UMbiko Womhlaba Wonke
◼ E-AFRIKA
Inani lamazwe: 56
Inani labantu: 770 301 093
Inani labamemezeli: 983 057
Inani lezifundo zeBhayibheli: 1 769 182
Bewazi ukuthi izindaba ezinhle ziyashunyayelwa eSahara? UNafissatou oneminyaka engu-17 ubudala uhlala edolobheni lezimayini enyakatho Niger. Lapho ingxoxo yeqembu lezingane afunda nazo iphendukela engxoxweni yezithombe ezingcolile zobulili, uNafissatou wavele wahamba. Omunye umfundi wamlandela, wabuza ukuthi kwakwenzenjani. UNafissatou waphendula ngokuthi akaluthandi lolo hlobo lwengxoxo. Le ntombazane yaqale yamhleka usulu, yathi ukuzibuka nje izithombe ezingcolile kwakungenakuba nemiphumela emibi. UNafissatou waphendula ngokuthi kwakuyindaba engathí sina ngoba uMdali akazivumeli izinto ezinjalo. Wabe esethatha incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo esikhwameni sakhe sesikole, wabonisa le ntombazane ingxenye exoxa ngezingozi zezithombe ezingcolile. Ngemva kwalokho wakhipha iBhayibheli lakhe wayifundela eyesi-2 Korinte 7:1. Le ntombazane yavuma ukuthi lapho ibukela ama-video okuziphatha okubi, yayizizwa ivukelwa imizwa enamandla eyayingenakuyichaza. Yacela ikhophi yencwadi ethi Intsha Iyabuza. UNafissatou wayinikeza incwadi. Kamuva walandisa: “Uma ngiyibona ngokulandelayo, yayiyodwa, ngakho ngayibuza ukuthi babekuphi abangane bayo. Yathi, ‘Umngane wami yile ncwadi.’ Ngaqala isifundo nayo, futhi yaba khona naseSikhumbuzweni.”
Eminyakeni engaphezu kwengu-15 edlule, owesifazane othile wayefunda iBhayibheli nodade oyisithunywa sevangeli eTanzania. Lesi sifundo saqhutshwa iminyaka eminingana. Lona wesifazane wayengabaza ukumelela iqiniso ngenxa yokuphikiswa ngabomkhaya wakhe, kwaphetha ngokuba isifundo sinqamuke. Nokho, amadodakazi akhe amabili ayekade elalela lapho kuqhubeka isifundo sikanina. Lapho indodakazi endadlana iphuma ekhaya lapho isineminyaka engu-18, yaya eHholo LoMbuso yacela ukufundelwa. Yathuthuka ngokushesha, yabhapathizwa. Udadewabo omncane naye wacela ukufundelwa, naye wabhapathizwa. Ngenxa yokukhuthazwa isimo samadodakazi akhe sokumelela iqiniso, unina wanquma ukuba aphinde aqale isifundo sakhe seBhayibheli. Kulokhu wakunqoba ukwesaba abantu okwakumvimbele ngaphambili, wabhapathizwa emhlanganweni wesifunda ngo-May 2004.
Lapho ibandla lilalela umyalo ‘wokunakekela izintandane nabafelokazi osizini lwabo,’ nakanjani uJehova uyalibusisa. (Jak. 1:27) Kwaba njalo kwelinye ibandla eLesotho. Elinye lamalungu ebandla abhapathiziwe lalingumzali ongayedwa ogama lakhe nguMapolo, owayenamadodana amancane amane. UMapolo wayazi ukuthi wayenesifo esingalapheki, ngakho wafundisa izingane zakhe ukuba zizinakekele. Wafunda nazo iBhayibheli, waziyisa emihlanganweni yebandla, wazifundisa ukwenza imishanelo, ezaziyithengisa eceleni komgwaqo. Lapho uMapolo eshona ngo-1998, amadodana akhe ayeseyizintandane anakekelwa uninakhulu. Udade oyisithunywa sevangeli owayesize uMapolo ukuba abe uFakazi obhapathiziwe wakhuluma nabezenhlalakahle ekhulumela lezi zintandane, wakwazi ukuzitholela imali yesikole. Abanye oFakazi banikeza laba bafana izingubo zokugqoka. Kwabe sekushona uninakhulu. Omunye umzalwane ebandleni wazifundela iBhayibheli wazikhokhela nentela yendlu. Bonke laba bafana abane baba khona njalo emihlanganweni. Ababili bangabamemezeli abangabhapathiziwe, kanti omdala, uRantso, manje oseneminyaka engu-20 ubudala, wabhapathizwa emhlanganweni wesifunda ngo-March 2004. Waqhubela umzala wakhe, uRetselisitsoe isifundo, naye owabhapathizwa ngosuku olufanayo. URantso ubonga kakhulu ngokunakekelwa kothando abazalwane abaye bamnakekela ngakho nezingane zakubo iminyaka eminingi.
Isithunywa sevangeli eCameroon siyabika: “Isonto ngalinye njengoba ngifunda nensizwa ethile iBhayibheli, ngangizwa othile endlini ecula izingoma zesonto. Ngabuza engangimfundela, ‘Ubani lomculi ozifihlayo?’ Kwakungumfowabo omncane, uStephen, oyimpumputhe. Ngisebenzisa ikhasethi yencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? ngaqala isifundo seBhayibheli noStephen. Umgomo wethu kwakuwukubamba ngekhanda ivesi elilodwa leBhayibheli esifundweni ngasinye. UStephen unenkumbulo emangalisayo, ngakho wafunda amavesi eBhayibheli amaningi. Uba khona emihlanganweni yebandla futhi aphendule kaningana. Muva nje uye wabeka inkulumo yakhe yokuqala eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Kwakungeyokufunda iBhayibheli, futhi njengoba uStephen engayazi iBraille, kwadingeka ayazi ngekhanda inkulumo yakhe. Ngilangazelela leso sikhathi esiseduze lapho ngiyombamba ngesandla uStephen siye enkonzweni yasensimini. Elinye lamavesi eBhayibheli awathanda kakhulu uStephen u-Isaya 35:5, othi: ‘Amehlo ezimpumputhe ayovulwa.’ UStephen uyajabula ngokuthi amehlo akhe angokomoya asevulekile kakade, manje uhuba izindumiso zikaJehova, embonga ngokuthi esikhathini esizayo naye uyokwazi ukubona.”
ELiberia ekhungethwe yimpi, owesifazane onguNancy waya kuFakazi othile wacela isifundo seBhayibheli. Umfundisi wesonto lakubo wayemtshele ukuthi uNkulunkulu uyophonsa oFakazi BakaJehova esihogweni ngoba bangamaKristu amanga. Ngakolunye uhlangothi, wayakhelene noFakazi. Wayephawula ukuthi lapho ukudubulana kusathé gozololo, abadala bebandla lendawo njalo babehlola abafowabo ukuthi baphila kanjani. Waphawula nokuthi oFakazi babesebenzisa noma isiphi isikhathi esithulile ukuba bashumayeze abanye. UNancy nabaningi abanye edolobheni bahlabeka umxhwele lapho imoto evela egatsheni iba ngeyokuqala ukuba iwele imingcele yezitha ezilwayo ithwele ukudla okwakubhekwe ngamnyama nezinye izidingo, ezazinikelwe ngoFakazi baseFrance naseBelgium. Wathi: “Ngicabanga ukuthi nina nineqiniso.” Uqhubeka kahle kakhulu nesifundo sakhe.
Enye insizwa yafika emphakathini othile e-Uganda izokwenza umsebenzi wokwakha endlini abazalwane ababeqhubela kuyo imihlangano. Elinye lamaphayona lasebenzisa leli thuba ukuba lishumayeze lo makhi, owakuthanda lokho akuzwa. Nokho, ngokushesha kwakuzodingeka abuyele emphakathini wakubo ezintabeni. Njengoba babengekho oFakazi lapho le ndoda yayihlala khona, iphayona lachaza ukuthi yayingalitholaphi iHholo LoMbuso eliseduze. Le nsizwa yahamba ngebhayisekili amakhilomitha angu-30 emigwaqweni emincane eyibhuqu yehlisa intaba iyofuna abazalwane. Ngenxa yokungatholi muntu eHholo LoMbuso, yashiya incwadi ngaphansi komnyango icela isifundo seBhayibheli. Iphayona elahamba kamuva liyoyibheka endaweni yakubo lamangala lapho lithola abantu abangaba ngu-200 belindele ukuzwa isigijimi seBhayibheli! Abaningi babo babonisa isithakazelo esiqotho ekutadisheni iBhayibheli. Manje sekuqhutshwa imihlangano kule ndawo esemajukujukwini.
Lapho kuhwalala ngolunye usuku endaweni encane yabantu abangaba ngu-600 eningizimu-mpumalanga Nigeria, umphakathi wabona ukukhanya okukhulu kwesibhakabhaka kukhazimula emfuleni. Lokhu kukhanya kwabonakala kuza ngakubo, ngakho abantu babaleka bayocasha. Abaningi bacabanga ukuthi kwakuyimbubhiso oFakazi BakaJehova ababeshumayela ngayo, ngakho babalekela eHholo LoMbuso, bethi, “I-Armagedoni ngeke isibhubhise lesi sakhiwo.” Ekugcineni, cishe ngo-10:00 ebusuku, abantu baqaphela ukuthi lokhu kukhanya kwakusuka emlilweni wequbula omkhulu. Lapho abazalwane bebabuza ukuthi kungani bengabalekelanga emasontweni aseduze, enye indoda yaphendula: “Amanye akumasonto alutho. I-Armagedoni yenu iyowabhubhisa kodwa ngeke ilibhubhise iHholo LoMbuso.”
Udade oyiphayona elivamile ekamu lababaleki eGuinea uyalandisa: “Ngesikhathi ngisenkonzweni yendlu ngendlu, ngathola intombazane eneminyaka engu-8 ubudala ikubo, ikhubazekile. Yangitshela ukuthi abazali bayo bavame ukuyishiya ekhaya usuku lonke beyikhiyele. Ngathi kuyo, ngifuna ibe umngane wami. Ngabe sengiyibuza ukuthi ingathanda ukuba uNkulunkulu ayenzeleni. Yathi ifuna ukuba uNkulunkulu ayenze ikwazi ukuhamba. Ngavula iBhayibheli ku-Isaya 35:5, 6 ngayibonisa ukuthi uJehova uthembisa ukuthi olunyonga uyohamba. Ngabe sengivula incwajana ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! emfanekisweni obonisa uJesu ephulukisa abagulayo. Ngayitshela nokuthi lezi zibusiso iyozithola uma itadisha iBhayibheli futhi yenze lokho uJehova akufuna kuyo. Yasivuma isifundo seBhayibheli sasekhaya. Sesiyiqedile incwajana ethi Jabulela, sesicishe siyoqeda incwajana ethi Ungaba Umngane KaNkulunkulu! Ngemva kwamasonto amathathu sifunda, yaveza isifiso sokuya emihlanganweni yebandla. Njengoba ingenakukwazi ukuzihambela iye emihlanganweni, ngiya kubo ngiyibelethe siye emihlanganweni. Imihlangano iyithanda kangangokuthi uma ngingayanga koyilanda iphatheka kabi ize ikhale nokukhala.”
◼ EZWEKAZINI LASEMELIKA
Inani lamazwe: 56
Inani labantu: 868 871 739
Inani labamemezeli: 3 165 925
Inani lezifundo zeBhayibheli: 3 089 453
UMarie waseGuadeloupe uyabika: “Ebhishi ngasehhotela engisebenza kulo, amanye amakhasimende angitshela ukuthi kunezingubo nezicathulo ezase zihleli edwaleni izinsuku ezimbili. Ngazithatha lezi zinto ngomqondo wokuthi ngizothola ulwazi olungase lungitholise umnikazi. Ngathola isikhwama semali esasino-R8 258! Abaningana ababebukele bangincenga ukuba ngithathe ingxenye yale mali bese esele siyihlukaniselana nabo. Anginanazanga ukubatshela ukuthi ngingomunye woFakazi BakaJehova, nokuthi unembeza wami ungitshela ukuthi mangethembeke. Ngakho ngakuthatha konke ngakuyisa edeskini lokwamukela izihambi ehhotela. Nakhona izisebenzi zamangala ngokuthi angiyithathanga imali. Ngaphinde ngasichaza isimo sami. Lapho ngibuyela ebhishi, abanye babantu babemagange befuna ukwazi okwengeziwe ngezinkolelo zethu. Ngafakaza kubo ngisebenzisa iBhayibheli. Phakathi kwabo kwakunowesifazane owathi, ‘Ngiyoqasha oFakazi BakaJehova kuphela emsebenzini wami.’” Ngemva kwalokho umnikazi watholakala, futhi amaphoyisa amhalalisela udade ngobuqotho bakhe.
U-Antonio uyisikhonzi saseBethel eMexico. Usebenzisa wonke amathuba ukuba akhulume nabantu ngeqiniso. Muva nje, esebhasini eya emihlanganweni yebandla, washiya ipheshana endodeni nowesifazane ababegqoke kahle. Kwabe sekulandela ingxoxo emnandi. “Ngavalelisa kubo lapho sesisesitobhini sami,” kusho u-Antonio, “kodwa ngamangala uma befuna ukwehla nami ukuze siqhubeke nengxoxo, ngisho noma kungesona isitobhi sabo. Ngemva kokwehla, sakhuluma futhi ngokwengeziwe, ngaphinda ngavalelisa. Babuza, ‘Uyaphi?’ ‘Emihlanganweni yebandla lakithi,’ ngiphendula. Babhekana, base bebuza, ‘Singahamba nawe?’ ‘Ngingakujabulela ukuhamba nani!’ ngiphendula.” Bobabili intokazi engummeli, nomshana wayo ongumfundi waseyunivesithi, babeke balizwa iqiniso eminyakeni ethile ngaphambili, kodwa abazange balilandelele ngenxa yokuphikisa komkhaya. Ngesikhathi beya emihlanganweni no-Antonio, bathi banethemba lokubona umuntu owayekhulume nabo ngeBhayibheli okokuqala. Yeka ukumangala nenjabulo kubona lapho bembona lapho! Bajabula kakhulu ngokuba khona futhi babemagange ngesifundo seBhayibheli. “NguJehova oye wasiletha lapha, futhi kusukela manje kuqhubeke sizoqhubeka siza,” kusho intokazi. Kwenziwa amalungiselelo esifundo, esiqhutshwa kabili ngesonto.
EHaiti, uJacqueline, umkambonisi wesifunda, wayehamba nodade oyiphayona emsebenzini wokushumayela ngesikhathi bebona intombazane ethile ihlezi yodwa eceleni komgwaqo, ikhala. Odade basondela kuyo babuza ukuthi ikhathazwe yini. Okokuqala le ntombazane yenqaba ukuphendula, kodwa ngenxa yokuyincenga, yaphendula, “Ngikwenzile ebengifuna ukukwenza.” Ebona ngokushesha ukuthi idle ushevu, uJacqueline wayibuza ukuthi kwakunjalo yini, yavuma ngekhanda. Odade bayiphuthumisa esibhedlela ukuba iyokwelashwa. Ngesonto elilandelayo udade oyiphayona wabuye wayivakashela futhi eyoyikhuthaza. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli.
Endaweni okukhokhwa kuyo esitolo esikhulu eParaguay, uLourdes washaqeka uma ezwa ukuthi wayekhokha ngemali yomgunyathi. Owamukela imali wabiza unogada ngokushesha. ULourdes no-Ingrid, indodakazi yakhe eneminyaka emihlanu, bayiswa egumbini elincane ukuze balinde amaphoyisa. Umphathi wesitolo nonogada bafuna ngenkani ukuba udade abatshele ukuthi wayeyithathephi imali yomgunyathi. ULourdes akazange akhumbule ukuthi wayeyithathephi, wabatshela nokuthi wayengazi ukuthi ngeyomgunyathi. Ethukuthele, u-Ingrid wabuka umphathi nonogada wayesethi: “Nisiphathisa okwamasela. Umama akalona isela. SingoFakazi BakaJehova thina, futhi asibakhohlisi abantu.” Umphathi wesitolo wabuza uLourdes ukuthi unguFakazi yini, wavuma. Ukushayela kwabo ucingo ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova kwabenza bakholwa ukuthi uLourdes ngempela unguFakazi. Baxolisa kuLourdes no-Ingrid ngempatho yabo embi, babadedela. U-Ingrid osemncane wathi kamuva, into embi kakhulu kukho konke lokhu ukuthi ababange besakwazi ukuthenga iphakethe lama-popcorn ayelifuna ngamnyama.
Omunye umzalwane wayeshumayela eCosta Rica wayesenquma ukuyoshumayeza umakhelwane wakhe ongumKatolika. Umzalwane wayesaba ngoba le ndoda yayingabathandi oFakazi; yayike yabachapha nangezinhlamba. Umzalwane wamangala lapho le ndoda imngenisa endlini imchazela nangesimo sayo esishintshile. Omunye umngane wayo wayeyimemele ukuba bavakashele kwenye indawo ekude, baye esontweni lama-Evangelist. Sebelapho, le ndoda yacelwa ukuba “ifakaze ngayo.” Yamane yathi ingumKatolika. Abantu abakuthandanga lokho, bathi ayiphume esontweni, batshela umngane wayo ukuthi wayesengozini yokuxoshwa esontweni ngoba udlelana nomKatolika. Le ndoda yahamba esontweni, kodwa njengoba yayikude nasekhaya isendaweni engayijwayele, ayazanga ukuthi izolalaphi. Yangena emzini othile yachaza ukuthi kwakwenzekeni, yangeniswa. Yanikwa ukudla, nendawo eyayingalala kuyo. Abanikazi bomuzi bayishumayeza futhi le ndoda. Yebo, babengoFakazi BakaJehova. Yeka ukuthi le ndoda yathinteka kanjani ngokuthola ukuthi oFakazi babathanda ngempela omakhelwane babo! Manje isifunda iBhayibheli noFakazi.
Omunye udade eTrinidad uyabhala: “Ngesikhathi ngifakaza emgwaqweni, owesifazane othile weza kimi wacela omagazini bamuva. Ngemva kokumnikeza omagazini abaningana, ngacela ukumqhubela isifundo seBhayibheli samahhala. Wathi wayeke wafundelwa ngaphambili kodwa manje wayesethuthele kule ndawo. Ngacela igama lakhe nekheli, kodwa wenqaba, ethi uma sikhulekela uNkulunkulu weqiniso ngempela uNkulunkulu uyongibonisa lapho ehlala khona. Ngakusasa sisenkonzweni yendlu ngendlu ngangqongqoza emzini othile, kwavula yena lo wesifazane. Lapho engibona nalowo esasihamba naye, wahleka ngokumangala wathi, ‘Ningithole kanjani ngokushesha kangaka?’ Ngambuza ukuthi wayesakhumbula yini ukuthi utheni ngayizolo. Wasingenisa kwakhe, kwaqalwa isifundo. Manje usengummemezeli ongabhapathiziwe.”
◼ E-ASIA NASEMPUMALANGA EPHAKATHI
Inani lamazwe: 47
Inani labantu: 3 971 703 969
Inani labamemezeli: 574 927
Inani lezifundo zeBhayibheli: 444 717
UGhanshyam uyiphayona elivamile eNepal. Uziphilisa ngokushayela itekisi. Emsebenzini wakhe uhlangana nabantu bezizinda eziningi futhi athole ukuthi iningi labo lijahile, ngisho nasebusuku, abanaso isikhathi sokuxoxa. Noma kunjalo uyazimisela azame ukuqalisa ingxoxo. Noma nini uma kwenzeka, unikeza abagibeli ipheshana elibafanele nekheli leHholo LoMbuso eliseduze. Abagibeli abaningi baye bakujabulela lokho. Abahlanu babo uyabafundela manje uGhanshyam.
Udade othile eTaiwan unomyeni owayevame ukumkhakhabisa ngembodlomane yezwi, ikakhulu lapho esezophuma nje aye emihlanganweni yobuKristu. Langa limbe le ndoda yashaywa unhlangothi. Yakhubazeka futhi yalaliswa esibhedlela. Udade wayeyinakekela ngesineke futhi ngokuhlakanipha asebenzise lesi sikhathi sokululama kwayo ukuze ayisize iqonde iqiniso leBhayibheli. Wathi: “Kudingeka usebenzise ubuchopho, ngakho ngizokutshela okuthile wena uzame ukukugcina engqondweni, kulungile?” Umyeni wakhe wayazi ukuthi kwakubalulekile ukuba acabange, ngakho wavuma. Udade wasebenzisa ukwaziswa okusezincwajaneni ezihlukahlukene ukuze amfundise amaqiniso athile ayisisekelo, njengegama likaNkulunkulu nezimfanelo zakhe nesihloko seBhayibheli. Ngaphandle kwalokho, abazalwane abaningi bamvakashela futhi bambonisa umusa. Lokhu kwamthinta kakhulu kangangokuba lapho ephindela ekhaya, wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Useqalile ukuya emihlanganweni ngesihlalo esinamasondo futhi imbodlomane yephimbo lakhe useyisebenzisela ukuphendula.
URohana, oyiphayona elikhethekile emaphandleni aseSri Lanka, waphikiswa indoda eshayela isithuthuthu esinamasondo amathathu nendawo yokuhlala abagibeli ababili. Kwakuthi njalo nje uma ibona uRohana ensimini, imthuke. Yake yamsongela ngokuthi uma engayeki ukushumayela lapho, wayezogwazwa. URohana wayiphendula ngomoya omnene. Ngemva kwesikhathi, le ndoda yathola ingozi futhi yalaliswa esibhedlela ilimele kabi. URohana wayivakashela esibhedlela eyiphathele isipho. Lapho le ndoda ibona ukuthi ubani lo owayeyivakashele, yaqala ukukhala futhi yacela ukuba uRohana ayixolele ngempatho yayo embi. “Mnumzane, ngenxa yendlela engikuphathe ngayo, bekungaba ngcono ungibhambabule ngenduku kunokuba uhambe yonke le ndlela uzongiduduza,” kusho le ndoda. Isiphumile esibhedlela futhi iyaqhubeka nomsebenzi wayo wokushayela isithuthuthu sayo. Ibafunda njalo nomagazini bethu.
EHong Kong kuza abantu abaningi abavela kwamanye amazwe bezosebenza ezindlini. Omunye wabantu abanjalo umame owayeseqalile ukutadisha incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? ePhilippines futhi efuna ukuqhubeka nesifundo sakhe seBhayibheli. Nokho, wayengazi ukuthi uzobathola kanjani oFakazi, ngakho wathandazela usizo lokubathola. Ngosuku ayengasebenzi ngalo, wahamba wanqamula itheku waya endaweni yamabhizinisi nasepaki elikhulu lapho abantu basePhilippines betholakala khona ngobuningi ngezimpelasonto. Wacinga kodwa wangabona muntu angamfanisa noFakazi KaJehova, yize bejwayele ukushumayela kuleli paki ngezimpelasonto. Into ayibona nje incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? isemgqonyeni wezibi. Wayithatha wayesebona inombolo yocingo ibhalwe kuyo. Kwakuyinombolo kadade owayehambisele othile leyo ncwajana. Lo mame wamangala kakhulu futhi weqiwa injabulo lapho ethola ukuthi basebenza ngandawonye nalo dade. Waqala ukufundelwa kabusha futhi uyaya emihlanganweni.
Umbonisi wesifunda nomunye umdala eRepublic of Korea benza ukuhambela kokwalusa ngesikhathi esikahle impela. Bavakashela udade owayeseneminyaka eyishumi epholile. Umyeni wakhe, ongakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, wayenqume ukuya esontweni ngemva kokuhlinzwa. Lapho abafowethu befika, babonana nomyeni wakhe, owathatha incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? ngemva kwengxoxo emnandi. Umdala wayekhuthaza udade njengoba efunda nomyeni wakhe. Umyeni wasamukela isimemo sokuya emhlanganweni wesigodi, okwathi kamuva wayeka ukusonta weza njalo ezifundweni. Udade naye wathuthuka futhi wacela ukuba kuhanjelwe amadodana abo amane namadodakazi ahlala kwelinye idolobha. Umphumela uwukuthi, umyeni walo dade, indodakazi yakhe endala nomyeni wayo, nendodakazi ewuthunjana bonke sebebhapathiziwe. Kamuva, indodana yakhe endala nomkayo nabo babhapathizwa, okwenza babe yisithupha sebebonke oFakazi abasha.
UYuki, intombazane engumfundi esikoleni esiphakeme eJapane, wayekuthola kunzima ukutshela abanye abafundi ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova. Eqaphela ukuthi kufanele ashumayele, wabona ukuthi kuzodingeka athathe isinyathelo kuqala ngoba abanye abafundi babengakaze bayithinte indaba yenkolo. Wanquma ukuthi uzokwenza abangane bakhe bambone lapho ethandaza ngesikhathi sekhefu lasemini. Sonke isikhathi sasekuseni wayethandaza ngobuqotho ecela isibindi. Khona-ke esikhundleni sokujaha ukuba asheshe aqede ukuthandaza ngesikhathi sokudla ukuze angabonwa muntu, wagebisa ikhanda wathandaza isikhashana eside. Lapho eqeda, omunye umfundi wambuza ukuthi uyagula yini. Inkukhu yanqunywa umlomo kuYuki wangakwazi ukufakaza. Kwamphatha kabi lokho, kamuva wathandaza waxolisa kuJehova futhi waphinde wacela isibindi. Ngakusasa, eseqedile ukuthandaza uYuki, omunye umfundi waphinde wambuza ukuthi wayezizwa kanjani, ngakho uYuki wacabanga, ‘Ngeke ngiliyeke leli thuba!’ Wachaza ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova. Lo mfundi waqale wamangala, kodwa wabe esephonsa uYuki imibuzo—Uthandazelani? Ubani igama likaNkulunkulu? Wayengubani uJesu? neminye. Wajabula kakhulu uYuki.
EKupang, e-Indonesia, uGlenn wayeyisidakwa nomlutha wemilaliso owaziwayo. Abantu babemqashela ukuba ayohlupha abanye noma abashaye. Wayehlala nabazali bakhe ngenkathi kufika oFakazi BakaJehova ababili futhi bexoxa nabo ngeBhayibheli. UGlenn wasamukela ngokushesha isifundo seBhayibheli futhi wazikhandla ezama ukuyeka imikhuba yakhe engcolile. Ngelinye ilanga umnini-sitolo wamnikeza isizumbulu semali ukuze ayoshaya umuntu othile. UGlenn wacabanga ngale mali kodwa wanquma ukuthi ngeke aphinde ayamukele imisebenzi enjena. Wayibuyisela emuva imali futhi wawenqaba umsebenzi. Ngemva kwalokho, lapho uGlenn eya kwesinye isitolo, umniniso wayethukile ecabanga ukuthi uGlenn uzele ukuzomshaya. UGlenn wamqinisekisa ngokuthi manje usefunda iBhayibheli futhi uphila ngokuthula. Umnini-sitolo wasamukela isifundo seBhayibheli wabuye wamqasha. Emhlanganweni wesigodi nyakenye, uGlenn wabhapathizwa, ekhona nomnini-sitolo.
◼ EYUROPHU
Inani lamazwe: 46
Inani labantu: 728 373 014
Inani labamemezeli: 1 490 345
Inani lezifundo zeBhayibheli: 733 728
Ngemva kokushona kukaJacoba, udade waseNetherlands oneminyaka engu-88 ubudala, izihlobo zakhe zathola incwadi evela emaphoyiseni endawo. Lo dade wayenikeze la maphoyisa omagazini ngokwethembeka iminyaka eminingi. Ngokwengxenye le ncwadi yayifundeka kanje: “Besimthanda kakhulu. Wayevamile ukusivakashela esiteshini futhi sasikujabulela ukuphuza itiye naye. Wayengeve enesibindi—nakuba ayeseyintombi endala wayesahamba ngebhayisekili, kumnyama kubomvu, ayovakashela abantu ukuze abaxoxele ngezinkolelo zakhe. Sizomkhumbula ngempela.”
Nakhu okuhlangenwe nakho okuvela eSwitzerland. Umkhaya woFakazi BakaJehova owawuya eholidini washiya izikhiye zendlu yawo kumfana ongomunye woFakazi, wamcela ukuthi ngenkathi ungekho, aphe izinhlanzi zawo ozifuyile ukudla. Ngenkathi lo mfana eya okokuqala kulo muzi, waba nobunzima bokuvula umnyango. Umakhelwane ohlala emzini ongaphesheya wezwa umsindo wabe eselunguza emnyango. Lapho ebona umfana ezama ukuvula umnyango, wacabanga ukuthi uyagqekeza wabe esebiza amaphoyisa. Ngemva kokuba lo mfana eseqedile ukwenza ayekuthunyiwe, lapho ephuma wahlangatshezwa amaphoyisa amabili ahlomile! Ambuza: “Ufunani la?” Wathi: “Ngiqeda kupha izinhlanzi ukudla, njengoba bengiceliwe.” Amaphoyisa awazange amkholwe. Wachaza: “Njengalo mkhaya ohlala lapha, nami ngingomunye woFakazi BakaJehova. Bangicele ukuba ngenze lokhu njengoba bengekho, ngakho banginikeze izikhiye zendlu.” Le mpendulo ayizange iwagculise amaphoyisa futhi afuna ukumbopha. “Manini kancane,” kusho umfana. “Lo mkhaya ungishiyele inombolo yawo kamakhal’ ekhukhwini kuleli phepha; ningabathinta khona manje nibabuze.” Amaphoyisa ashayela le nombolo futhi athola ukuthi umfana uqinisile. Ngemva kwalokho axolisa ayesehamba. Lapho lo mkhaya ubuya eholidini, waya kulo makhelwane ohlala ngaphesheya kwawo owayesanda kuthuthela lapho. Wambonga ngokukhathalela kwakhe. Wabe usumchazela ukuthi njengawo, lowaya mfana naye ungomunye woFakazi BakaJehova futhi unokwethenjelwa. Njengoba lo wesifazane ayengazi okungako ngoFakazi BakaJehova, kwaqala ingxoxo eyaholela ekubeni amukele isifundo seBhayibheli.
Ngenkathi eshumayela endlini ngendlu e-Italy, udade waba nethuba lokuxoxa nowesifazane osemusha onabantwana nomatasatasa emsebenzini wokuziphilisa. Ngemva kokuya kaningana kuye kodwa engamtholi, lo dade wanquma ukumthinta ngocingo. Ocingweni, lo wesifazane osemusha wachaza ukuthi akanaso ngempela isikhathi sokuxoxa ngeBhayibheli. Udade wathi: “Ngemizuzu engu-10 noma engu-15 ungafunda okuthile okusha, ngisho nangocingo.” “Hhayi-ke, kanti uma kuzokwenziwa ngocingo, kulungile!” kuphendula lo wesifazane. Muva nje udade uye wamshiyela incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade futhi waqala isifundo ngocingo. Ngokuvamile isifundo siba ngeMigqibelo ekuseni, kodwa manje esikhundleni sokuba sibe imizuzu engu-10 noma engu-15 sesiba imizuzu engu-30.
U-Angela uphakathi kwenani elikhulayo labamemezeli baseBrithani abaye bamukela inselele yokushumayela kubantu abaningi abavela kwamanye amazwe asebehlala lapha. Lapho eshumayela ethilomu lamaShayina, esinye sezisebenzi samxosha. Njengoba u-Angela ayephuma, kwaphuma owesifazane ongumShayina egijima evela ngemuva kwesitolo ememeza igama likaNkulunkulu ngesiShayina. Ngemva kwaleyo ngxoxo yokuqala, u-Angela waqala umzila kamagazini. Nakuba lo wesifazane ayezithanda izincwadi, wachaza ukuthi ukuthola kunzima ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. Wayecabanga ukuthi zonke izinto zaba khona ngenhlanhla.
Lona wesifazane wayenza ophayi kulesi sitolo. U-Angela wambuza ukuthi uwenza ngezithako ezingaki uphayi. Waphendula: “Ezinhlanu.” U-Angela wabe esesikisela ukuthi ngelinye ilanga lapho enza ophayi, avele aphonse lezi zithako ezinhlanu emoyeni abone ukuthi bangaki ophayi abazokwenzeka. Ngesonto elilandelayo lapho u-Angela eza kuleli thilomu, lo wesifazane ongumShayina wamlethela uphayi osanda kwenziwa, wabe esemtshela ukuthi useyakholelwa manje ukuthi uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. Kwaqaliswa isifundo seBhayibheli esiqhutshwa njalo, futhi uthuthuka kahle ekufundeni kwakhe iqiniso eliseZwini likaNkulunkulu.
Lapho imfucumfucu ekhipha imisebe eyingozi evela embonini esebenzisa amandla enuzi izothuthwa ngesitimela, abantu abathanda imvelo eJalimane bavame ukubhikisha. Ngenxa yalokho, ujantshi uvamise ukuqashwa ngokuseduze amaphoyisa, okumelwe asuse noma yini ekujantshi ngaphambi kokuba kufike isitimela. Yilokho okwenzeka ngo-November 2003 eduze nalapho kwakuphayona khona uGudrun. Uyachaza: “Ngawabona ngeso lengqondo amaphoyisa ehleli elinde amahora amaningi engenzi lutho, ngakho nganquma ukuya kuwo ngiwanike okuthile azokufunda.” UGudrun wathola amaphoyisa enobungane. Njengoba ayephethe ubhasikidi ogcwele amakhophi e-Nqabayokulinda ne-Phaphama!, akabanga nankinga yokuthola imvume yokukhuluma namaphoyisa. Iqembu lawo elivela eBavaria laze lamthatha nesithombe ehambisa umagazini i-Phaphama! emotweni yawo. Ngezinsuku ezimbili, wahamba amakhilomitha angaphezu kuka-120 futhi wakhuluma namaphoyisa angaphezu kuka-100. Wahambisa omagazini abangu-184. “Kwakungokuhlangenwe nakho engingasoze ngakukhohlwa!” esho ngesasasa.
ESpain, ngemva kokushayisa emsebenzini, u-Ana María waya esitobhini futhi njengoba ayesalinde ibhasi, wazifundela izaziso ezazichonywe lapho. Ngokushesha esinye sadonsa ukunakekela kwakhe. Sasithi: “Ngidinga ukuxhumana noFakazi BakaJehova ngokuphuthumayo ukuze ngikwazi ukuqhubeka nesifundo sami seBhayibheli.” U-Ana María wamshayela ucingo ngaso leso sikhathi futhi wahlela ukuhlangana nalona wesifazane ogama lakhe nguFelicitas. Wayesanda kufika evela e-Ecuador, lapho ayesefunde khona iBhayibheli iminyaka emibili. Saphinde saqalwa ngokushesha isifundo seBhayibheli, futhi kusukela lapho uFelicitas nendodana yakhe beza njalo emihlanganweni. Bayabonga ngokuthi intuthuko yabo engokomoya ayizange iphazamiseke isikhathi eside kakhulu.
Owesifazane waseBulgaria waqala ukuhlanganyela esifundweni seBhayibheli esasiqhutshelwa umzukulu wakhe oFakazi BakaJehova. Wamangazwa ukwazi ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova. Njengoba iBhayibheli lakhe lalingenalo igama likaNkulunkulu, wanquma ukuya esitolo sezincwadi ayothenga elinalo. Umnini-sitolo wambuza ukuthi ufunani. Lapho emtshela, umnini-sitolo waqala ukumthethisa: “Uyilungu laleli hlelo!” Kusenjalo, kwangena umpristi. Lapho umnini-sitolo embuza, “Ubani igama likaNkulunkulu?” waphendula: “UJehova. Yeka-ke ukuthethisa lo mama.” Umnini-sitolo wasala ekhexile. Lo wesifazane namalungu amathathu omkhaya wakhe bathuthuka kahle ngokomoya.
Umkhaya othile eRussia wehlelwa yishwa: abazali bashonelwa indodana yabo ethandekayo. Izongcwatshwa ngakusasa, unina washayela ucingo bonke abangane bendodana yakhe, esebenzisa izinombolo zocingo azithola ebhukwini layo. Kuleli bhuku kwakukhona nezinombolo zomkhaya woFakazi BakaJehova, nawo futhi owamenywa. Lo mkhaya woFakazi wawungabazi abazali, kodwa wanquma ukuthatha leli ithuba ukuze ududuze lo mkhaya. Umzalwane wakhuluma noyise ngethemba lovuko futhi wamshiyela incwajana ethi Lapho Ufelwa Othandekayo. Umzalwane wabuye wamvakashela ngemva kwezinsuku ezimbili. Lo baba wathi: “Le ncwajana isithinte kakhulu. Siye sanquma ukwenza isikhathi sokutadisha iBhayibheli.” Inkosikazi isibhalisile eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini futhi ilungiselela ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe.
◼ E-OCEANIA
Inani lamazwe: 30
Inani labantu: 34 820 382
Inani labamemezeli: 94 087
Inani lezifundo zeBhayibheli: 48 307
U-Olena waseHawaii wayeneminyaka engu-12 kuphela lapho ebhapathizwa ngo-December 2003. Ngokungafani nentsha elibele ukuzijabulisa, u-Olena unemigomo ecacile engokomoya. Wathi: “Ngakujabulela kakhulu ukuba iphayona elisizayo ngo-March nango-May nokusebenza namaphayona kanye nabanye asebekhulile. Ngokwesibonelo, ngeMigqibelo ntambama ngangiba nelungelo lokuhamba nowayeyisithunywa sevangeli ezimpindelweni nasezifundweni zakhe zeBhayibheli ezingamaShayina. Lolu limi luyangithakazelisa. Isifiso sami esikhulu ukuba yiphayona elivamile ebandleni elikhuluma ulimi lwakwelinye izwe. Ukuze ngikwazi ukusifeza, ngishumayela ngoLwezithathu ngemva kwesikole, ngeMigqibelo nangamaSonto. Ngihlele nokuba iphayona elisizayo njalo lapho ithuba livela.” Yikuphi okunye u-Olena anomuzwa wokuthi kuyomsiza ukuba afinyelele imigomo yakhe? Uthi: “Ukuqapha inhliziyo yami kusho ukuthi kumelwe ngibonise ngezenzo zami ukuthi ukujabulisa uJehova kubalulekile kimi. Ukuzihlanganisa nalabo abazizwa ngendlela efanayo ngoJehova kuyongisiza ukuba ngihlale endleleni yokulunga. Ukuchitha isikhathi esengeziwe ngikhonza uJehova kusho ukuchitha isikhathi esincane nabantu abanesimo sengqondo sezwe. Lokhu kungivikela ekucabangeni ukuthi izinto ezibonakalayo nokuzijabulisa okuxekethile kungangenza ngijabule.”
Kuwumkhuba ovamile eSolomon Islands ukuba abazali basise ingane eyodwa noma ezimbili. Ngemva kokufunda ngalokho uJehova akulindele kubazali, omunye umbhangqwana wahlela ukubuyisa indodakazi yawo, uDeborah owayeseyitshitshana ngaleso sikhathi. Wayeyosabela kanjani lapho esezithola eyingxenye yomkhaya woFakazi, nesimiso sawo esimatasa sokuya emhlanganweni, sokushumayela, kanye nesesifundo seBhayibheli sasekhaya? UDeborah uyakhumbula: “Ngisho nasemhlanganweni wokuqala engaya kuwo, ngaba nomuzwa wokuthi bonke ababekhona babejabule ngempela ngokuthi ngangikhona. Ngangilindele ukubona abefundisi begqoke izingubo ezikhethekile, kodwa babengekho. Wonke umuntu kwakubonakala sengathi wayehlanganyela emhlanganweni, ngisho nabancane.” Akubanga sikhathi, noDeborah waqala ukwenza okufanayo. Okunye okumhlaba umxhwele indlela uyise abafundisa ngayo yena nezingane zakubo. Uthi: “Ubaba usisiza ukuba sicabangisise ngezibonelo zabantu baseBhayibhelini. Lokhu kungisiza ngempela lapho nginenkinga.” UDeborah, manje osengummemezeli ongabhapathiziwe, uthi ujabula kakhulu ngokuthi iqiniso eliseZwini likaNkulunkulu lashukumisa abazali bakhe ukuba bambuyisele emkhayeni futhi bambeke endleleni eya ekuphileni.
Izindawo ezithile zasePapua New Guinea zinezintaba, futhi izindawo eziningi zasemaphandleni azinamigwaqo. Ezinye zalezi zindawo aziphucuzekile. Nokho izindaba ezinhle zoMbuso ziyafika ngisho nasezindaweni ezinjalo. Indoda egama layo nguLeanna yafika emhlanganweni webandla owawusenhloko-dolobha iPort Moresby. Abazalwane bamangala ukuthola ukuthi uLeanna uyinduna esigodini esingasodwa le phezulu ezintabeni, lapho abantu bengenazo khona izinto zesimanje. Kwamthatha izinsuku ezinhlanu ukuhamba ehlathini aze ayofika emgwaqweni omkhulu. Esesuka lapho wahamba ngeloli waze wafika enhloko-dolobha. Uthi eminyakeni emine ngaphambili, wayeze edolobheni, wahlangana nomzalwane emgwaqweni owamhambisela INqabayokulinda. Wayithatha wagoduka nayo, futhi ngemva kokuyifunda waqala ukufundisa abantu bakhe ngawo lo magazini. Wayebafundisa njalo ngeSonto iminyakana embalwa. Umagazini wakhe wayewugcina kahle epulasitikini ukuze ungonakali. Ekugcineni, abantu bakhe bamcela ukuba athole abanyathelisi balo magazini. Waphindela edolobheni wafike waxhumana nabafowethu abahlela ukumfundela. Wahlala cishe amasonto amabili nomkhaya woFakazi futhi waqeda ukufunda incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Lapho echazelwa ukuthi kunebandla edolobheni elingekude nesigodi sakhe, wajabula kakhulu futhi wababaza: “Awu kulula-ke lokho! Uhamba izinsuku ezimbili nje kuphela usufikile!” Ehlome ngesikhwama esigcwele izincwadi futhi eseliqonda ngokwengeziwe iqiniso leZwi likaNkulunkulu, wathatha uhambo olude olubuyela ekhaya. Sekwenziwe amalungiselelo okuba othile avakashele le ndawo maduze ukuze abantu balapho bafundiswe iBhayibheli ngokunembile.
Ezweni eliyisiqhingi laseKiribati, udade osebenza ehhovisi lokuhumusha loFakazi BakaJehova ulandisa nakhu okuhlangenwe nakho: “Ngelinye ilanga ekuseni ngahlela ukuhambisa INqabayokulinda eyayinesihloko esikhuluma ngesihogo, nakuba kwase kungumagazini omdala. Mina kanye nengangisebenza naye sahlangana nendoda ethile. Sazethula kuyo futhi ngemva kokuveza lokho iBhayibheli elikushoyo ngesihogo, sayinikeza umagazini. Yagebisa ikhanda futhi yathula isikhashana, ngakho ngayibuza ukuthi kukhona yini okungalungile. Njengoba iphakamisa ikhanda, ngaqaphela ukuthi yayichiphiza izinyembezi. Yasitshela ukuthi isihloko salo magazini siyithinte ngempela. Indodana yayo yayisanda kushona emasontweni ambalwa ngaphambili futhi yona nomkayo babesayililela. Bobabili babelokhu bethandazela ukuba uNkulunkulu abaduduze ngoba babekholelwa ukuthi indodana yabo yayisesihogweni. Ngemva kokuzwa lokho iBhayibheli elikushoyo ngempela ngesimo sabafileyo, le ndoda yamangala futhi yajabula kakhulu. Lapho kwenziwa impindelo, kwaqalwa isifundo. Ijwayele ukuthi yayithandaza kuNkulunkulu ukuba ayibonise iqiniso nokuthi yayilangazelela ukuthola inkolo elifundisa ngempela iBhayibheli. Isiqalile ukuba khona emihlanganweni futhi ilungiselela kahle ukuze inikeze izimpendulo ezisuka enhliziyweni eSifundweni Se-Nqabayokulinda.”
Ngo-December 2003 kwaba nomhlangano woFakazi BakaJehova omkhulu kunayo yonke eyake yaba khona e-Australia, kwabakhona abantu abangaphezu kuka-60 000. Esebuyele ekhaya ngemva komhlangano waseSydney, u-Alyscea oneminyaka eyisithupha ubudala, wayemagange ukubonisa izingane zasesikoleni sakhe incwadi entsha ethi Funda KuMfundisi Omkhulu. Lapho ezomlanda ntambama ngemva kwesikole, unina wamangala ukubona amagama athi “Khazimulisa UNkulunkulu” ebhalwe ngokugqamile ebhodini lekilasi. Ngalelo langa ekuseni u-Alyscea wayexoxele othisha bakhe abangu-3 kanye nezingane ezingu-24 amaphuzu omhlangano. Bonke yayibahlabe umxhwele incwadi entsha kanye nendlela enomdlandla u-Alyscea abukeza ngayo amaphuzu avelele omhlangano. Amagama athi “Khazimulisa UNkulunkulu” ahlala usuku lonke ebhodini.
[Isithombe ekhasini 43]
UNafissatou, eNiger
[Isithombe ekhasini 43]
URantso (owesibili kusuka kwesokudla) ekanye nomzala wakhe nabafowabo eLesotho
[Isithombe ekhasini 48]
UMarie, eGuadeloupe
[Isithombe ekhasini 48]
U-Antonio, eMexico
[Isithombe ekhasini 52]
UGhanshyam, eNepal
[Isithombe ekhasini 56]
UJacoba, eNetherlands
[Isithombe ekhasini 58]
U-Angela, eBrithani
[Isithombe ekhasini 61]
U-Olena, eHawaii