-
Ingabe Ukwethembeka Kuyisidala?INqabayokulinda (Yomphakathi)—2016 | No. 1
-
-
ISIHLOKO ESIYINHLOKO | KUNGANI KUMELWE UTHEMBEKE?
Ingabe Ukwethembeka Kuyisidala?
UHitoshi wayesebenza ehhovisi lezimali enkampanini efunela abantu umsebenzi eJapane. Lapho ehlola amabhuku enkampani nomqashi wakhe, umqashi wamtshela ukuthi wayelindele ukuba abhale umbiko onganembile. UHitoshi wamchazela ukuthi unembeza wakhe ngeke umvumele ukuba abhale amanga. Ngenxa yalokho, umqashi kaHitoshi wathi uzomxosha emsebenzini futhi ekugcineni umsebenzi wamphelela.
Ezinyangeni ezalandela, uHitoshi wadangala ngenxa yokungawutholi umsebenzi. Ngokwesibonelo, kwenye ingxoxo yokuhlolelwa umsebenzi, uHitoshi wachaza ukuthi ngeke akwazi ukungathembeki emsebenzini. Umuntu owayemhlolela umsebenzi wathi kuye, “Indlela ocabanga ngayo iyamangaza!” Umndeni nabangane bakaHitoshi bamkhuthaza ukuba aqhubeke ezimisele ukuphila ngokwethembeka; nokho yena waqala ukungabaza. Ngokwesibonelo, wathi, “Ngazibuza ukuthi kazi kwakuwumqondo omuhle yini ukunamathela ngokwethembeka okholweni lwami.”
Ngokudabukisayo lokho okwenzeka kuHitoshi kusikhumbuza ukuthi akuwona wonke umuntu okwazisayo ukwethembeka. Empeleni, abanye bangaze babheke ukwethembeka njengesiphazamiso, ikakhulukazi kwezamabhizinisi. Owesifazane osebenzayo eNingizimu Afrika wathi, “Ngizungezwe abantu abangathembekile futhi ngezinye izikhathi isilingo sokuphila njengabo siba namandla kakhulu.”
Olunye uhlobo lokungathembeki oluthé chithi saka namuhla, ukuqamba amanga. Ucwaningo olwenziwa eminyakeni edlule udokotela wengqondo, uRobert S. Feldman, e-University of Massachusetts Amherst, lwabonisa ukuthi amaphesenti angu-60 abantu abadala, aqamba amanga okungenani kanye ngemva kwemizuzu eyishumi. UFeldman uthi, “Lokho kwasimangaza kakhulu. Besingalindele ukuthola ukuthi ukuqamba amanga kuvame kangaka ekuphileni kwansuku zonke.” Kuyamangaza ukuthi abantu bayacasuka lapho bekhohliswa kuyilapho bona bewaqamba amanga.
Kungani ukuqamba amanga, ukweba nezinye izinhlobo zokungathembeki kuvame kangaka namuhla? Ukungathembeki kuwuthinta kanjani umphakathi wabantu uwonke? Okubaluleke nakakhulu, singayigwema kanjani le mikhuba yokungathembeki?
-
-
Indlela Ukungathembeki Okukuthinta NgayoINqabayokulinda (Yomphakathi)—2016 | No. 1
-
-
ISIHLOKO ESIYINHLOKO | KUNGANI KUMELWE UTHEMBEKE?
Indlela Ukungathembeki Okukuthinta Ngayo
“Kuhlale kunezimo ezinzima ezingalungiswa ukungathembeki.” —USamantha, eNingizimu Afrika.
Ingabe uyavumelana nalawo mazwi? NjengoSamantha ngezinye izikhathi sonke sake sabhekana nezimo ezinzima. Indlela esisabela ngayo lapho sibhekene nezimo ezisilinga ukuba singathembeki ingembula ukuthi yini ebaluleke kakhulu kithi. Ngokwesibonelo, uma sikhathalela kakhulu ukuthandwa abanye cishe siyobheka ukungathembeki njengento efanelekayo. Nokho, lapho abanye bethola iqiniso ngokwenzekile, ukungathembeki kuvame ukubangela imiphumela edabukisayo. Cabanga ngalokhu okulandelayo.
UKUNGATHEMBEKI KUQEDA UKWETHEMBANA
Ubuhlobo nabanye busekelwe ekwethembaneni. Lapho abantu ababili bethembana bazizwa bephephile futhi belondekile. Kodwa kuthatha isikhathi eside ukwethemba umuntu. Ukuchitha isikhathi ndawonye, ukukhuluma iqiniso nokwenza izinto ngendlela engenabugovu kubangela ukuba abantu bathembane. Nokho, ukwethembana kungaqedwa isenzo esisodwa sokungathembeki. Kungaba nzima kakhulu ukuphinde uthembe umuntu ngemva kokuba ekukhohlisile.
Ingabe wake wakhohliswa umuntu owawucabanga ukuthi ungumngane wakho omkhulu? Uma kunjalo, wazizwa kanjani? Cishe wezwa ubuhlungu futhi wazizwa ukhohlisiwe. Lokho kuyaqondakala. Akungabazeki ukuthi ukungathembeki kungaqeda ubuhlobo obuhle.
UKUNGATHEMBEKI KUBANGELA UKUNGATHEMBEKI
Ucwaningo olwenziwa uprofesa wezomnotho uRobert Innes e-University of California, lwabonisa ukuthi “ukungathembeki kuyathelelana ngempela.” Ngakho ukungathembeki kungafaniswa negciwane—ukuchitha isikhathi esiningi nomuntu ongathembekile kukubeka engozini yokuba ungathembeki njengaye.
Ungakugwema kanjani ukuwela ogibeni lokungathembeki? IBhayibheli lingakusiza. Sicela ucabange ngezimiso zeBhayibheli ezimbalwa.
-
-
Okwenza Ukwethembeka KuzuziseINqabayokulinda (Yomphakathi)—2016 | No. 1
-
-
ISIHLOKO ESIYINHLOKO | KUNGANI KUMELWE UTHEMBEKE?
Okwenza Ukwethembeka Kuzuzise
“Sithemba ukuthi sinonembeza othembekile, njengoba sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.”—Hebheru 13:18.
EBhayibhelini, igama lokuqala lesiGreki ngezinye izikhathi elihunyushwa ngokuthi “ukwethembeka” ngokwezwi nezwi lisho into “enhle ngokwemvelo.” Lingasho nento enhle oyibona endleleni yokuziphatha.
AmaKristu abheka amazwi aphefumulelwe omphostoli uPawulu njengabaluleke kakhulu: “Sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.” Lokho kuhilelani?
UKULWA NOBUTHAKATHAKA BETHU
Abantu abaningi baqale bazibuke esibukweni ngaphambi kokuba baphume endlini. Kungani? Kungenxa yokuthi bafuna ukubukeka kahle. Kodwa kukhona into ebaluleke kakhulu ukudlula ukulungisa kahle izinwele noma ukugqoka izingubo zikanokusho. Ngempela, umuntu esinguye ngaphakathi angabangela ukuba lapho abantu besibuka basibone sibahle noma sibabi.
IZwi likaNkulunkulu liyavuma ukuthi sithambekele ekwenzeni okubi. UGenesise 8:21 uthi: “Ukuthambekela kwenhliziyo yomuntu kubi kusukela ebusheni bakhe kuqhubeke.” Ngakho, ukuze sithembeke kumelwe silwe nezifiso esizalwa nazo zokwenza isono. Umphostoli uPawulu wayichaza ngokucacile indlela ayelwa ngayo nokona, wathi: “Ngiyajabula ngempela ngomthetho kaNkulunkulu ngokomuntu enginguye ngaphakathi, kodwa ngibona emalungwini ami omunye umthetho olwa nomthetho wengqondo yami futhi ongithumbela emthethweni wesono osemalungwini ami.”—Roma 7:22, 23.
Ngokwesibonelo, lapho inhliziyo yethu ifuna senze okungalungile futhi sithambekela ekungathembekini, akumelwe sibe isigqila sezifiso zenhliziyo yethu. Singakwazi ukwenza isinqumo. Lapho sikhetha ukwenqaba imicabango emibi, singaqhubeka sithembekile ngisho noma sizungezwe ukungathembeki.
UKUNQOBA
Ukuze sithembeke sidinga imithetho yokuziphatha ephakeme kakhulu. Nokho, ngokudabukisayo abantu abaningi bachitha isikhathi esiningi benquma ukuthi bazogqokani kunokucabanga ngendlela efanele okumelwe baziphathe ngayo. Ngenxa yalokho, bayazithethelela lapho ukungathembeki kubazuzisa. Incwadi ethi The (Honest) Truth About Dishonesty ithi: “Eqinisweni, siyawaqamba amanga kodwa asifuni ukwaziwa njengabantu abangathembekile.” Nokho, ikhona yini indinganiso enokwethenjelwa engasisiza sinqume ukuthi ukungathembeki okungakanani—uma kukhona—okwamukelekayo? Ngokujabulisayo ikhona.
Izigidi zabantu emhlabeni ziye zathola ukuthi iBhayibheli lisanelisa ngokuphelele leso sidingo. IBhayibheli linomthetho wokuziphatha ongenakuqhathaniswa nalutho. (IHubo 19:7) Linesiqondiso esinokwethenjelwa ezindabeni ezinjengokuphila komndeni, umsebenzi, ukuziphatha nokukhonza uNkulunkulu. Alikaze lihluleke nakanye. Imithetho nezimiso zalo kusebenza kuzo zonke izizwe, izinhlanga nabantu. Ngokuhlola iBhayibheli, ukuzindla ngalokho elikushoyo nangokusebenzisa iseluleko salo, singaqeqesha izinhliziyo zethu ukuze zithembeke futhi zibe neqiniso.
Noma kunjalo, kudingeka okungaphezu kokungenisa ulwazi olunembile ngeBhayibheli ukuze sinqobe ukungathembeki. Siphila ezweni elinokuziphatha okubi elisicindezela ukuba samukele ukuphila ngendlela yalo ekhohlakele. Yingakho kudingeka sithandaze sicele uNkulunkulu asisize futhi asisekele. (Filipi 4:6, 7, 13) Ngokwenza kanjalo, singaba nesibindi sokumelela okulungile futhi sithembeke ezintweni zonke.
IMIVUZO YOKWETHEMBEKA
UHitoshi, okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala, kwamzuzisa ukwaziwa njengesisebenzi esithembekile. Manje usebenzela umqashi okwazisayo ukwethembeka kwakhe. UHitoshi uthi, “Ngiyajabula ngokuthi ngakwazi ukuthola umsebenzi ongivumela ukuba ngigcine unembeza wami uhlanzekile.”
Bakhona nabanye abaye bazuza ngendlela efanayo. Cabanga ngezibonelo zabanye abaye bazuza ngokusebenzisa isimiso seBhayibheli esisisiza ‘siziphathe ngokwethembeka ezintweni zonke.’
Unembeza Ohlanzekile
“Ngayeka isikole ngineminyaka engu-13 ukuze ngisebenze namasela. Ngenxa yalokho, ingxenye enkulu yemali engangiphila ngayo ngangiyithola ngokungathembeki. Kamuva ngashada futhi mina nomyeni wami saqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Safunda ukuthi uJehovaa uNkulunkulu uyazizonda izenzo zokungathembeki, sabe sesinquma ukushintsha indlela esiphila ngayo. Ngo-1990 sanikezela ukuphila kwethu kuJehova futhi sabhapathizwa saba oFakazi BakaJehova.”—IzAga 6:16-19.
“Esikhathini esidlule umuzi wami wawugcwele izinto ezebiwe, kodwa manje awusenazo lezo zinto futhi lokho kungenza ngibe nonembeza ohlanzekile. Uma ngicabanga ngeminyaka eminingi engayichitha ngingathembekile, ngiyambonga uJehova ngokungibonisa umusa omkhulu. Kunganelisa ngempela ukulala nsuku zonke ngazi ukuthi uJehova uyajabula ngami.”—UCheryl, e-Ireland.
“Lapho umqashi wami ethola ukuthi ngale ukufumbathiswa umuntu obengaba yikhasimende, wathi kimi: ‘UNkulunkulu wakho ukwenze waba umuntu onokwethenjelwa! Kuyisibusiso ngempela ukuba khona kwakho kule nkampani.’ Ukwethembeka kuzo zonke izinto kungenza ngibe nonembeza ohlanzekile phambi kukaJehova uNkulunkulu. Kungenza ngikwazi nokusiza umndeni wami nabanye ukuba benze okufanayo.”—USonny, eHong Kong.
Ukuthula Kwengqondo
“Ngiyisekela lomphathi ebhange elinamagatsha emazweni ahlukahlukene. Kulo msebenzi, ngokuvamile ukwethembeka kubekelwa eceleni ukuze kutholakale inzuzo eningi. Umbono ovamile uthi, ‘Kulimaza kuphi ukungathembeki okuncane uma kusenza sicebe futhi kuthuthukisa umnotho?’ Kodwa ukwethembeka kunginika ukuthula kwengqondo. Ngizimisele ukuhlala ngithembekile futhi ngibhekane nanoma yini engabangelwa ukwenza kanjalo. Abaqashi bami bayazi ukuthi ngeke ngibakhohlise noma ngikhohlise abanye ngenxa yabo.”—UTom, e-United States.
Ukuzihlonipha
“Emsebenzini umphathi wami wangikhuthaza ukuba ngiqambe amanga ngezinto ezazilahlekile, kodwa ngenqaba. Lapho ekugcineni etholakala amasela, umqashi wami wangibonga ngokwethembeka kwami. Kudinga isibindi ukwethembeka kuleli zwe elingathembekile. Kodwa ekugcineni abantu bayasethemba futhi basihloniphe.”—UKaori, eJapane.
Unembeza ohlanzekile, ukuthula kwengqondo kanye nokuzihlonipha—izinzuzo ezifana nalezi zibonisa ukuthi ukwethembeka kuyazuzisa ngempela. Awuvumi yini?
a IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.
-