Ukusindiswa Komhlaba Kuseduze Kakhulu
USTEPHEN M. WOLF, usihlalo kanye nesikhulu esiphakeme esiphethe seUnited Airlines, ohlwini lomhleli wathi: “Kungakhathaliseki ukuthi umuntu ungumlondolozi wemvelo noma cha, akunakuphikwa ukuthi amathemba esabisayo aphathelene nezilwane ezisengozini kanye namahlane abonisa ifu elimnyama elisibekele wonke umhlaba—futhi ekugcineni, lisongela ukuphila kwazo zonke izinhlobo zezinto eziphilayo, kuhlanganise nesintu. Njengoba kuye kwashiwo, ‘Asizange siklanywe yithi isimiso sokusekelana kwezinto eziphilayo; simane nje siwumucu kuso. Noma yini esiyenzayo kulesimiso, siyenza kithi ngokwethu.’” Wakhuluma kahle.
Wabuye wathi futhi ohlwini lomhleli: “Yithina esiyimbangela. Futhi yithina kuphela esiyikhambi.” Kulokhu wayekhuluma iqiniso elingaphelele. Thina siyimbangela; asilona ikhambi. Asibonisi ngisho nezimpawu zokuba yilo. Intuthuko iyenziwa, kodwa incane kakhulu uma kucatshangelwa umonakalo oqhubekayo emhlabeni wonke.
Ngonyaka odlule uAl Gore wabhala i-Earth in the Balance—Ecology and the Human Spirit. Lena incwadi exwayisa ngenhlekelele ekhulayo yendawo ezungezile emhlabeni wonke, futhi kuyo washo lamazwi abalulekile: “Lapho ngicwaninga ngijula ngokwengeziwe izimpande zenhlekelele yendawo ezungezile yembulunga yonke, ngiqiniseka ngokwengeziwe ukuthi kumane kuwukubonakala kwangaphandle kwenhlekelele engaphakathi engukuthi, ngenxa yokungabi negama elingcono, ingokomoya.”
Ngempela kuyinhlekelele ewuhlobo olungokomoya. Kuwukuwohloka komoya womuntu. Kuwukuzimisela ukudela ubuhle obungokwemvelo bomhlaba kanye nengcebo yabo, ukuphila kwezinkulungwane zezinhlobo zezitshalo kanye nezilwane, futhi ngisho nempilo kanye nokuphila kwabantu. Ngaphezu kwalokho, kuwukungabakhathaleli ngokuphelele abantwana kanye nabazukulu okufanele babhekane nomhlaba owonakalisiwe abawushiyelwe. Futhi kuwukungamkhathaleli kokungabongi nokonya Lowo owadala umhlaba futhi wawuklama njengekhaya lesintu.
UIsaya 45:18 uchaza uJehova ngokuthi “owalidala izulu, onguNkulunkulu, owawubumba umhlaba, wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo.” Ekuqaleni wabeka umuntu emhlabeni ukuba awunakekele: “UJehova uNkulunkulu wayesemthatha umuntu, wambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime, ayigcine.” (Genesise 2:15) Nakuba adalwa ephelele, uAdamu wakulahla ukuphelela wahamba ngendlela yakhe siqu. Walahla umthwalo wakhe wemfanelo ‘wokugcina umhlaba.’
Lokho kwehluleka kuyaqhubeka kuze kube usuku lwethu, futhi ukonakaliswa komhlaba okuqhubekayo sekusesimweni esibucayi. “UNkulunkulu wamenza umuntu waba-qotho, kepha bona bafunile amacebo amaningi.” (UmShumayeli 7:29) “Bonile kuye; abasibo abantwana bakhe, kuyisici sabo; bayisizukulwane esiphambeneyo nesiyisigwegwe.” (Duteronomi 32:5) Nokho, umhlaba uzoqhubeka uhlalwa abantu, kodwa hhayi isizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo. Umhubi wathi ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele, ‘abalungileyo kuphela abazakudla ifa lomhlaba.’—IHubo 37:29.
Ukukhathalela KukaJehova Umhlaba
Lapho uJehova eqeda indalo yakhe yasemhlabeni, “wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu.” Wayefuna ukuba ihlale injalo. Wayetshale ingadi enhle e-Edene futhi ebeke umuntu uAdamu lapho ukuba ayinakekele. Izitshalo ezazimila lapho zazingesizo ezokusetshenziswa umuntu kuphela. UNkulunkulu wathi: “Zonke izilwane zomhlaba, nezinyoni zonke zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, eziphefumulayo, zona nginiké yonke imifino eluhlaza ibe-ngukudla.”—Genesise 1:30, 31.
Lapho kamuva uMthetho kaMose unikezwa amaIsrayeli, wenza ilungiselelo lokunakekela izwe. Njalo ngonyaka wesikhombisa kwakumelwe kube “isabatha lokuphumula okuzothileyo kwezwe.” Amakhikhizela amilé phakathi nalesosikhathi kwakufanele angavunwa kodwa anikezwe abantu abampofu nezinkomo zabo nezilwane ezazisezweni labo.—Levitikusi 25:4-7.
Ukukhathalela kukaJehova ukuba kulondolozwe izinhlobo zezinto eziphilayo kwaboniswa ukuba afune ukuthi izilwane eziphilayo zifakwe emkhunjini zingazimbili ngesikhathi sikaZamcolo wosuku lukaNowa. Lokho kukhathalela kwafakazelwa nayisivumelwano soMthetho. Ngokwesibonelo, inkunzi eyayinyathela ummbila kwakungafanele ifakwe isifonyo. Yayinelungelo lokudla ummbila othile. Inkunzi nembongolo kwakungamelwe kuboshelwe ndawonye ukuba kulime. Lokho kwakuyoba okungafanele ngesilwane esincane, esibuthakathaka. Isilwane sikamakhelwane esisetshenziselwa ukuthwala kwakufanele sisizwe uma sithwele kanzima, ngisho nakuba umniniso wayeyisitha sakho futhi ngisho nakuba kwakusho ukwenza umsebenzi othile ngeSabatha. (Eksodusi 23:4, 5; Duteronomi 22:1, 2, 10; 25:4; Luka 14:5) Amaqanda noma iphuphu kwakungathathwa esidlekeni senyoni, kodwa hhayi umama wenyoni. Kwakufanele ashiywe ukuze aqhubeke andisa uhlobo. Futhi uJesu wathi ngisho nakuba umzwilili wawungabalulekile kangako, ‘akuwi phansi namunye kuyo ngaphandle kukaBaba.’—Mathewu 10:29; Duteronomi 22:6, 7.
Umhubi ophefumulelwe wathi: “Izulu liyizulu likaJehova, kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.” (IHubo 115:16) KuMathewu 5:5 uJesu wathi: “Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.” Ingabe ucabanga ukuthi lelifa elivela kuJehova liyoba umhlaba ongcolisiwe? Ukuba ubunendlu enhle obuzoyishiyela abantwana bakho, ingabe ubuyovumela abaqashi abayonakalisayo indlu kanye namagceke ukuba basale kuyo? Kunalokho, ubungeke yini ubaxoshe futhi uyilungise ngaphambi kokuba uyishiyele abantwana bakho?
Yilokho uJehova akwenza ngaphambi kokuba afake amaIsrayeli ezweni ayewathembise lona. AbaseKhanani ngokuziphatha kwabo okubi kakhulu bangcolisa izwe, futhi ngenxa yalesosizathu uJehova wabaxosha. Ngesikhathi esifanayo, waxwayisa amaIsrayeli ukuthi uma engcolisa izwe njengoba kwakwenze abaseKhanani, nawo ayezoxoshwa. Lokhu kulandisa kugcinwe kuLevitikusi 18:24-28:
“Ningazingcolisi nangeyodwa yalezozinto [ubuhlobo bobulili bezihlobo, ubungqingili, ubuhlobo bobulili phakathi kwabantu nezilwane, icala legazi], ngokuba ngazo zonke lezo zingcolile lezizizwe engizixosha phambi kwakho. Izwe lingcolile; ngalokho ngahambela ububi balo kulo, izwe lahlanza abantu balo. Gcinani izimiso zami nezahlulelo zami, ningenzi nesisodwa salezozinengiso, noma owokuzalwa ekhaya noma umfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu—ngokuba zonke lezozinengiso bazenza abantu balelozwe ababekhona ngaphambi kwenu, izwe selangcola—ukuze izwe linganihlanzi nani, nxa nilingcolisa, njengalokho lahlanza isizwe esasikhona phambi kwenu.”
Nokho amaIsrayeli alingcolisa izwe ngokwenza ukuziphatha okubi kakhulu okufanayo nalokho abaseKhanani ababekwenzile. Njengoba ayeshilo, uJehova wawaxosha amaIsrayeli ngokuwathumela kwabaseBabiloni ukuba abe abathunjwa baseBabiloni. Esikhathini eside kakhulu ngaphambi kokuba lokhu kwenzeke, lesixwayiso sanikezwa amaIsrayeli ngomprofethi kaJehova uIsaya: “Bheka, uJehova wenza ize umhlaba, awuchithe, agumbuqele ubuso bawo, ahlakaze abakhileyo kuwo. Umhlaba wonakalisiwe phansi kwabakhileyo kuwo, ngokuba beqile imithetho, badlulile ezimisweni, baphulile isivumelwano esiphakade. Ngalokho isiqalekiso sidlile umhlaba, nabakhileyo kuwo batholiswa icala; ngalokho abakhileyo emhlabeni bayashiswa, kusale abantu abayingcosana nje.”—Isaya 24:1, 5, 6.
Ukubhujiswa Kwababhubhisa Umhlaba
Namuhla sisesimweni esifanayo. Izincwadi, omagazini, amaphephandaba, ithelevishini, ama-video, kanye nemithombo yezindaba iyonke kubonakalisa umphakathi ongcolile ngokobulili, onobudlova obunonya, nowonakele ngokwezombangazwe. Izinhlangano zezentengiselwano ezihahayo zingcolisa indawo ezungezile ngokuziphatha okubi, zize ngisho zithumele nemikhiqizo engavunyelwe emazweni akuzo acebile njengeyingozi empilweni ziyithumele emazweni asathuthuka lapho zingathathwa khona izinyathelo zokuphepha. AmaKristu ayaxwayiswa ukuba ayigweme inkambo enjalo:
“Ngakho ngisho, ngifakaza eNkosini, ngithi ningabe nisahamba njengalokhu kuhamba abezizwe ebuzeni bengqondo yabo, behlelwe emqondweni, behlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu ngokungazi okukubo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yabo, abathi bebuthuntu, bazinikela emanyaleni, ukuze basebenze ukungcola konke ngokuhuheka.”—Efesu 4:17-19; 2 Thimothewu 3:1-5.
Kokubili umoya womuntu kanye nendawo ezungezile kuyangcoliswa. Umhlaba unezinto ezakhelwe kuwo zokulawula zonke izinto zibe sesilinganisweni. Ngenxa yokuwela komuntu esonweni, unembeza womuntu, ukuzilawula kwakhe siqu okwakhelwe ngaphakathi, sekuye konakala, kuholela ekungcolisweni komhlaba. Manje, uNkulunkulu kuphela ongalawula umuntu. UNkulunkulu kuphela ongasindisa umhlaba. Sinesiqinisekiso esikusAmbulo 11:18 sokuthi uzokwenza njalo, lapho uJehova uNkulunkulu ethembisa khona ukuthi ‘uzobhubhisa ababhubhisa umhlaba.’