-
Obani Abaya Ezulwini?Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
-
-
Bangaki abayovuselwa ezulwini?
IBhayibheli lithi bangu-144000 abantu abayovuselwa ekuphileni kwasezulwini. (IsAmbulo 7:4) Embonweni osencwadini yesAmbulo 14:1-3, umphostoli uJohane wabona “iWundlu limi eNtabeni iZiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane.” Kulo mbono, “iWundlu” limelela uJesu ovusiwe. (Johane 1:29; 1 Petru 1:19) ‘INtaba iZiyoni’ imelela isikhundla esiphakeme sikaJesu nabangu-144000 abayobusa kanye naye ezulwini.—IHubo 2:6; Hebheru 12:22.
Labo “ababiziweyo nabakhethiweyo” ukuba babuse noKristu eMbusweni babizwa ‘ngomhlambi omncane.’ (IsAmbulo 17:14; Luka 12:32) Lokhu kubonisa ukuthi babeyoba mbalwa uma beqhathaniswa nezimvu zikaJesu zizonke.—Johane 10:16.
-
-
Obani Abaya Ezulwini?Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
-
-
Umbono oyiphutha: Inani elingu-144000 okukhulunywa ngalo encwadini yesAmbulo lingokomfanekiso, alikho ngokoqobo.
Iqiniso: Nakuba incwadi yesAmbulo inazo izinombolo ezingokomfanekiso, nokho ezinye zazo zingokoqobo. Ngokwesibonelo, ikhuluma ‘ngamagama ayishumi nambili abaphostoli abayishumi nambili beWundlu.’ (IsAmbulo 21:14) Cabanga ngobufakazi bokuphetha ngokuthi nenani elingu-144000 kufanele lithathwe njengelingokoqobo.
IsAmbulo 7:4 sithi “isibalo salabo ababekwa uphawu [noma abaqinisekiswa ukuthi bazothola ukuphila kwasezulwini], izinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane.” Eduze naleli vesi, kuneqembu lesibili eliqhathaniswa naleli: “isixuku esikhulu, okungekho muntu owakwazi ukusibala.” Labo ‘besixuku esikhulu’ nabo bathola insindiso kuNkulunkulu. (IsAmbulo 7:9, 10) Ukube inani elingu-144000 lingokomfanekiso, libhekisele eqenjini elingenasibalo, ukuqhathanisa la maqembu amabili bekungeke kube nanjongo.a
Ngaphezu kwalokho, abangu-144000 kuthiwa “bathengwa kubantu njengolibo.” (IsAmbulo 14:4) Inkulumo ehunyushwe ngokuthi ‘ulibo’ ibhekisela ezintweni ezimbalwa ezithathwe kweziningi. Ibachaza kahle labo abayobusa noKristu ezulwini phezu kwabantu abayinani elingashowongo abayobe besemhlabeni.—IsAmbulo 5:10.
a Ngokufanayo, lapho ebhala mayelana nenani elingu-144000 elisencwadini yesAmbulo 7:4, uProfesa Robert L. Thomas wathi: “Liyinani eliqondile ngokungafani nenani elingenamkhawulo eliku-7:9. Uma lithathwa njengelingokomfanekiso, kusho ukuthi alikho inani kule ncwadi elingathathwa njengelingokoqobo.”—Revelation 1-7: An Exegetical Commentary, ikhasi 474.
-