Isahluko Sesihlanu
Qeqesha Ingane Yakho Kusukela Isewusana
1, 2. Abazali kufanele babheke kubani ukuze bathole usizo ekukhuliseni izingane zabo?
“ABANTWANA bayifa elivela kuJehova,” kwasho umzali onokwazisa eminyakeni ecishe ibe ngu-3 000 edlule. (IHubo 127:3) Ngempela, injabulo yokuba umzali ingumvuzo oyigugu ovela kuNkulunkulu, otholwa abantu abaningi abashadile. Nokho, labo abanezingane basheshe baqaphele ukuthi kanye nalenjabulo, ukuba umzali kuletha imithwalo yemfanelo.
2 Ukukhulisa izingane kuwumsebenzi osabekayo, ikakhulukazi namuhla. Nakuba kunjalo, abaningi baye bawenza ngempumelelo, futhi umhubi ophefumulelwe unikeza isiqondiso, ethi: “Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo.” (IHubo 127:1) Lapho uzilandela eduze iziyalezo zikaJehova, uyoba umzali ongcono. IBhayibheli lithi: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda.” (IzAga 3:5) Ingabe uzimisele ukulalela iseluleko sikaJehova njengoba uqala umsebenzi weminyaka engu-20 wokukhulisa ingane?
UKWAMUKELA UMBONO WEBHAYIBHELI
3. Yimuphi umthwalo wemfanelo obaba abanawo ekukhulisweni kwezingane?
3 Emakhaya amaningi emhlabeni wonke, amadoda abheka ukuqeqeshwa kwengane njengomsebenzi womuntu wesifazane ngokuyinhloko. Yiqiniso, iZwi likaNkulunkulu libhekisela endimeni kababa njengomondli oyinhloko. Nokho, libuye lithi unemisebenzi emdingayo ekhaya. IBhayibheli lithi: “Qeda umsebenzi wakho ngaphandle, uzilungiselele wona ensimini, wakhe ngasemuva indlu yakho.” (IzAga 24:27) Ngokombono kaNkulunkulu, obaba nomama babambisene ekuqeqesheni ingane.—IzAga 1:8, 9.
4. Kungani kungafanele sibheke izingane zabafana njengezingcono kunezamantombazane?
4 Uzibheka kanjani izingane zakho? Imibiko ithi e-Asia “abantwana bamantombazane ngokuvamile abamukelwa kahle.” Kubikwa ukuthi amantombazane asabandlululwa eLatin America, ngisho ‘nasemikhayeni ekhanyiseleke kakhudlwana.’ Nokho, iqiniso liwukuthi, amantombazane awazona izingane ezisezingeni eliphansi. UJakobe, ubaba ovelele wasendulo, wachaza izingane zakhe zonke, kuhlanganise nanoma imaphi amadodakazi ayesezelwe ngaleso sikhathi, ngokuthi ‘abantwana uNkulunkulu angiphe bona ngomusa.’ (Genesise 33:1-5; 37:35) Ngokufanayo, uJesu wababusisa bonke “abantwana abancane” (abafana namantombazane) ababelethwe kuye. (Mathewu 19:13-15) Singaqiniseka ukuthi wabonisa umbono kaJehova.—Duteronomi 16:14.
5. Yiziphi izinto zokucatshangelwa okufanele zibuse isinqumo sombhangqwana mayelana nobukhulu bomkhaya wawo?
5 Ingabe umphakathi wakini ulindele ukuba owesifazane azale izingane eziningi ngangokunokwenzeka? Ngokufanelekayo, ukuthi zingaki izingane umbhangqwana oshadile oba nazo kuyisinqumo sawo. Kuthiwani uma abazali bengenamandla okondla, okugqokisa, nokufundisa izingane eziningi? Ngokuqinisekile, umbhangqwana kufanele ukucabangele lokhu lapho unquma ubukhulu bomkhaya wawo. Eminye imibhangqwana engase ingakwazi ukondla zonke izingane zayo iphathisa izihlobo umthwalo wokukhulisa ezinye zazo. Ingabe muhle lomkhuba? Awumuhle ngempela. Futhi awubakhululi abazali esibophweni abanaso ezinganeni zabo. IBhayibheli lithi: “Uma noma ubani engabondli abakubo siqu, futhi ikakhulukazi labo abangamalungu endlu yakhe, uluphikile ukholo.” (1 Thimothewu 5:8) Imibhangqwana evuthiwe izama ukuhlela ubukhulu ‘bendlu’ yayo ngendlela yokuba ikwazi ‘ukondla abakwayo.’ Ingabe ingayivimbela inzalo ukuze ikwazi ukwenza lokhu? Nalokho futhi kuyisinqumo somuntu siqu, futhi uma imibhangqwana eshadile inquma ukuthatha lenkambo, ukuthi izoyivimba ngani inzalo nakho kuyindaba yomuntu siqu. “Yilowo nalowo uyothwala umthwalo wakhe siqu.” (Galathiya 6:5) Nokho, ukuvimba inzalo okuhilela noma iluphi uhlobo lokukhipha isisu kuphambene nezimiso zeBhayibheli. UJehova uNkulunkulu ‘ungumthombo wokuphila.’ (IHubo 36:9) Ngakho-ke, ukubulala ukuphila ngemva kokuba sekwakhekile kungabonisa ukumdelela okukhulu uJehova futhi kuyafana nokubulala.—Eksodusi 21:22, 23; IHubo 139:16; Jeremiya 1:5.
UKWANELISA IZIDINGO ZENGANE YAKHO
6. Kufanele kuqale nini ukuqeqeshwa kwengane?
6 IzAga 22:6 zithi: “Khulisa umntwana ngendlela eyakuba-ngeyakhe.” Ukuqeqesha izingane kungomunye umsebenzi omkhulu wabazali. Kodwa-ke, kufanele kuqalwe nini lokho kuqeqesha? Kufanele kusheshe impela. Umphostoli uPawulu waphawula ukuthi uThimothewu wayeqeqeshwe ‘kusukela ewusana.’ (2 Thimothewu 3:15) Igama lesiGreki elisetshenziswe lapha lingabhekisela kumntwana omncane noma ngisho enganeni engakazalwa. (Luka 1:41, 44; IzEnzo 7:18-20) Ngakho, uThimothewu waqeqeshwa kusukela esemncane kakhulu—futhi kufanele. Isikhathi lapho ingane isewusana siyisikhathi esikahle sokuqala ukuyiqeqesha. Ngisho nomntwana omncane uyalulambela ulwazi.
7. (a) Kungani kubalulekile ukuba bobabili abazali bakhe ubuhlobo obuseduze nomntwana? (b) Yibuphi ubuhlobo obabukhona phakathi kukaJehova neNdodana yakhe ezelwe yodwa?
7 “Lapho ngiqala ukubona umntanami,” kusho umama othile, “ngamthanda.” Kunjalo nangomama abaningi. Lokho kusondelana okuhle phakathi kukamama nomntwana kuyakhula njengoba bechitha isikhathi ndawonye ngemva kokuzalwa komntwana. Ukuncelisa kuyanezela kulokho kusondelana. (Qhathanisa neyoku-1 Thesalonika 2:7.) Ukuphulula kukamama umntanakhe nokukhuluma naye kubalulekile ekwaneliseni izidingo zomntwana ezingokomzwelo. (Qhathanisa no-Isaya 66:12.) Kodwa kuthiwani ngobaba? Naye futhi kufanele abe nobuhlobo obuseduze nomntanakhe omusha. UJehova ngokwakhe uyisibonelo salokhu. Encwadini yezAga, sifunda ngobuhlobo bukaJehova neNdodana yakhe ezelwe yodwa, echazwa njengethi: “UJehova wangidala ngingukuqala kwendlela yakhe . . . ngiyintokozo yakhe imihla ngemihla.” (IzAga 8:22, 30; Johane 1:14) Ngokufanayo, ubaba omuhle uhlakulela ubuhlobo obufudumele, bothando nengane yakhe khona kanye ekuqaleni kokuphila kwayo. “Bonisa uthando lomzwelo olukhulu,” kusho umzali othile. “Ayikho ingane eyake yabulawa ukugonwa nokuqatshulwa.”
8. Yikuphi ukushukunyiswa kwengqondo abazali okufanele bakunikeze abantwana ngokushesha ngangokunokwenzeka?
8 Kodwa abantwana badinga okwengeziwe. Lapho bezalwa nje, ubuchopho babo busuke sebukulungele ukwamukela ulwazi nokulugcina, futhi abazali bawumthombo oyinhloko walo. Ngokwesibonelo, cabanga ngolimi. Abacwaningi bathi ukuthi ingane iyokufunda kahle kangakanani ukukhuluma nokufunda “kucatshangelwa ukuthi kuhlobene eduze nokusebenzelana kokuqala kwengane nabazali bayo.” Khuluma nengane yakho futhi uyifundele kusukela ebuntwaneni kuqhubeke. Ngokushesha iyofuna ukukulingisa, futhi kungakapheli sikhathi uyobe usuyifundisa ukufunda. Cishe iyobe isikwazi ukufunda ngaphambi kokungena esikoleni. Lokho kuyosiza nakakhulu uma uhlala ezweni lapho othisha bembalwa khona namakilasi eminyene.
9. Yimuphi umgomo obaluleke kunayo yonke okudingeka abazali bawukhumbule?
9 Ukukhathalela okuyinhloko kwabazali abangamaKristu kuwukwanelisa izidingo ezingokomoya zengane yabo. (Bheka uDuteronomi 8:3.) Ngamuphi umgomo? Ngowokusiza ingane yabo yakhe ubuntu obunjengobukaKristu, empeleni, ukuze igqoke “ubuntu obusha.” (Efesu 4:24) Ukuze bawufinyelele kudingeka bacabangele izinto ezifanele zokwakha nezindlela ezifanele zokwakha.
GXILISA IQINISO ENGANENI YAKHO
10. Yiziphi izimfanelo okudingeka izingane zizihlakulele?
10 Izinga lesakhiwo lixhomeke kakhulu ohlotsheni lwezinto zokwakha ezisetshenzisiwe kuso. Umphostoli uPawulu wathi izinto ezinhle kunazo zonke zokwakha ubuntu bobuKristu ‘igolide, isiliva, amatshe ayigugu.’ (1 Korinte 3:10-12) Zimelela izimfanelo ezinjengokholo, ukuhlakanipha, ukuqonda, ubuqotho, inhlonipho, nokwazisa kothando ngoJehova nemithetho yakhe. (IHubo 19:7-11; IzAga 2:1-6; 3:13, 14) Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo kusukela zisencane impela ukuba zihlakulele lezi zimfanelo? Ngokulandela inqubo eyashiwo kudala.
11. Abazali abangama-Israyeli babezisiza kanjani izingane zabo ukuba zihlakulele izimfanelo zokuhlonipha uNkulunkulu?
11 Ngaphambi nje kokuba isizwe sakwa-Israyeli singene eZweni Lesithembiso, uJehova watshela abazali abangama-Israyeli ukuthi: “Lawamazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba-senhliziyweni yakho, ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.” (Duteronomi 6:6, 7) Yebo, abazali kudingeka babe izibonelo, abangane, abantu abaxoxayo, nabafundisi.
12. Kungani kubalulekile ukuba abazali babe izibonelo ezinhle?
12 Yiba isibonelo. Okokuqala, uJehova wathi: “Lawamazwi . . . ayakuba-senhliziyweni yakho.” Wabe esethi: “Ubafundise impela wona abantwana bakho.” Ngakho izimfanelo zokuhlonipha uNkulunkulu kumelwe zibe senhliziyweni yomzali kuqala. Umzali kumelwe alithande iqiniso futhi aphile ngalo. Kungokwenza kanjalo kuphela lapho engayifinyelela khona inhliziyo yengane. (IzAga 20:7) Ngani? Ngoba izingane zithonywa kakhulu yilokho ezikubonayo kunalokho ezikuzwayo.—Luka 6:40; 1 Korinte 11:1.
13. Abazali abangamaKristu bangasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu ekunikezeni izingane zabo ukunaka?
13 Yiba umngane. UJehova watshela abazali kwa-Israyeli ukuthi: ‘Khuluma nezingane zakho lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni.’ Lokhu kudinga ukuba abazali bachithe isikhathi nezingane kungakhathaliseki ukuthi bamatasa kangakanani. Ngokusobala uJesu wayenomuzwa wokuthi izingane zazikufanelekela ukuthola isikhathi sakhe. Phakathi nezinsuku zokugcina zenkonzo yakhe, “abantu baqala ukumlethela abantwana abancane ukuze abathinte.” Wasabela kanjani uJesu? “Wabasingatha abantwana waqala ukubabusisa.” (Marku 10:13, 16) Cabanga, amahora okugcina okuphila kukaJesu ayephela. Nokho, wanikeza lezi zingane isikhathi sakhe nokunaka. Yeka isifundo esihle!
14. Kungani kunenzuzo ngabazali ukuba bachithe isikhathi nengane yabo?
14 Yiba oxoxayo. Ukuchitha isikhathi nengane yakho kuyokusiza ukuba uxoxe nayo. Lapho nixoxa ngokwengeziwe, uyoqonda kangcono ukuthi ubuntu bayo bakheka kanjani. Nokho, khumbula ukuthi ukuxoxa kungaphezu kokukhuluma nje. “Kwadingeka ngithuthukise ikhono lokulalela,” kusho umama othile waseBrazil, “ukulalela ngenhliziyo.” Ukubekezela kwakhe kwathela izithelo lapho indodana yakhe iqala ukumtshela indlela ezizwa ngayo.
15. Yini okudingeka ikhunjulwe lapho kuziwa ekuzilibaziseni?
15 Izingane zidinga ‘isikhathi sokuhleka nesikhathi sokusina,’ isikhathi sokuzilibazisa. (UmShumayeli 3:1, 4; Zakariya 8:5) Ukuzilibazisa kunomvuzo kakhulu lapho abazali nezingane bekwenza ndawonye. Kuyiqiniso elidabukisayo ukuthi emakhaya amaningi ukuzilibazisa kusho ukubukela ithelevishini. Nakuba ezinye izinhlelo zethelevishini zingase zijabulise, eziningi zonakalisa izindinganiso ezinhle, futhi ukubukela ithelevishini kuvimbela ukuxoxa emkhayeni. Ngakho-ke, kungani ungenzi okuthile okwakhayo nezingane zakho? Culani, nidlale imidlalo, nibungaze abangane, nivakashele izindawo ezijabulisayo. Imisebenzi enjalo ikhuthaza ukuxoxisana.
16. Abazali kufanele bazifundiseni izingane zabo ngoJehova, futhi kufanele bakwenze kanjani lokho?
16 Yiba umfundisi. “Ubafundise impela wona [lawamazwi] abantwana bakho,” kusho uJehova. Umongo ukutshela ukuthi ufundiseni nokuthi uyifundise kanjani. Okokuqala, “wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho.” (Duteronomi 6:5) Bese, ‘lawamazwi ubafundisa wona [“uwagxilise kubo,” NW].’ Nikeza imfundo ehloselwe ukwakha uthando lomphefumulo wonke ngoJehova nemithetho yakhe. (Qhathanisa neyamaHeberu 8:10.) Igama elithi “gxilisa” lisho ukufundisa ngokuphindaphinda. Ngakho uJehova, empeleni, ukutshela ukuthi indlela eyinhloko yokusiza izingane zakho zihlakulele ubuntu bokuhlonipha uNkulunkulu iwukukhuluma ngaye zikhathi zonke. Lokhu kuhlanganisa nokuba nesifundo seBhayibheli sasikhathi sonke nazo.
17. Yini okungase kudingeke abazali bayakhe enganeni yabo? Ngani?
17 Abazali abaningi bayazi ukuthi akulula ukufaka ulwazi enhliziyweni yengane. Umphostoli uPetru wanxusa amaKristu ayekanye nawo wathi: “Njengezinsana ezisanda kuzalwa, yakhani ukulangazelela ubisi olungonakalisiwe olungolwezwi.” (1 Petru 2:2) Inkulumo ethi “yakhani ukulangazelela” isikisela ukuthi kwabaningi akuzenzekeli nje ukuba balambele ukudla okungokomoya. Kungenzeka kudingeke abazali bathole izindlela zokwakha lokho kulangazela enganeni yabo.
18. Yiziphi ezinye izindlela zikaJesu zokufundisa abazali abakhuthazwa ukuba bazilingise?
18 UJesu wayefinyelela izinhliziyo ngokusebenzisa imifanekiso. (Marku 13:34; Luka 10:29-37) Lendlela yokufundisa iphumelela ngokukhethekile ezinganeni. Fundisa izimiso zeBhayibheli ngokusebenzisa izindaba ezimnandi, ezithakazelisayo, mhlawumbe lezo ezitholakala encwadini ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli.a Zihilele izingane. Zenze zisebenzise ikhono lazo lokudweba nokudlala izenzakalo eziseBhayibhelini. UJesu wayesebenzisa nemibuzo. (Mathewu 17:24-27) Lingisa indlela yakhe esifundweni somkhaya wakho. Esikhundleni sokumane usho umthetho kaNkulunkulu, buza imibuzo enjengokuthi, UJehova wasinikelani lomthetho? Kuyokwenzekani uma siwugcina? Kuyokwenzekani uma singawugcini? Imibuzo enjalo isiza ingane ukuba icabange futhi ibone ukuthi imithetho kaNkulunkulu iwusizo futhi mihle.—Duteronomi 10:13.
19. Uma abazali belandela izimiso zeBhayibheli ekusebenzelaneni nezingane zabo, yiziphi izinzuzo ezinkulu eziyojatshulelwa izingane?
19 Ngokuba isibonelo, umngane, umuntu oxoxayo, nomfundisi, ungayisiza ingane yakho kusukela eminyakeni yayo yokuqala ukuba yakhe ubuhlobo obuseduze bomuntu siqu noJehova uNkulunkulu. Lobu buhlobo buyokhuthaza ingane yakho ukuba ibe umKristu ojabulayo. Iyolwela ukuphila ngokuvumelana nokholo lwayo ngisho nalapho ibhekene nokucindezela kontanga nezilingo. Yisize njalo ukuba ibazise lobu buhlobo obuyigugu.—IzAga 27:11.
ISIDINGO ESIBALULEKILE SESIYALO
20. Siyini isiyalo, futhi kufanele sinikezwe kanjani?
20 Isiyalo siwukuqeqesha okulungisa ingqondo nenhliziyo. Izingane zisidinga njalo. UPawulu waluleka obaba ukuba ‘baqhubeke bekhulisa izingane zabo ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.’ (Efesu 6:4) Abazali kufanele bayale ngothando, njengoba nje kwenza uJehova. (Heberu 12:4-11) Isiyalo esisekelwe othandweni singanikezwa ngokubonisana. Ngakho, sitshelwa ukuba ‘sizwe ukulaya.’ (IzAga 8:33) Kufanele sinikezwe kanjani isiyalo?
21. Yiziphi izimiso okufanele abazali bazikhumbule lapho beyala izingane zabo?
21 Abanye abazali bacabanga ukuthi ukuyala izingane zabo kuhilela ukumane bakhulume nazo ngezwi elithusayo, bazithethise, noma ngisho bazichaphe ngenhlamba. Nokho, ngendaba efanayo, uPawulu uyaxwayisa: “Nani bobaba, ningabacasuli abantwana benu.” (Efesu 6:4) Wonke amaKristu anxuswa ukuba ‘abe mnene kubo bonke abayale ngobumnene labo abangenaso isimo sengqondo esihle.’ (2 Thimothewu 2:24, 25) Nakuba abazali abangamaKristu besiqaphela isidingo sokuqina, bazama ukukhumbula lamazwi lapho beyala izingane zabo. Nokho, ngezinye izikhathi ukubonisana akwanele, kungase kudingeke uhlobo oluthile lwesijeziso.—IzAga 22:15.
22. Uma ingane kudingeka ijeziswe, yini okudingeka isizwe ukuba iyiqonde?
22 Izingane ezihlukahlukene zidinga izinhlobo ezihlukahlukene zokuyalwa. Ezinye ‘azisolwa ngamazwi nje’ kuphela. Ukuzijezisa ngezikhathi ezithile ngenxa yokungalaleli kungase kuzophule. (IzAga 17:10; 23:13, 14; 29:19) Nokho, ingane kufanele iqonde ukuthi ijeziselwani. “Uswazi nokusola kuyanika ukuhlakanipha.” (IzAga 29:15, omalukeke sizenzele; Jobe 6:24.) Ngaphezu kwalokho, isijeziso sinemingcele. “Ngiyonijezisa kuze kube sezingeni elifanele,” kusho uJehova kubantu bakhe. (Jeremiya 46:28b, NW) IBhayibheli alikuvumeli nhlobo ukubhaxabula ngentukuthelo noma ukubhambabula, okulimaza ingane.—IzAga 16:32.
23. Yini okufanele ingane ikwazi ukuyibona lapho ijeziswa abazali bayo?
23 Lapho uJehova exwayisa abantu bakhe ukuthi uyobayala, waqale wathi: “Ungesabi . . . ngokuba nginawe.” (Jeremiya 46:28a) Ngokufanayo, ukuyala kwabazali, noma ingayiphi indlela efanele, akufanele neze kushiye ingane inomuzwa wokulahlwa. (Kolose 3:21) Kunalokho, ingane kufanele ibe nomuzwa wokuthi isiyalo sinikezwa ngoba umzali ‘unayo,’ ungasohlangothini lwayo.
VIKELA INGANE YAKHO EKULIMALENI
24, 25. Yiluphi usongo olunyanyekayo izingane okudingeka zivikelwe kulo kulezi zinsuku?
24 Abantu abaningi abadala babheka emuva ebuntwaneni babo njengesikhathi esijabulisayo. Bakhumbula umuzwa ofudumele wokulondeka, isiqiniseko sokuthi abazali babo bayobanakekela kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. Abazali bafuna izingane zabo zibe nalowo muzwa, kodwa ezweni lanamuhla elonakele, kunzima kakhulu kunangaphambili ukugcina izingane zilondekile.
25 Usongo olunyanyekayo oluye lwanda eminyakeni yamuva olokunukubezwa kwezingane ngokobulili. EMalaysia, imibiko yokunukubezwa kwezingane yaphindeka kane eminyakeni eyishumi. EJalimane izingane ezingaba ngu-300 000 zixhashazwa ngokobulili unyaka ngamunye, kanti ezweni elithile laseNingizimu Melika, ngokomunye umbiko, kulinganiselwa inani laminyaka yonke elishaqisayo eliyizigidi ezingu-9! Ngeshwa, eziningi zalezi zingane zinukubezwa emakubo abantu ezibaziyo nezibathembayo. Kodwa izingane kufanele zithole isivikelo esiqinile kubazali bazo. Abazali bangaba kanjani abavikeli?
26. Yiziphi ezinye izindlela izingane ezingase zigcinwe ngazo zilondekile, futhi ulwazi lungayivikela kanjani ingane?
26 Njengoba okuhlangenwe nakho kubonisa ukuthi izingane ezingazi lutho ngobulili azivikelekile nakakhulu kubanukubezi bezingane, isinyathelo esikhulu sokunqanda lokhu siwukufundisa ingane, ngisho nalapho isencane kakhulu. Ulwazi lunganikeza isivikelo “endleleni yobubi nakubantu abakhuluma okuphambeneyo.” (IzAga 2:10-12) Luphi ulwazi? Ulwazi lwezimiso zeBhayibheli, lokuthi yini elungile nengalungile ngokokuziphatha. Ulwazi lokuthi nabantu abadala bayazenza izinto ezimbi nokuthi osemusha akudingeki alalele lapho abantu besikisela izenzo ezingafanele. (Qhathanisa noDaniyeli 1:4, 8; 3:16-18.) Ukufundisa okunjalo ungakwenzi kanye. Izingane eziningi ezincane zidinga ukuphindaphindelwa isifundo ngaphambi kokuba zisikhumbule kahle. Njengoba izingane ziba ndadlana, ubaba uyolihlonipha ngothando ilungelo lendodakazi yakhe lokufihla umzimba, nomama uyokwenza kanjalo endodaneni yakhe—ngaleyo ndlela bethuthukisa umuzwa wengane walokho okufanele. Futhi eqinisweni, enye indlela engcono kakhulu yokuvikela ingane ekuxhashazweni ukuba nina njengabazali niyibhasobhe.
CELA ISIQONDISO SAPHEZULU
27, 28. Ubani onguMthombo wosizo omkhulu kunayo yonke lapho abazali bebhekene nenselele yokukhulisa ingane?
27 Yiqiniso, kuyinselele ukuqeqesha ingane kusukela isewusana, kodwa abazali abakholwayo akudingeki babhekane nalenselele bodwa. Emuva ezinsukwini zaBahluleli, lapho indoda okuthiwa uManowa izwa ukuthi yayizoba ubaba, yacela isiqondiso sikaJehova ekukhuliseni ingane. UJehova wayiphendula imithandazo yayo.—AbAhluleli 13:8, 12, 24.
28 Ngendlela efanayo nanamuhla, lapho abazali abakholwayo bekhulisa izingane zabo, bangakhuluma futhi noJehova ngomthandazo. Ukuba umzali kungumsebenzi onzima, kodwa kunemivuzo emikhulu. Umbhangqwana ongamaKristu eHawaii uthi: “Nineminyaka engu-12 yokwenza umsebenzi wenu ngaphambi kwaleyo minyaka ebucayi yokweva eshumini nambili. Kodwa uma niye nazikhandla nisebenzisa izimiso zeBhayibheli, kuba isikhathi sokuthola intokozo nokuthula lapho zinquma ukuthi zifuna ukukhonza uJehova ngokusuka enhliziyweni.” (IzAga 23:15, 16) Lapho ingane yakho yenza leso sinqumo, nawe futhi uyoshukumiseleka ukuba uthi: “Abantwana bayifa elivela kuJehova.”
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswe i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
LEZI ZIMISO ZEBHAYIBHELI ZINGABASIZA KANJANI . . . ABAZALI EKUQEQESHENI INGANE YABO?
Thembela kuJehova.—IzAga 3:5.
Thwala umthwalo wemfanelo.—1 Thimothewu 5:8.
UJehova unguBaba onothando.—IzAga 8:22, 30.
Abazali banomthwalo wemfanelo wokufundisa izingane zabo.—Duteronomi 6:6, 7.
Ukuyala kuyadingeka.—Efesu 6:4.
[Ibhokisi ekhasini 61]
ISIYALO ESIPHUMELELAYO
Olunye uhlobo oluphumelelayo lwesiyalo luwukwenza izingane zizwe umphumela ongajabulisi wokuziphatha okungafanele. (Galathiya 6:7; qhathanisa no-Eksodusi 34:6, 7.) Ngokwesibonelo, uma ingane yakho ingcolisa, ukuyenza ihlanze yona ngokwayo kungase kube isifundo esiyogxila kakhulu kuyo. Ingabe iye yaphatha kabi othile? Ukuyenza ixolise kungase kulungise lokhu kuthambekela okungalungile. Olunye uhlobo lwesiyalo luwukuyincisha amalungelo okwesikhashana ukuze ifunde isifundo esidingekile. Ngalendlela ingane ifunda ukuhlakanipha kokunamathela ezindinganisweni zokulunga.
[Izithombe ekhasini 57]
Bazali, yibani izibonelo, abangane, nabafundisi