Isahluko 13
Isikhathi Sokuphindukuzalwa
1. (a) Iliphi ithuba elimangalisayo eliyohlalela abayosindela ‘emhlabeni omusha’? (b) Kodwa lokhu kuyodingani?
UKUSINDA ekupheleni kwezwe lamanje elonakele kuyithemba elihle kakhulu. Silangazelela ukukhululeka ekuphathweni kabi, ubugovu nobudlwangudlwangu balelizwe. Kodwa kunokunye okwenza kufiseleke nangaphezulu ukusinda. Kuyini? Iqiniso lokuthi bonke ababa yingxenye ‘yomhlaba omusha’ bayoba nethuba futhi lokukhululwa ekungaphelelini kwabo siqu, ekuguleni nasekuphileni ngezinhlungu, yebo, ngisho nasekufeni. (IsAmbulo 21:1-5) Nokho, ukuze lokhu kwenzeke, isono kumelwe sisuswe ngokuphelele. Kungenzeka kanjani lokho? Kuhlangene nalokho uJesu Kristu akuchaza ngokuthi “ukuphindukuzalwa.”
2. Kuyini “ukuphindukuzalwa” okubhekiselwe kukho kuMathewu 19:28?
2 Kubaphostoli bakhe, uJesu wathi: “Nina eningilandeleyo, ngokuphindukuzalwa lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi eziyishumi nambili nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwalsrayeli.” (Mathewu 19:28) Ukuphindukuzalwa kuyoba isikhathi ‘sokuvuselelwa,’ isikhathi “lapho konke kwenziwa kube kusha,” njengoba ezinye izinguqulo zeBhayibheli zikubeka. (The Emphasised Bible, nguRotherham; The Jerusalem Bible) Ngalokhu-kuphindukuzalwa, kuyokwenzeka ngesintu ukuba siphinde sijabulele ukuphelela isintu esasinakho ekuqaleni.
3. (a) Yini eye yaba umphumela wesono sika-Adamu? (b) Kungani bengekho enzalweni ka-Adamu abaye bakwazi ukuzikhulula emiphumeleni yesono esizuzwe ngefa?
3 Ngenxa yesono esazuzwa kuAdamu, yonke inzalo yakhe kuye kwadingeka ife, futhi abaningi baye bahlushwa ukugula okwesabekayo okuye kwaholela ekufeni. (Roma 5:12) Akukho ukukhululwa ekufeni okwakungathengwa ngemali. Ayikho imisebenzi umuntu ongaphelele ayengayenza eyayingamenza akwazi ukuzikhulula ngokwakhe noma ubani omunye. Ukuze umuntu aphinde athole ithuba lokujabulela ukuphila okuphakade, ukulunga kwaphezulu kwadinga ukuba kunikelwe ngomhlatshelo olingana nenani lalokho okwalahlwa uAdamu, okungukuthi, ukuphila okuphelele kobuntu. Akekho enzalweni ka-Adamu owayenokuphila okunjalo ayenganikela ngakho.—IHubo 49:7-9; UmShumayeli 7:20.
4. (a) Isihlengo esidingekayo salungiselelwa kanjani? (b) Singazuza kanjani kusona?
4 Ngomusa, uJehova ngokwakhe wenza ilungiselelo elidingekayo ngokuthumela emhlabeni iNdodana yakhe ezelwe yodwa, uJesu, njengomuntu ophelele ukuba abeke phansi ukuphila kwakhe ‘njengenhlawulo.’ (1 Thimothewu 2:5, 6) Yeka ukubonakaliswa okuhle komusa ongasifanele nothando lukaNkulunkulu ngesintu! Ukuphila okutholakalayo ngenxa yalokho akukhona okuthile esingase sikufanelekele njengomholo kodwa isipho esivela kuNkulunkulu. Nokho, sinikezwa kuphela labo abakuqaphela ngempela ukudinga kwabo lelilungiselelo laphezulu, abanokholo kulo nababonisa lolokholo ngokulalela iNdodana kaNkulunkulu. (Roma 6:23; Johane 3:16, 36) Kodwa izinzuzo zalowomhlatshelo zaziyotholakala nini esintwini?
IZINZUZO ZAMANJE ZOMHLATSHELO KAKRISTU
5. (a) Obani abokuqala abazuza emhlatshelweni kaKristu? (b) Iliphi elinye iqembu eliye lazuza, futhi ikakhulukazi kusukela nini?
5 Izinzuzo zaqala ukuthinta ukuphila kwabantu ngokushesha ngemva kokuba uJesu Kristu (endimeni yokuba umPristi oPhakeme nomkhulu kaNkulunkulu) eletha inani lomhlatshelo wakhe phambi kukaNkulunkulu ezulwini. Okokuqala, kusukela ngePentekoste lika-33 C.E., lezinzuzo zaqala ukutholwa yilabo ababizelwa ukuba yizindlalifa noKristu, ababeyokhonza njengamakhosi nabapristi kanye naye ezulwini. (IzEnzo 2:32, 33; Kolose 1:13, 14) Khona-ke, ikakhulukazi ngo-1935, abantu abamukela ithemba lokuphila okuphakade emhlabeni baqala ukuzibonakalisa. Nabo, ithemba labo lenziwa laba nokwenzeka ngomhlatshelo kaKristu. (1 Johane 2:1, 2) Lokhu kusebenza okuthuthukayo kwenani lalowomhlatshelo kwaboniswa izenzakalo ezenzeka ngoSuku Lokubuyisana lukaIsrayeli wasendulo.
6. Landisa kafushane okwakwenzeka ngoSuku Lokubuyisana.
6 Owayephatha etabernakele elingcwele lakwaIsrayeli, futhi kamuva ethempelini, kwakungumpristi omkhulu owayeyilungu lendlu yamaLevi ka-Aroni. Abanye besilisa bendlu ka-Aroni babengabapristi abangaphansi, futhi bonke abanye besilisa besizwe sakwaLevi babekhonza njengabasizi. Ukuze kube khona ukusitshekelwa kwezono, umpristi omkhulu wayenikela ngezilwane ezimbili, okwakuthi igazi lesilwane ngasinye lilethwe ngokwehlukile eNgcwelengcwele, njengokuyala kukaJehova. Esokuqala kwakuyinkunzi eyayinikelwa umpristi omkhulu wendlu ka-Aroni enikelela “yena nendlu yakhe,” eyayihlanganisa sonke isizwe sakwaLevi. (Levitikusi 16:11, 14) Ngemva kwalokho kwakuyimbuzi eyayilethwa njengomnikelo wesono “ngenxa yabantu,” ezinye izizwe eziyishumi nambili. (Levitikusi 16:15) Ngaphandle kwalokho, izono zikalsrayeli wonke zazivunywa enhloko yembuzi ephilayo eyayibe isiholelwa ehlane. (Levitikusi 16:21, 22) Konke lokhu kwakusho ukuthini?
7. (a) Imuphi umhlatshelo owodwa owafanekiselwa lapho? (b) Kungani kwakusetshenziswa isilwane esingaphezu kwesisodwa somhlatshelo?
7 Umphostoli uPawulu uyachaza ukuthi ukugcwaliseka kwalokhu kugxile emhlatshelweni owodwa kaJesu Kristu. “Ngokuba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela, kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu . . . ukuba asuse izono ngokuzinikela kwakhe. ”(Heberu 9:24-26) Pho kungani kwakuthathwa igazi lezilwane ezingaphezu kwesisodwa liyiswe eNgcwelengcwele ngoSuku Lokubuyisana lukaIsrayeli? Lokhu kwakuwukudonsela ukunakekela ezicini ezihlukahlukene zalokho umhlatshelo kaJesu womuntu ophelele okufezayo. Futhi esinye isici esengeziwe sasiqokonyiswa ukuvuma izono kwesizwe enhloko yembuzi ephilayo bese iholelwa ehlane.
8. (a) Inqubo yoSuku Lokwahlulela yabonisa ukuthi obani ababeyozuza kuqala emhlatshelweni kaKristu? (b) Ikuphi ukusebenza komhlatshelo kaJesu okwaboniswa umnikelo wesono “ngenxa yabantu”? (c) Iliphi elinye iqiniso elafanekiselwa ukuholelwa kwembuzi ehlane?
8 Njengoba ngisho negazi lenkunzi eyayinikelelwa indlu ka-Aroni okokuqala laliyiswa eNgcwelengcwele, ngokufanayo izinzuzo zomhlatshelo kaJesu okokuqala zasetshenziselwa labo abayokuba kanye noKristu ebupristini basezulwini. Lokhu kwenziwa kusukela ngo-33 C.E. kuqhubeke. UJesu Kristu wayengenazono okwakumelwe zenzelwe ukubuyisana, njengoba kwakwenza uAroni, kodwa labo ababeyokuba ngabapristi abangaphansi kanye noKristu babenazo. Laba bafanekiselwa isizwe sakwaLevi. (1 Petru 2:4, 5) Ukulethwa kwegazi lomhlatshelo wesibili, imbuzi yomnikelo wesono “ngenxa yabantu,” kwabonisa ukuthi abanye besintu babeyozuza emhlatshelweni kaJesu ngemva kwesigaba sasezulwini. Laba babeyoba abantu abayozuza ukuphila ePharadesi elibuyiselwe emhlabeni. Bafanekiselwa “izizwe eziyishumi nambili [ezingezona ezobupristi] zakwalsrayeli” ngoSuku Lokubuyisana. (Mathewu 19:28; IHubo 37:29) Akukhona nje kuphela ukuthi uJesu wafela bonke laba, kodwa eqinisweni ususa izono zalabo abafela ngokomhlatshelo, ebalethela impumuzo. Lokhu kwaboniswa iqiniso lokuthi, ekugcineni, ngemva kokuba izono zikalsrayeli sezivunyiwe embuzini ephilayo, yayiholelwa ehlane, ingenakuphinde ibonakale futhi.—IHubo 103:12; Isaya 53:4-6.
9. (a) Iziphi izibusiso labo abanokholo emhlatshelweni kaKristu abazijabulelayo manje? (b) Iziphi izinzuzo eziqhubekayo eziyokuza kamuva?
9 Ngabo bonke abanokholo elungiselelweni lothando likaJehova ngoKristu, ukuthethelelwa kwangempela kwezono, ukuma okuhlanzekile phambi kukaNkulunkulu, kungenzeka manje kungakhathaliseki indlela yabo yokuphila yangaphambili. Bangajabulela isibusiso esingenakulinganiswa sokunikela inkonzo engcwele kuNkulunkulu ngonembeza ohlanzekile. (1 Korinte 6:9-11; Heberu 9:13, 14) Kodwa lokhu akusho ukuthi okwamanje banikezwa ukuphila okukhululekile emiphumeleni yesono. (1 Johane 1:8-10; Roma 7:21-25) Labo abayobusa ezulwini noKristu, ukuphila okunjalo bayokubona kuphela uma sebeqede inkambo yabo yasemhlabeni futhi bevuselwa ekuphileni okungenakufa ezulwini. Abanye besintu, ukukhululeka ngokuphelele esonweni kuyokwenziwa kube nokwenzeka ngokuphindukuzalwa.
“NGOKUPHINDUKUZALWA”
10. (a) Ukuphindukuzalwa kwaqala nini? (b) Ingabe sebekhona kakade abaye banikezwa izihlalo zobukhosi ekugcwalisekeni kwesithembiso sikaJesu?
10 Njengoba uJesu asho, ukuphindukuzalwa kulapho “iNdodana yomuntu [uJesu Kristu) isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo.” (Mathewu 19:28) Yebo, akukhona konke okwenzeka ngokushesha lapho ibekwa esihlalweni. Ngemva kokubekwa kukaJesu esihlalweni ngo-1914 C.E., okokuqala wahlanza amazulu, exosha uSathane namademoni akhe. Khona-ke waqhubeka wavusela abalandeli bakhe abagcotshiwe enkazimulweni yasezulwini. (IsAmbulo 12:5, 7-12; 1 Thesalonika 4:15-17) Akubona abaphostoli abathembekile bakaKristu kuphela abanikezwa ‘izihlalo zobukhosi eziyishumi nambili’ abazithenjiswa, kodwa kancane kancane bonke abanye bezi-144 000 banikezwa izihlalo zobukhosi ezulwini ekuvusweni kwabo kwabafileyo.—IsAmbulo 3:21.
11. Kungayiphi indlela “ezinye izimvu” kakade esezizwa ngayo imiphumela yokuphindukuzalwa?
11 Njengoba ukukhethwa kwabantu abahlanganisa isigaba sasezulwini kusondela ekupheleni, ukuqoqwa kwesixuku esikhulu ‘sezinye izimvu’ kwaqala, ikakhulukazi kusukela ngo-1935 kuqhubeke. Nalaba baqala ukujabulela izinzuzo zomhlatshelo kaKristu, ‘bahlanza izingubo zabo bazenza zaba-mhlophe egazini leWundlu.’ Basizwa ukuba ‘bembathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.’ (IsAmbulo 7:9, 10, 14; Efesu 4:20-24) Ngamanani akhula njalo bayazuza emalungiselelweni kaNkulunkulu ngoKristu angase aholele ekuphileni kwabo phakade ePharadesi elibuyiselwe.—IsAmbulo 7:17; 22:17.
12. (a) Obani ababemelelwe “izizwe eziyishumi nambili zakwalsrayeli” uJesu lapha ayebhekisele kuzo? (b) Ngaphandle kwabayosinda obani abayozuza ngokuphindukuzalwa?
12 Ngokushesha manje, izwe elibi lizobhujiswa. USathane namademoni akhe bazofakwa kwalasha. USuku Lokwahlulelwa kwesintu lweminyaka eyinkulungwane luzoqala. UJesu Kristu uyoba nguMahluleli Owengamele, futhi uyoqiniseka ukuba bonke banikezwe ithuba eligcwele nosizo olwanele ukuze bafunde izindlela zikaJehova zokulunga, futhi bahambisane nazo. Labo balandeli bakaKristu abagcotshiwe abazibonakalisa bengabagcini bobuqotho kwaze kwaba sekufeni bayohlanganyela naye kulomsebenzi, ‘bahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwaLsrayeli.’ (Luka 22:28-30; IsAmbulo 20:4, 6) Lokhu akusho ukuthi bayokwahlulela kuphela inzalo yemvelo kaIsrayeli. Kunalokho, bayokwahlulela bonke abafanekiselwa “izizwe eziyishumi nambili [ezingebona abapristi] zakwalsrayeli ”ngoSuku Lokubuyisana. Lokhu kuhlanganisa sonke isintu esihlengiwe. (1 Korinte 6:2) Abayosinda osizini olukhulu bayoba ngabokuqala ukuzuza kulesimiso sokuthuthukisa isintu. Kodwa kunezigidi zezigidi ezengeziwe eziyohlanganyela nazo, ngoba labo abayokwahlulelwa bahlanganisa “abaphilayo nabafileyo.” (2 Thimothewu 4:1; IzEnzo 24:15) Yeka ukuthi kuyovusa amadlingozi kanjani uma abafileyo abahlanganisiwe emhlatshelweni wesihlengo kaKristu bebuya! Yeka izinyembezi zenjabulo, njengoba abathandekayo behlangana futhi!
13. Imiphumela yoSuku Lokwahlulela lweminyaka eyinkulungwane iyoba kanjani ngempela ukuphindukuzalwa?
13 Lesi kuyoba isikhathi lapho, ekugcineni, isintu siyokhululeka kukho konke ukungaphili kahle ngokomzimba nangokwengqondo okubangelwa yisono. Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu waphulukisa abantu ababefe uhlangothi, ababeyizimpumputhe noma beyizithulu noma beyizimungulu, nabantu abalimele isikhumba noma abaphela amandla ngenxa yezifo. Leyomisebenzi yamandla yayimane iwukunambitha nje ngaphambili lokho ayokwenzela isintu phakathi nokuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane. Ngesizathu esihle, noma ibaphi ababona ubufakazi obunjalo bomusa kaJehova kodwa ababuchizelayo ubukhosi bakhe bayobhujiswa phakade. Kodwa ngokufundiswa ngezindlela zikaJehova zokulunga, ukucabanga nezisusa zalabo ababonisa ukholo oluqotho nokulalela kuyothuthuka kancane kancane kuze kube yilapho befinyelela ukuphelela okugcwele. Abanjalo abathanda uJehova ngempela bayobona ukuvuselelwa kabusha, ukuphindukuzalwa. Kuyoba njengokungathi banikezwe isiqalo esisha ekuphileni benobaba omusha, uYise oNgunaphakade, uJesu Kristu.—Isaya 26:9; 9:6.
14. Ibuphi ubuhlobo obuyigugu bonke abayodlula ovivinyweni lokugcina abayoba nelungelo lokubujabulela?
14 Khona-ke, ngemva kokuphumelela ovivinyweni lokugcina ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane, bayokwamukelwa uJehova uNkulunkulu ngoKristu njengabantwana bakaNkulunkulu, njengengxenye yomkhaya waKhe ophelele wendawo yonke. Yeka ithemba elikhuthazayo lokhu okuyilo—hhayi nje kuphela kwabayosinda osizini olukhulu kodwa futhi ngabo bonke abafileyo abavuselwa ukuhlanganyela injabulo yokuphila ePharadesi emhlabeni!—Roma 8:20, 21.