UkuQothulwa Kwesizwe—Kungani UNkulunkulu Akuvumela?
UKUQOTHULWA Kwesizwe kube nomphumela olimazayo okholweni lwabantu abaningi. AmaJuda nabangemaJuda ngokufanayo babuza lemibuzo, Uma ekhona uNkulunkulu, kungani akuvumela? Ingabe kwanele ukuthi kwabangelwa ‘ubulwane bomuntu komunye’? Noma ingabe kunezinye izici ezichaza ukuthi amadoda nabesifazane bezizinda “eziphucukile” babengavumela kanjani, bafundise, babekezelele, noma bahlanganyele ngenkuthalo ekubulaleni nasekubhubhiseni okuvunyelwe uHulumeni?
Umphakathi oNamathela ebuJudeni eUnited States muva nje wakhipha “Amazwi Ezimiso Zokunamathela EbuJudeni,” lapho wathi: “Ukuba khona kobubi bekulokhu njalo kuyisithiyo sokholo esingathi sína kunazo zonke. Uma iqhathaniswa nenhlekelele emelelwa iAuschwitz neHiroshima, lempikiswano iye yaba yinto engokoqobo entsha, ethusayo esizukulwaneni sethu. Umbuzo wokuthi uNkulunkulu olungile nonamandla angakuvumela kanjani ukubhujiswa kokuphila okungenacala okuningi kangaka uhlasela unembeza ongokwenkolo futhi ushukumisa umcabango.”
OFakazi BakaJehova, kanye nezigidi zabanye, bebelokhu benesithakazelo kulowombuzo, futhi kunjalo ngokuqondakalayo, ngoba abaningi abakholwa nabo bafela emakamu okuhlushwa amaNazi. Khona-ke, kungani uNkulunkulu evumele ububi?
Ukuzikhethela Nempikiswano
Incwadi yamaJuda ephawulwe ngaphambili inikeza impendulo engaphelele kulombuzo, ithi: “Ngokudala abantu benokuzikhethela, uNkulunkulu, wasilinganisela isinyathelo saKhe sesikhathi esizayo. Ngaphandle kokuba nokwenzeka kwangempela kokuba abantu benze ukukhetha okungalungile lapho bebhekene nokuhle nokubi, umqondo usuwonke wokuzikhethela awunakusho lutho. Ukunikeza isintu inkululeko yokuzikhethela kungabonakala njengesenzo sothando lwaphezulu oluvumela ukuba sibe qotho futhi sikhule, ngisho nakuba izinqumo zethu zingaletha futhi usizi olukhulu.”
Lombono uyavumelana nombhalo ogciniwe osemiBhalweni yesiHeberu. Kusukela ekuqaleni, isintu besilokhu sinenkululeko yokuzikhethela—kungakhathaliseki ukuthi kwakuwukukhetha kuka-Adamu noEva ukuba bangamlaleli uNkulunkulu (Genesise 3:1-7) noma ukukhetha kukaKayini ukuba abulale umfowabo uAbela. (Genesise 4:2-10) AmaIsrayeli asendulo nawo ayenokuzikhethela uJehova ayekubeke phambi kwawo: “Bheka, ngibeke namuhla phambi kwakho ukuphila nokuhle, ukufa nokubi, . . . khethani ukuphila ukuba niphile, wena nenzalo yakho.”—Duteronomi 30:15, 19.
Kodwa kunesici esisodwa esibalulekile esinganakwanga inkulumo yamaJuda. Yena kanye lowo owahlubuka kuNkulunkulu futhi kamuva wabangela ukuhlupheka kukaJobe othembekile usasebenza, ephendukezela izingqondo zabantu ngokukhetha kobunyoka okuye kwaholela ngezinye izikhathi emakamu okuhlushwa, ekuhlupheni, nasekubulaleni uquqaba lwabantu. Lowomuntu uvezwa ngokucacile encwadini kaJobe njengendodana kaNkulunkulu eyingelosi ehlubukayo, uSathane, iSitha.—Jobe 1:6; 2:1, 2.
Ithonya likaSathane nokukhetha akunikezayo kukuwo wonke umhlaba namuhla, kuholela odlameni nasekwenqatshweni kokuphila nokubaluleka kokuziphatha okuhle. Noma yini eyophambukisa ukunakekela kwesintu ethembeni lokubusa koMbuso kaNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi amafilosofi ezombangazwe, ukuhlukana kwezinhlanga nokwezinkolo, ukusetshenziswa kabi kwemilaliso, injabulo eyeqile, izithombe ezingabantu—konke lokhu kufeza injongo kaSathane. Akumangalisi ukuthi iBhayibheli laprofetha ukuthi lapho lomuntu omubi elahlelwa phansi emhlabeni, kwakuyosho ‘umaye kuwemhlaba nakuwelulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane’! Kusukela ngo-1914 besiphila kuleyonkathi yentukuthelo yobudlova.—IsAmbulo 12:12.
Isintu besinokuzikhethela, futhi sisenakho, ukuba sizithobe ngaphansi kokubuswa uNkulunkulu noma iSitha sakhe, uSathane. Khona kanye lokukhetha kusikisela impikiswano esinesikhathi eside phakathi kukaNkulunkulu noSathane ihlehlela emuva eminyakeni eyizi-6 000. Kodwa iBhayibheli libonisa ukuthi uJehova uNkulunkulu umise isikhathi sokuxazulula lempikiswano—futhi kusukela ngo-1914 isintu besiphila esikhathini sokuphela kwalesimiso esibuswa uSathane.—2 Thimothewu 3:1-5, 13.
Ukubusa koMbuso kaNkulunkulu ngokushesha kuzoqeda bonke ububi nalabo ababubangelayo. Labo abakhetha ukwenza okuhle bayonikezwa ukuphila okuphakade uma bezithoba kuNkulunkulu emhlabeni ophelele ongenakungcola.—IsAmbulo 11:18; 21:3, 4.
“Bheka, Ngenza Konke Kubekusha”
Ikusasa uNkulunkulu alihlose ngalomhlaba nangezakhamuzi zawo ezilalelayo liyosusa ukucindezela kwesikhathi esidlule ezingqondweni zethu: “Izinto zokuqala ngeke zisakhunjulwa, ngeke zibuye engqondweni”—Isaya 65:17, Tanakh, A New Translation of the Holy Scriptures According to the Traditional Hebrew Text.
Ngakho, lapho ukubusa kukaNkulunkulu kubusa emhlabeni wonke, noma yikuphi ukuhlupheka isintu esiye sabhekana nakho kuyonyamalala ekugcineni ezingqondweni zaso. Ngalesosikhathi injabulo iyogcwala ikhiphe zonke izinkumbulo zesikhathi esidlule ezithusayo, ngoba njengoba iBhayibheli lithembisa, uNkulunkulu “azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikubakhona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikubakhona; ngokuba okokuqala kudlulile.”—IsAmbulo 21:4, 5.
IBhayibheli libonisa ngokukhanyayo ukuthi siseduze isikhathi lapho uNkulunkulu eyosebenzisa khona amandla akhe amakhulu ukuba asuse labo ababangela ukuhlupheka, kungakhathaliseki ukuthi abantu noma amademoni. IzAga 2:21, 22 zithi: “Ngokuba abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo. Kepha ababi bayakunqunywa ezweni.” Yebo, uNkulunkulu ‘uyobabhubhisa ababhubhisa umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) Ekugcineni, lokho futhi, kuyohlanganisa noSathane uDeveli.
UNkulunkulu ngeke amvumele omubi isikhathi eside ukuba abhubhise umhlaba; engeke futhi avumele abantu ababi ukuba bashushise, bahluphe, futhi bavalele ejele abantu abakanye nabo. Noma ubani ongakhethi ukwenza ngokuvumelana nemithetho yaKhe elungileyo ngeke abekezelelwe. Kuphela yilabo abahlonipha intando nomthetho kaNkulunkulu abayoqhubeka bephila.
Eminyakeni engaphezu kweyizi-4 000 edlule, uNkulunkulu “wabona ukuthi ububi bomuntu emhlabeni bukhulu kangakanani, nokuthi wonke amacebo enziwa ingqondo yakhe awububi sonke isikhathi.” Wathatha isinyathelo ngokuthumela uZamcolo omkhulu. (Genesise 6:5, Tanakh) Kunesizathu esengeziwe sokuba uNkulunkulu abuye athathe isinyathelo. Kodwa uma sinikeza uNkulunkulu udumo olumfanele manje, ngokushesha ukuphila okuphakade kuyoba isipho sethu esijabulisayo.—Isaya 65:17-25; Johane 17:3; 1 Thimothewu 6:19.
Nokho, kuthiwani ngazo zonke izigidi zabafile emathuneni, kuhlanganise nezisulu zokuQothulwa Kwesizwe? Liyini ithemba elikhona ngazo? Ingabe ziyolibaleka?