-
Qaphela UkukhohliswaINqabayokulinda—2004 | Febhuwari 15
-
-
5. USathane uye wayiqinisa kanjani imizamo yakhe yokukhohlisa kulesi sikhathi sokuphela, futhi obani aye wabaqonda ngokukhethekile?
5 Kulesi sikhathi sokuphela, uSathane uye waqinisa imizamo yakhe. Uphonswe phansi emhlabeni. Uyazi ukuthi isikhathi sakhe sifushane, futhi ‘uthukuthele kakhulu.’ Ezimisele ukuceka abantu abaningi ngangokunokwenzeka, ‘udukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ (IsAmbulo 12:9, 12) USathane akayena umkhohlisi oqabukelayo. Kunalokho, uyaphikelela emizamweni yakhe yokudukisa isintu.a Usebenzisa zonke izindlela zokukhohlisa angazisebenzisa—kuhlanganise nobuqili nokuphamba—ukuze aphuphuthekise izingqondo zabangakholwa futhi abagcine bekude noNkulunkulu. (2 Korinte 4:4) Le ngcweti yokukhohlisa izimisele ngokukhethekile ukushwabadela labo abakhulekela uNkulunkulu “ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:24; 1 Petru 5:8) Ungalokothi ukhohlwe ukuthi kunjengokungathi uSathane uthe: ‘Ngingasusa noma ubani kuNkulunkulu.’ (Jobe 1:9-12) Ake sibheke amanye “amacebo okukhohlisa” kaSathane nezindlela zokuzivikela kuwo.—Efesu 6:11, Jewish New Testament.
-
-
Qaphela UkukhohliswaINqabayokulinda—2004 | Febhuwari 15
-
-
a Mayelana nesimo sesenzo esihunyushwe ngokuthi “odukisa” kusAmbulo 12:9, enye incwadi ithi “sibonisa isenzo esiqhubekayo esesiyisici esiwumkhuba.”
-