiselelo eliyigugu. (IsAmbulo 1:18; 7:9, 14; 20:12, 13; Roma 6:22; Johane 5:28, 29) Kungakhathaliseki ukuthi ukuphila okungenakufa ezulwini noma ukuphila okuphakade emhlabeni, lesi sipho sokuphila singumusa ongafanelwe ovela kuJehova, ngamunye owamukelayo angabonga ngawo kuze kube phakade!—Hebheru 2:9.
Bheka Umphongolo Wesivumelwano Sakhe!
12. (a) NgokwesAmbulo 11:19, yini uJohane ayibonayo ezulwini? (b) Wawuwuphawu lwani umphongolo wesivumelwano, futhi yini eyenzeka kuwo ngemva kokuba u-Israyeli ethunjelwe eBhabhiloni?
12 UJehova uyabusa! NgoMbuso wakhe kaMesiya, usebenzisa ubukhosi bakhe esintwini ngendlela emangalisayo. Lokhu kuqinisekiswa yilokho uJohane akubonayo ngokulandelayo: “Indlu engcwele kaNkulunkulu yethempeli elisezulwini yavulwa, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe usendlini yakhe engcwele yethempeli. Kwaba khona imibani, namazwi, nokuduma kwezulu, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.” (IsAmbulo 11:19) Lena ukuphela kwendawo kusAmbulo ekhuluma ngomphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu. UMphongolo wawuwuphawu olubonakalayo lokuba khona kukaJehova phakathi kwabantu bakhe u-Israyeli. Etabernakele, futhi kamuva ethempelini elakhiwa uSolomoni, wawugcinwa eNgcwelengcwele. Kodwa lapho u-Israyeli ethunjelwa eBhabhiloni ngo-607 B.C.E., iJerusalema lashiywa lingenamuntu futhi umphongolo wesivumelwano wanyamalala. Kungaleso sikhathi abameleli bendlu kaDavide abayeka ngaso ‘ukuhlala esihlalweni sobukhosi sikaJehova njengenkosi.’—1 IziKronike 29:23.a
13. Lisho ukuthini iqiniso lokuthi umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu ubonakala ethempelini likaNkulunkulu lasezulwini?
13 Manje, ngemva kweminyaka engaphezu kwengu-2 600, uMphongolo uyabonakala futhi. Kodwa embonweni kaJohane lo Mphongolo awukho ethempelini lasemhlabeni. Ubonakala endaweni engcwele kaNkulunkulu yasezulwini. UJehova uyaphinda futhi ubusa ngenkosi esohlwini lobukhosi lukaDavide. Nokho, manje iNkosi, uKristu Jesu, ibekwe esihlalweni sobukhosi eJerusalema lasezulwini—indawo ephakeme ekhipha izahlulelo zikaJehova ikuyo. (Hebheru 12:22) Izahluko ezilandelayo zesAmbulo zizosambulela lezi zahlulelo.
14, 15. (a) EJerusalema lasendulo, ubani kuphela owayebona umphongolo wesivumelwano, futhi ngani? (b) Ethempelini likaNkulunkulu lasezulwini, obani ababona umphongolo wesivumelwano sakhe?
14 EJerusalema lasemhlabeni lamandulo, uMphongolo wawungabonwa yiwo wonke ama-Israyeli, ngisho nabapristi ababekhonza ethempelini babengawuboni, ngoba wawuphakathi eNgcwelengcwele eyayihlukaniswe neNdawo eNgcwele ngesihenqo. (Numeri 4:20; Hebheru 9:2, 3) Umpristi omkhulu kuphela owayewubona lapho engena eNgcwelengcwele ngoSuku Lokubuyisana lwaminyaka yonke. Nokho, lapho kuvulwa ithempeli elisezulwini, umphongolo ongokomfanekiso awubonakali nje kuphela kumPristi Ophakeme kaJehova, uJesu Kristu, kodwa futhi nakubapristi abangaphansi kwakhe, abangu-144 000, kuhlanganise noJohane.
15 Labo bokuqala asebevuselwe ezulwini bawubonela eduze lo mphongolo ongokomfanekiso, ngoba baye bathatha izindawo zabo njengengxenye yabadala abangu-24 bezungeze isihlalo sobukhosi sikaJehova. Futhi isigaba sikaJohane emhlabeni siye sakhanyiselwa umoya kaJehova ukuba sibone ukuba khona kwaKhe ethempelini laKhe elingokomoya. Kuye kwaba khona futhi izibonakaliso zokuxwayisa isintu sisonke ngalesi senzakalo esimangalisayo. Umbono kaJohane ukhuluma ngemibani, ngamazwi, ngokuduma, ngokuzamazama komhlaba, nangesichotho. (Qhathanisa nesAmbulo 8:5.) Kufanekiselani lokhu?
16. Iye yaba khona kanjani imibani, amazwi, ukuduma, ukuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu?
16 Kusukela ngo-1914 kuye kwaba khona ukuphazamiseka okukhulu enkolweni. Nokho, ngokujabulisayo lokhu “kuzamazama komhlaba,” bekuhambisana namazwi azinikezele anikeza isigijimi esicacile ngoMbuso kaNkulunkulu omisiwe. Kuye kwamenyezelwa ‘izixwayiso eziyizivunguvungu’ ezinjengokuduma ezivela eBhayibhelini. Njengombani, imisebe yokuqonda ngokuqondene neZwi likaNkulunkulu elingokwesiprofetho iye yabonakala futhi yamenyezelwa. ‘Isichotho’ esishaya kanzima sezahlulelo zaphezulu siye sadedelwa ngokumelene neLobukholwa nenkolo yamanga iyonke. Kufanele ukuba konke lokhu kwadonsa ukunakekela kwabantu. Nokho, ngokudabukisayo iningi—njengabantu baseJerusalema esikhathini sikaJesu—liye lahluleka ukuqonda ukugcwaliseka kwalezi zibonakaliso zesAmbulo.—Luka 19:41-44.
17, 18. (a) Ukushaywa kwamacilongo ezingelosi eziyisikhombisa kulethe muphi umthwalo kumaKristu azinikezele? (b) AmaKristu akufeza kanjani ukuthunywa kwawo?
17 Izingelosi eziyisikhombisa ziyaqhubeka zishaya amacilongo azo, zisitshela ngezehlakalo eziqopha umlando lapha emhlabeni. AmaKristu azinikezele anomthwalo omkhulu wokuqhubeka esakaza lezi zimemezelo ezweni. Yeka injabulo afeza ngayo lokho kuthunywa! Lokhu kubonakala ngokuthi phakathi neminyaka engamashumi amabili kusukela ngo-1986 kuya ku-2005, asebenza amahora acishe awaphinde kabili awasebenza minyaka yonke enkonzweni—kusukela ku-680 837 042, kuya ku-1 278 235 504. Ngempela, “imfihlo engcwele kaNkulunkulu ngokwezindaba ezinhle” yenziwa yaziwe “emikhawulweni yomhlaba owakhiwe.”—IsAmbulo 10:7; Roma 10:18.
18 Manje silindelwe eminye imibono njengoba izinjongo zoMbuso kaNkulunkulu ziqhubeka zembuleka.
[Umbhalo waphansi]
a Isazimlando esingumRoma uTacitus sibika ukuthi lapho iJerusalema livinjezelwa ngo-63 B.C.E. futhi uCneius Pompeius engena endaweni engcwele yethempeli, wayithola ingenalutho. Wawungekho umphongolo wesivumelwano phakathi.—Tacitus History, 5.9.
[Ibhokisi ekhasini 173]
Okuvelele Ezimemezelweni Zezahlulelo ZikaJehova Ezinjengokukhala Kwecilongo
1. Ngo-1922 eCedar Point, e-Ohio: Inselele kubaholi beLobukholwa kwezenkolo, kwezombangazwe, nasemabhizinisini amakhulu yokuba bathethelele ukwehluleka kwabo ukuletha ukuthula, ukuchuma, nenjabulo. UMbuso kaMesiya uyikhambi lakho konke ukuhlupheka.
2. Ngo-1923 eLos Angeles, eCalifornia: Inkulumo yeningi ethi “Zonke Izizwe Manje Ziya E-Armagedoni, Kodwa Izigidi Eziphilayo Manje Azisoze Zafa,” yanxusa “izimvu” ezithanda ukuthula ukuba zishiye ulwandle lwesintu olubulalayo.
3. Ngo-1924 eColumbus, e-Ohio: Abefundisi bamangalelwa ngokuziphakamisa nokwenqaba ukushumayela ngoMbuso kaMesiya. AmaKristu eqiniso kumelwe ashumayele ngempindiselo kaNkulunkulu futhi aduduze isintu esililayo.
4. Ngo-1925 e-Indianapolis, e-Indiana: Isigijimi sethemba esiqhathanisa ubumnyama obungokomoya kweLobukholwa nesithembiso soMbuso esikhanyayo sokuthula, ukuchuma, impilo, ukuphila, inkululeko, nenjabulo yaphakade.
5. Ngo-1926 eLondon, eNgilandi: Ukuhlushwa kweLobukholwa nabefundisi balo njengokungathi yisikhonyane, okwakudalula ukwenqaba kwabo uMbuso kaNkulunkulu, futhi kumemezela ukuzalwa kwalowo hulumeni wasezulwini.
6. Ngo-1927 eToronto, eCanada: Isimemo, okwakusengathi siphethwe amabutho abagibele amahhashi, esanxusa abantu ukuba bashiye ‘ubuKristu obuhleliwe’ futhi bazinikele ngenhliziyo yonke kuJehova uNkulunkulu naseNkosini yakhe noMbuso.
7. Ngo-1928 eDetroit, eMichigan: Isimemezelo esimelene noSathane esimelela uJehova, esakwenza kwacaca ukuthi iNkosi kaNkulunkulu egcotshiwe, eyabekwa esihlalweni sobukhosi ngo-1914, iyobhubhisa inhlangano embi kaSathane futhi ikhulule isintu.
[Ibhokisi ekhasini 175]
Ukuchitha Umhlaba
“Njalo ngemizuzwana emithathu ingxenye yehlathi eliluhlaza lemvelo engangenkundla yebhola lezinyawo iyanyamalala. . . . Ukulahleka kwehlathi eliyinhloko kubhubhisa izinkulungwane zezinhlobo zezithombo nezilwane.”—Illustrated Atlas of the World (Rand McNally).
“Emakhulwini amabili eminyaka yokuhlalwa ngabantu, [amaChibi Amakhulu] asebe futhi indawo yokuchitha ukungcola enkulu kakhulu emhlabeni.”—The Globe and Mail (Canada).
Ngo-April 1986 ukuqhuma nomlilo embonini yamandla enuzi eChernobyl, e-U.S.S.R., “kwakuyisehlakalo senuzi esiphawuleka kunazo zonke . . . kusukela kwajikijelwa amabhomu eHiroshima naseNagasaki,” okwakhiphela “emoyeni, emhlabathini, nasemanzini omhlaba imisebe ehlala isikhathi eside engangeyakho konke ukuhlolwa kwenuzi nawo wonke amabhomu ake aqhunyiswa.”—JAMA; The New York Times.
EMinamata, eJapane, imboni yamakhemikhali yachithela ikhemikhali i-methylmercury echwebeni. Ukudla izinhlanzi ezingcoliswe yileli khemikhali kwabangela isifo saseMinamata (MD) “isifo semizwa esinganqamuki. . . . Kuze kube namuhla [ngo-1985], abantu abangu-2 578 kulo lonke elaseJapane baye batholakala ngokomthetho ukuthi baneMD.”—International Journal of Epidemiology.
[Ibhokisi ekhasini 176]
Izimemezelo ezinamandla ezikusAmbulo 11:15-19 ziyisandulela semibono elandelayo. IsAmbulo isahluko 12 siwukubukeza okuchaza ngokuningiliziwe izimemezelo ezinhle ezikusAmbulo 11:15, 17. Isahluko 13 sinikeza isizinda sesahluko 11:18, njengoba sichaza umsuka nokukhula kwenhlangano kaSathane yezombangazwe eye yabhubhisa umhlaba. Izahluko 14 no-15 ziningiliza ngokwengeziwe izahlulelo zoMbuso ezihlangene nokushaywa kwecilongo lesikhombisa nomaye wesithathu.
[Izithombe ekhasini 174]
UJehova ‘uyochitha abachitha umhlaba’