Ukuzalwa Kwesizwe Sobukhosi Ezweni Elisanda Kuzalwa
“Izwe lingazalwa ngosuku olulodwa na? Isizwe singabelethwa kanyekanye na? Ngokuba iSiyoni lithé lisenemihelo, lazala abantwana balo.”—ISAYA 66:8.
1. NgoJuly 6, 1931, isiphi isenzo esathathwa abaFundi BeBhayibheli Bezwe Lonke emhlanganweni wabo eColumbus, eOhio, futhi isiphi isenzo esifanayo esenziwa emhlabeni wonke?
NGAPHEZU kweminyaka engamashumi amahlanu edlule—usuku oluqondile kwakuyiSonto ntambama, ngoJuly 26, 1931, abantu baphumela eshashalazini lezwe, bemela igama. Ngalolosuku olungenakukhohlakala izinkulungwane zabaFundi BeBhayibheli Bezwe Lonke, njengoba zahlangana ndawonye emhlanganweni wezizwe eColumbus, eOhio, eU.S.A., ngokuvumelana zamukela isinqumo somhlangano ezakhetha ngaso ukubizwa kusukela lapho ngegama elisekelwe eBhayibhelini “OFakazi BakaJehova.” (Isaya 43:10-12) Ngokushesha onke amabandla abaFundi BeBhayibheli Bezwe Lonke kuyo yonke imbulunga enza ngokufanayo futhi ngokomthetho amukela igama elaliyingqalizivele. Leligama elisha liye lanamathela!
2. (a) Ababizwa ngegama elisekelwe eBhayibhelini yini abaye bayikhuthazelela kusukela lapho? (b) Imaphi amazwi aqinisekisayo esiwathola kuIsaya 66:5?
2 Ngenxa yalelogama elihloniphekile labofakazi bakaNkulunkulu oPhezukonke baye bazehlisela inzondo yezwe, ngisho neyeLobukholwa, elimalungu alo athi bangabafowabo abangokwenkolo bonke abathi bangabafundi bakaJesu Kristu. Lenzondo engokwenkolo iye yaqhubeka kangangoba izibonakalise ngoshushiso lobudlova, olwabangela ukufa kwabaningi. Ukuze kukhuthazwe labo ababizwa ngalelogama abaphila ngokuvumelana nokuhlonipheka kwalelogama kunalamazwi anesithembiso abekhona esikhathini seminyaka engaphezu kwezi-2 500 njengoba sawalondolozelwa ngomunye wabaprofethi abagqame kakhulu beBhayibheli: “Yizwani izwi likaJehova nina enithuthumela ngezwi lakhe. Abafowenu abanizondayo, abanixosha ngenxa yegama lami, bashilo bathi: Makazidumise uJehova ukuba sibone intokozo yenu, kepha bona bayakujabha.”—Isaya 66:5.
3. OFakazi BakaJehova babonisa kanjani ukuthi bathuthumela ngeZwi lakhe, futhi, ngaphandle kokuba abalizwayo, bayini?
3 OFakazi BakaJehova banamuhla yibona aba“thuthumela ngezwi lakhe.” Bayesaba ukwenza okuphambene neZwi lakhe elilotshiwe. Yingakho betadisha ngokuqhubekayo imiBhalo ephefumlelwe. Bayaqaphela ukuthi umBhali weBhayibheli uNkulunkulu onguYise weNkosi yabo noMsindisi uJesu Kristu. Bamukela njengezwi likaJehova zonke izincwadi ezingamashumi amathathu nesishiyagalolunye zemiBhalo YesiHeberu nazo zonke izincwadi ezingamashumi amabili nesikhombisa zemiBhalo YamaKristu YesiGreki, okumelwe bayilalele futhi benze njengoba isho.
4. (a) Sasiyini isizathu esiyisisekelo sokuzonda kweLobukholwa nokukhipha abafowabo inyumbazane? (b) Isiphi isisusa abasinikezayo ngokwenza kanjalo?
4 Empeleni, kungani oFakazi BakaJehova bezondwa eLobukholwa, abantu abathi basebuzalwaneni noJesu Kristu? Kungani eLobukholwa libakhetha ezigabeni zalabo abaqashelwa njengamaKristu, futhi lingafuni nokuthintana ngalutho nabo ngoba bengenalutho olufanayo phakathi kwabo nalo? UJehova ngokwakhe unikeza isizathu salokhu, uthi: “Ngenxa yegama lami.” Kodwa labo abanenzondo futhi abakhethayo banikeza isizathu esiphakeme kakhulu sokwenza ngaleyondlela ngokuthi: “Makazidumise uJehova.” Noma, besebenzisa izinguqulo zeBhayibheli ezigwema ukusetshenziswa kwegama laphezulu, bathi: “Mayidunyiswe iNkosi.” Nokho iNkosi uNkulunkulu ayiyibheki inzondo yabo nokuzehlukanisa kwabo nofakazi bayo njengokuthile okuyidumisayo.
5. (a) Lapho uJehova eziveza ngokuzibonakalisa okuthile, obani abajatshuliswayo? (b) Yini eshiwo ukujabhiswa kwabanye ngenxa yabo?
5 Uma eziveza ngokuzibonakalisa okuthile ukuze abonise ukuvumela kwakhe abathile nokungavumeli kwakhe abanye, obani abajatshuliswa ukuziveza okunjalo? Obani okubenza bajabhe? Kulabo abazondwayo futhi bakhishwe inyumbazane ngenxa yokuhlonipha kwabo kwangempela igama lakhe, uJehova uthi: ‘Kumelwe futhi abonakale ngenjabulo kini, futhi bona bayakujabhiswa.’ Lokho kwasho inhlekelele ngalabo abazonda nabakhipha abanye inyumbazane. Inhlekelele yasendulo eyabehlela yabikezela inhlekelele engakaze ibekhona ezofikelela ngokushesha abazonda nabakhipha oFakazi BakaJehova inyumbazane kulesi“sikhathi sokugcina.” (Daniyeli 12:4) Emazwini akhe alandelayo umprofethi uIsaya uqhubeka ebhekisela kulokhu, ngokuthi: “Yizwi lomsindo elivela emzini, yizwi lasethempelini! Yizwi likaJehova ephindisela izenzo zezitha zakhe.”—Isaya 66:6.
6. Imuphi lomuzi okwaphuma kuwo “izwi lomsindo,” futhi sasiyini isizathu somsindo onjalo?
6 Umuzi ongashiwongo ngegama okuvela kuwo “izwi lomsindo,” yebo, yiJerusalema, ngoba ithempeli lokukhulekelwa kukaJehova lalilapho. Iphuzu lapha liwukuthi uJehova uya ethempeleni lokukhulekelwa kwakhe ukuzohlola, futhi indlela athola ukukhulekelwa kwakhe kuqhutshwa ngayo akayithandi. Ukukhonza kumane kungokwangaphandle, okokugcina icala, okobuzenzisi. Lokhu kwaphumela ekuhlanjalazweni kwegama lakhe elingcwele. Okwakuyobonisa ukungavumeli kukaJehova lokhu kwakuyoba “umsindo” obangelwa ukuhlasela kwabaseBabiloni abase benqobe izwe, uJehova ayeyobasebenzisa njengamathuluzi akhe “ephindisela izenzo zezitha zakhe,” abakhulekeli bobuzenzisi abalulaze ithempeli lakhe. Laba babeyizitha zikaJehova ngenxa yokuthi babezonda labo ‘abathuthumela ngempela ngezwi lakhe’ futhi bebakhipha inyumbazane, njengoba asho, “ngenxa yegama lami.”—Isaya 66:2, 5.
7. Isiprofetho sikaIsaya sagcwaliseka nini, yini eyenzeka kuJeremiya, futhi obani ababona ukuthi izwi likaJehova liyiqiniso?
7 Ngakho, ekhulwini leminyaka elalandela, phakathi nezinsuku zabaprofethi uJeremiya, uHezekeli noDaniyeli, uJehova wasebenzisa amabutho aseBabiloni njengamanxusa akhe ‘ekuphindiseleni okuwafanele’ amaIsrayeli ayephula isivumelwano. Yeka “umsindo” okwawudala eJerusalema ngo-607 B.C.E. lapho wonke umuzi ubhujiswa, ngisho nethempeli elikhazimulayo elakhiwa iNkosi ehlakaniphile uSolomoni alishiywanga! AmaJuda asindayo adingiselwa eBabiloni. AmaJuda ambalwa lawo ashiywa emuva ezweni ekugcineni abaleka ehlela eGibithe, ehudula umprofethi uJeremiya. Ngalendlela ukubikezela kwakhe kwagcwaliseka lapho izwe lichithwa ngokuphelele. Kanjalo, futhi, indawo eyayakhiwe yesizwe ayibange isaba indawo yesizwe esiphilayo uJehova uNkulunkulu anjengeNkosi yaso yasezulwini. AmaJuda athembekile lawo ‘athuthumela ngezwi likaNkulunkulu’ abona ukuthi izwi lakhe laliyiqiniso.
8, 9. (a) Yini namuhla eyiJerusalema elalifanekiselwa? (b) Ngokwesiprofetho sikaJesu, yini eyokwenzeka kulo, futhi ngani?
8 Izehlakalo ezishaqisa ngaphezulu kakhulu kunalezo zango-607 B.C.E. zilindele abazonda nabashalazela oFakazi BakaJehova, okuyibona namuhla abathuthumela ngeZwi likaJehova. Zonke lezo zinto ezesabekayo ezenzeka emuva lé ezinsukwini zoJeremiya, uHezekeli noDaniyeli “zabehlela bona kube-yisibonelo; kulotshelwe ukusiyala thina osekufikile kithi ukugcina kwezikhathi.” (1 Korinte 10:11) Khona-ke ngempela kuyophuma “izwi lomsindo elivela emzini,” iJerusalema elalifanekiselwa elingaphansi kokulahlwa kwaphezulu, okungukuthi, eLobukholwa. NjengoIsrayeli wakudala, nalo, lithi lisesivumelwaneni noNkulunkulu ‘esivumelwaneni esisha’ noJesu Kristu njengoMmeleli waso. (Heberu 8:7-9) Kodwa alizange lenze njengokusho kwalo ukuthi lisebuhlotsheni besivumelwano noNkulunkulu. Ngakho “usizi olukhulu,” njengoba lwaboniswa ngaphambili ngokwehlela iJerusalema lasendulo, lulindele eLobukholwa, ngokwesibikezelo sikaJesu:
9 “Ngokuba lapho kuyakuba-khona usizi olukhulu olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube-manje nolungasayikuba-khona. Uma lezozinsuku zingafinyezwanga bekungesindiswe-muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo lezozinsuku ziyakufinyezwa.”—Mathewu 24:21, 22; Marku 13:19, 20.
10. Obani, ngaphandle kweLobukholwa, abayoshwabadelwa usizi, futhi obani abayoba “inyama” esindayo?
10 Lolusizi olukhulu olungalingani nalutho lusondela ngokushesha. Luvela esandleni sikaNkulunkulu wa“bakhethiweyo,” uJehova. Luyoshwabadela, hhayi nje eLobukholwa, iJerusalema elalifanekiselwa, kodwa futhi nalokho eLobukholwa ebelilokhu liwumngane wakho omuhle, sonke isimiso sezinto. (Jakobe 4:4) AmaKristu azinikezele nabhapathiziwe anamuhla lawo athuthumela ngeZwi likaNkulunkulu ayoba “inyama” eyosindiswa.
Ukuzala Okungenakuvinjelwa Okwasheshiswa
11. (a) Ukuzala komuntu kuba ngemva kwesikhathi esingakanani, kodwa into enjalo yayizokwenzeka yini endabeni yeJerusalema elakhiwe kabusha? (b) Elinye iJerusalema lalizokwakhiwa ngokwesiyalezo sikabani endaweni yalo? (c) Ingabe uIsaya wabikezela ukuthi kwakuzoba isikhathi eside kangakanani indawo yeJerusalema elidala ihleli iyihlane elingenalutho?
11 Manje, emuva esiprofethweni sikaIsaya esivusa amadlingozi! Njengempumuzo ezimweni ezingathembisi lezo aye wazisho ngaphansi kokuphefumlelwa, manje ubikezela isenzakalo esijabulisayo. Ukuzalwa komntwana ongokomthetho kungokuthile abazali abashade ngokufanele abakulindela ngokulangazela okukhulu nangamathemba aphakeme kakhulu. Ngezidalwa ezingabantu ukuzala kufanele kulandele isikhathi esinqunywe ngokwaphezulu sokukhula ngokwanele komntwana ofiselekayo. Kodwa ngokuqondene nalokhu uMsunguli Omkhulu wenqubo yokuzala wabikezela okuthile okungavamile ngokuqondene nokuhlela kwakhe siqu. Umprofethi wakhe uIsaya wayebikezele ukubhujiswa komuzi ongcolisiwe waseJerusalema, futhi kanjalo umuzi wokuqala owawakhiwe eNtabeni iSiyoni wawuzophela. Kodwa omunye umuzi wawuzovela kwefanayo iNtaba iSiyoni ngokweziyalezo zomnqobi wasePeresiya, uKoresi Omkhulu, inceku kaJehova eyayizowisa uMbuso WaseBabiloni. (Isaya 44:28; 45:1) Kodwa uIsaya akabikezelanga ukuthi iJerusalema elidala kwakuzoba isikhathi esingakanani lingekho futhi kanjalo lingena‘bantwana,’ noma izakhamuzi. Futhi uIsaya akabikezelanga ukuthi kwakuzoba isikhathi eside kangakanani iNtaba iSiyoni nalo lonke izwe elihlangene nayo kufulathelwe, kuyihlane lencithakalo.
12. Izwe elisha lalizoboniswa kanjani ebalazweni lezwe lasendulo, futhi lalizoba izwe lokuzalwa lobani?
12 Kodwa, ezinsukwini zikaKoresi Omkhulu, kwakuzovela elinye iJerusalema futhi libe unina wa“bantwana” abaningi, okungukuthi, izakhamuzi eziningi nezikhonzi, eziphila ezweni lalo elimisiwe. Ingabe lokho kwasho ukuthi “izwe” laliyovela ebalazweni lezwe lasendulo elaliyofana nezwe lokuzalwa labantu abake bangaba “isizwe”? Impendulo engokwesiprofetho kaJehova uNkulunkulu kulombuzo yayinguYebo!
13, 14. (a) Lapho unyaka olandelayo weJubili elivamile ufika ngemva kokudingiswa kwabo, ingabe amaJuda athunjiwe ayezobuyiselwa ezweni lawo? (b) Ingabe iJerusalema lalizobuye libe unina wa“bantwana” ngemizamo enzima yamaJuda athunjiwe, futhi yini uIsaya 66:7, 8 ayiprofetha ngalokhu?
13 Ngakho umbuzo wawungukuthi, Nini futhi kanjani? Ngomprofethi wakhe uJeremiya uJehova wabikezela ukuthi lelizwe le“sizwe” sangaphambili laliyohlala liyihlane iminyaka engamashumi ayisikhombisa, isikhathi eside ngeminyaka engamashumi amabili kunenkathi yeJubili yeminyaka engamashumi amahlanu. Ngakho, lapho unyaka ovamile weJubili ka-573 B.C.E. ufika, kwakungenakuba khona ukugujwa kweJubili ezweni labo lokuzalwa, futhi kwakungenakuba naJerusalema, noma iSiyoni, elaliyoba khona ukuze lizale iqembu lezakhamuzi njengabantwana balo. Kwakungokokuqala ngonyaka ka-537 B.C.E. nganoma imaphi amaJuda asinda ayedingisiwe ukuba abuyele ezweni lawo lokuzalwa. Into enjalo yayizokwenzeka ngaphandle kokuzikhandla kwabathunjwa abangamaJuda eBabiloni. Kwakuzoba isenzo sikaNkulunkulu, ngokuvumelana nesithembiso sakhe esingokwesiprofetho. Nakuba kwakungase kubonakale kungenakwenzeka, “isizwe” esasixoshwe ezweni laso sasozophila ezweni uJehova uNkulunkulu ayelilondolozele lesi“sizwe.” Ebheka phambili ngalé kwenhlekelele yesizwe ngo-607 B.C.E., uJehova wakusikisela ukwenzeka kwento enjalo lapho ebuye eshukumisela uIsaya ukuba athi:
14 “Lingakabi-namihelo [okungukuthi, elinye iJerusalema] lazala; lingakehlelwa ngubuhlungu labeletha umntwana wesilisa. Ngubani ozwile okunjalo na? Ngubani obonile okunjengalokhu na? Izwe lingazalwa ngosuku olulodwa na? Isizwe singabelethwa kanyekanye na? Ngokuba iSiyoni lithé lisenemihelo lazala abantwana balo.”—Isaya 66:7, 8.
15. Okuhlangenwe nakho kwesikhathi sokuzala kuqhathaniseka kanjani nalokho okuchazwe kusAmbulo 12:1-17?
15 Okunjalo ukuzala okungavamile kungokuphambene impela nencazelo yokuzalwa komntwana wesilisa okunikezwe encwadini yokugcina yeBhayibheli eliNgcwele. Lapho, kusAmbulo 12:1-17, siyafunda: “Kwaba-khona ezulwini isibonakaliso esikhulu: owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili, ekhulelwe wakhala, enemihelo esikwa ngubuhlungu bokubeletha. Kwabonakala esinye isibonakaliso ezulwini; bheka, nango udrako omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe enemiqhele eyisikhombisa; umsila wakhe wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni. Nodrako wema phambi kowesifazane obezakubeletha, ukuze kuthi nxa esebelethile, ashwabadele umntwana wakhe. Wabeletha umntwana wesilisa, ozakubusa izizwe zonke ngentonga yensimbi, nomntanakhe wahlwithelwa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi. . . . Udrako wamthukuthelela owesifazane, wamuka, wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.”
16. Kumelwe sichaze lowo wesifazane ‘oyisibonakaliso’ no‘mntwana wakhe wesilisa,’ njengabayini noma njengobani?
16 Njengoba akekho owesifazane emhlabeni onenyanga ngaphansi kwezinyawo zakhe nesiyingelezi sezinkanyezi eziyishumi nambili ekhanda lakhe njengomqhele, owesifazane ochazwe ngenhla oyi“sibonakaliso” kumelwe abe ngokomfanekiso. Njengoba umntwana wakhe wamukelwa futhi wavunywa uNkulunkulu, kumelwe ukuba uYena owamkhulelisa. Ngakho-ke kunjengokungathi owesifazane ushade naye. Zonke izinto ezicatshangelwayo, owesifazane oyi“sibonakaliso” ezulwini kumelwe afanekisele inhlangano kaNkulunkulu enjengomfazi yezidalwa zasezulwini ezingokomoya, iNdodana yakhe ezelwe yodwa, uJesu Kristu, eyinhloko phakathi kwazo. Umntwana wowesifazane, “owesilisa,” ngokufanayo kumelwe abe ngokomfanekiso, futhi ufanekisela umbuso kaNkulunkulu, njengoba umntwana wesilisa wahlwithelwa esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu. Ngakho ukuze kwenziwe umbuso ube ongaphezu kwento esambono, ecatshangelwayo, kumelwe kube nomuntu ophilayo ozokhonza njengombusi wobukhosl. Lowomuntu ongokoqobo kwakumelwe abe yilowo uJehova uNkulunkulu enza naye isivumelwano sombuso.
17. Ngakho iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa yaba kanjani ofanele ukuhlala eslhlalweni sobukhosi eceleni kukaYise?
17 Yebo, lowo kwakuyiNdodana yakhe ezelwe yodwa, uJesu Kristu, ngenxa yokuzalwa kwakhe kobuntu okumangalisayo eBetlehema nasohlwini lomkhaya weNkosi uDavide wakwaIsrayeli, wayeyindlalifa ngokwemvelo embusweni. (Isaya 9:6, 7; Luka 22:29, 30; Mathewu 1:17-25) Ngokufanelekile-ke, ngokuqondene no“wesifazane” ongokwasezulwini kwagcizelelwa ukuthi umntwana wakhe wayengo“wesilisa,” njengoba isikhundla sobukhosi sasigcinelwa umntwana wesilisa ohlwini lobukhosi lukaDavide.
18. Ngakho izimo ezlthintwe ekuzalweni komntwana wesilisa ongokomfanekiso ziqhathaniseka kanjani nalezo ezibekwe kuIsaya 66:7, 8, njengoba kuboniswe iAmerican Standard Version?
18 Zonke lezizimo ezithintene nokuzalwa ko“mntwana wesilisa,” ngo“wesifazane” ongokwasezulwini ziyehluka kulezo ezibekwe esiprofethweni sikaIsaya, ikakhulukazi ngokuqondene nendaba yokukhulelwa nemihelo nokusikwa. Kanjalo kunezizathu ezisemqoka zokuphetha ngokuthi “umntwana wesilisa” okuIsaya 66:7 uhlobene nesimo esihlukile ngokwesiprofetho kunokuba kunjalo ngo“mntwana wesilisa,” okusAmbulo 12:5. Ngokusobala “umntwana wesilisa” esiprofethweni sikaIsaya ubhekisela ‘esizweni’ esivezwa ‘ezweni.’ Futhi, endabeni yamaIsrayeli abuyiselwe, ubukhosi, noma ukubusa, kwakungesona isici esivelele ukuze bazinze futhi eJerusalema ngo-537 B.C.E. Inkosi ohlwini lukaDavide ayizange ibuye ibekwe esihlalweni sobukhosi. IJudiya liyisifundazwe sasePeresiya, babengaphansi kokubusa kweNkosi uKoresi owayekhiphe isimemezelo sokwakhiwa futhi kwethempeli nokubuyiselwa kokukhulekela kweqiniso eJerusalema. Nokho, ukubuyiselwa kwenzeka ngokushesha, kungalindelekile. NgokweAmerican Standard Version, uIsaya 66:7, 8 ufundeka kanje: “Ngaphambi kokuba lisikwe, lazala; ngaphambi kokuba ubuhlungu bufike, labeletha umntwana wesilisa. Ubani owake wezwa into enjalo? ubani owake wabona into enjalo? Izwe lingazalwa ngosuku olulodwa? isizwe singazalwa ngasikhathi sinye? ngoba ngokushesha lapho iSiyoni lisikwa, lazala abantwana balo.”
19. (a) Kwabonakala kobani ukuthi ukuzalwa kwesizwe sakwaIsrayeli esasixoshiwe ezweni laso kuye kwasheshiswa, futhi ngasiphi isizathu? (b) Kukanjani ukuthi kwakuyisizukulwane esisha shá esahlala ezweni lokhokho baso, futhi kungayiphi ingqondo kwakuyizwe elisanda kuzalwa?
19 Njengokusho kwesiprofetho, ukuzalwa kwesizwe sakwaIsrayeli esasixoshwe ezweni laso, singathi, kwasheshiswa. Kwafika ngokushesha okumangalisayo ezweni lasendulo, ngo-537 B.C.E. Izwe lamaqaba alizange lilindele isizwe sakwaIsrayeli esasesife isikhathi eside ukuba siphile futhi, ezweni laso elasinikezwa uNkulunkulu. Ngempela kwakuyiSiyoni elisha elaba khona, lizala isizwe esisha. Siyakhumbula ukuthi amaIsrayeli ayedingiselwe eBabiloni ngezikhathi ezihlukahlukene, umbhalo weBhayibheli ubonisa ukuthi izi-10 000 zazidingiswe ekuthunjweni kokuqala ngo-617 B.C.E. Amakhulu adingiswa kamuva. (2 AmaKhosi 24:14; Jeremiya 52:28-30) Nokho, abakhululwa ezweni lamaqaba ngo-537 B.C.E. futhi bahlala ezweni lokhokho babo bahlanganisa abesilisa abayizi-42 360, ngaphandle kwabaningi ababeyizigqila nabaculi abayizingcweti. AmaIsrayeli ayehlanganisa abantu abadala abaningi ababelibonile ithempeli elalakhiwe iNkosi uSolomoni eJerusalema. (Ezra 2:64, 65; 3:12) Kanjalo, ngokwengxenye enkulu, kwakuyisizukulwane esisha sha esahlala ezweni sinomgomo wokwakha ithempeli elisha. ISiyoni elisha lavela ezweni elisanda kuzalwa. Laba unina wesizwe esisha esasixoshwe ezweni laso. Sahlala esifundazweni esisha samaPeresiya eJudiya.
20. Okufana nakho namuhla kwenzeka kanjani endabeni yabaFundi BeBhayibheli Bezwe Lonke onyakeni wokuqala ka-1919 ongemva kwempi?
20 Ingabe kukhona namuhla okufana noku“zalwa” kwamaIsrayeli abuyiselwe njenge“sizwe” ngo-537 B.C.E.? Yebo, ngoba ngonyaka ongemuva kwempi yezwe yokuqala ka-1914-1918 “isizwe” esingokomoya sazalwa, ngaphansi kukaKoresi Omkhulu, iNkosi uJesu Kristu osesihlalweni sobukhosi! Kanjani? Nokho, phakathi nempi indlunkulu yeWatch Tower Bible and Tract Society, inxusa lokunyathelisa leInternational Bible Students, yasuswa eBrooklyn, eNew York, yathuthela emuva endaweni encane ePittsburgh, ePennsylvania. Ezinye zezincwadi zayo zamuva zazivinjelwe eCanada naseUnited States of America, nomongameli weNhlangano, unobhala wayo ongumgcini sikhwama, namanye amalungu ayisithupha ayizisebenzi zasendlunkulu ayegwetshiwe ngo-1918 isikhathi eside sokuboshwa. Inhloso yezitha kukho konke lokhu yayinjengalokho okuchazwe kumaHubo 83:4: “Wozani sibaqothule, bangabe besaba-yisizwe, negama likaIsrayeli lingabe lisakhunjulwa.” Kodwa ekwindla ka-1919, lamalungu akhululwa, eLobukholwa laba nokumangala okushaqisayo! Ngawolowonyaka ofanayo abaFundi BeBhayibheli Bezwe Lonke ababeshushiswa baba nomhlangano wabo wokuqala emva kwempi eCedar Point, eOhio. Kwamenyezelwa kwababesemhlanganweni ukukhishwa kukamagazini omusha, okungukuthi i-The Golden Age (manje obizwa ngokuthi iPhaphama!) ekwenezeleni kumagazini INqabayokulinda.
21. Kanjalo, eminyakeni emihlanu ngemva kokuphela kweZikhathi ZabeZizwe, yini eyazalwa, ukuze ikhonze kusiphi isikhundla, futhi kanjani ‘ezweni’ elisanda kuzalwa?
21 Kanjalo, eminyakeni emihlanu ngemva kokuphela kwe“zikhathi zabezizwe” ngo-1914, nokumiswa kombuso kaNkulunkulu ezandleni zikaKoresi Omkhulu, uJesu Kristu, “isizwe” esisha saba khona, “isizwe” esingokomoya. Amalungu alesi“sizwe” esisha ayezokhonza njengamanxusa ombuso kaNkulunkulu ozelwe kabusha ezulwini nanjengofakazi begama lakhe. Uye wabeka “isizwe” ‘ezweni’ laso ngokwemfanelo, endaweni yaso yasemhlabeni yomsebenzi, “izwe” laso elingokomfanekiso, manje ngoba iZikhathi ZabeZizwe zokunyathelela phansi inhlangano yakhe ebonakalayo seziphelile.—Luka 21:24.
22. Imiphi imibuzo uJehova ayiphakamisa mayelana namandla akhe okuba uBaba we“sizwe,” futhi, ekuyiphenduleni, wenza kanjani ngokwakufanekisela endulo nokwakufanekiselwa namuhla?
22 UJehova uNkulunkulu uMninimandla onke wayenegunya kulokho kuzala okuphawulekayo, futhi wayezimisele ukuthi akukho lutho oluyokuphazamisa. KuIsaya 66:9 wayethe: “Mina ngiyakusondeza ekuzalweni ngingazalisi na? usho uJehova. Mina engingozalisayo bengiyakuvala [isizalo] na? usho uNkulunkulu wakho.” Impendulo yakhe yokuqala kuleyomibuzo ebeka inselele kwakuwukukhulula kwakhe abantu bakhe eBabiloni ngo-537 B.C.E. futhi khona-ke ebangela iJerusalema ukuba lakhiwe futhi lizale izakhamuzi ezingamaJuda njengabantwana balo. Eyosuku lwanamuhla impendulo kaNkulunkulu eyafanekiselwa, emibuzweni yakhe siqu kwakuwukwenza kwakhe iJerusalema elafanekiselwa, inhlangano yakhe engokwasezulwini, ukuba izale “isizwe” esingokomoya, emhlabeni. Lokhu kwakungaphansi kokuqondisa kukaKoresi Omkhulu, iNkosi eyayisanda kubekwa esihlalweni sobukhosi ezulwini. Lokhu kuzala kwenzeka ngonyaka ka-1919 ongemva kwempi, futhi kwaveza abantu, “abantwana” beSiyoni, ababezinikezele ngokuphelele ezithakazelweni zombuso kaNkulunkulu omisiwe futhi abagcina ukungathathi-hlangothi okuqinile ngokuphathelene nohulumeni bezombangazwe balelizwe. UNkulunkulu uMninimandla onke akavumelanga lutho ukuba luvimbele ukusebenza okuphelele kwenjongo yakhe kusukela ngo-1914 kuqhubeke kuze kube manje!
Ngemva kwalesifundo ngoIsaya 66:5-8, ungayiphendula imibuzo elandelayo:
Isaya 66 Ivesi 5: ‘Abafowabo’ bazizonda futhi bazikhiphe kanjani inyumbazane izikhonzi zeqiniso? Laba ‘bafowabo’ bajabhiswa kanjani?
Isaya 66 Ivesi 6: Kungayiphi indlela kwakune“zwi lomsindo elivela emzini” ezikhathini zasendulo? Osukwini iwanamuhla?
Isaya 66 Ivesi 7: Uyini “umntwana wesilisa” owazalwa “owesifazane” ngaphandle ko“kwehlelwa ubuhlungu”? Ingabe lona uyafana no“mntwana wesilisa,” okusAmbulo 12:5?
Isaya 66 Ivesi 8: Kungayiphi indlela “isizwe” ne“zwe” kwazalwa ngokushesha futhi ngokungalindelekile ngo-537 B.C.E.?
[Izithombe ekhasini 11]
Umbuso, njengomntwana osanda kuzalwa, wazalwa “owesifazane” kaNkulunkulu ngo-1914
Ngo-1919, uIsrayeli ongokomoya wa‘zalwa’ ngokushesha ‘ezweni’ lakhe