Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Iziprofetho Ezigcwalisekile
    INqabayokulinda—2012 | Juni 1
    • Iziprofetho Ezigcwalisekile

      “Akukho nelilodwa izwi kuwo wonke amazwi amahle uJehova uNkulunkulu wenu awakhulumile kini eliye laphutha.”—JOSHUWA 23:14.

      LIHLUKE KANJANI IBHAYIBHELI? Ababhuli basendulo babedume ngokubikezela izinto ezididayo nezingathembekile, nababhula ngezinkanyezi namuhla basenza okufanayo. I-Futurology (ucwaningo lokuzama ukufunda ikusasa ngokubuka okwenzeka manje) isekelwe ekuchazeni izinto ezenzeka manje futhi kuyethukela ibikezela izenzakalo kusasele amakhulu eminyaka. Ngokuphambene, iziprofetho zeBhayibheli zihlub udlubu ekhasini futhi ziyiqiniso, ngisho noma zibikezela “izinto ezingakenziwa kusukela kudala.”—Isaya 46:10.

      ISIBONELO: Ekhulwini lesithupha B.C.E., umprofethi uDaniyeli wabona umbono owawubikezela ukunqotshwa ngokuphelele kwamaMede namaPheresiya enqotshwa amaGreki. Lo mbono wabuye waveza ukuthi ngokushesha ngemva kokuba inkosi yaseGrisi ‘ibe namandla,’ umbuso wayo ‘wawuzohlukaniswa.’ Ubani owayezongena esikhundleni sayo? UDaniyeli wabhala: “Kukhona imibuso emine eyokuma ivela esizweni sayo, kodwa ingenamandla ayo.”—Daniyeli 8:5-8, 20-22.

      OKUSHIWO IZAZI-MLANDO: Ngemva kweminyaka engu-200 uDaniyeli afa, u-Alexander Omkhulu waba inkosi yaseGrisi. Kungakapheli neminyaka eyishumi, u-Alexander wanqoba uMbuso wamaMede namaPheresiya futhi wandisa umbuso wamaGreki waze wayofika eMfuleni i-Indus (namuhla eyiPakistan). Kodwa wafa ngokuzumayo eneminyaka engu-32. Ekugcineni, impi eyayiseduze nase-Ipsus, e-Asia Minor yawuhlakaza uMbuso wamaGreki. Labo babusi abane babe sebehlukaniselana ngalo mbuso. Nokho, akekho kubo owaba namandla njengo-Alexander.

      UCABANGANI? Ingabe ikhona enye incwadi engathi ineziprofetho ezigcwaliseke ngaleyo ndlela? Noma ingabe iBhayibheli lihlukile?

      [Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]

      “Iziprofetho zeBhayibheli . . . ziningi kakhulu ukuba kungazenzakalela nje ukuba zigcwaliseke.”—Incwadi ethi A LAWYER EXAMINES THE BIBLE, KA-IRWIN H. LINTON

      [Umthombo Wesithombe ekhasini 4]

      © Robert Harding Picture Library/SuperStock

  • Umlando Onembile, Hhayi Inganekwane
    INqabayokulinda—2012 | Juni 1
    • Umlando Onembile, Hhayi Inganekwane

      “Ngiye ngazilandela ngokunembile zonke izinto.”—LUKA 1:3.

      LIHLUKE KANJANI IBHAYIBHELI? Izinganekwane zixoxa izindaba eziyihaba, ezingakhulumi ngezindawo, izinsuku namagama abantu okuxoxwa ngabo. Ngokuphambene, iBhayibheli linemininingwane eminingi eqinisekisa abafundi ngokuthi ‘elikushoyo kuyiqiniso.’—IHubo 119:160.

      ISIBONELO: IBhayibheli libika ukuthi “UNebukhadinezari inkosi yaseBhabhiloni . . .yayisa uJehoyakini [iNkosi yakwaJuda] ekudingisweni eBhabhiloni.” Kamuva, “u-Evili-merodaki inkosi yaseBhabhiloni, ngonyaka aba ngawo yinkosi, waphakamisa ikhanda likaJehoyakini inkosi yakwaJuda wamkhipha etilongweni.” Ngaphezu kwalokho, “[uJehoyakini] wayenikwa njalo isabelo esivela enkosini, nsuku zonke njengokufanelekile, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.”—2 AmaKhosi 24:11, 15; 25:27-30.

      OKUTHOLWE ABAVUBUKULI: Emanxiweni aseBhabhiloni abavubukuli bathola izincwadi zokuphatha zangonyaka wokubusa kukaNebukhadinezari II. Zibonisa izilinganiso zokudla ezazinikezwa iziboshwa nabanye ababethola ukudla esigodlweni. Ziphinde zikhulume ‘ngoYaukin [uJehoyakini], owayeyinkosi yezwe lakwaYahud (kwaJuda),’ nendlu yakhe. Kuthiwani ngokuba khona kuka-Evili-merodaki owalandela uNebukhadinezari esikhundleni? Umbhalo osevazini eyatholakala eduze nomuzi waseSusa ufundeka kanje: “Isigodlo sika-Amil-Marduk [Evili-merodaki], iNkosi yaseBhabhiloni, indodana kaNebukhadinezari, iNkosi yaseBhabhiloni.”

      UCABANGANI? Ikhona yini enye incwadi yenkolo yasendulo enemininingwane futhi enembe kangaka ngokomlando? Noma ingabe iBhayibheli lihlukile?

      [Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]

      “Okushiwo iBhayibheli ngohlelo lokulandelana kwezenzakalo nokuma kwezwe kunembe kakhulu futhi kunokwethenjelwa ukudlula noma ikuphi ukwaziswa okutholakala kweminye imibhalo yasendulo.”—Incwadi ethi A SCIENTIFIC INVESTIGATION OF THE OLD TESTAMENT, KAROBERT D. WILSON

      [Isithombe ekhasini 5]

      Umbhalo waseBhabhiloni okhuluma ngoJehoyakini iNkosi yakwaJuda

      [Umthombo Wesithombe ekhasini 5]

      © bpk, Berlin/Vorderasiatisches Museum, SMB/Olaf M. Tessmer/Art Resource, NY

  • Linembile Ngokwesayensi
    INqabayokulinda—2012 | Juni 1
    • Linembile Ngokwesayensi

      “Angikulobelanga yini esikhathini esidlule ngezeluleko nangolwazi, ukuze ngikubonise ukuba yiqiniso kwamazwi ayiqiniso, ukuze ubuyisele amazwi ayiqiniso?”—IZAGA 22:20, 21.

      LIHLUKE KANJANI IBHAYIBHELI? Izincwadi zasendulo zivame ukukhuluma ngezinto ezingenakwethenjelwa futhi zinamacebiso ayingozi aye achithwa ngokuphelele isayensi yesimanje. Ngisho nanamuhla, ababhali kumelwe bathuthukise izincwadi zabo ukuze zivumelane nalokho okutholakale muva. Kodwa iBhayibheli lithi lalotshwa uMdali futhi iZwi lakhe “lihlala phakade.”—1 Petru 1:25.

      ISIBONELO: UMthetho kaMose wayala ama-Israyeli ukuba agqibe indle “ngaphandle kwekamu.” (Duteronomi 23:12, 13) Uma ayethinte isidumbu sesilwane noma somuntu, kwakufanele ageze izandla ngamanzi. (Levitikusi 11:27, 28; Numeri 19:14-16) Abanochoko babehlukaniswa kwabanye abantu kuze kube yilapho behlolwa khona kuqinisekiswe ukuthi ngeke besathelela abanye ngesifo.—Levitikusi 13:1-8.

      OKWEMBULWA EZOKWELAPHA NAMUHLA: Ukulahla indle ngendlela efanele, ukugeza izandla nokuhlukanisa abantu abanesifo esithelelanayo kuseyizindlela ezisebenzayo zokulwa namagciwane. I-U.S. Centers for Disease Control and Prevention (CDC) ithi uma zingekho izindlu zangasese noma isimiso sokukhuculula indle eduze: “Hamba uyozikhulula okungenani endaweni eqhele okungenani ngamamitha angu-30 kunoma imaphi amanzi bese ugqiba indle yakho.” I-World Health Organization ithi uma abantu belahla indle ngendlela ephephile, banciphisa amagciwane esifo sohudo ngamaphesenti angu-36. Eminyakeni engaphansi kwengu-200 edlule, odokotela bathola ukuthi babedlulisela izifo ezigulini eziningi lapho bengazigezi izandla ngemva kokuthinta izidumbu. I-CDC isabiza ukugeza izandla ngokuthi “iyona ndlela ephuma phambili ekuvimbeleni ukudluliselwa kwezifo.” Kuthiwani ngokuhlukaniswa kwabanochoko noma ezinye izifo? Muva nje, i-Saudi Medical Journal ithe: “Uma isifo esiwumshayabhuqe sisaqala, ukuhlukanisa abantu abanesifo kungaba ukuphela kwendlela yokulawula amagciwane ngokuphumelelayo.”

      UCABANGANI? Ucabanga ukuthi ikhona yini enye incwadi engcwele yasendulo engavumelana nesayensi yanamuhla? Noma ingabe iBhayibheli lihlukile?

      [Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]

      “Akekho ongahlabeki umxhwele lapho efunda ngezinyathelo zenhlanzeko okwakufanele zithathwe ngokucophelela ngesikhathi soMthetho kaMose.”—Incwajana ethi MANUAL OF TROPICAL MEDICINE, KADKT. ALDO CASTELLANI NO-ALBERT J. CHALMERS

  • Incwadi Evumelanayo
    INqabayokulinda—2012 | Juni 1
    • Incwadi Evumelanayo

      “Isiprofetho asikaze silethwe ngentando yomuntu, kodwa abantu bakhuluma okuvela kuNkulunkulu ngoba babeqhutshwa umoya ongcwele.”—2 PETRU 1:21.

      LIHLUKE KANJANI IBHAYIBHELI? Eminye imibhalo yasendulo nakuba yabhalwa ngesikhathi esifanayo kodwa ivame ukuphikisana. Izincwadi ezabhalwa abantu abahlukahlukene, ezindaweni ezihlukahlukene, ngezikhathi ezihlukahlukene kuyaqabukela uzithole zivumelana ngokuphelele. Nokho, iBhayibheli lithi zonke izincwadi zalo ezingu-66 zivela kuMlobi oyedwa—okwenza libe nomyalezo onobunye futhi ovumelanayo.—2 Thimothewu 3:16.

      ISIBONELO: UMose, umelusi owaphila ngekhulu le-16 B.C.E., waloba encwadini yokuqala yeBhayibheli ukuthi “inzalo” yayizofika ukuze isindise abantu. Kamuva, le ncwadi yabikezela ukuthi le nzalo iyovela ozalweni luka-Abrahama, u-Isaka noJakobe. (Genesise 3:15; 22:17, 18; 26:24; 28:14) Ngemva kweminyaka engaba ngu-500, umprofethi uNathani wembula ukuthi le nzalo iyoba sohlwini lobukhosi bukaDavide. (2 Samuweli 7:12) Ngemva kweminyaka eyinkulungwane, umphostoli uPawulu wachaza ukuthi le mbewu kuyoba uJesu neqembu labakhethiweyo bakhe. (Roma 1:1-4; Galathiya 3:16, 29) Ekugcineni, ngasekupheleni kwekhulu lokuqala C.E., incwadi yokugcina yeBhayibheli yaprofetha ukuthi amalungu enzalo ayeyonikeza ubufakazi ngoJesu emhlabeni, avuselwe ezulwini abuse naye iminyaka engu-1 000. Le nzalo iyochoboza uDeveli futhi isindise abantu.—IsAmbulo 12:17; 20:6-10.

      LOKHO OKUSHIWO ABAHLAZIYI BEBHAYIBHELI: Ngemva kokuhlolisisa izincwadi zeBhayibheli ezingu-66, uLouis Gaussen wabhala ukuthi wamangazwa “ubunye bale ncwadi, eyalotshwa ngeminyaka engu-1 500 ilotshwa abalobi abaningi kangaka, . . . nokho ababeloba ngenjongo eyodwa, futhi eyayilokhu yembuleka, nakuba bona babengayiqondi ngokugcwele, okuwumlando wokuhlengwa kwezwe yiNdodana kaNkulunkulu.”—Incwadi ethi Theopneusty—The Plenary Inspiration of the Holy Scriptures.

      UCABANGANI? Ungalindela yini ukuba incwadi eyalotshwa abantu abangu-40 abahlukahlukene phakathi neminyaka engaphezu kwengu-1 500 ivumelane ngokuphelele? Noma ingabe iBhayibheli lihlukile?

      [Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]

      “Uma le mibhalo ihlanganiswa, ikhipha incwadi eyodwa . . . Ayikho nhlobo incwadi efana nayo, noma nje ethi ayisondele kuyo.”—Incwadi ethi THE PROBLEM OF THE OLD TESTAMENT, KAJAMES ORR

  • Liwusizo Namuhla
    INqabayokulinda—2012 | Juni 1
    • Liwusizo Namuhla

      “Izwi lakho liyisibani onyaweni lwami, nokukhanya endleleni yami.”—IHUBO 119:105.

      LIHLUKE KANJANI IBHAYIBHELI? Izincwadi eziningi zingabhekwa njengezincwadi ezinhle kakhulu, kodwa azisinikezi isiqondiso ekuphileni. Izincwadi zanamuhla ezinikeza iziqondiso kudingeka zithuthukiswe njalo. Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli lithi “izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina.”—Roma 15:4.

      ISIBONELO: Nakuba lingeyona incwadi yezokwelapha, iBhayibheli liqukethe amacebiso asizayo ngokomzwelo nangokwenyama. Ngokwesibonelo, lithi “inhliziyo ezolile ingukuphila komzimba.” (IzAga 14:30) Liphinde lisixwayise: “Ozihlukanisayo uyozifunela isifiso sobugovu; uyophulukundlela aphambane nakho konke ukuhlakanipha okusebenzayo.” (IzAga 18:1) Libuye lithi “kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.

      OKWEMBULWA UCWANINGO: Ukuzola, ubungane obuqinile nokupha kungayithuthukisa impilo yakho. I-Journal of the American Medical Association iyabika: “Abantu abaqhuma ngentukuthelo basengozini yokushaywa unhlangothi izikhathi ezimbili uma kuqhathaniswa nabakwaziyo ukuzilawula.” Ucwaningo olwathatha iminyaka eyishumi olwenziwa e-Australia lwathola ukuthi abantu asebekhulile “ababenabangane noma abantu abaxoxa nabo izimfihlo” babevame ukuphila isikhathi esijana. Ngo-2008, abacwaningi baseCanada nabase-United States bathola ukuthi “ukuchitha imali nabanye abantu kwenza ukuba ujabule kunokuyidla wedwa.”

      UCABANGANI? Ungasethemba yini iseluleko sezempilo esivela kunoma iyiphi incwadi eyaqedwa cishe eminyakeni engu-2 000 edlule? Noma ingabe iBhayibheli lihlukile?

      [Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]

      “IBhayibheli lingikhanga kakhulu . . . ngoba liwumuthi ongungqá phambili.”—UHOWARD KELLY, UMQONDISI NELUNGU LABASUNGULI BESIKHUNGO I-JOHNS HOPKINS UNIVERSITY SCHOOL OF MEDICINE

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela