-
Ungazikholelwa Yini Izimangaliso Ezilotshwe EBhayibhelini?INqabayokulinda—2012 | Agasti 1
-
-
Ungazikholelwa Yini Izimangaliso Ezilotshwe EBhayibhelini?
UMA ubungaxoxelwa indaba emangazayo, idumela lomuntu oxoxayo beliyokwenza unqume ukuthi uyikholelwe noma ungayikholelwa leyo ndaba, akunjalo? Idumela lakhe belingeke lithintwe nje ukuthi uyilandisa kanjani leyo ndaba kodwa nokuthi ujwayele yini ukukhuluma iqiniso. Phela, uma ebelokhu ekutshela iqiniso iminyaka eminingi futhi engakaze akutshele amanga ngamabomu, ubuyoba nesizathu esizwakalayo sokukukholelwa akutshela khona.
Kungashiwo okufanayo nangezimangaliso ezilotshwe eBhayibhelini. Akekho kithi owayekhona ngesikhathi zenzeka. Kodwa singakwazi ukuthola ukuthi indaba eseBhayibhelini iyiqiniso yini. Kanjani? Nazi ezinye izici ezenza ukuba izimangaliso ezilotshwe eBhayibhelini sizethembe.
Izimangaliso eziningi zenzeka obala. Ngezinye izikhathi zazibonwa izinkulungwane zabantu, noma izigidi imbala. (Eksodusi 14:21-31; 19:16-19) Azizange zenziwe ekusithekeni.
Izimangaliso zaziphawuleka ngokungabi nemidanti eminingi. Zazingekho izinto zasesiteji ezikhethekile noma imibukiso ewubukhazikhazi futhi zazingekho izibani zokwenziwa. Ezikhathini eziningi izimangaliso ezilotshwe eBhayibhelini zazenzeka kungahleliwe futhi kokunye zicelwa abathile. (Marku 5:25-29; Luka 7:11-16) Ezimweni ezinjalo owayenza isimangaliso wayengeke akwazi ukusihlela kusengaphambili.
Labo ababenza izimangaliso babengahlosile ukuzitholela udumo, inkazimulo nengcebo. Kunalokho, babehlose ukunikeza uNkulunkulu inkazimulo. (Johane 11:1-4, 15, 40) Noma imiphi imizamo yokuzizuzela ingcebo ngamandla ezimangaliso yayenqatshelwe.—2 AmaKhosi 5:15, 16, 20, 25-27; IzEnzo 8:18-23.
Ukwehlukahluka kwezimangaliso ezilotshwe eBhayibhelini kubonisa ukuthi zazingeyona imisebenzi yomuntu. Ngokwesibonelo, kwathuliswa ulwandle nesivunguvungu, amanzi ashintshwa aba iwayini, kwavalwa imvula yaphinde yaniswa, kwaphulukiswa abagulayo futhi kwavulwa amehlo ezimpumputhe. Zonke lezi zimangaliso kanye nezinye kumelwe ukuba zenziwa amandla angaphezu kwavamile, okuyiwona anethonya kuzo zonke izinto.—1 AmaKhosi 17:1-7; 18:41-45; Mathewu 8:24-27; Luka 17:11-19; Johane 2:1-11; 9:1-7.
Abaphikisi abazibona lezi zimangaliso abazange bangabaze ukuthi zenzeka. Ngesikhathi uJesu evusa umngane wakhe uLazaru, izitha zakhe zenkolo azizange zingabaze ukuthi uLazaru wayefile. Ingani kwase kuyizinsuku ezine uLazaru engcwatshiwe. (Johane 11:45-48; 12:9-11) Ngisho nangemva kwamakhulu eminyaka uJesu afa, abalobi beTalmud YamaJuda baqhubeka bevuma ukuthi uJesu wayenamandla okwenza izimangaliso. Bamane bangabaza umthombo walawo mandla. Ngokufanayo, ngesikhathi abafundi bakaJesu bemangalelwe enkantolo yamaJuda, abazange babuzwe ukuthi “Nizenzile yini izimangaliso?” Kodwa babuzwa ukuthi: “Nikwenze ngamaphi amandla noma ngegama likabani lokhu na?”—IzEnzo 4:1-13.
Ngakho ungakukholelwa yini lokho iBhayibheli elisitshela khona ngezimangaliso? Ngokwalokhu esisanda kuxoxa ngakho, kusobala ukuthi izindaba zeBhayibheli ngezimangaliso zithembekile. Zikhona nezinye izizathu ezenza sikwethembe lokhu kulandisa kweBhayibheli. Ngokwesibonelo, uma iBhayibheli lilandisa ngesenzakalo, ngokuvamile linikeza isikhathi, indawo namagama abantu abahilelekile. Ngisho nabagxeki beBhayibheli baye basala bebambe ongezansi ngenxa yokunemba kwemininingwane engokomlando etholakala eBhayibhelini. Amakhulu eziprofetho zeBhayibheli aye agcwaliseka, ngisho nangemininingwane emincane kakhulu. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli liqukethe izeluleko eziningi zendlela ongakha ngayo ubuhlobo obujabulisayo nabanye—iseluleko esiye sasiza abantu bobudala obuhlukene nabamazinga angafani. Uma kuziwa ebuhlotsheni nabanye, iseluleko esitholakala eBhayibhelini asinakuqhathaniswa nalutho.
Uma usalingabaza iBhayibheli, sicela ukuba uzinike isikhathi esengeziwe sokulihlola ngokucophelela. Lapho uqhubeka uliqonda, uyoqhubeka ulethemba. (Johane 17:17) Uyobona ukuthi ungakwethemba lokho elikushoyo mayelana nezimangaliso ezenzeka esikhathini esedlule. Lapho usuzikholelwa lezo zimangaliso, uyoba nesisekelo esihle sokwethemba lokho iBhayibheli elithi kuzokwenzeka esikhathini esizayo esiseduze.
[Isithombe ekhasini 7]
Abaphikisi bakaJesu abazange bakungabaze ukuthi uLazaru wayefile
-
-
Izimangaliso Ezizokwenzeka MaduzeINqabayokulinda—2012 | Agasti 1
-
-
Izimangaliso Ezizokwenzeka Maduze
AKE sithi bekuhlelwe ukuba uyohlinzwa indawo ebucayi udokotela ohlinzayo, ubuyozizwa kanjani uma uthola ukuthi lo dokotela akakaze alwenze lolo hlobo lokuhlinza? Akubuzwa ukuthi ubuyokhathazeka. Ngakolunye uhlangothi, kuthiwani uma uthola ukuthi njengoba ezohlinza wena nje, uhamba phambili emkhakheni wakhe wokuhlinza futhi usehlinze amakhulu abantu ngempumelelo? Ubungeke yini waba nethemba kakhudlwana lokuthi nawe uzokusiza?
Izwe eligulayo esiphila kulo lidinga “ukuhlinzwa” okukhulu. EZwini lakhe, iBhayibheli, uJehova uNkulunkulu uthembisa ukuthi uyobuyisela iPharadesi emhlabeni. (2 Petru 3:13) Kodwa ngaphambi kokuba lokho kwenzeke, kufanele kuqale kususwe ububi ngokuphelele. (IHubo 37:9-11; IzAga 2:21, 22) Zonke izimo ezibangela usizi esizibonayo kumelwe ziqedwe ngaphambi kokuba kubuyiselwe ipharadesi. Kuyodinga isimangaliso sangempela ukwenza lokho!—IsAmbulo 21:4, 5.
OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi lezo zinguquko ezinkulu zizokwenzeka maduze. Ngani? Ngoba izimangaliso uJehova uNkulunkulu asezenzile zifakazela ukuthi unamandla okufeza izithembiso zakhe. Qhathanisa izimangaliso eziyisithupha nje ezilotshwe eBhayibhelini kanye nezithembiso elizenzayo ngekusasa.
Kwangathi ungaqhubeka ufunda izithembiso zeBhayibheli ngekusasa lethu. Njengoba ukholo lwakho luya lukhula, nethemba lakho liyokhula—ithemba lokuphila ngesikhathi oyozuza ngaso ezimangalisweni eziyokwenziwa uJehova.
[Ibhokisi/Izithombe emakhasini 9, 10]
ISIMANGALISO:
UJESU WASUTHISA IZINKULUNGWANE ZABANTU NGEZINKWA NEZINHLANZI EZIMBALWA.—MATHEWU 14:13-21; MARKU 8:1-9; JOHANE 6:1-14.
ISITHEMBISO:
“Umhlaba ngokuqinisekile uyothela umkhiqizo wawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyosibusisa.”—IHUBO 67:6.
LOKHO ESIKUSHOYO KITHINA:
AKEKHO OYOPHINDE AHLUSHWE INDLALA.
ISIMANGALISO:
UJESU WAVULA AMEHLO EZIMPUMPUTHE.—MATHEWU 9:27-31; MARKU 8:22-26.
ISITHEMBISO:
“Amehlo ezimpumputhe ayovulwa.”—ISAYA 35:5.
LOKHO ESIKUSHOYO KITHINA:
ZONKE IZIMPUMPUTHE ZIYOBONA.
ISIMANGALISO:
UJESU WELAPHA ABAKHUBAZEKILE.—MATHEWU 11:5, 6; JOHANE 5:3-9.
ISITHEMBISO:
“Olunyonga uyoqombola njengendluzele.”—ISAYA 35:6.
LOKHO ESIKUSHOYO KITHINA:
KONKE UKUKHUBAZEKA OKUNGOKOMZIMBA KUYOQEDWA.
ISIMANGALISO:
UJESU WELAPHA IZINHLOBONHLOBO ZOKUGULA.—MARKU 1:32-34; LUKA 4:40.
ISITHEMBISO:
“Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”—ISAYA 33:24.
LOKHO ESIKUSHOYO KITHINA:
KONKE UKUGULA OKUWOHLOZA UMZIMBA KUYOQEDWA. SIYOJABULELA UKUPHILA OKUPHELELE.
ISIMANGALISO:
UJESU WALAWULA ISIMO SEZULU.—MATHEWU 8:23-27; LUKA 8:22-25.
ISITHEMBISO:
“Ngokuqinisekile bayokwakha izindlu bahlale kuzo; nakanjani bayotshala izivini badle izithelo zazo. Ngeke bakhandlekele ize.”—ISAYA 65:21, 23.
“Uyoba kude nokucindezeleka—akukho lutho oyolwesaba—uyoba kude nento esabisa kakhulu, ngoba ngeke isondele kuwe.”—ISAYA 54:14.
LOKHO ESIKUSHOYO KITHINA:
IZINHLEKELELE ZEMVELO NGEKE ZISABA KHONA.
ISIMANGALISO:
UJESU WAVUSA ABAFILEYO.—MATHEWU 9:18-26; LUKA 7:11-17.
ISITHEMBISO:
‘Bonke abasemathuneni bayophuma.’—JOHANE 5:28, 29.
“Ulwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidesi kwakhipha abafileyo ababekukho.”—ISAMBULO 20:13.
LOKHO ESIKUSHOYO KITHI:
ABAFILEYO BETHU ESIBATHANDAYO BAYOVUSWA.
-