-
Izinsuku ZezenzakaloUkubonisana NgemiBhalo
-
-
Kungani oFakazi BakaJehova bethi uMbuso kaNkulunkulu wamiswa ngo-1914?
Kunezinhlobo ezimbili zobufakazi ezikhomba kulowonyaka: (1) Ukuhlelwa kwezenzakalo ngokweBhayibheli (2) izenzakalo kusukela ngo-1914 ezigcwalisa isiprofetho. Lapha sizocabangela ukuhlelwa kwezenzakalo. Ngokuqondene nokugcwaliseka kwesiprofetho, bheka isihloko esikhulu esithi “Izinsuku Zokugcina.”
Funda uDaniyeli 4:1-17. Amavesi 20-37 abonisa ukuthi lesiprofetho sagcwaliseka kuNebukadinesari. Kodwa futhi sinokugcwaliseka okukhulu. Sikwazi kanjani lokho? Amavesi 3 no-17 abonisa ukuthi iphupho uNkulunkulu alinikeza iNkosi uNebukadinesari liphathelene noMbuso kaNkulunkulu nesithembiso sikaNkulunkulu sokuwunikeza “amthandayo . . . ophansi phakathi kwabantu.” Lonke iBhayibheli libonisa ukuthi injongo kaJehova iwukuba iNdodana yakhe, uJesu Kristu, ibuse njengommeleli waKhe phezu kwesintu. (IHu. 2:1-8; Dan. 7:13, 14; 1 Kor. 15:23-25; IsAm. 11:15; 12:10) Incazelo yeBhayibheli ngoJesu ibonisa ukuthi ngempela ‘wayengophansi phakathi kwabantu.’ (Fil. 2:7, 8; Math. 11:28-30) Khona-ke, iphupho elingokwesiprofetho likhomba esikhathini lapho uJehova eyonikeza iNdodana yakhe ukubusa phezu kwesintu.
Kwakuzokwenzekani ngaphambi kwalesosikhathi? Ukubusa phezu kwesintu, njengoba kwakumelelwe umuthi nesiqu sawo, kwakuyoba ‘nenhliziyo yesilwane.’ (Dan. 4:16) Umlando wesintu wawuyobuswa ohulumeni ababonisa izimfanelo zezilwane zasendle. Ezikhathini zanamuhla, ibhere ngokuvamile lisetshenziselwa ukumelela iRashiya; ukhozi, iUnited States; ibhubesi, iBrithani; udrako, iChina. NeBhayibheli lisebenzisa izilwane zasendle njengezimelele ohulumeni bomhlaba nesimiso sembulunga yonke sokubusa kwabantu ngaphansi kwethonya likaSathane. (Dan. 7:2-8, 17, 23; 8:20-22; IsAm. 13:1, 2) Njengoba uJesu abonisa esiprofethweni sakhe esikhomba esiphelweni salesimiso sezinto, iJerusalema ‘laliyonyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.’ (Luka 21:24) “IJerusalema” lalimelele uMbuso kaNkulunkulu ngoba amakhosi alo kwakuthiwa ahlezi “esihlalweni sobukhosi sombuso kaJehova.” (1 IziKr. 28:4, 5; Math. 5:34, 35) Ngakho-ke, ohulumeni babeZizwe, bemelelwe izilo zasendle, ‘babeyonyathela’ ilungelo loMbuso kaNkulunkulu lokuqondisa izindaba zesintu futhi bona ngokwabo balandele ukuqondisa kukaSathane.—Qathanisa noLuka 4:5, 6.
Kwakuyoba isikhathi esingakanani ohulumeni abanjalo bevunyelwe ukuba baphathe ngaphambi kokuba uJehova anikeze uMbuso kuJesu Kristu? UDaniyeli 4:16 uthi “izikhathi eziyisikhombisa” (“iminyaka eyisikhombisa,” ngokweAT neMo, kanye nombhalo waphansi weJB evesini le-13). IBhayibheli libonisa ukuthi ekubaleni isikhathi esingokwesiprofetho, usuku lubalwa njengonyaka. (Hez. 4:6; Num. 14:34) Khona-ke, “izinsuku” ezingaki ezihilelekile? IsAmbulo 11:2, 3 siphawula ngokusobala ukuthi izinyanga ezingama-42 (iminyaka engu-3 1/2) kulesosiprofetho zibalwa njengezinsuku eziyi-1 260. Iminyaka eyisikhombisa yayiyokuphinda kabili lokho, noma izinsuku eziyizi-2 520. Ukusebenzisa umthetho wokuthi “umnyaka ngosuku” kuyophumela eminyakeni eyizi-2 520.
UKUBALA “IZIKHATHI EZIYISIKHOMBISA”
“Izikhathi eziyisikhombisa” = 7 x 360 = iminyaka eyizi-2 520
“Isikhathi,” noma unyaka ngokweBhayibheli = 12 x izinsuku ezingama-30 = 360. (IsAm. 11:2, 3; 12:6, 14)
Ekugcwalisekeni ‘kwezikhathi eziyisikhombisa’ usuku ngalunye lulingana nonyaka owodwa. (Hez. 4:6; Num. 14:34)
Ekuqaleni kukaOctober, 607 B.C.E., kuya kuDecember 31, 607 B.C.E. = 1/4 yonyaka
January 1, 606 B.C.E., kuya kuDecember 31, 1 B.C.E. = 606 iminyaka
January 1, 1 C.E., kuya kuDecember 31, 1913 = 1 913 iminyaka
January 1, 1914, kuya ekuqaleni kukaOctober, 1914 = 3/4 yonyaka
Ingqikithi: 2 520 iminyaka
Ukubalwa ‘kwezikhathi eziyisikhombisa’ kwaqala nini? Ngemva kokuba uSedekiya, inkosi yokugcina eMbusweni kaNkulunkulu ongokomfanekiso, esusiwe esihlalweni sobukhosi eJerusalema ngabaseBabiloni. (Hez. 21:25-27) Ekugcineni, ekuqaleni kukaOctober ka-607 B.C.E. insalela yokugcina yobukhosi bamaJuda yaphela. Ngalesosikhathi umbusi wamaJuda, uGedaliya, owayenikezwe ngabaseBabiloni ukuba aphathe, wayesebulewe, futhi insalela yamaJuda yayisibalekele eGibithe. (Jeremiya, izahluko 40-43) Ukuhlelwa okuthembekile kwezenzakalo ngokweBhayibheli kubonisa ukuthi lokhu kwenzeka eminyakeni engama-70 ngaphambi kuka-537 B.C.E., unyaka amaJuda abuya ngawo ekuthunjweni; okungukuthi, kwenzeka ekuqaleni kukaOctober ka-607 B.C.E. (Jer. 29:10; Dan. 9:2; ngokuqondene nemininingwane eyengeziwe, bheka incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, amakhasi 138-141.)
Pho, isikhathi sibalwa kanjani-ke kuze kuyofikwa ku-1914? Ukubala iminyaka eyizi-2 520 kusukela ekuqaleni kukaOctober 607 B.C.E. kusiletha ekuqaleni kukaOctober ka-1914 C.E., njengoba kuboniswe ishadi.
Yini eyenzeka ngalesosikhathi? UJehova wanikeza ukubuswa kwesintu eNdodaneni yakhe, uJesu Kristu, ekhazinyulisiwe emazulwini.—Dan. 7:13, 14.
Pho kungani kusenobubi obungaka emhlabeni? Ngemva kokuba uKristu ebekwe esihlalweni sobukhosi, uSathane namademoni akhe bakhishwa ezulwini baphonselwa phansi emhlabeni. (IsAm. 12:12) UKristu njengeNkosi akazange aqhubeke ngokushesha abhubhise bonke abenqaba ukwamukela ubukhosi bukaJehova naye njengoMesiya. Kunalokho, njengoba ayebikezele, kwakumelwe kwenziwe umsebenzi wokushumayela wembulunga yonke. (Math. 24:14) NjengeNkosi wayeyoqondisa ukwehlukaniswa kwabantu bazo zonke izizwe, labo ababonakala belungile banikezwe ithemba lokuphila okuphakade, kuthi ababi babelwe ukunqunywa kwaphakade ekufeni. (Math. 25:31-46) Okwamanje, zona kanye izimo ezinzima ezazibikezelelwe “izinsuku zokugcina” zizodlanga. Njengoba kuboniswe ngaphansi kwesihloko esithi “Izinsuku Zokugcina,” lezozenzakalo ziye zabonakala ngokukhanyayo kusukela ngo-1914. Ngaphambi kokuba amalungu okugcina esizukulwane esasiphila ngo-1914 adlule emhlabeni, zonke izinto ezabikezelwa zizokwenzeka, kuhlanganise ‘nosizi olukhulu’ lapho izwe lamanje elibi lizophela khona.—Math. 24:21, 22, 34.
Ukuphela kwalelizwe elibi kuyofika nini?
UJesu waphendula: “Lolosuku nalelohora akakho owazi-lutho ngalo nazingelosi zasezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela.” Nokho, waphawula futhi: “Ngiqinisile ngithi kini: Lesisizukulwane [esasiphila lapho “isibonakaliso” ‘sezinsuku zokugcina’ siqala ukugcwaliseka kwaso] asiyikudlula kungakenzeki konke lokhu.”—Math. 24:36, 34.
Futhi, ngemva kokulandisa ngezenzakalo ezaziyolandela ukumiswa koMbuso ezandleni zikaJesu Kristu ngo-1914, isAmbulo 12:12 siyanezela: “Thokozani nina-mazulu nabahlala kuwo; maye kuwe-mhlaba nakuwe-lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!”
-
-
Izinsuku ZokugcinaUkubonisana NgemiBhalo
-
-
Izinsuku Zokugcina
Incazelo: IBhayibheli lisebenzisa inkulumo ethi “izinsuku zokugcina” ukuze libhekisele enkathini yesikhathi sesiphelo eholela ekubhujisweni okumiswe ngokwaphezulu okuphawula ukuphela kwesimiso sezinto. Isimiso sobuJuda nokukhulekela kwaso okwakwakhelwe ethempelini eJerusalema sabhekana nezinsuku zaso zokugcina phakathi nesikhathi esaphetha ngokubhujiswa kwalo ngo-70 C.E.
-