Imibuzo Evela Kubafundi
Kusho ukuthini ukuhlanganiswa ndawonye kwezinduku ezimbili okukhulunywa ngazo kuHezekeli isahluko 37?
UJehova wanika uHezekeli isigijimi esithembisa ukuhlanganisa isizwe sakwa-Israyeli ngemva kokubuyiselwa eZweni Lesithembiso. Leso sigijimi siphinde sibikezele nokuhlanganiswa kwabantu bakaNkulunkulu okwaqala ukwenzeka phakathi nezinsuku zokugcina.
UJehova watshela umprofethi wakhe uHezekeli ukuba alobe ezindukwini ezimbili. Endukwini yokuqala kwakumelwe alobe ukuthi, “NgekaJuda nabantwana bakwa-Israyeli abangane bakhe,” endukwini yesibili alobe ukuthi, “NgekaJosefa, induku ka-Efrayimi, nayo yonke indlu ka-Israyeli abangane bakhe.” Lezi zinduku ezimbili zazizoba “induku eyodwa kuphela” esandleni zikaHezekeli.—Hez. 37:15-17.
Yini emelelwa igama elithi “Efrayimi”? Inkosi yokuqala yombuso wasenyakatho wezizwe eziyishumi, uJerobowamu, yayivela esizweni sakwa-Efrayimi, isizwe esasinamandla ngaleso sikhathi. (Dut. 33:13, 17; 1 AmaKh. 11:26) Lesi sizwe siyinzalo yendodana kaJosefa, u-Efrayimi. (Num. 1:32, 33) UJosefa wayethole isibusiso esikhethekile kuyise, uJakobe. Ngakho, kwakufaneleka ukuba induku emelela umbuso wezizwe eziyishumi ibizwe ngokuthi “induku ka-Efrayimi.” Ngesikhathi uHezekeli eloba isiprofetho sezinduku ezimbili, umbuso wakwa-Israyeli osenyakatho wawuthunjiwe kakade abase-Asiriya ngo-740 B.C.E. (2 AmaKh. 17:6) Ngakho iningi lalawo ma-Israyeli lalisakazeke kuwo wonke uMbuso waseBhabhiloni, owawusubusa esikhundleni soMbuso wase-Asiriya.
Ngo-607 B.C.E., umbuso waseningizimu wezizwe ezimbili, mhlawumbe nanoma ibaphi ababesele embusweni wasenyakatho badingiselwa eBhabhiloni. Uhlu lwamakhosi akwaJuda olwalubusa lezi zizwe ezimbili futhi abapristi bazihlanganisa nalezi zizwe ngoba babekhonza ethempelini laseJerusalema. (2 IziKr. 11:13, 14; 34:30) Ngakho kwakufaneleka ukuba izizwe ezimbili zimelelwe induku “kaJuda.”
Zahlanganiswa nini lezi zinduku ezingokomfanekiso? Kwakungesikhathi lapho ama-Israyeli ebuyela eJerusalema eyokwakha kabusha ithempeli ngo-537 B.C.E. Abameleli bombuso wezizwe ezimbili nombuso wezizwe eziyishumi babuya kanyekanye ekudingisweni. Amadodana akwa-Israyeli ayengasahlukene phakathi. (Hez. 37:21, 22) Ama-Israyeli aphinde akhululekela uJehova ngobunye. Abaprofethi u-Isaya noJeremiya nabo babikezela ngalokhu kubuyisana.—Isaya 11:12, 13; Jer. 31:1, 6, 31.
Iliphi iqiniso elibalulekile mayelana nokukhulekela okuhlanzekile okuqokonyiswa yilesi siprofetho? Ileli: uJehova uyobangela ukuba abakhulekeli bakhe babe “yinduku eyodwa.” (Hez. 37:18, 19) Ingabe lesi siprofetho sobunye siye sagcwaliseka esikhathini sethu? Yebo. Ekuqaleni, isiprofetho saqala ukugcwaliseka ngo-1919 lapho abantu baNkulunkulu behlelwa kabusha futhi behlanganiswa kabusha. Imizamo kaSathane yokubahlukanisa ngokuphelele yabhuntsha.
Ngaleso sikhathi, iningi lalabo ababehlanganiswe kabusha babenethemba lokuba amakhosi nabapristi kanye noJesu ezulwini. (IsAm. 20:6) Babenjengenduku kaJuda engokomfanekiso. Nokho, njengoba isikhathi siqhubeka, inani elandayo lalabo abanethemba lokuphila emhlabeni laqala ukuzihlanganisa nalawa maJuda angokomoya. (Zak. 8:23) Babenjengenduku kaJosefa futhi babengenalo ithemba lokubusa noKristu.
Ngobunye, namuhla la maqembu akhonza ndawonye njengabantu bakaJehova ababuswa iNkosi eyodwa, uJesu Kristu, okwaprofethwa ngaye kwathiwa “inceku yami uDavide.” (Hez. 37:24, 25) UJesu wathandazela ukuba bonke abalandeli bakhe babe munye, njengoba nje yena noYise bemunye.a (Joh. 17:20, 21) UJesu wabikezela nokuthi umhlambi wakhe omncane wabalandeli abagcotshiwe wawuzoba “mhlambi munye” “nezinye izimvu.” Bonke babeyoba ngaphansi ‘kukamalusi munye.’ (Joh. 10:16) Yeka ukuthi amazwi kaJesu abuchaza kahle kangakanani ubunye obungokomoya babantu bakaJehova namuhla kungakhathaliseki ukuthi banaliphi ithemba!
a Kuyathakazelisa ukuphawula indlela uJesu ayilandelanisa ngayo imifanekiso yakhe eyaba ingxenye yophawu lokuba khona kwakhe. Okokuqala, wakhuluma ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo,’ iqembu elincane labazalwane abagcotshiwe elalizohola. (Math. 24:45-47) Ngemva kwalokho, washo imifanekiso esebenza ngokuyinhloko kulabo abanethemba lokuphila ezulwini. (Math. 25:1-30) Ekugcineni, wakhuluma ngalabo abanethemba lokuphila emhlabeni ababezosekela abafowabo bakaKristu. (Math. 25:31-46) Ngendlela efanayo, ukugcwaliseka kwanamuhla kwesiprofetho sikaHezekeli kubonisa lokho okuyokwenzeka kulabo abanethemba lokuphila ezulwini. Nakuba umbuso wezizwe eziyishumi ngokuvamile ungameleli labo abanethemba lokuphila emhlabeni; ukuhlanganiswa okuchazwe kulesi siprofetho kusikhumbuza ngobunye obukhona phakathi kwalabo abanethemba lokuphila emhlabeni nalabo abanethemba lokuphila ezulwini.