Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Ukulondoloza Lokho Esiyikho NjengamaKristu
    INqabayokulinda—2005 | Febhuwari 15
    • 4. UJesu wasigcizelela kanjani isidingo sokuba silondoloze lokho okusenza sibonakale ngokucacile ukuthi singamaKristu?

      4 Nokho, njengezinceku zikaJehova ezizinikezele, siyaqaphela ukuthi kungaba buhlungu uma noma ubani kithi—omncane noma omdala—engayeka ukuba umKristu. Umbono ofanele walokho okushiwo ukuba ngumKristu ungasekelwa kuphela ezindinganisweni zikaJehova nakulokho akulindele kithi. Kakade, senziwe ngomfanekiso wakhe. (Genesise 1:26; Mika 6:8) IBhayibheli lifanisa ukubonakala kwethu ngokucacile ukuthi singamaKristu nezingubo zangaphandle, esizigqoka zibonwe yiwo wonke umuntu. UJesu waxwayisa mayelana nezikhathi zethu: “Bheka! Ngiyeza njengesela. Uyajabula ohlala ephapheme embethe njalo izingubo zakhe zangaphandle, ukuze angahambi nqunu nabantu babone ihlazo lakhe.”a (IsAmbulo 16:15) Asifuni ukuhlubula izimfanelo zethu zobuKristu nezindinganiso zokuziphatha, sivumele ukulolongwa izwe likaSathane. Uma kungase kwenzeke lokho, zingasilahlekela lezi ‘zingubo zangaphandle.’ Lokho kungaba into edabukisayo nebangela amahloni.

  • Ukulondoloza Lokho Esiyikho NjengamaKristu
    INqabayokulinda—2005 | Febhuwari 15
    • a La mazwi kungenzeka agudlisela emisebenzini yomqaphi wethempeli waseJerusalema. Ebusuku, wayehamba ethempelini abheke ukuthi onogada abangamaLevi baphapheme yini noma balele lapho besebenza khona. Unogada owayetholakala elele wayeshaywa ngomshiza, futhi izingubo zakhe zangaphandle zazingase zishiswe njengesijeziso sokumhlaza.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela