Umbiko Womhlaba Wonke
Iyani Lapho Kunabantu Khona
Umphostoli uPetru nabanye ababekanye naye babengabadobi abangomakad’ebona. Kodwa kwakuba nezikhathi lapho beshikashikeka khona bonke ubusuku bengabambi lutho. Ezikhathini ezimbili ezinjalo, uJesu wabatshela ukuthi bawehlisele kuphi amanetha abo. Benza njengokusho kwakhe, futhi ngazo zombili lezi zikhathi babamba izinhlanzi eziningi ngendlela engavamile. UJesu wasebenzisa lezi zenzakalo ukuze anikeze abafundi iziyalezo eziphathelene nenkonzo. (Luka 5:1-11; Joh. 21:1-17) ‘Ngesigqila esikholekile nesiqondayo,’ uyaqhubeka enikeza iziyalezo zokuthi ingenziwa kanjani inkonzo ngendlela ekhiqiza kakhulu.—Math. 24:45-47.
Ngonyaka odlule, bonke oFakazi BakaJehova bakhuthazwa ukuba bathathe izinyathelo ezingokoqobo zokufinyelela abantu abengeziwe ngezindaba ezinhle. Okokuqala, kwagcizelelwa ukuphaphamela amathuba okunikeza ubufakazi nsuku zonke. Sabe sesiyalwa ukuthi uma bembalwa abantu emakhaya, kungaba ukuhlakanipha ukucabanga ngokungathi sína ngokufakaza lapho kungatholakala khona abantu.
Ezinyangeni zamuva isiqubulo sabafowethu ePeru besiwukuthi: “Iyani lapho kunabantu khona!” Asishumayeli ezindlini kodwa kubantu. Njalo ekuseni ngeSonto noma phakathi nesonto, baningi abasuke bengekho emakhaya. Bakuphi? Basemsebenzini, ezitobhini zamabhasi naseziteshini zezitimela, emgwaqweni, emakethe, bahleli emapaki. Yilapho abafowethu bebafuna khona.
EMexico, ukufakaza endlini ngendlu kusalokhu kuyindlela eyinhloko yokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Nokho, ngonyaka odlule, njengoba abafowethu bebezama ukuthintana nabantu noma kuphi lapho bekhona, abamemezeli namaphayona bebelokhu bebonakala ezitobhini zamabhasi ekuseni ngovivi, emagumbini okulinda asezibhedlela, emigwaqweni, ezindaweni zokupaka izimoto nasemapaki omphakathi. OFakazi ungabathola beshumayela kuyo yonke indawo nganoma isiphi isikhathi, emini noma ebusuku. Elinye ibandla linelungiselelo lokuba amaqembu aye kahlanu ngosuku emsebenzini wasemgwaqweni, okungukuthi, ezitobhini zamabhasi nanoma yikuphi lapho abantu bevame ukubuthana khona phakathi nosuku. Baqala ngehora lesithupha ekuseni futhi bathola abantu abangakaze baxoxe noFakazi BakaJehova ngaphambili. Enye indoda okwakuxoxwé nayo ekuseni endleleni iya emsebenzini, lapho iphindela ekhaya kusihlwa yabona abamemezeli abengeziwe besemgwaqweni; yanquma ukuba mhlawumbe icele omunye wabo ayivakashele ekhaya.
Ekuqaleni, abanye abamemezeli babesaba ukuya kubantu ezindaweni zomphakathi. Kodwa labo abakwenza baqala ukuthola imiphumela emihle. Udade wase-Australia wathi: “Ngingumuntu onamahloni, owunyube; empeleni, ngikuthola kunzima kakhulu ukukhuluma ngeqiniso uma ithuba livuleka. Ngakhuthazwa ukuba ngizame ezinye izindlela zokufakaza; ngangazi ukuthi kufanele ngizame. Ngathandaza kuJehova ngamtshela okungikhathazayo futhi nganquma ukuba ngikuzame. Kodwa ngangisenovalo futhi ngilokhu ngithithiza, futhi lokhu kwawukhathaza unembeza wami.” Ekugcineni, ngolunye usuku esebhasini, wamoyizelela omunye umgibeli ebhasini, wayeseqala ukukhuluma naye. Ngakusasa lodade wanikeza lentokazi ipheshana. Lapho behlangana ngesonto elilandelayo, lommemezeli wathi wayeyoqhuba isifundo seBhayibheli. Wamangala lapho lentokazi ifuna ukuhamba naye. Ngokushesha waqala isifundo nayo ngencwadi Ulwazi.
Abamemezeli e-Argentina baqaphela ukuthi abanye abantu ababengabamukeli oFakazi ezindlini zabo babexoxa nabo emgwaqweni. Okwakudingeka nje kwakuwumbuzo olula, obuzwe ngesikhathi esifanele, onjengokuthi, “Ingabe uyavumelana nesigwebo sentambo?” Kwesinye isimo, owesifazane othile okwahlanganwa naye emgwaqweni wayelokhu efuna ukuxoxa noFakazi, kodwa umyeni wakhe emenqamela. Engekho ekhaya wazizwa ekhululekile ukuxoxa. Ngemva kwengxoxo ende, wasivuma isifundo seBhayibheli esasizoqhutshelwa ekhaya lomunye uFakazi.
Abamemezeli ababili e-United States baya emotweni eyayipakile base benikeza owesifazane osemusha owayehleli kuyo omagazini ababili. Bayalandisa: “Njengoba ethatha labomagazini, wavele wakhala. Sabona ukuthi ubefunda iBhayibheli. Wathi ufuna ukujabulisa uNkulunkulu kodwa akazi ukuthi angakwenza kanjani.” Lona wesifazane wabatshela ukuthi: “Bengilokhu ngithandaza kuNkulunkulu ukuba athumele othile ongangisiza.” Akuzange kube nzima ukuqala isifundo naye.
Ngokuphathelene nemizamo yalo yokufakaza ensimini yamabhizinisi, iqembu elishisekayo elifakazayo eNew Zealand labhala: “Siye sahambela izindawo zamabhizinisi ezingu-650, abaphathi bawo abaningi nabanikazi bawo, nakuba bematasa, babesabela kahle ekuhambeleni kwethu. Abaningi ngokungalindelekile bahlala beneBhayibheli emsebenzini.”
Bekuthatha ngokungathi sína ukusikisela okunikezwayo, abanye abafowethu e-Austria ngo-5:30 ekuseni basuke sebefakaza. Baya lapho abashayeli bamaloli bephumula khona ubusuku bonke eduze nomngcele. Amaloli amaningi avela eMpumalanga Yurophu, futhi abanye babashayeli abakaze nje bezwe ngoFakazi BakaJehova. Abafowethu baya khona behlome ngezincwadi ezingezilimi ezingu-20, futhi abamemezeli abathathu noma abane bangase bahambise omagazini abangu-50 nabangu-70 ngamahora nje amabili. Nakuba kunzima ukwenza izimpindelo, kwethenjwa ukuthi enye yalezi zimbewu iyohluma futhi ikhule.—UmSh. 11:1.
Udade e-Italy wacabanga ukuthi abanye babantu abangekho emakhaya basuke besemabhishi. Yilapho ahlangana khona nensizwa yaseSenegal. Wayihambisela incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu. Kuyona lencwadi wabhala ukuthi: “Isifiso sami siwukuba uthole uNkulunkulu weqiniso, Lowo owafundisa mina nomkhaya wami ukuba sihloniphe abantu bazo zonke izinhlanga, ibala nezilimi.” Yazimisela ukuthi lapho iphindela eSenegal, iyobafuna oFakazi BakaJehova. Yeka indlela eyamangala ngayo lapho izwa ukuthi njengoba ibingekho, oFakazi BakaJehova bebelokhu befunda nonina! Ngokushesha wonke umkhaya wawusuhlanganyela esifundweni.
Umbonisi wesifunda ePeru wahlela ukuba iqembu lifakaze erenke yamabhasi evulekile. Kulendawo abantu babebulala inyoka. Amabhasi ayeklele yonke indawo. Kwakulula ukuxoxa namaphoyisa ayesemsebenzini, nalabo ababedayisa ukudla kubantu abathatha uhambo, nakubantu nje bonke. Ngemvume yomshayeli, omunye umzalwane wagibela ebhasini elase ligcwele kakade, waphakamisa omagazini bakhe ababili wabe esenza isaziso: “Nginiphathele omagazini bamuva INqabayokulinda ne-Phaphama! ukuba nibafunde endleleni.” Kwathi cwaka isikhathi eside, indoda ethile eyayihleli ngemuva yathi: “Ngizothatha ababili.” Nenye yasho okufanayo ngokushesha nabanye baqala ukucela omagazini, benikela umnikelwana omncane wokusiza kulomsebenzi. Lomzalwane wabe esebuza ukuthi bakhona yini abangathanda ukuba bahanjelwe othile ezindaweni zabo ezihlukahlukene. Nangempela, abaningana ngenjabulo babhala amagama abo namakheli. Ngezwi eliphakeme elazwiwa yiwo wonke umuntu, esinye isalukazi sathi: “Ngicela uqikelele ukuthi nakanjani ukhona ongivakashelayo. Ngifuna ukuliqonda ngokwengeziwe iBhayibheli lami.”
Ummemezeli othile e-United States waphawula ukuthi ngesikhathi sokudla kwasemini abafundi basesikoleni esiphakeme babebuthana emigwaqweni ethile yasedolobheni eduze nesikole. Iqembu labamemezeli lalungiselela kahle labe seliyoxoxa nabo, kwaba nemiphumela emihle.
Ukuze bafinyelele amaqembu athile abantu, abanye abamemezeli baye bafunda olunye ulimi. EShetland Islands, eduze nogu olusenyakatho yeScotland, amaphayona amabili afunda isiRashiya ukuze akwazi ukufakaza ematilosini aseRashiya achitha izinyanga eziyisithupha minyaka yonke edoba kulolo lugu. Amaphayona asebenzisa isikebhe esincane ukuze aye emikhunjini emikhulu lamadoda asebenzela kuyo.
Udade oyiphayona eHawaii wazikhethela ukufakaza esikhumulweni sezindiza. Abaningi bakujabulela ukuthola izincwadi. Ohambweni lwakhe lokuqala lokuya esikhumulweni, waqala izifundo eziningana. Wakhuluma nezinsizwa ezimbili ezingamasosha ezazisanda kubuya eGibithe. Enye yazo yathi unina unguFakazi. Yeza eHholo LoMbuso futhi yasamukela isifundo seBhayibheli. Elinye isosha lalinemibuzo eminingi ephenyayo ngenxa yokuthi umsebenzi walo wawulenza libone izinto eziningi ezazilenza lizibuze ukuthi iyini injongo yokuphila. Nalo leza eHholo LoMbuso futhi lacela ukuba liqhutshelwe isifundo seBhayibheli.
Elinye lamaphayona e-Argentina lakuthola kuwusizo ukufakaza ngocingo. Usuku ngalunye lapho libuya enkonzweni, lishayela enombolweni eyodwa noma ezimbili. Liyalandisa: ‘Ngolunye usuku ngashaya inombolo ethile kwase kuphendula intombazanyana. Ngayibuza ukuthi yayicabanga ukuthi kungenzeka yini ukuthemba umuntu othile. Yaphendula “ngoCha” oqinisekile. Ngayazisa ukuthi ngingubani futhi ngachaza ukuthi injongo yokushaya kwami ucingo ukuyiqinisekisa ukuthi bakhona abantu esingabathemba naphezu kwezimo zezwe. Yaphikelela ngokuthi yayingathembi muntu, yayingathembi ngisho nabakubo, kuhlanganise nonina. Ngaqala ukusebenzisa iBhayibheli. Yathi yayizamile ukufunda iBhayibheli kodwa yangaliqonda. Ngayitshela ukuthi uNkulunkulu noJesu banesithakazelo kubantu futhi nathi sinjalo. Senza amalungiselelo okuba sihlangane emnyango weHholo LoMbuso. Ayizange ize. Ngayishayela ucingo ngokushesha, futhi yangichazela ukuthi kwakuye kwadingeka iyise uyise esibhedlela nanokuthi yayizamile ukungithinta. Saphinde sahlela ukuhlangana. Kulokhu yafika futhi yamangazwa indlela eyamukelwa ngayo, ikakhulukazi intsha engoFakazi. Manje ifunda kabili ngesonto, ithuthuka kahle kakhulu ngencwadi Ulwazi, futhi iba khona kuyo yonke imihlangano. Yeka umphumela omuhle owabangelwa ukunikeza ubufakazi ngocingo!’
Kusalokhu kuyinselele enkulu ukufinyelela abantu ngezindaba ezinhle ezindaweni ezingazodwa zase-Iceland. Isithunywa sevangeli ogwini olusempumalanga silusebenzisa ngokunenzuzo ucingo. Kanye ngenyanga sihambela iqembu eliqhele ngamakhilomitha angu-300 siyoliqhubela izifundo. Ekuhambeleni ngakunye, sinikeza nenkulumo yeningi bese siqhuba neSifundo Se-Nqabayokulinda. Laba bantu abathakazelayo babe sebeqhutshelwa isifundo seBhayibheli samasonto onke ngocingo. Ngokuhlanganisa olayini ababili bezingcingo nangokusebenzisa ucingo olunesikhulisazwi nombhobho, kuyenzeka ukufunda kanyekanye nabantu abangaba yisihlanu emakhaya amathathu ahlukene. Lapho eqhuba isifundo ngocingo, umqhubi waba imibuzo ngaphambi kokuba ayibuze. Bonke bathola isikhuthazo esikhulu ngokufunda iBhayibheli ngalendlela. Okungenani masonto onke uqhuba izifundo eziyisithupha.
Lapho enakekela umyeni wakhe owagula isikhathi eside, udade waseBahamas wayefakaza ngokubhala. Njalo ekuseni, wayeba nesikhathi esithile ebhalela abesifazane abasencwadini yezingcingo. Wayesebenzisa ukwaziswa okusencwadini Ukubonisana abese esikisela isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala. Ngolunye usuku, owesifazane othile washayela lodade ucingo emtshela ukuthi angasijabulela kakhulu isifundo seBhayibheli. Lona wesifazane wathi lapho ethola incwadi, watshela othile ayesebenza naye ukuthi uNkulunkulu wayemtshela ukuthi kudingeka afunde iBhayibheli. Naphezu kokuphikiswa kanzima unina nomfundisi, lona wesifazane wenza intuthuko enhle. Waqala ukuba khona njalo emihlanganweni, wasula esontweni lakhe, futhi usebhapathiziwe.
Udade oneminyaka engu-79 ohlala emaphandleni eJapane unezinkinga ezingathi sína zempilo. Kodwa ukuze abonge kuJehova, uyiphayona. Uhamba amahora amabili noma amathathu nsuku zonke ngenxa yempilo, esebenzise udondolo noma asebenzisa inqodlana yabantwana ukuze azimelele. Endleleni, uxoxa nabantu ngomusa, futhi akhulume nabanini bamapulazi abasemasimini. Ubhala ngokucophelela amakheli abantu abathakazelayo. Ngenxa yalokho, unabantu abangaphezu kwekhulu emzileni wakhe kamagazini, uhambisa omagazini abangu-600 ngenyanga, ubika izimpindelo ezicishe zibe ngu-200, futhi aqhube izifundo ezintathu zeBhayibheli.
Abanye abamemezeli baye bakwazi ukwehlisa amanetha abo, ngokomoya, bawafaka emanzini okuye kwadotshwa kancane kakhulu kuwo. EMexico, ikakhulukazi uma ugudla undi lwezintaba eSifundazweni sase-Oaxaca, kunamasimu okunzima ukuwafinyelela futhi ngenxa yalokho awasetshenzwa njalo. Kulendawo ulimi olukhulunywayo, akusona iSpanishi, kodwa isiMixe noma isiMazateco. Eminyakeni yamuva, abanye abafowethu baseTehuacán, eSifundazweni sasePuebla, baqala ukuya emadolobhaneni ahlukahlukene kulendawo ukuze bayofakaza. Amaphayona angu-25 eza ezosiza manje asehlala kulendawo futhi asebenza khona, futhi kunanamaphayona avamile endawo angu-15. Iyabonakala imiphumela emihle ngoba manje kunamabandla angu-13.
Umbhangqwana owawusuhlale iminyaka engu-28 ezweni ongazalelwanga kulo washeshe wathatha umhlalaphansi futhi waphindela ePhilippines ukuze uyophayona khona. Ukusuka lapho lombhangqwana uhlala khona eCavite City kuya eTrece Martires, lapho kunendingeko enkulu khona, kuthatha ihora ukuya kuphela. Ingabe kuwufanele lowo mzamo? Esikhathini esingangonyaka nengxenye esidlule, kwakunabamemezeli abangu-19 kuphela ebandleni. Laba bobabili manje baqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-28, futhi muva nje ibandla lonke libike izifundo ezingu-98. Insimu ekhiqizayo ngempela!
Abafowethu abaningi baye baqala ngokusebenza ezindaweni ezinendingeko ekhethekile emazweni abo base bethuthela kwamanye amazwe. Ngokwesibonelo, eminyakeni embalwa edlule, abafowethu abangaba ngu-40 (abazalwane nodade abangashadile, imibhangqwana eshadile esemisha, kanye nemikhaya yonke) baye bathuthela eHonduras besuka eCanada, e-United States, eFrance, eJalimane, eSpain, eSweden, naseJapane. Abaningi babo babesuka eQuebec. Ngaphambili babethuthele eQuebec beyosiza, kodwa lapho umsebenzi usuqhubeka kahle kakhulu kuleyo ngxenye yaseCanada, baqala ukufuna “izindawo zokudoba” ezintsha. Futhi kulensimu entsha bathola imiphumela emihle.
I-Afrika
Encwadini yakhe yokuqala ayeyibhalele abaseKorinte, umphostoli uPawulu wabhala: “Manje asamukelanga umoya wezwe, kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sazi izinto esizinikwe uNkulunkulu ngomusa.” (1 Kor. 2:12) Lowo moya uye wabonakala ngempela koFakazi BakaJehova e-Afrika, futhi uye wabenza bahluka ezweni elinobugovu nelinezinxushunxushu elibazungezile.
Ukungathathi-hlangothi, ukungabi nobandlululo nothando okuboniswa oFakazi BakaJehova kudonsela abantu eZwini likaJehova nasenhlanganweni yakhe. Ngokuphathelene nalokhu, umzalwane othile waseZaire uyabhala: “Edolobhaneni laseMonigi, ngaphandle nje kwaseGoma, amaHutu namaTutsi awasayi emasontweni eLobukholwa, ukuze agweme ukuhlaselana phakathi esontweni! Njengoba iningi lababaleki seliphindele eRwanda, abantu abasasele emadolobhaneni amabili akhelene bayazi ukuthi okuwukuphela kwendawo lapho amaHutu namaTutsi ehlangana khona ngokuthula kuseHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova. Ngenxa yalokho, abaningi babo baye bacela isifundo seBhayibheli.”
Ngemva kweminyaka engu-30 yempi yombango, i-Angola isiqala ukuba nesilinganiso esithile sokuthula. OFakazi BakaJehova bakusebenzisa ngokunenzuzo lokho ukuze bafakaze ngoMbuso kaNkulunkulu. Kwezinye izindawo ukusabela kuhle ngendlela ekhethekile. Ngemva kwesikhawu seminyaka emine, ekugcineni umbonisi wesifunda wakwazi ukuhambela ibandla elithile esifundazweni esisenyakatho sase-Uíge. Kwenziwa amalungiselelo enkulumo yeningi, futhi abamemezeli abangu-75 bajabula ngokuba nabangu-794 ababekhona! Eningizimu yezwe, kwamiswa amakhaya ezithunywa zevangeli eBenguela naseNamibe. Usemkhulu umsebenzi okumelwe wenziwe uma sicabangela ukuthi kwakunabangu-108 394 eSikhumbuzweni, kanti kunabamemezeli abangu-28 969.
Udade oyiphayona e-Addis Ababa, e-Ethiopia, wayesendleleni ephindela ekhaya ngemva kwenkonzo yasensimini. Emnyango wenye indlu, kwakunowesifazane owayegone ingane. Ngokungazelele, lengane eneminyaka emine yadlubulunda kwaze kwaba yilapho iphunyula khona futhi igijimela kudadewethu isivule izandla ifuna ukwangiwa. Lodade wayengawazi lomkhaya, kodwa walibamba leli thuba waxoxa nonina walengane futhi wamcela ukuba baxoxele endlini. Lapho nje iphayona liqala ukufakaza ngethemba loMbuso, lona wesifazane waqala ukukhala. Ebuzwa isizathu, waveza ukuthi wayelungiselela ukuzibulala ngoshevu. Wayesanda kuthandaza nje kuNkulunkulu, ebuza ukuthi kungani eshiywe dengwane, lapho ingane idonsa ukunaka kukadade. Lona wesifazane waqala ukulandisa izinkinga zakhe eziningi. Udade wamduduza, futhi lokhu kwaholela esifundweni seBhayibheli. Naphezu kokuphikisa komkhaya, uthuthuka kahle kakhulu eqinisweni.
UStella, umfundi waseyunivesithi eNigeria, wayefuna iqiniso. Ngemva kweminyaka embalwa esonta eSontweni Likamoya, wacabanga ukuthi wayeyitholile inkolo efanele. Wanquma ukubhala incwadi eyayizobonisa ukuthi zonke ezinye izinkolo ezamanga. Nokho, njengoba ayenza uhlu lwezinkolo ezivelele azaziyo, waqaphela ukuthi wayengazi lutho kangako ngoFakazi BakaJehova. “Ngizoya emihlanganweni yabo izinyanga ezintathu ukuze ngibazi,” ecabanga. Ngaleyo mpelasonto, waya emhlanganweni wesifunda. Ekupheleni kwesimiso, waqala ukuyingabaza inkolo yakhe. Ngesonto elilandelayo wayeseHholo LoMbuso lendawo. Wafunda nezincwadi zoFakazi eziningi ayengazithola. Ngemva kokuya emhlanganweni izikhathi ezintathu, waxoxa nomunye wabadala bebandla futhi wathi: “Mzalwane, ngibhapathize. Manje sengingomunye wenu.” Lomzalwane wamchazela ukuthi kwakunezinto okwakufanele azazi ngaphambi kokuba abhapathizwe. Wabe esemnikeza incwadi okwakufanele ayifunde. UStella wayifunda ngezinsuku ezimbili wabe esephindela kulomdala futhi wathi: “Sengiyiqedile incwadi, mzalwane. Ngibhapathize.” Umdala wahlela ukuba udade othile afunde naye, futhi ezinyangeni ezimbalwa kamuva, uStella wabhapathizwa.
Abafowethu eMali bayaqaphela ukuthi imihlangano yamaKristu ingamanye amalungiselelo uNkulunkulu awalungiselele izinceku zakhe ngomusa. Bafuna abantu abasanda kuhlanganyela bakuqaphele lokho nabo, ngakho bayazikhandla ukuze benze abasanda kuhlanganyela bazizwe bekhululekile. Omunye wabo uyabhala: “Lapho ngiqala ukuvakashela eHholo LoMbuso bangihlaba umxhwele ngempela bonke ubuso obujabulile nothando engaluboniswa. Ngafika sekwephuze ngemizuzu embalwa, ngakho ngahlala ngedwa. Kungakapholi maseko umbhangqwana othile osemusha wanginikeza iBhayibheli ne-Nqabayokulinda. Ngemva komhlangano cishe wonke umuntu eHholo LoMbuso weza kimi wangixhawula futhi bangenza ngakujabulela ukuba nabo. Ngasuka ehholo senginezincwadi ezintathu—iBhayibheli i-New World Translation, Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila nethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Ngaqala ngabo lobo busuku ukuzifunda, futhi ngezwa ngokokuqala ngqá ukuthi igama likaNkulunkulu nguJehova.”
ESierra Leone, uStephen wayehlushwa ayefunda nabo esikoleni ngenxa yokuthi wayengahlanganyeli ezingxoxweni zabo zokuziphatha okubi kobulili futhi engafebi. Engazi, abanye ayefunda nabo babhalela intombazane ethile incwadi yokweshela besebenzisa igama lakhe. Lentombazane yeza kuye futhi yathi: “Ngiyitholile incwadi yakho futhi ngiyavuma, kodwa awukaze uxoxe nami ngakho.” Lomzalwane washaqeka futhi wayitshela ukuthi akukho ncwadi ayeyibhalele yona. Ngakusasa, esikoleni wafika nencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Wabiza lentombazane kanye nabanye afunda nabo ekilasini wabe esexoxa nabo ngesihloko esithi “Ubulili Nokuziphatha.” Kamuva, afunda nabo ekilasini baphinde bazama into efanayo. Umfowethu osemusha waphinde wasebenzisa incwadi ethi Intsha Iyabuza ukuze abonisane nabo ngokuziphatha kwamaKristu. Kancane kancane, iningi lalaba “bahluphi,” njengoba ebabiza kanjalo, baphuma kulesi sikole. Abambalwa babo abasasele bamhlonipha kakhulu ngenxa yesibindi sakhe sokuziphatha ngobuqotho.
Abamemezeli eSwazini bakuthola kulula ukuhambisa incwadi Ulwazi, futhi iphayona elithile labhala ngowesifazane elase lifunde naye izahluko ezingu-9 ngezifundo nje eziyishumi. Ngokuphathelene nalomfundi, lithi: “Awukho nowodwa umhlangano oke wamphuthela kusukela esifundweni sokuqala. ESwazini umsebenzi uyindlala, ngakho uma unikezwa umsebenzi uyawuthatha, ngisho noma iholo lilincane. Umakhelwane walomuntu engifunda naye wammema ukuba baye endaweni yokugembula lapho kwakuzokuba khona izingxoxo zokufuna umsebenzi wokunakekela amatafula okugembula. Lomuntu engifunda naye wenqaba, ethi wayengafuni ukuphuthelwa isifundo sakhe seBhayibheli sangalolo lusuku kusihlwa. Umakhelwane wabe esethi uzomkhokhela imali yokugibela itekisi ukuze abuye ngesikhathi. Nalapha lomuntu engifunda naye wenqaba. Lapho engitshela ngakho, ngambuza ukuthi kungani ayecabanga ukuthi amaKristu awanakusebenza endaweni yokugembula. Wangitshela ukuthi ngokwalokho ayesekufundile esifundweni sakhe seBhayibheli, uJehova akakuvumeli ukugembula. Wanezela: ‘Njengoba ngimthanda uJehova futhi ngifuna ukwenza intando yakhe, ngingasebenza kanjani endaweni yokugembula?’” Iphayona laqhubeka limphenya: “Baholela kahle, futhi beyizokusiza lemali ukuba uthenge izinto ozidingayo. Ingabe uJehova ubengeke aqonde?” Lomfundi wabhekisela encwadini Ulwazi wabe esetshela iphayona ukuthi wayebone kuMathewu 6:33 ukuthi uJehova uyomnakekela njalo futhi amsize ezinkingeni zakhe uma emenza eze kuqala.
I-Asia Neziqhingi Zasepacific
Igatsha laseNdiya liqondisa insimu enkulu—cishe ingxenye eyodwa kweziyisithupha yenani labantu bomhlaba wonke. Ngo-July, labika inani lalo eliphakame labamemezeli elingelama-23 ngokulandelana. Umsebenzi wokuzikhandla woMnyango Wokuhumusha wenza kutholakale izincwadi ngezilimi ezengeziwe, ezinye zazo zikhulunywa izigidi zabantu. Ngonyaka odlule incwadi ethi Ulwazi yanyatheliswa ngezilimi ezingu-11 zaseNdiya. Incwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? iye yanyatheliswa ngezingu-20.
Kulonyaka kungokokuqala ngqá ukuba enye yezincwajana zethu ezingangomagazini ezinemibala egqamile itholakale ngesi-Assamese, isiKhasi, isiKonkani (Devanagari), isiManipuri nesiTibetan. Ngomzamo wokufinyelela abantu abayizigidi ezingu-250 ezingxenyeni zasempumalanga nasenyakatho mpumalanga nezwe, kuye kwanakekelwa ngokukhethekile izilimi ezingu-8 esingenazo nhlobo izincwadi ngazo noma esinezimbalwa kakhulu ngazo. Ngobuqotho abazalwane basebenza ngokuvumelana nesithembiso esingokwesiprofetho sokuthi abantu abavela kuzo ‘zonke izizwe nezizwana nezilimi’ bayokuma phambi kwesihlalo sobukhosi sikaJehova bamukelekile lapho lesi simiso sezinto siphela.—IsAm. 7:9, 10.
Ama-video eNhlangano asiza abantu ukuba babone ubukhulu bomsebenzi woFakazi BakaJehova. Njengoba wawuzimisele ukulisebenzisa ngokunenzuzo leli lungiselelo, omunye umbhangqwana wase-Australia wabhala uhlu lwabantu owawungababonisa ama-video ahlukahlukene. Labo abakujabulela ukubukela eyodwa noma engeziwe alama-video bahlanganisa udokotela wawo, umuntu owubalela izimali, umuntu owulethela iposi, omunye wezithunywa zevangeli zeLobukholwa abahlangana naye endaweni yokudlela, kanye nomfundisi wasendaweni. Ngesikhashana nje, lombhangqwana wakwazi ukubonisa abantu abangaba ngu-70 i-video ethi Organization, ethi Prophecy bayibonisa abangu-35, futhi ethi Purple Triangles bayibonisa abantu abangu-19. Abangu-8 ababona lawo ma-video manje bafundelwa incwadi ethi Ulwazi, futhi abane kulaba manje bangabamemezeli.
Ukucindezela kokuphila ngendlela yomkhaya engokwesiko kwenza kube nzima kakhulu ukwamukela iqiniso leBhayibheli ngabantu abathakazelayo kweminye imindeni yaseSolomon Islands. Yingakho owesifazane othile owavuma ukutadisha iBhayibheli ngokushesha acindezelwa izihlobo zakhe eziningi. Ngokwesiko, izihlobo zingavakashela umndeni isikhathi eside, ngokuvamile zivele zigcwale ekhaya zifune nokudla zinjalo nje. Nokho, lona wesifazane waqhubeka efunda, esebenzisa incwajana engangomagazini ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! Okwammangalisa ukuthi ngolunye usuku, umyeni wakhe oyisikhulu sikahulumeni, wavuma ukufundelwa. Ngokushesha wasibona isidingo sesifundo somkhaya seBhayibheli, futhi izihlobo ezivakashile zasizwa ukuba ziqaphele ukuthi kwakungafanele ziphazamise. Lezi zihlobo zatshelwa nokuthi ukuhlafuna i-betel nut, ukubhema kanye nokuphuza ubhiya ngokweqile kwakungasavunyelwe emzini wakhe. Uhide lwezivakashi eziningi ngokushesha lwancipha. Lomnumzane uyaziwa kakhulu, futhi abantu bamangala lapho bebona izinguquko ezazenzeka. Njengoba esengummemezeli obhapathiziwe, lomfowethu osanda kuhlanganyela uchitha amahora amaningi ehlanganyela iqiniso nabantu abafuna ukulazi: “Yini ekulenkolo?” Umkakhe nezingane nabo bayaqhubeka bethuthuka kahle.
Lapho oFakazi baseTahiti beqala ukuxoxa noRémy nowesifazane osemusha ayehlala naye, wayeyilungu leqembu le-kick-boxing. Wayesewine izikhathi eziningana futhi ngenxa yalokho wayesekhethelwe ukuba ayokulwa ngaphandle kwaseTahiti. Wayenomuzwa wokuthi akekho owayengamhlula. Wayegembula ezindaweni zokugembula futhi alwe nayekipite naye. Wayeziphakamisa. Ingabe iqiniso lalingamsiza ngempela umuntu onjalo? Naphezu kokuphikisa komkhaya wakubo, wavuma ukufundelwa. Kancane kancane iqiniso leBhayibheli lasilolonga isimo sakhe sengqondo. Wawuyeka umsebenzi owawungavumelani nezimiso zeBhayibheli, wayishiya phansi i-kick-boxing, wayeka nokugembula. Ukuxabana ekhaya kwancipha. Washada ngokusemthethweni, futhi isimo sakhe sengqondo ngokuphila sishintshe ngokuphelele. Okuyigugu kuye manje izinto ezingokomoya aye wazizuzela zona yena nomkhaya wakhe ngenxa yokuzuza ulwazi ngoJehova, uNkulunkulu weqiniso.
UThongpliu ungudade othile waseThailand ongafundile kangako. Nokho, njengoba eyiphayona elivamile, wenza inkonzo kaJehova ibe yinto eyinhloko ekuphileni kwakhe. Ngolunye usuku ngeSonto ntambama eya eHholo LoMbuso, wabona umnyango wangaphambili wenye indlu enkulu uvuliwe. Wayengakaze athole muntu lapho eyihambele ngaphambili. UThongpliu waqunga isibindi, waya esangweni, wabiza umninikhaya. Inkosikazi yakulomuzi yabamukela ngenjabulo omagazini ababili. Lapho ephindela, lona wesifazane wabuza uThongpliu ukuthi wayefunde kangakanani. Lapho emtshela ukuthi wayefunde wagcina ebangeni lesibili, lona wesifazane wabuza ngokumangala: “Kungani wazi izinto eziningi kangaka mina engingazazi? Mina ngineziqu zaseyunivesithi.” Wamtshela nokuthi sekukaningi edlula uThongpliu ehamba elangeni elishisayo yena ehamba ngemoto yakhe eheleza umoya opholile. Wabe esenezela: “Bengingazi ukuthi usuke uyaphi, kodwa njalo ubukeka ujabulile futhi wanelisekile. Uma ungibukela kude ungacabanga ukuthi ngiyajabula, kodwa uma ungibhekisisa, uzoqaphela ukuthi angijabuli. Kumelwe ukuba ulwazi lwakho lweBhayibheli olukwenza ujabule. Ngicela ungilethele iBhayibheli bese ulifunda nami.”
IYurophu
Lapho besemsebenzini wendlu ngendlu eLatvia, abamemezeli ababili bahlangana noSvetlana, owalalela lapho befunda uJohane 17:3. Bambonisa indlela yokufunda iBhayibheli ngosizo lwencwadi ethi Ulwazi. Ngemva kokufunda bambuza ukuthi angathanda ukuqhubeka nini. “Kusasa,” ephendula ngesizotha. Ngemva kwesifundo ngasinye lapho ebuzwa ukuthi bazofunda nini futhi, wayephendula ngokuthi, “Kusasa.” Isikhathi ngasinye babexoxa ngesahluko esisodwa sencwadi ethi Ulwazi.
Ngemva kwezinsuku eziyishumi wambuka emehlweni lowo owayemqhubela isifundo wabe esethi: “Ngifisa ukuba ngumuntu owesaba uNkulunkulu. Kufanele ngenzeni?” Njengoba asamukela iseluleko asinikezwa, ngokushesha wenza imihlangano yebandla yaba ingxenye ebalulekile yokuphila kwakhe nabantwana bakhe. Emhlanganweni wesithathu aya kuwo, waqala ukuphendula. Incwadi Ulwazi yaqedwa ngamasonto amane nosuku. Lapho befunda isahluko 12, walahla izincwadi zemimoya. Esahlukweni 14, wayeka konke ukuphamba futhi waqala ukukhokha imali lapho ehamba ngesitimela. Wathi: “Ngemva kwesifundo ngasinye ngangizizwa ngiya ngihlanzeka ngokwengeziwe.” Lapho beqeda isahluko 15, waqala isifundo somkhaya, nakuba kwakuthanda ukuba nzima ekuqaleni. Isahluko 18 saqinisekisa uSvetlana ngesidingo senkonzo yasensimini nobhapathizo.
Ngaphambi kokuba afunde iqiniso, uSvetlana wayeyisimuka-nandwendwe soqobo. Ngemva kwesenzakalo esamethusa kanzima, wayenqume ukukuyeka ayekwenza, kodwa ukuphila kwakungenanjongo. Nokho, lokho kwaqala ukushintsha lapho eqala ukuzuza ulwazi ngoJehova. Manje uthi: “Ngiyajabula ngempela. . . . Ngiyamthanda uJehova nabafowethu, futhi nginethemba lokuthi mina nezingane zami siyokwazi ukuphila ePharadesi.” Ngemva nje kwamasonto amane, waba ummemezeli ongabhapathiziwe, wabe esebhapathizwa emhlanganweni waseRussia owawuseRiga.
URyan, oneminyaka engu-12, eBrithani, kwadingeka alungiselele inkulumo ayezoyinikeza ekilasini lakhe esikoleni ngesihloko esithi, “Umuntu Engimazisa Kakhulu.” Yeka ithuba elihle lokufakaza! URyan wakhetha ukukhuluma ngoJesu Kristu. Walungiselela kahle wabe esenikeza inkulumo eyathatha imizuzu eyishumi, ecaphuna imibhalo ukuze asekele amaphuzu ayewasho. Ekuphetheni wahambisa incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila kuwo wonke umuntu owayenesithakazelo. Izincwadi ezimbili ayeziphethe zamukelwa ngenjabulo, kwabe sekufakwa ama-oda ezinye ezinhlanu. Ngosuku olulandelayo waya neziyisithupha esikoleni, wazihambisa, baphinde bacela ezinye eziyisithupha. Ngosuku olulandelayo, wahamba neziyisikhombisa, wazihambisa, kwacelwa ezinye ezimbili.
EFaeroe Islands, abafundi abathile banikezwa umsebenzi wesikole owawudinga ukuba bathole ukwaziswa ngoFakazi BakaJehova. Okwakukhona esikoleni kwakunganele futhi kungamanga. Lapho uFakazi osemusha ezikhethela ukubaphathela ukwaziswa okuthile ababengakusebenzisa, bavuma. Wabe esenikeza nothisha i-video ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name. Wayibukisa lonke ikilasi, futhi kamuva ngalo lelo sonto, yabukiswa namanye amakilasi.
Lapho insizwa ethile eyayisembuthweni wamaphoyisa eGreece iqala ukufunda iqiniso, yaphikiswa kakhulu izihlobo zayo. Umkhwe wayo wathatha inkosikazi yalensizwa wayiyisa kubapristi, ezazini zenkolo wayeseyiyisa kumbhishobhi, owayikhuthaza ukuba ifake isehlukaniso futhi wayithembisa ukuthi wayezoyitholela enye indoda. Inomyeni wayo ekhaya, yabona indlela lesi sifundo esasithuthukisa ukuziphatha kwakhe ngayo, futhi yaqaphela nokuziphatha koFakazi ayehlanganyela nabo. Yahlanganyela naye ekufundeni, kodwa abazali benkosikazi bakwenza kwaba umthwalo wabo wemfanelo ukwenza indodakazi yalombhangqwana osemusha ukuba ibhapathizwe eSontweni lamaGreki Lobu-Orthodox. Umkhwe wakhe wasongela ngokuthi wayezoshaya umkhwenyana, futhi ekanye namanye amalungu amabili omkhaya, baya eHholo LoMbuso bayodala inxushunxushu. Kodwa lolo dweshu lwadlula lapho lensizwa nomkayo belimelela ngokuqinile iqiniso. Yona nomkayo babhapathizwa. Manje bobabili abazali bomkayo baqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Umlamu wayo, owahlanganyela ekudaleni inxushunxushu eHholo LoMbuso, naye wabhapathizwa nomkakhe.
Ukuze avuselele i-passport yakhe yokuphuma eBulgaria aye emhlanganweni wesigodi walonyaka eRomania kanye nonina nogogo nomkhulu, uBlagomira oneminyaka engu-9 kwakudingeka asayinelwe uyise, owayewulahlile umkhaya ngaphambi kokuba ube oFakazi. Ubaba wenqaba waphetha ukusekela isifiso sendodakazi yakhe encane. Njalo yayimshayela ucingo icele ukuba ayisayinele, kodwa kube nhlanga zimuka nomoya. Ngokungalindelekile, ngoMsombuluko wesonto lomhlangano, udadewabo kaBlagomira omdala wavakashela umkhaya wakubo wabe esetshela ugogo ukuthi uyise wayezovuma ukusayina isicelo se-passport yokuya kwelinye izwe. Wahamba engazange achaze izinto eziningi. Akekho owayazi ukuthi uyise wayezotholakala nini futhi kuphi ukuze asayine. Lapho befika ekhaya bevela ensimini futhi bezwa lezi zindaba, uBlagomira nonina bathandaza ndawonye: “Uma kuyintando yakho Jehova ukuba sibe ndawonye emhlanganweni, sicela usisize. Kusasa ekuseni sizobe silinde ehhovisi lama-passport.” Ukuze baqiniseke ukuthi bazoba abokuqala lapho, bathatha izihlalo ezimbili ezincane futhi basuka ekhaya ngo–4:30 ekuseni. Ngemva kwesikhashana, uBlagomira waya emzini kayise, owawungekude kakhulu. Wamqabula wabe esebuza: “Baba, ingabe uzokuza? Mina nomama besilokhu silindile kusukela kudlule imizuzu eyishumi ngemva kwehora lesihlanu.” Wagqoka ngokushesha wabe esehamba nendodakazi yakhe ukuze ayoyisayinela. Ngokumangalisayo, i-passport yatholakala ngosuku olulandelayo, yafika ngesikhathi ukuze bahambe ngakusasa ekuseni! Unina kaBlagomira wayisiza indodakazi yakhe ukuba iqaphele ukuthi lobu kwakuwubufakazi obusobala bokuba khona kukaJehova nobothando lwakhe ngoBlagomira. Wathi lokhu kwakufanele kusiqinise nangokwengeziwe isinqumo sikaBlagomira sokumkhonza phakade. Ngemva komhlangano uBlagomira wapha uyise isipho sencwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya.
Lapho lifakaza emgwaqweni, iphayona elikhethekile ePoland lahlangana nentokazi ethile eyalimemela emzini wayo yaze ngisho yalilayela nendlela. Nokho, lapho uFakazi efika ngesikhathi okwakuvunyelwene ngaso, akekho owavula umnyango, nakuba ayezwa ukuthi ukhona okhona ngaphakathi. Lapho esehambile kuleyo ngxenye yemizi, udadewethu wafakaza ensizweni ethile esiqinile eyabonisa isithakazelo. Ekuhambeleni okulandelayo, kwaqalwa isifundo esihle nayo nomkayo. Nokho, udade wanquma ukuphinde avakashele leya ntokazi. Ebheka embhalweni wakhe wendlu ngendlu, waphawula ukuthi esikhathini esidlule wayeye endaweni okungeyona. Waphuthuma waya ekhelini elifanele, futhi lentokazi yajabulela ukumbona. Lapho udade exolisa, owesifazane wathi: “Ngimtshelile umyeni wami ukuthi ngimeme oFakazi BakaJehova. Wanilinda ukuze anixoshe. Ngangethukile ngase ngithandaza ekamelweni lami ukuba ningezi, kodwa ngiyajabula ukuthi uzile namhlanje.” Udade manje unezifundo zeBhayibheli ezimbili ezinhle futhi uyaqiniseka ukuthi izingelosi zamsiza ukuba kwenzeke ngalendlela.
Amazwe Asemelika
Umzalwane othile eCanada wayekuthola kunzima kakhulu ukuzichaza njengomunye woFakazi BakaJehova emsebenzini nokufakaza ngokwethukela. Kodwa wathandaza ngakho, waqunga isibindi, wabe eseqala. Umuntu asebenza naye waqale wangafuna ukulalela, kodwa ukuthintwa kwethemba lovuko kwaholela esifundweni seBhayibheli. Ngalolo lusuku kusihlwa, lomzalwane wathandaza: “Jehova, ngiyathembisa ukuthi ngeke ngiphinde ngiphunyukwe elinye ithuba lokukhuluma nomakhelwane bami. Njalo ngiyobabheka njengabantu okungenzeka babe abafowethu nodadewethu.” Uye wakwenza lokhu. Kwenye indawo asebenza kuyo kamuva, izisebenzi zametha ngokuthi uMose ngenxa yokufakaza kwakhe ngentshiseko ngezikhathi zokudla kwasemini nezetiye. Uyisebenzisa ngokunenzuzo i-video yeNhlangano ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name. Ngasekuqaleni konyaka odlule, abantu abangu-394 asebenza nabo base beyibukelile le-video, ingasabalwa imikhaya yabo nabangane, futhi kunabantu abaningi abalindile abafuna ukuyibukela. Ngemva kweminyaka engu-14 ekulemboni, lomfowethu uye wakwazi ukusiza abantu abangu-34 ukuba babhapathizwe.
EChile, kwenziwa imizamo ekhethekile ngesikhathi sasehlobo yokuba kufinyelelwe amasimu aqhelile. Imikhaya eminingi yachitha iholide layo ngalendlela. Yathola abantu ababomele iqiniso. Cishe abantu abangu-30 000 bahlala eziqhingini eziningi ezincane eningizimu nezwe. Abafowethu bazama ukubafinyelela ngendiza. Noma nini lapho kungenzeka, babehla ngendiza bese beyafakaza. Lapho babengakwazi ukuhlala khona, babendiza phezu kwemizi bese behlisa amaphasela anomagazini ababili, ukuze nakulezo zindawo abantu bazi ukuthi yini uJehova ahlose ukuyenza ngoMbuso wakhe.
EDominican Republic, akukhona okungavamile ngabafundi beBhayibheli ukuba kubavusele ugqozi lokho abakufundayo kangangokuba baze baqale ukuqhubela abanye izifundo ngisho nangaphambi kokuba bamiswe njengabamemezeli abangabhapathiziwe. Ngemva kokuba insizwa ethile iye emihlanganweni izinyanga ezimbalwa edolobheni elikhulu, yabuyela edolobhaneni lakubo elisezintabeni yabe isiqala ukuhlanganyela nabanye lokho eyayikufundile. Lapho amaphayona amabili efika kulensimu “engakaze isetshenzwe,” bonke abaninikhaya babelokhu bethi uRadhamés wayesebatshelile ngalokho amaphayona akhuluma ngakho. Ekugcineni, abafowethu bamthola uRadhamés. Ngaphambi kokuba yena nomkhaya wakhe baqale ukufundelwa iBhayibheli, wathatha amaphayona wawayisa kwabanye ayelokhu ebafundela. Yena nomkakhe manje babhapathiziwe.
EYacuiba, eBolivia, iqembu labavangeli lendawo lahlela ukuba isiteshi esithile se-TV sibonise ifilimu eyayenziwe izihlubuki. Ngenxa yethonya elibi lalolo luhlelo, abadala banquma ukuba bavakashele iziteshi ezimbili ze-TV futhi bacela ukukhokha okuthile ukuze umphakathi ubukiswe i-video ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name nethi The Bible—A Book of Fact and Prophecy. Ngemva kokubukela lama-video eNhlangano, umnikazi wesiteshi somsakazo wacasuka ngenxa yamanga ayeboniswe ohlelweni lwezihlubuki wabe esecela ukuba phakathi nezinhlelo zomsakazo enze izaziso eziphathelene nomhlangano wesigodi woFakazi BakaJehova. Abeza baba baningi ngendlela engavamile, futhi abaningi abanhliziyo ziqotho baqala ukubuza imibuzo eqotho lapho oFakazi bebahambela enkonzweni yasensimini.
Isikhulu esiphethe imboni enkulu yengilazi e-Ecuador sasifuna ukuhlela ukuba izisebenzi zaso zifundiswe ngezindinganiso zomkhaya nezokuziphatha. Umqondisi wokuphathwa kwezimali zabantu wacela abapristi abathile kodwa kwangaba bikho abasabelayo. Lapho uFakazi othile ezwa ngalokhu, waya kulomphathi wambonisa uhlu lwezihloko omagazini bethu abakhuluma ngazo. Umphathi wahlabeka umxhwele, wakhetha izihloko ezintathu, wabe esehlela ukuba kube nesimiso samahora amabili okwakuzoba khona zonke izisebenzi kuso, azihlukanisa zaba ngamaqembu angu-7 ngalinye laba nabantu abangu-30. Abafowethu abathathu abafanelekayo baba nezingxenye kulezi zimiso. Izilaleli zacelwa ukuba ziphawule futhi zibuze nemibuzo. Lapho sekukhulunywa ngesihloko sokwethembeka, unogada wathi ucabanga ukuthi kwakungekubi ukweba ngaphansi kwezimo ezithile. Omunye wavuma, ethi, “Uma umama egula futhi ngingenayo imali, kufanele ngebe. Noma ingabe kufanele ngimyeke afe?” Lapho ephendula, umfowethu wabatshela ngobaba othile owayesemusha owayenesikweleti sentela yendlu sezinyanga ezintathu. Wazihlanganisa neqembu lamasela futhi wabulawa lapho bezama ukuphanga, washiya umfelokazi nezingane ezintathu. “Ngakolunye uhlangothi,” umfowethu echaza, “abantu abathembekile ngokuvamile baba nabangane abakahle ababasizayo esimweni esiphuthumayo.” Ekuphetheni kwengxenye ngayinye, abaningi babezwakalisa ukwazisa. Abanye bashiya amagama abo namakheli bacela abafowethu ukuba babavakashele. Abaphathi bathi babezothengela noma ubani ofuna incwadi ethi Ukuphila Komkhaya. Abangu-66 bathi bayayifuna. Ngakho incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila kwahlotshiswa ngayo endaweni yokwamukela izivakashi, kamuva kwabekwa ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Lapho kubhalwa lokhu okuhlangenwe nakho, abesalokhu efika ama-oda alezi zincwadi. Lokhu kwaziswa okuwusizo kwabahlaba umxhwele kakhulu abaphathi futhi bafuna ukuhlela ukuba kube nesinye isimiso ngemva kwezinyanga eziyisithupha.
EParaguay iphayona lahambisa incwadi ethi Ulwazi kowesifazane othile owayebonise isithakazelo kodwa owabe eseshintsha ingxoxo lapho kusikiselwa isifundo seBhayibheli. Ngokuhamba kwesikhathi, watshela leli phayona ukuthi lokho ayekuboniswa eBhayibhelini kwakungavumelani nezinkolelo zakhe, ngakho wayengasafuni ukuba uFakazi aqhubeke emvakashela. Nokho, ezinyangeni ezithile kamuva lapho iphayona limvakashela nomagazini wamuva i-Phaphama!, lona wesifazane wenza sengathi ubevele elinde ngokubekezela ukuba lodade abuye. Lona wesifazane wachaza ukuthi wayeyifundile incwadi ethi Ulwazi, wathi yinhle ngendlela eyisimanga, futhi ubesefunda iBhayibheli nomakhelwane bakhe abathathu, ngokwalokho ayekufunde esahlukweni 16 salencwadi. Lapho udadewethu ephindela esehamba nomyeni wakhe, lona wesifazane wayelindile. Kodwa-ke, esikhundleni sokuba isifundo siqhutshelwe emzini wakhe, waya nabo emzini kamakhelwane wakhe, owayeba khona lapho bemvakashele. Benalomakhelwane baya emzini kamakhelwane wesibili, base beya bobahlanu endlini yesithathu, lapho inkosikazi yakhona yayilindele isifundo seBhayibheli. Bonke bathuthuka kahle.
Lapho efakaza endlini ngendlu, udade oyiphayona e-Uruguay wangqongqoza emnyango owavulwa intombazanyana. Abazali balentombazane babengekho ekhaya, ngakho udadewethu wanikeza yona lentombazane ubufakazi, futhi yabonisa isithakazelo sangempela. Ekuphetheni, uFakazi wasikisela isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke kulentombazane kodwa wayitshela ukuba iqale icele imvume kubazali bayo. Babeyosabela kanjani abazali bayo? Okwammangalisa kakhulu ummemezeli ukuthi unina wavuma ukuba kufundwe iBhayibheli nendodakazi yakhe, kodwa wabe esebuza ukuthi wawungahlanganyela yini wonke umkhaya. Yayingekho inkinga! Ngakho njengamanje isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke siqhutshelwa amalungu amane alomkhaya—konke lokhu kwenzeka ngoba kwanikezwa ubufakazi entombazaneni encane.
Kuye kwalinganiselwa ukuthi ezwekazini lase-United States, kunezithulu ezingaphezu kwezigidi ezimbili ezikhuluma ngoLimi Lwezandla LwaseMelika. Ziningi izinselele okuhlangatshezwana nazo enkonzweni yasensimini yabakhuluma ngezandla. Amanye amaphayona ahamba cishe amakhilomitha angu-300 ngosuku ukuze afinyelele abantu abangu-8 noma abangu-9, abaningi babo okungenzeka bangabi bikho ekhaya. Ukuze uthole izithulu ensimini, kudingeka uthathe isinyathelo kuqala. Emadolobheni amakhulu axhasa izinhlelo zokusiza izithulu, abamemezeli abanekhono lokukhuluma ngezandla baye bathola imvume yokumisa itafula noma okusatafula bese bebeka kuwo izincwadi esinazo zezithulu ngendlela ekhangayo. Beza nama-TV kanye nama-VCR ukuze badlale ama-video ethu oLimi Lwezandla LwaseMelika. Lokhu kuvula ithuba elihle lokuthola abengeziwe abayizithulu, lokubahambisela izincwadi, nelokwenza amalungiselelo okubavakashela emakhaya. Kwesinye isenzakalo esinjalo, abafowethu bathola amagama namakheli abantu abangu-40 ababengakaze bahlangane nabo ngaphambili.
Esinye sezenzakalo ezinkulu eGuyana kulonyaka odlule kwakuwumshado wosuku olulodwa, wemibhangqwana engu-79 eba khona emihlanganweni eBandleni LaseBaramita. Ilungu leKomiti Yegatsha lanikeza inkulumo yomshado, yahunyushelwa olimini lwesiCarib, umbhangqwana ngamunye wabe ususho ngokuzwakalayo izifungo ngesiCarib. Yini eyashukumisa lemibhangqwana engu-79 ukuba ishade? Kungenxa yokuthi iqiniso leBhayibheli lalishintshe umbono wayo ngokuphila. Phambi kukaJehova nofakazi abaningi, yayivuma ukuhlala nomngane womshado oyedwa nokuphila ngokuvumelana nendinganiso yeBhayibheli yomshado ohloniphekayo. Ezinsukwini ezintathu kamuva, abantu abangu-41, iningi labo elalingabanye balemibhangqwana eyayisanda kushada, beza kulabo ababebafundela nabo futhi baveza isifiso sabo sokuba abamemezeli abangabhapathiziwe.
AmaCarib akulendawo azimisele ukufunda okuningi ngangokunokwenzeka ngoJehova nenhlangano yakhe nokukufunda ngokushesha ngangokunokwenzeka. Ahamba amahora amabili, amathathu, noma engeziwe ukuze abe khona emihlanganweni masonto onke. Ambalwa kakhulu afika sekwephuzile, nakuba ehamba emahlathini anemifula, amahlosi, izinyoka ezinobuthi, nokunye okufana nalokho. Maningi afuna ukufunda iqiniso ngoNkulunkulu kangangokuba oFakazi baqhuba izifundo zabo zeBhayibheli namaqembu abafundi asukela kubantu abangu-40 kuya kwabangu-70.