-
Part 8—Ukubusa Isikhathi Eside Kwemibuso Yezwe Kusondela Ekupheleni KwakhoINqabayokulinda—1988 | Juni 1
-
-
LoMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika ofanayo ngaphambili uchazwe encwadini yeSambulo njengesilo ‘esinezimpondo ezimbili.’ Lombuso wezwe ombaxambili ‘uthi kwabakhileyo emhlabeni mabasenzele umfanekiso’ isilo esingokombangazwe esimelela yonke imibuso yezwe eyisikhombisa.—IsAmbulo 13:11, 14.
-
-
Part 8—Ukubusa Isikhathi Eside Kwemibuso Yezwe Kusondela Ekupheleni KwakhoINqabayokulinda—1988 | Juni 1
-
-
NJENGOBA iminyaka emine eyesabekayo yeMpi Yezwe I yayisondela ekupheleni, umongameli waseMelika uWoodrow Wilson nondunankulu waseBrithani uDavid Lloyd George bahlongoza iNhlangano Yezizwe. Umgomo wayo ‘wawungukuletha ukuthula nokulondeka komhlaba wonke’ futhi ngaleyondlela yenze ukwesatshwa kwempi enjalo kungaphinde kubekhona futhi.
Kuyathakazelisa ukuphawula ukuthi ubani owathatha lesinyathelo kuqala. Labaholi ababili babeyizinhloko zezingxenye ezimbili zoMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika, ongowesikhombisa womlando weBhayibheli. Lokhu kanye namanye amaqiniso ngokuqondene neNhlangano yokuthula nokulondeka komhlaba wonke kufanelana, ngendlela emangalisayo, nalokho incwadi yeBhayibheli yeSambulo eyakusho ngokuba khona isikhathi esifushane “kwenkosi yesishiyagalombili” eyayiyokuma futhi iwe osukwini lwethu. Kwakuyikuphi okunye kwalokhu kufana okuthakazelisayo?—IsAmbulo 17:11.
Isiprofetho esikusAmbulo saveza ukuthi “isilo” noma uhulumeni onamandla, ‘onezimpondo ezimbili ezifana nezewundlu’ uyotshela ‘abakhileyo emhlabeni basenzele umfanekiso’ isilo esafanekisela imibuso yezwe emikhulu eyisikhombisa yomlando weBhayibheli.
Lokhu yikho kanye uMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika owakwenza. Wagqugquzela “abakhileyo emhlabeni” ukuba benze iNhlangano eyayifana futhi yenza ngendlela ohulumeni abakhulu abenza ngayo. Kodwa empeleni yayimane ‘ingumfanekiso wesilo.’ Yayingenawo amandla ngokwayo, ngaphandle kwalawo eyayiwanikezwe izizwe ezingamalungu ayo. Ayichazwa njengethatha amandla okubusa ngokunqoba okukhulu kwempi, njengoba imibuso yezwe yayenzile. Kunalokho, ivela emibusweni yezwe eyisikhombisa. Akukhona nje ukuthi ikhona ngenxa yowesikhombisa kuphela, kodwa futhi kunangenxa yezinye izizwe ezingamalungu ezihlanganisa insali yemibuso eyisithupha eyandulelayo. Ingabe lomfanekiso ongokwezombangazwe uyoyifinyelela imigomo ephakeme leyo abasunguli bayo ababethemba ukuyifinyelela?—IsAmbulo 17:11, 14.
-